Imbubhiso Ezumayo!—Babhekana Kanjani Nayo?
LAPHO isiPhepho iHugo sishanela iGuadeloupe ngoMgqibelo, ngoSeptember 16, 1989, ubusuku babonakala bungasi. Babizwa ngokuthi “UBUSUKU BEPHUPHO ELIBI.” Ngokulandelayo, iMontserrat yahlaselwa umoya owawuvunguza ngesivinini samakhilomitha angama-230 ngehora. Kwafa abantu abangaphezu kwama-20 kuleziqhingi zaseCaribbean.
Iqhubeka nokuhlasela kwayo, iHugo yonakalisa iziQhingi iLeeward zaseSt. Kitts naseNevis. Ngobusuku obulandelayo yacekela phansi iU.S. Virgin Islands yaseSt. Croix naseSt. Thomas. Umonakalo eyawushiya eSt. Croix wawungakholeki. Siqhubekela phambili, ngoMsombuluko emini yantambama isiphepho salalisa uyaca engxenyeni yasenyakatho mpumalanga nePuerto Rico, ikakhulukazi sibhubhisa iziqhingi ezincane ezingasogwini zaseVieques naseCulebra.
Isinamandla engeziwe phezu kwamanzi, iHugo yandisa umfutho wokunye ukuhlasela kwasebusuku. NgoLwesine sekuzoba phakathi kwamabili, umoya onamandla owawuvunguza ngesivinini samakhilomitha angama-220 ngehora, isiphepho esikhulu sagalela ugu lwaseNingizimu Carolina eUnited States. Sacekela phansi indawo ebanzi engamakhilomitha angaphezu kwe-160 kusukela eningizimu yeCharleston kuye ngalé kweMyrtle Beach. Igalelo laso elibhubhisayo lagcina ngaphakathi ezweni endaweni engamakhilomitha angama-320, linqamula izigxobo zikagesi futhi liwisa imithi emikhulu yeminqumo kwaze kwafinyelela eCharlotte, eNyakatho Carolina.
Amakhulu ezinkulungwane abaleka ezindaweni ezingasogwini futhi ngaleyondlela asinda lapho umoya namagagasi angamamitha ayisihlanu kukhukhula izindlu eziningi futhi kubhubhisa nezinye ezingamakhulu amaningi. Umonakalo wenzeka ngokoqobo emashumini ezinkulungwane zamakhaya nezinye izakhiwo.
Umonakalo kwakumelwe ubonwe ukuze ukholelwe—izikebhe zazinqwabelene ndawonye zaze zaba isithupha njengamathoyizi, isihlabathi sasijule ngemitha elilodwa emigwaqweni, imithi emikhulu yayiphezu kwezindlu, uphahla lwalunezimbobo ezinkulu njengokungathi lwaluvulwe isandla sesidlakela. ‘Indodana yami ifuye amaqhude ewadayisayo,’ kubika omunye wesifazane. ‘Yawanqwabelanisa wonke phansi ukuze angapheshulwa umoya, futhi amaningi awazange aphephuke. Kodwa awanazo izimpaphe.’
Nokho, ngenxa yokuthi izixwayiso zalalelwa, kwafa abantu abangama-26 kuphela eUnited States phakathi nalesosiphepho, futhi kwafa abangaphezudlwana kunalokho eCaribbean. Ngakolunye uhlangothi, ukulahlekelwa okungokomnotho kukhulu kakhulu, kufinyelela ezinkulungwaneni eziningi zezigidi zamarandi. Ngemva kwesiphepho uhulumeni oyisishaya-mthetho waseU.S. wakhipha izigidi eziyizinkulungwane eziyi-R2,9 zokuqala ekusizeni esimweni esibucayi sezisulu zeHugo, okuyimali yokusiza enkulu kakhulu kweyake yagunyazwa ngenxa yenhlekelele efanayo. Nokho, ngokushesha lowombhalo ogciniwe weqiwa isikhathi.
Imbubhiso Ezuma Ngokwengeziwe
Ngo-October 17, sekuphele inyanga iHugo yagalela izwe, inyakatho California yanyakaziswa ukuzamazama komhlaba okwakufinyelela ku-7,1 esikalini sokukala ukuzamazama komhlaba sikaRichter. Amabhuloho abhidlika, izakhiwo zadilika, futhi izinkulungwane zazibaleka zimemeza ziphuma emakhaya azo noma kome amathe ngenxa yokwesaba njengoba inhlabathi iginqika futhi inyakaza imizuzwana eyi-15 noma ngaphezulu. Izindlu ezingaphezu kweziyizinkulungwane eziyikhulu zalimala, futhi ezisukela kwezingamakhulu athile kuya enkulungwaneni zacekelwa phansi. Sekuphele isonto ngemva kokuzamazama komhlaba, izakhamuzi ezithile zaseSanta Cruz County eziyizinkulungwane ezingamashumi zazingakakwazi ukushayela izimoto zazo ziye emakhaya azo ngenxa yesihlabathi esigugulekile esasivale imigwaqo.
Inani labantu abafa nomonakalo kwakuyoba kukhulu kakhulu ukuba abakhi abazange balalele imithetho edinga ukuba kwakhiwe izakhiwo ezikwaziyo ukumelana nokuzamazama. Ngokwesibonelo, ukuzamazama kwango-1988 eArmenia, kwakungenamandla kakhulu kodwa kwabulala abantu abayizi-25 000. Nokho, ngokusobala abantu abangaphansi kwama-70 bafa ekuzamazameni kwaseCalifornia, abaningi babo bafa lapho umgwaqo ongenhla wengxenye engamakhilomitha ayi-1,6 ubude yomgwaqo omkhulu i-Interstate 880 ubhodlokela ezimotweni ezisemgwaqweni ongaphansi.
Akukaze kwenzeke emlandweni waseU.S. ukuba inhlekelele engokwemvelo ibangele izindleko ezingaka. Ngesonto elilandelayo, uhulumeni oyisishaya-mthetho wakhipha imali engaphezu kwamarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-7,8 yokusiza. Nokho, kuyodingeka okwengeziwe ukuze kwakhiwe kabusha. Umongameli wePersonal Insurance Federation waseCalifornia wathi isilinganiso samarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-26 somonakalo wokuzamazama komhlaba “singaba esinengqondo.”
Isikhumbuzo Sezidingo Eziyisisekelo
Indoda ethile yayisegcekeni layo engxenyeni yendawo yokuhlala yaseCharleston ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuba kugadle iHugo. Njengoba isisebenzi sezokusiza sasidlula, lendoda yabuza: “Ungangipha yini ingilazi yamanzi?” Ngalesosikhathi lesisebenzi asizange sicabange ukuthi abantu babengenawo ngisho namanzi okuphuza!
Eminyakeni eyi-1 900 edlule, umphostoli uPetru wakhomba esidingweni esiyisisekelo salabo abasezimweni ezinjalo ezilingayo. Wathi: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo.” (1 Petru 4:7, 8) Isiphelo saso sonke isimiso sezinto sobuJuda sasiseduze lapho uPetru ebhala lawomazwi. Isiphelo safika eminyakeni embalwa kamuva, ngo-70 C.E., lapho amabutho amaRoma ebhubhisa iJerusalema. Nokho, amaKristu ayenikezwe isibonakaliso kusengaphambili, asilalela futhi abalekela ezintabeni ngaphesheya koMfula iJordani eduze nomuzi wasePella.—Luka 21:20-22.
Zama ukucabanga ngesimo njengoba mhlawumbe izinkulungwane zamaKristu zifika kuleyondawo enezintaba. Ngokusobala babengenazo izindlu noma ezinye izidingo eziyisisekelo kodwa kwakudingeka bamise amaxhokovana esikhashana. Kwakukhona ukuntula nobunzima. (Mathewu 24:16-20) Yini ababeyidinga kakhulu ngalesosikhathi esilingayo? UPetru wathi: “Ukuthandana okunganqamukiyo.” Yebo, ukusizana ukuba babhekane nesimo.
Ingabe umoya onjalo wokuba usizo nowothando wabonakaliswa ngemva kokucekela phansi kwamuva nje okwabangelwa iHugo nokuzamazama komhlaba?
Ukubhekana Nembubhiso Yesiphepho IHugo
ESt. Croix, abasinda esiphephweni iHugo babingelelana ngokwangana kwenjabulo nokokukhululeka, bejabulele nje ukuthi bayaphila. Ngokushesha kwenziwa imizamo emikhulu yokusiza, kunikezwa izisulu indawo yokuhlala nokudla. Nokho, abanye bafuna ukuzuza ngesimo esibuhlungu sezisulu. Abafuna inzuzo babebiza imali emba eqolo. Ngokwesibonelo, isaka leqhwa ngokuvamile elalidayiswa nje ngo-R2 lalidayiswa ngo-R26. Kwakukhona ngisho nokuphanga. Kodwa ngokuvamile izenzo ezinjalo ezimbi zazisithwa izenzo eziningi zomusa nozwela lobuntu. Okwaphawuleka kakhulu kwakuyimibiko eyayiphathelene nemizamo yokusiza yoFakazi BakaJehova.
Ngisho nangaphambi kokuba isiphepho iHugo sigadle, abadala abangamaKristu bavakashela labo abahlala ezindlini ezingalondekile kakhulu futhi babanxusa ukuba bathuthele emaHholo oMbuso akhiwe ngokuqine ngokwengeziwe noma ezindlini ezilondeke kakhudlwana zabafowabo abangamaKristu. IHholo LoMbuso eSummerville, eNingizimu Carolina, lalinabantu abangaphezu kwama-50 ababelala kulo phakathi nesiphepho!
EGuadeloupe ukulungiselela isiphepho okunjalo kwabonakala kusindisa ukuphila. Kulesosiqhingi kuphela, izindlu ezingu-117 zoFakazi zacekelwa phansi, kuyilapho cishe izindlu ezingu-300 zabanye oFakazi zazinomonakalo omkhulu. Ngokungaphezulu, amaHholo oMbuso angu-8 ayenomonakalo omkhulu, kuyilapho amanye angu-14 ayengenawo umonakalo omkhulu.
Nakuba oFakazi abaningana babelimele, abekho ababefile, eGuadeloupe noma kwenye indawo eCaribbean. Nokho, enye indodana esikhulile yomunye woFakazi, yafa lapho idonswa ngokoqobo umoya owasiphula ngokungazelele uphahla lwendlu.
Kwaze kwaba usuku lwesithathu ngemva kwesiphepho lapho oFakazi ekugcineni bakwazi ukuthintana ngocingo nabafowabo baseGuadeloupe. Nokho, ngalesosikhathi ababonisi abajikelezayo nezisebenzi zehhovisi legatsha lasesiqhingini zahlangana ukuze zihlele ukuhlola izidingo zabafowabo, okungukuthi, oFakazi abakanye nabo.
Ngokushesha labo ababengathintekile kakhulu banikela ngokuphana ngamanzi, ukudla, izingubo zokwembatha, nezinye izidingo. Amanzi ayetholakala ehhovisi legatsha, futhi kwakufudumeza inhliziyo ukubona abazalwane beletha zonke izinto zokuphatha ezazitholakala, bezigcwalisile, bese futhi bezabela labo abaswele. OFakazi baseMartinique babengabokuqala kwabavela kwamanye amazwe ukuba basabele ezidingweni zabafowabo baseGuadeloupe.
Njengoba iGuadeloupe ilawulwa iFrance, oFakazi BakaJehova baseFrance ngokushesha bathumela ngezindiza esiqhingini amapulasitiki amakhulu awugqinsi, intambo eyenziwe ngenylon, nezitsha zepulasitiki zokufaka amanzi. Ngokushesha, amathani ayikhulu ezinto zokwakha athunyelwa ngomkhumbi eGuadeloupe futhi ngokushesha zabelwa abantu.
Ngaso lesosikhathi, oFakazi basePuerto Rico nabo baqala ukuhlela isimiso sokusiza. Ngempela-sonto yangemva kwesiphepho, amakhulu avela ezindaweni ezingathintekile zesiqhingi ayefika emadolobheni ayecekeleke phansi ukuze azosiza ekuvuseleleni izindlu. Futhi, imikhumbi emibili eyayithwele ukudla, izinto zokwakha, kanye noFakazi abacishe babe ngama-40 bafika ngomkhumbi esiqhingini esincane saseCulebra. Ngokushesha isiteshi somsakazo salapho sasibabaza umsebenzi wokwakha kabusha owawenziwa. Ngempela-sonto elandelayo oFakazi abayi-112, kanye namathani ayisithupha ezinto zokwakha, bafika ngomkhumbi esiqhingini esincane saseVieques bezele umsebenzi ofanayo wokwakha kabusha.
Kwaze kwaba ngoLwesihlanu, izinsuku ezinhlanu ngemva kwesiphepho, lapho abazalwane abavela ePuerto Rico bakwazi khona ukuqasha indiza ethwala izimpahla futhi bathumela ukudla nemithi eSt. Croix. Omunye wabazalwane uyabika: “Uma usendizeni sonke isiqhingi sasibukeka njengendawo yokulahlela imfucumfucu. Yonke imizi yayicekelwe phansi futhi iphithene. Kuwo wonke amagquma kwakunezingcezu zezinkuni, insimbi, nemfucumfucu; kwakungekho lutho olwaluluhlaza, kwakukhona nje izingodo ezinsundu zemithi notshani obushile, bushaziswe izikhwishi zomoya ezinesivinini esifinyelela [kumakhilomitha angu-320] ngehora.”
Ngemva kokuthola izinga lomonakalo, oFakazi bathumela ngomkhumbi amathani angu-75 ezinto zokwakha. Phakathi no-October, izisebenzi zokuzithandela ezilinganiselwa ekhulwini ezivela ePuerto Rico zasiza abazalwane eSt. Croix ukuba bakhe kabusha. IHholo LoMbuso lasebenza njengendawo yokulala. Usuku ngalunye lwaluqaliswa ngengxoxo yetekisi leBhayibheli, njengoba nje kwenziwa kuwo wonke amahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Odade abangamaKristu bendawo babewasha, bahlanze, futhi baphekele abazalwane.
USheila Williams wayeqongelele imali iminyaka eminingi ukuze akhe indlu entsha, futhi wayesanda kuthuthela kuyo lapho iHugo iyibhubhisa. Lapho ezwa ukuthi abafowabo abangamaKristu babeza bevela ePuerto Rico ukuze basize izisulu, watshela asebenza nabo. Kodwa bathi: “Ngeke bakwenzele lutho. Umnyama, futhi awusiye owaseSpain njengabo.” Yeka ukumangala ababa nakho lapho uSheila ngokushesha esenendlu entsha ngokuphelele!
Ingane eneminyaka emihlanu ubudala yaseMichigan, eU.S.A., ibone imibiko yomonakalo waseSt. Croix, yafuna ukusiza labo ababelahlekelwe izinto zabo. Yacela imvume kunina ukuba iphe intombazanyana encane ingubo yayo ukuze ‘ibukeke kahle lapho iya eHholo LoMbuso.’
“Okwangimangalisa,” kuphawula unina, “wakhetha enye yezingubo zakhe ezingcono kakhulu.” Lengubo yathunyelwa, futhi njengoba ungase ubone ekhasini-18, ingane yaseSt. Croix iyajabula ngokuyithola.
Ngemva kokuba iHugo ishanele iNingizimu Carolina ngoLwesihlanu ekuseni, ngoSeptember 22, ngokushesha kwakhiwa ikomiti yokusiza. Kwathintwa abadala basemabandleni amaningi asezindaweni ezithintekile, futhi nabo bahambela wonke amalungu amabandla abo. Ngokujabulisayo, akekho owayelimele noma efile, nakuba amakhaya abanye oFakazi ayebhujisiwe futhi awabanye ayenomonakalo omkhulu. Elinye iHholo LoMbuso lalinomonakalo omkhulu, futhi amanye nawo aba nomonakalo othile.
Izinto zazibukeka zidumaza kakhulu ngaphakathi nasezindaweni ezizungeze iCharleston, njengoba izinkulungwane zemithi zazilele phansi, amakhulu ezimpahla evuza, izindlu zicekelwe phansi noma zidilikile, kungekho manzi okuphuza, kungekho gesi, kungekho ziqandisi, futhi kungatholakali woyela. Nokho, isimo sashintsha ngokushesha.
Abazalwane abaningi basendaweni yaseCharleston babeqoqene ndawonye ngoMgqibelo ekuseni, ngosuku lwangemva kwesiphepho, belindele usizo. URon Edling, umbonisi wedolobha, uchaza lokho okwenzeka lapho ekugcineni kuzwakala ukuthi oFakazi abavela ezindaweni ezingaphandle babeza. “Lapho siphumela ngaphandle, sabona omunye wemibukwane emihle kakhulu kwesake sayibona. Kwakukhona ihele lezinqola elithwele izimpahla, futhi phambili efasiteleni lenqola eyayihola nakulezo ezilandelayo kwakukhona uphawu oluthi ‘Amaqembu OFakazi BakaJehova Okusiza Labo Abahlaselwe Isiphepho.’
“Kwakunamaloli, izimoto, amaloli adonsa izinqodlana, futhi ayethwele izinkulungwane [zamalitha] amanzi. Aletha amasaha adumayo, kanye [namalitha angu-1 100] kawoyela wokuwenza asebenze. Kwakuwumbukwane engingeke neze ngiwukhohlwe. Ngalesosikhathi ngacabanga, ‘Lesi esinye sezikhathi ezinhle kakhulu kwengake ngazibona enhlanganweni kaNkulunkulu.’ Labo bazalwane abazange nje balethe izinto ezidingeka kakhulu kodwa baletha futhi nethemba. Ngiyaqiniseka ukuthi ngalesosikhathi wonke umuntu waqaphela ukuthi sinobuzalwane obuhle kangakanani. Nakuba kwakungase kuthathe isikhathi, sasizozitakula ebunzimeni.”
Ngempela-sonto elandelayo kwakukhona oFakazi abayizisebenzi zokusiza abangu-400. Sekukonke, kwenziwa umsebenzi ophahleni noma emagcekeni emikhaya ecishe ibe ngu-800, kuhlanganise nabaningi abangesibo oFakazi. Kwesinye isikhungo sokusiza, abazalwane babondla abantu abacishe babe ngu-3 000 ngosuku. Sekukonke, oFakazi bemukela futhi banikeza amakhilogremu angu-230 000 okudla kanye namakhilogremu angu-78 000 ezingubo zokugqoka, ingasaphathwa eyezinto eziningi zokwakha kanye nezinye izinto eziningi. NgeSonto, ngo-October 8, ngemva nje kwezinsuku ezingu-16 iHugo igadlile, wonke amaHholo oMbuso ayesevuselelwe ngezinga lokuba wonke amabandla ayesengasivuselela isimiso sawo sasikhathi sonke semihlangano.
Ukubhekana Nokuzamazama KwaseCalifornia
Indawo evukuzekile yokuzamazama komhlaba kwango-October 17 yayicishe ibe ngamakhilomitha angu-110 eningizimu neSan Francisco, cishe amakhilomitha angu-16 enyakatho mpumalanga neSanta Cruz. Kulendawo enabantu abaningi kakhulu, lapho ukundindizela okuncane komhlaba kuyinto evamile, izigidi zesatshiswa yilokho okwabonakala kuwukunyakaza okungapheli okwathatha imizuzwana engu-15 noma ngaphezulu.
“Isakhiwo sasiyendezela ngokoqobo siya phambili nasemuva,” kusho uRay Vaden, umdala ongumKristu waseSan Jose. “Ngazibuza ukuthi sasizokuma yini singanyakazi. Njengoba ngangilunguza ngefasitela, ngabona ukuthi izimoto zaziminyene emigwaqweni njengokungathi kwakuyisikhathi sokuminyana kwemigwaqo. Kwakungu–5:04 ntambama.
“Ekugcineni sakwazi ukuqala ukuxhumana nabafowethu bebandla lakithi. Labo esasingakwazi ukubafinyelela ngocingo sahlela ukubavakashela emakhaya abo. Lokhu kwathatha amahora amaningi ngenxa yokuminyana kwezimoto. Ngo–8:30 ntambama sezwa ukuthi akekho owayelimele, nakuba ezindlini eziningi kwakuphuke izinto. Ngosuku olulandelayo sezwa ukuthi amakhaya abanye babazalwane bethu bendawo ayenomonakalo omkhulu kakhulu kangangokuba kwadingeka ukuba baphume kuwo. Bayiswa emakhaya oFakazi abakanye nabo.”
Eduze naseLos Gatos, udade ongumKristu wayegeza esitezi sesibili sendlu yakhe enezitezi ezimbili lapho sonke isitezi sokuqala sibhidlika. Khona-ke waphuma endlini yokugezela esesitezi sokuqala, ngokumangalisayo engalimele. Ukube wayesesitezi sokuqala, ngokuqinisekile wayeyokufa.
Ngokushesha, abangane bafuna ukwazi lokho ababengakwenzela izisulu. NgoLwesine, ngemva kwezinsuku ezimbili kwenzeke ukuzamazama komhlaba, kwamiswa ikomiti yokuzinakekela. NgoMgqibelo, amaveni amakhulu kanye nezinye izimoto zaletha amathende, izingubo zokulala eziyizikhwama, iziketekete zokukhanyisa kanye nezitofu, izingubo zokugqoka, izibani ezinkulu, ukudla okusemathinini, amanzi okuphuza, nokunye, kulabo abaswele. Ngalolosuku ekuseni kuphela, kwanikelwa u-R107 000 esikhwameni sokusiza!
Yeka isimo esihlukile kuleso esasiboniswa abanye abantu bezwe! Indoda ethile yagaqa ngamadolo yaya esisulwini sowesifazane esasibambeke ngaphansi kwemoto yaso eyayingaphansi kwengxenye eyayibhodlokile yeInterstate 880. Yathembisa ukuthi yayingeke imzwise ubuhlungu kodwa yathatha izindandatho zakhe, amagugu, nesikhwama semali, futhi yabaleka ingamsizanga. Sebebonke abantu abafa emgwaqweni owawubhodlokile bangaphezu kwama-40, phakathi kwabo kwakukhona uMary Washington, omunye woFakazi BakaJehova.
IKomiti Yezokwakha Yesifunda yoFakazi BakaJehova ngokushesha yaqala ukuthola ukuthi ungakanani umonakalo owawenzekile. AmaHholo oMbuso amabili ayethole umonakalo omncane. Nokho, amakhaya oFakazi abaningana ayenomonakalo omkhulu kakhulu kangangokuba kwadingeka abhidlizwe. Amaqembu ezokwakha akwazi ukumisa izinqola zokulala ezindaweni zazo kanye nokuvuselela amakhaya amaningi abazalwane kanye nokuwakha kabusha amanye. Amakhulu ezinkulungwane zamarandi anikelwa ukuze kufezwe lomsebenzi.
Njengoba isiphelo salesimiso sisondela, ngokugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu, singalindela ukuzamazama komhlaba okuningi kanye nezinye izinhlekelele. (Mathewu 24:3-8) Ngokungangabazeki, kuzoba khona ubunzima obengeziwe kunalobo amaKristu akuqala ahlangabezana nabo lapho kubhujiswa iJerusalema. Isiprofetho seBhayibheli sinamandla ngisho nangaphezulu osukwini lwethu: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele.” Ngakho-ke, yini edingekayo? “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo.” (1 Petru 4:7, 8) Ngokuqinisekile kufudumeza izinhliziyo zethu ukubona uthando olunjalo lubonakaliswa phakathi kobuzalwane boFakazi BakaJehova!
[Amabalazwe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
CALIFORNIA
Oakland
San
Francisco
Los Gatos
Santa Cruz
[Ibalazwe](Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
U.S.A.
Charleston
Atlantic Ocean
Puerto Rico
Guadeloupe
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Ngakwesokudla: Umonakalo wesiphepho iHugo ogwini lwaseNingizimu Carolina
[Umthombo]
Maxie Roberts/Courtesy of THE STATE
Ngezansi: Izimoto zinqwabelene phambi kwesikole esiphakeme
Phansi: Iqembu lokusiza loFakazi BakaJehova lisiza ekucoceni nasekuvuseleleni
[Umthombo]
Maxie Roberts/Courtesy of THE STATE
[Izithombe ekhasini 18]
Ngakwesobunxele: Ingane yaseSt. Croix igqoke ingubo eyayithunyelelwa ingane eneminyaka eyisihlanu yaseMichigan eyayifuna ukusiza
Ngezansi: OFakazi BakaJehova eGuadeloupe bahlunga ukudla okunikelwe
Phansi ngakwesobunxele: USheila Williams nesisebenzi esisizayo esasiza ekuvuseleleni indlu yakhe eyacekelwa phansi
[Izithombe ekhasini 21]
Ngenhla: Umgwaqo ongenhla weInterstate 880 wabhidlikela emgwaqweni ongaphansi
Ngakwesobunxele: URaim Manor esitezi sesibili sendlu yakhe, esagcina sesisesitezi sokuqala