Ukuqonda Injongo Yesiyalo
YINI efika engqondweni yakho uma uzwa igama elithi “isiyalo”? Esinye isichazamazwi sichaza leli gama ngokuthi “ukwenza abantu bathobele imithetho noma izindlela ezithile zokuziphatha, nokubajezisa uma bengayithobeli.” Nakuba lena kungeyona neze ukuphela kwencazelo eyamukelwayo, noma yini ephathelene nesiyalo abantu abaningi namuhla bayibheka kabi ngendlela efanayo.
Nokho, iBhayibheli lisichaza ngendlela ehlukile isiyalo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala yathi: “O ndodana yami, ungasali isiyalo sikaJehova; futhi ungakwenyanyi ukusola kwakhe.” (IzAga 3:11) La mazwi awabhekisele kunoma isiphi isiyalo, kodwa ‘esiyalweni sikaJehova,’ okungukuthi isiyalo esisekelwe ezindinganisweni zikaNkulunkulu eziphakeme. Yileso siyalo kuphela esinezithelo ezingokomoya futhi esizuzisayo—esifiselekayo ngisho nokufiseleka. Ngokuphambene nalokho, isiyalo esisekelwe emiqondweni yabantu esiphikisanayo nezindinganiso zikaJehova eziphakeme sivame ukuhlukumeza nokulimaza. Yingakho abaningi besibheka kabi isiyalo.
Kungani sikhuthazwa ukuba sisamukele isiyalo sikaJehova? EmiBhalweni, isiyalo sikaNkulunkulu sichazwa ngokuthi ukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu ngezidalwa zakhe ezingabantu. Ngakho, uSolomoni waqhubeka wathi: “UJehova uyamsola lowo amthandayo, njengoba nje nobaba eyisola indodana ayijabulelayo.”—IzAga 3:12.
Isiyalo Noma Isijeziso—Uyini Umehluko?
Isiyalo okukhulunywa ngaso eBhayibhelini sinezici eziningi—isiqondiso, imfundiso, ukuqeqesha, ukusola, ukulungiswa ngisho nesijeziso. Nokho, esimweni ngasinye, isiyalo sikaJehova sishukunyiswa uthando, futhi umgomo waso uwukuba kuzuze lowo osinikwayo. Isiyalo sikaJehova esihloselwe ukulungisa asikaze sibe nenjongo yokujezisa nje kuphela.
Ngakolunye uhlangothi, izenzo zikaNkulunkulu zokujezisa azihloselwe ngaso sonke isikhathi ukulungisa noma ukufundisa lowo osuke ejeziswa. Ngokwesibonelo, kusukela ngalo kanye usuku u-Adamu no-Eva abona ngalo, baqala ukuhlupheka ngenxa yokungalaleli kwabo. UJehova wabaxosha ensimini yase-Edene eyipharadesi, bezwa imiphumela yokungapheleli, ukugula nokuguga. Ngemva kwamakhulu eminyaka yokuphila kabuhlungu, bafa phakade. Ngempela konke lokhu kwakuyisijeziso sikaNkulunkulu, kodwa kwakungesona isijeziso sokulungisa. Ngenxa yokona ngamabomu nokungaphenduki, u-Adamu no-Eva babengasenakulungiswa.
Ezinye izindaba zezenzo zikaJehova zokujezisa zihlanganisa noZamcolo wosuku lukaNowa, ukubhujiswa kweSodoma neGomora nokubhujiswa kwebutho laseGibhithe oLwandle Olubomvu. Lezi zenzo zikaJehova zazingahloselwe ukuqondisa, ukufundisa, noma ukuqeqesha labo ezazenziwa kubo. Ngokuphathelene nezenzo ezinjalo zikaNkulunkulu zokujezisa, umphostoli uPetru wabhala wathi: ‘Akayekanga ukujezisa izwe lasendulo, kodwa wagcina uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu; futhi walahla imizi yaseSodoma naseGomora ngokuyenza ibe umlotha, ebekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo.’—2 Petru 2:5, 6.
Kungayiphi indlela lezi zenzo zokujezisa ‘zazibekela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo’? Encwadini yakhe eya kwabaseThesalonika, uPawulu ubiza usuku lwethu ngokuthi isikhathi lapho uNkulunkulu, ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ezoletha “impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle.” UPawulu unezela athi: “Laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.” (2 Thesalonika 1:8, 9) Kusobala ukuthi isijeziso esinjalo asihloselwe ukufundisa noma ukulungisa labo abasitholayo. Nokho, lapho uJehova enxusa abakhulekeli bakhe ukuba bamukele isiyalo sakhe, akakhulumi ngesijeziso sezoni ezingaphenduki.
Kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli alimchazi uJehova ngokuyinhloko ngokuthi ungumjezisi. Kunalokho, uvame ukuchazwa ngokuthi ungumfundisi onothando nomqeqeshi onesineke. (Jobe 36:22; IHubo 71:17; Isaya 54:13) Yebo, isiyalo sikaNkulunkulu esinikezwa ngenjongo yokulungisa ngaso sonke isikhathi sihambisana nothando nesineke. Uma eyiqonda injongo yesiyalo, amaKristu akwazi kangcono ukwamukela nokunikeza isiyalo ngesimo sengqondo esifanele.
Isiyalo Sabazali Abanothando
Emkhayeni nasebandleni lobuKristu, kunesidingo sokuba wonke umuntu ayiqonde injongo yesiyalo. Kunjalo ikakhulukazi ngalabo abanegunya, njengabazali. IzAga 13:24 zithi: “Ogodla induku yakhe uyayizonda indodana yakhe, kodwa ngoyithandayo oyifunayo ukuze ayiyale.”
Abazali kufanele basinikeze kanjani isiyalo? IBhayibheli liyachaza: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lesi siyalo siyaphindwa futhi ngala mazwi: “Nina bobaba, ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.
Abazali abangamaKristu abayiqondayo injongo yesiyalo ngeke benze ngokhahlo. Isimiso esishiwo kweyesi-2 Thimothewu 2:24 singasetshenziswa endleleni abazali abanikeza ngayo isiyalo. UPawulu wabhala wathi: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, ifanelekela ukufundisa.” Ukuvutha ngentukuthelo, ukuklabalasa nokusho amazwi enhlamba noma okujivaza akukhona neze ukuyala ngothando futhi akumfanele neze umKristu.—Efesu 4:31; Kolose 3:8.
Ukulungisa kwabazali kuhilela okungaphezulu kakhulu kokukhipha isijeziso esisheshayo nesingujuqu. Izingane eziningi zidinga ukuyalwa ngokuphindaphindiwe ngaphambi kokuba zilungise ukucabanga kwazo. Ngakho, abazali kumelwe bazinike isikhathi, babe nesineke futhi bacabangisise ngendlela abanikeza ngayo isiyalo. Kufanele bakhumbule ukuthi izingane kumelwe zikhuliswe “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” Lokhu kusho ukuqeqesha okuqhubeka iminyaka.
Abelusi AbangamaKristu Bayala Ngobumnene
Lezi zimiso ziyasebenza nakubadala abangamaKristu. Njengabelusi abanothando, balwela ukwakha umhlambi ngokuwufundisa, ukuwuqondisa nokuwusola lapho kudingeka. Lapho benza lokhu, bakhumbula injongo yangempela yesiyalo. (Efesu 4:11, 12) Uma begxila ekukhipheni isijeziso kuphela, bayomane bamjezise lowo owonile bagcine lapho. Isiyalo sikaNkulunkulu sihilela okuningi kunalokho. Beshukunyiswa uthando, abadala bayalandelela benikeza iseluleko. Ngenxa yokuthi bayakhathalela ngempela, ngokuvamile bahlela izikhathi zokukhuthaza nokuqeqesha.
Ngokwesiyalo esitholakala kweyesi-2 Thimothewu 2:25, 26, ngisho nalapho beyala labo abangasamukeli ngokushesha isiyalo, abadala kumelwe bayale “ngobumnene.” Lo mBhalo ube ususho injongo yalokho kuyala: “Mhlawumbe uNkulunkulu angase abanike ukuphenduka okuholela olwazini olunembile lweqiniso, babuye bacabange ngendlela efanele baphume ogibeni lukaDeveli.”
Ngezinye izikhathi, kuyadingeka ukuba basuswe ebandleni abenzi bokubi abangaphenduki. (1 Thimothewu 1:18-20) Ngisho nesinyathelo esiqatha kanjalo kufanele sibhekwe njengesiyalo, hhayi nje isijeziso. Ngezikhathi ezithile, abadala benza umzamo wokuhambela abantu abasusiwe okungekho bubi ababenzayo. Kulokho kuhambela, abadala benza ngokuvumelana nenjongo yangempela yesiyalo ngokuba bachaze izinyathelo ezidingekayo ukuze umuntu abuyele ebandleni lobuKristu.
UJehova Ungumahluleli Ophelele
Abazali, abelusi abangamaKristu kanye nabanye abanegunya elingokomBhalo lokunikeza isiyalo kumelwe bawubheke njengobalulekile lo msebenzi. Akumelwe bagabadele bahlulele abanye njengabangasenakulungiseka. Ngakho, isiyalo sabo akumelwe neze sibe isijeziso sokuziphindiselela noma esinenzondo.
Yiqiniso, iBhayibheli lithi nguJehova oyokhipha isijeziso sokugcina futhi esinzima. Eqinisweni, imiBhalo ithi “kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.” (Hebheru 10:31) Kodwa akukho muntu okufanele azame ukuzifanisa noJehova kulesi sici nakunoma isiphi esinye. Futhi akufanele kube khona onomuzwa wokuthi kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zomzali noma zomdala othile ebandleni.
UJehova uyakwazi ukulinganisela ngokuphelele lapho enikeza isiyalo. Abantu abakwazi. UNkulunkulu uyakwazi ukufunda izinhliziyo futhi abone uma umuntu engeke esalungiseka ngaleyo ndlela afanelwe isijeziso sokugcina futhi esingujuqu. Ngakolunye uhlangothi, abantu abakwazi ukukhipha isahlulelo esinjalo. Ngaleso sizathu, lapho kudingeka ukuba kunikezwe isiyalo, labo abanegunya kufanele ngaso sonke isikhathi basinikeze ngenjongo yokulungisa.
Ukwamukela Isiyalo SikaJehova
Sonke siyasidinga isiyalo sikaJehova. (IzAga 8:33) Eqinisweni, kufanele sisilangazelele isiyalo esisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Njengoba sifunda iZwi likaNkulunkulu, singasamukela isiyalo esivela kuJehova ngokuqondile ngemiBhalo. (2 Thimothewu 3:16, 17) Nokho, ngezinye izikhathi siyothola iseluleko sivela kwamanye amaKristu. Ukuyiqonda injongo yangempela yokunikezwa kwaleso siyalo kuyosisiza sisamukele ngenjabulo.
Umphostoli uPawulu wavuma wathi: “Yiqiniso, asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi.” Wabe esenezela: “Nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo sokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Hebheru 12:11) Isiyalo sikaJehova siwukubonakaliswa kothando lwakhe olujulile ngathi. Noma ngabe siyasamukela noma siyasinikeza, masikhumbule injongo yesiyalo sikaNkulunkulu futhi silalele lesi seluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Bamba isiyalo; ungasidedeli. Silonde, ngoba singukuphila kwakho.”—IzAga 4:13.
[Izithombe ekhasini 21]
Izoni ezingaphenduki zithola isijeziso sesahlulelo sikaNkulunkulu, hhayi isiyalo sakhe sokulungisa
[Izithombe ekhasini 22]
Beshukunyiswa uthando, abadala bachitha isikhathi esiningi becwaninga futhi besiza abaphambukayo
[Izithombe ekhasini 23]
Ngesineke nangothando abazali banikeza ‘isiyalo nokuqondisa umqondo kukaJehova’