Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
ECHAZA umbono ohilela umkhaya kaNkulunkulu wezingelosi, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Kwakukhona izinkulungwane eziyinkulungwane [zezingelosi] ezazilokhu zikhonza [uNkulunkulu], nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.” (Daniyeli 7:10) Leli vesi libonisa injongo kaNkulunkulu yokudala izingelosi. Zadalelwa ukumkhonza nokuhlale zilindele ukufeza iziyalezo zakhe.
UNkulunkulu usebenzisa izingelosi ekufezeni imisebenzi ethile ehilela abantu. Sizoxoxa ngezindlela azisebenzisa ngazo ukuze aqinise futhi avikele abantu bakhe, adlulisele izigijimi kubantu futhi akhiphe izahlulelo zakhe kwababi.
Izingelosi Ziyasiqinisa Futhi Zisivikele
Kusukela izidalwa zomoya zabona ukudalwa komhlaba nabantu bokuqala, ziye zabonisa isithakazelo esijulile esintwini. Ngaphambi kokuba abe umuntu, uJesu Kristu wakhuluma njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu: “Izinto engangizithanda ezaziphathelene namadodana abantu.” (IzAga 8:31) IBhayibheli lisibonisa nokuthi “izingelosi zifisa ukubona” amaqiniso ngoKristu nekusasa eliye lembulelwa abaprofethi bakaNkulunkulu.—1 Petru 1:11, 12.
Njengoba isikhathi sihamba, izingelosi zabona ukuthi iningi labantu lalingamkhonzi uMdali walo onothando. Yeka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwazidabukisa kanjani izingelosi ezithembekile! Ngakolunye uhlangothi, noma nini lapho isoni esisodwa siphenduka futhi sibuyela kuJehova, “kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi.” (Luka 15:10) Izingelosi zinesithakazelo esijulile enhlalakahleni yalabo abakhonza uNkulunkulu, futhi uJehova uye wazisebenzisa ngokuphindaphindiwe ukuze ziqinise futhi zivikele izinceku zakhe ezithembekile emhlabeni. (Hebheru 1:14) Cabanga ngezibonelo ezithile.
Izingelosi ezimbili zasiza uLoti olungileyo namadodakazi akhe ukuba basinde lapho kubhujiswa imizi eyayigcwele ububi yaseSodoma naseGomora ngokubakhipha kuleyo ndawo.a (Genesise 19:1, 15-26) Emakhulwini eminyaka kamuva, nakuba umprofethi uDaniyeli aphonswa emgodini wezingonyama, azizange zimlimaze. Ngani? Wathi: “UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.” (Daniyeli 6:22) Izingelosi zasekela uJesu ngesikhathi eqala inkonzo yakhe yasemhlabeni. (Marku 1:13) Futhi ngaphambi nje kokuba uJesu afe, ingelosi yabonakala kuye “yamqinisa.” (Luka 22:43) Yeka ukuthi ukusekelwa ingelosi kumelwe ukuba kwamqinisa kangakanani uJesu ngalezo zikhathi ezinzima zokuphila kwakhe! Ingelosi yakhulula nomphostoli uPetru etilongweni.—IzEnzo 12:6-11.
Ingabe izingelosi ziyasivikela namuhla? Uma sikhulekela uJehova ngokuvumelana nalokho okuseZwini lakhe, siyaqiniseka ngokuthi izingelosi zakhe ezingabonakali futhi ezinamandla ziyasivikela. IBhayibheli liyathembisa: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.”—IHubo 34:7.
Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi ngokuyinhloko izingelosi zikhonza uNkulunkulu, azikhonzi abantu. (IHubo 103:20, 21) Zilalela lapho ziqondiswa uNkulunkulu, hhayi uma zibizwa noma zicelwa abantu. Ngakho, uJehova uNkulunkulu okufanele sicele kuye usizo, akuzona izingelosi. (Mathewu 26:53) Ngempela, njengoba singaziboni izingelosi, ngeke sikwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu uzisebenzisa ngezinga elingakanani ekusizeni abantu ezintweni ezihlukahlukene. Kodwa siyazi ukuthi uJehova ‘ubonisa amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.’ (2 IziKronike 16:9; IHubo 91:11) Siyaqiniseka nokuthi “kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, [uNkulunkulu] uyasizwa.”—1 Johane 5:14.
ImiBhalo isitshela nokuthi kufanele sithandaze futhi sikhulekele uNkulunkulu kuphela. (Eksodusi 20:3-5; IHubo 5:1, 2; Mathewu 6:9) Izingelosi ezithembekile zisikhuthaza ukuba senze lokho. Ngokwesibonelo, lapho umphostoli uJohane ezama ukukhulekela ingelosi, leso sidalwa somoya samkhuza, sathi: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! . . . Khulekela uNkulunkulu.”—IsAmbulo 19:10.
Izingelosi Zidlulisa Izigijimi ZikaNkulunkulu
Amagama esiHebheru nesiGreki asetshenziswe eBhayibhelini ahunyushwe ngokuthi “ingelosi” asho “isithunywa” futhi leyo kungenye indlela izingelosi ezikhonza ngayo uNkulunkulu—ziyizithunywa zakhe kubantu. Ngokwesibonelo, “ingelosi uGabriyeli yathunywa ivela kuNkulunkulu ukuba iye emzini waseGalile okuthiwa iNazaretha.” Yayithunyweni? Ukuba iyotshela intombi egama layo linguMariya ukuthi nakuba iyincasakazi, yayizokhulelwa futhi ibelethe indodana ezobizwa ngokuthi uJesu. (Luka 1:26-31) Kwathunyelwa nenye ingelosi kubelusi emadlelweni iyobatshela ukuthi kwase kuzelwe “uKristu iNkosi.” (Luka 2:8-11) Ngokufanayo, izingelosi zadlulisela izigijimi zikaNkulunkulu ku-Abrahama, uMose, uJesu nabanye abalotshwe eBhayibhelini.—Genesise 18:1-5, 10; Eksodusi 3:1, 2; Luka 22:39-43.
Namuhla, izingelosi zikhonza kanjani njengezithunywa zikaNkulunkulu? Cabanga ngomsebenzi uJesu abikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyowenza ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3, 14) Unyaka ngamunye oFakazi BakaJehova basebenza amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa bewazi yini ukuthi nezingelosi zihilelekile kulo msebenzi? Umphostoli uJohane wabhekisela embonweni ayewubonile, wathi: “Ngabona enye ingelosi . . . , inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6, 7) Lo mBhalo ugcizelela umsebenzi oyinhloko izingelosi eziwenzela abantu namuhla.
OFakazi BakaJehova bayabubona ubufakazi bokuqondisa kwezingelosi njengoba befeza umsebenzi wabo wokushumayela endlini ngendlu. Bavame ukuhlangana nabantu ababesanda kuthandazela ukuba kufike umuntu ozobasiza baqonde izinjongo zikaNkulunkulu. Ngenxa yokuqondiswa izingelosi nangenxa yomsebenzi wokuzithandela woFakazi, unyaka ngamunye amakhulu ezinkulungwane afunda ngoJehova. Kwangathi ungazuza kulo msebenzi osindisa ukuphila owenziwa ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi.
Izingelosi Zikhipha Isahlulelo SikaNkulunkulu
Nakuba zingagunyaziwe ukuba zahlulele abantu, izingelosi azizona nje izibukeli. (Johane 5:22; Hebheru 12:22, 23) Njengoba zisetshenziswa njengabakhiphi bezahlulelo, ezikhathini ezidlule zakhipha izahlulelo zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wasebenzisa izingelosi lapho elwa nabaseGibhithe lasendulo, ababegqilaza ama-Israyeli. (IHubo 78:49) Futhi “ingelosi kaJehova” yabulala amabutho ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lezitha zabantu bakaNkulunkulu ngobusuku obubodwa vó.—2 AmaKhosi 19:35.
Esikhathini esizayo, izingelosi zisayokhipha isahlulelo sikaNkulunkulu esibuhlungu. UJesu uzoza ‘nezingelosi zakhe ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba eletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle.’ (2 Thesalonika 1:7, 8) Nokho, leyo mbubhiso izolethwa kuphela kulabo abangasilaleli isigijimi esishunyayelwa emhlabeni kabanzi ngosizo lwezingelosi. Labo abafuna uNkulunkulu futhi baphile ngokuvumelana nezimfundiso ezingokomBhalo ngeke babhujiswe.—Zefaniya 2:3.
Yeka indlela esibonga ngayo ngezingelosi ezithembekile, njalo ezifeza iziyalezo zikaNkulunkulu! UJehova uzisebenzisela ukusiza nokuvikela izinceku zakhe eziqotho emhlabeni. Lokhu kusiduduza kakhulu ngoba kunezidalwa zomoya eziyingozi ezibizwa ngokuthi amademoni ezifuna ukusilimaza.
Angobani Amademoni?
Phakathi namakhulu angu-15 eminyaka ngemva kokuba uSathane edukise u-Eva e-Edene, umkhaya kaNkulunkulu wezingelosi wabona ukuthi uSathane uDeveli wayephumelele ekwenzeni bonke abantu bahlubuke kuNkulunkulu ngaphandle kwabambalwa kuphela abahlala bethembekile, abanjengo-Abela, u-Enoke noNowa. (Genesise 3:1-7; Hebheru 11:4, 5, 7) Ezinye izingelosi nazo zalandela inkambo kaSathane. IBhayibheli libhekisela kuzo njengemimoya eyayingalaleli “ezinsukwini zikaNowa.” (1 Petru 3:19, 20) Kwabonakala kanjani ukungalaleli kwazo?
Ngesikhathi sikaNowa izingelosi ezahlubuka eziyinani elingashiwongo zashiya indawo yazo emkhayeni kaNkulunkulu wasezulwini, zeza emhlabeni, futhi zaguqula imizimba yazo yaba eyenyama. Ngani? Zazihlakulele isifiso sokuba nobuhlobo bobulili nabesifazane. Lokhu kwaholela ekubeni zibe oyise benzalo ebizwa ngokuthi amaNefili, eyaba imidondoshiya enobudlova. Ngaphezu kwalokho, “ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi.” Nokho uJehova uNkulunkulu akakuvumelanga lokhu konakala kwesintu ukuba kuqhubeke. Waletha uZamcolo wembulunga yonke, owakhukhula bonke abantu ababi kanye namaNefili. Kwasinda kuphela izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile.—Genesise 6:1-7, 17; 7:23.
Izingelosi ezahlubuka zasinda ekubhujisweni ngesikhathi sikaZamcolo. Zashiya imizimba yazo yenyama, zabuyela endaweni yomoya njengezidalwa zomoya. Ngemva kwalokho, zabizwa ngokuthi amademoni. Zaba sohlangothini lukaSathane uDeveli, obizwa ngokuthi “umbusi wamademoni.” (Mathewu 12:24-27) Njengombusi wawo, amademoni alangazelela ukuba akhulekelwe ngabantu.
Amademoni ayingozi, kodwa akufanele siwesabe. Anamandla alinganiselwe. Lapho izingelosi ezingalaleli zibuyela ezulwini, azizange zivunyelwe ukuba zihlangane nomkhaya kaNkulunkulu wezingelosi ezithembekile. Kunalokho, zahlukaniswa nanoma ikuphi ukukhanyiselwa okungokomoya okuvela kuNkulunkulu, zaba nekusasa elifiphele. Empeleni, zavalelwa esimweni sobumnyama ngokomoya esibizwa ngokuthi iThartharusi. (2 Petru 2:4) UJehova wazibopha “ngezibopho ezingunaphakade,” ngakho zisebumnyameni ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, manje azisakwazi ukuguqula imizimba yazo ibe eyenyama.—Jude 6.
Yini Okufanele Uyenze?
Ingabe amademoni asenethonya kubantu? Yebo, asenalo. Asebenzisa “amaqhinga,” anjengalawo asetshenziswa umbusi wawo, uSathane uDeveli. (Efesu 6:11, 12) Nokho, ngokusebenzisa iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu, singamelana ngokuqinile namademoni. Ngaphezu kwalokho, labo abathanda uNkulunkulu bathola isivikelo sezingelosi ezinamandla.
Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ufunde ngezimfuneko zikaNkulunkulu ezitholakala emiBhalweni bese ukwenza lokho okufundayo! Ungafunda okwengeziwe ngezimfundiso zeBhayibheli ngokuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ngokubhalela abanyathelisi balo magazini. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukutadisha nawe iBhayibheli mahhala, ngesikhathi esikulungele.
[Umbhalo waphansi]
a EBhayibhelini, izingelosi zivezwa njengamadoda. Njalo lapho zibonakala kubantu zazibonakala njengabantu besilisa.
[Ibhokisi ekhasini 6]
INDLELA IZINGELOSI EZIHLELWE NGAYO
UJehova unomkhaya omkhulu kakhulu wezingelosi ohlelwe ngendlela elandelayo:
Ingelosi enamandla amakhulu negunya nguMikayeli ingelosi enkulu, noma uJesu Kristu. (1 Thesalonika 4:16; Jude 9) Amaserafi, amakherubi nezinye izingelosi zingaphansi kwakhe.
Amaserafi anesikhundla esiphakeme kakhulu elungiselelweni likaNkulunkulu. Akhonza njengabalindi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Isabelo sawo sihlanganisa ukumemezela ubungcwele bukaNkulunkulu nokugcina abantu bakhe behlanzekile ngokomoya.—Isaya 6:1-3, 6, 7.
Amakherubi ahlanganiswa nesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu futhi asekela ubukhosi bakhe.—IHubo 80:1; 99:1; Hezekeli 10:1, 2.
Ezinye izingelosi zingabameleli bakaJehova, futhi zifeza intando yakhe.
[Isithombe ekhasini 4]
Izingelosi zakhipha uLoti namadodakazi akhe zabayisa endaweni ephephile
[Isithombe ekhasini 5]
Lapho umphostoli uJohane ezama ukukhulekela ingelosi, watshelwa: “Ungakwenzi lokho!”
[Isithombe ekhasini 6]
Izingelosi zikhipha isahlulelo sikaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe uyazuza emsebenzini wokushumayela oqondiswa yizingelosi?