Ukukhuthazelela Ukulingwa Kudumisa UJehova
“Uma, lapho nenza okuhle futhi nihlupheka, nikukhuthazelela, lokhu kuyinto enhle kuNkulunkulu.”—1 PETRU 2:20.
1. Njengoba amaKristu eqiniso ekhathalela ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwawo, imuphi umbuzo okumelwe uhlolwe?
AMAKRISTU azinikezele kuJehova futhi afuna ukwenza intando yakhe. Ukuze aphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwawo, enza konke okusemandleni ukulandela iSibonelo sawo, uJesu Kristu, nokuba afakazele iqiniso. (Mathewu 16:24; Johane 18:37; 1 Petru 2:21) Nokho, uJesu nabanye ababethembekile banikela ngokuphila kwabo, befela ukholo lwabo. Ingabe lokhu kusho ukuthi wonke amaKristu angakulindela ukufela ukholo lwawo?
2. AmaKristu akubheka kanjani ukulingwa nokuhlupheka?
2 NjengamaKristu, sikhuthazwa ukuba sithembeke kuze kube sekufeni, yize kungase kungabi ukufela ukholo lwethu. (2 Thimothewu 4:7; IsAmbulo 2:10) Lokhu kusho ukuthi nakuba sizimisele ukuhlupheka ngenxa yokholo lwethu—size sife uma kudingekile—akuyona into esiyifunayo. Asikuthokozeli ukuhlupheka futhi asikujabuleli ubuhlungu noma ukuhlazeka. Nokho, njengoba ukulingwa nokushushiswa kufanele kulindelwe, kudingeka siyicabangisise indlela esingase sisabele ngayo lapho kusehlela.
Bathembeka Lapho Bevivinywa
3. Iziphi izibonelo zeBhayibheli zokubhekana nokushushiswa ongazilandisa? (Bheka ibhokisi elithi “Indlela Abakusingatha Ngayo Ukushushiswa,” ekhasini elilandelayo.)
3 EBhayibhelini, sithola izindaba eziningana ezibonisa indlela izinceku zikaNkulunkulu zakudala ezasabela ngayo lapho zibhekene nezimo ezazisongela ukuphila. Izindlela ezihlukahlukene ezasabela ngazo ziyiziqondiso kumaKristu namuhla uma kwenzeka ebhekana nezinselele ezifanayo. Cabanga ngezindaba ezisebhokisi elithi “Indlela Abakusingatha Ngayo Ukushushiswa,” ubone ukuthi ungafundani.
4. UJesu nezinye izinceku ezithembekile basabela kanjani lapho bebhekene nokulingwa?
4 Nakuba uJesu nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezazithembekile basabela ngokuhlukahluka ekushushisweni, kuye ngezimo, kuyacaca ukuthi abazange bafake ukuphila kwabo engozini ngokungadingekile. Lapho bezithola besezimweni eziyingozi, babeba nesibindi, kodwa baqaphe. (Mathewu 10:16, 23) Inhloso yabo yayiwukuqhubekisela phambili umsebenzi wokushumayela nokugcina ubuqotho babo kuJehova. Izindlela abasabela ngazo ezimweni ezihlukahlukene ziyizibonelo kulawo maKristu namuhla abhekene nokulingwa nokushushiswa.
5. Ikuphi ukushushiswa okwavela eMalawi ngawo-1960, futhi oFakazi bakhona basabela kanjani?
5 Ezikhathini zanamuhla kuye kwavama ukuba abantu bakaJehova bazithole bebhekene nezimo ezinzima nokuswela okukhulu ngenxa yezimpi, ukuvinjelwa, noma ukushushiswa okuqondile. Ngokwesibonelo, ngawo-1960, oFakazi BakaJehova eMalawi bashushiswa ngonya. AmaHholo OMbuso, imizi, ukudla, namabhizinisi abo—cishe konke okwakungokwabo—kwacekelwa phansi. Bashaywa futhi babhekana nezinye izimo ezihlasimulisayo. Basabela kanjani abazalwane? Izinkulungwane kwadingeka zishiye amakhaya azo. Abaningi bacasha ehlathini, abanye baya kokhosela okwesikhashana eMozambique engumakhelwane. Nakuba abaningi ababethembekile balahlekelwa ukuphila kwabo, abanye bakhetha ukuyibalekela leyo ndawo eyayiyingozi, okwakuyinkambo eyayibonakala ikahle kulezo zimo. Ngokwenza kanjalo, abazalwane babelandela lokho okwenziwa uJesu noPawulu.
6. Yini oFakazi baseMalawi abangazange bayiyeke naphezu kokushushiswa ngonya?
6 Nakuba abazalwane baseMalawi kwadingeka babaleke noma bayocasha, bafuna isiqondiso saphezulu futhi basilandela, baqhubeka benza imisebenzi yabo yobuKristu ngomshoshaphansi ngendlela engcono kakhulu ababengenza ngayo. Waba yini umphumela? Ngaphambi nje kokuvinjelwa ngo-1967, base befinyelele inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-18 519. Yize babesavinjelwe futhi abaningi bebalekelé eMozambique, ngo-1972 kwabikwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-23 398. Babenesilinganiso samahora angaphezu kwangu-16 enkonzweni inyanga ngayinye. Ngaphandle kokungabaza, izenzo zabo zaletha udumo kuJehova, nesibusiso sikaJehova sasiphezu kwalabo bazalwane ababethembekile phakathi naso sonke leso sikhathi esasinzima ngempela.a
7, 8. Kungaziphi izizathu abanye bekhetha ukungabaleki, ngisho nalapho ukuphikisa kubangela izinkinga?
7 Ngakolunye uhlangothi, emazweni lapho ukuphikisa kubangela izinkinga, abanye abazalwane bangase banqume ukungathuthi, ngisho noma bekwazi ukwenza kanjalo. Ukuthutha kungase kuxazulule izinkinga ezithile, kodwa mhlawumbe kungadala ezinye izinselele. Ngokwesibonelo, bebeyokwazi yini ukuqhubeka bexhumene nabafowabo abangamaKristu, bangabi bodwa ngokomoya? Bebeyokwazi yini ukulandela isimiso sabo esingokomoya njengoba bezama kanzima ukuzinza, mhlawumbe ezweni elicebe kakhudlwana noma elinamathuba amaningi okuthuthuka ngokwezinto ezibonakalayo?—1 Thimothewu 6:9.
8 Abanye bakhetha ukungathuthi ngoba bekhathalela inhlalakahle engokomoya yabafowabo. Bakhetha ukuhlala babhekane nesimo ukuze baqhubeke beshumayela ensimini yabo futhi bakhuthaze izikhonzi abakanye nazo. (Filipi 1:14) Ngokukhetha kanjalo, abanye baye bakwazi ngisho nokuba neqhaza ekunqobeni okungokomthetho ezweni lakubo.b
9. Iziphi izici umuntu okumelwe azicabange lapho enquma ukuthi uyahlala noma uyathutha ngenxa yokushushiswa?
9 Akunakuphikwa ukuthi ukuhlala noma ukuthutha kuyisinqumo somuntu. Yebo, izinqumo ezinjalo kufanele zenziwe kuphela ngemva kokuba sifuné isiqondiso sikaJehova ngomthandazo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sikhetha kuphi, kumelwe sikhumbule amazwi omphostoli uPawulu: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Roma 14:12) Njengoba siphawulile ekuqaleni, uJehova ufuna inceku yakhe ngayinye ihlale ithembekile kuzo zonke izimo. Ezinye zezinceku zakhe zibhekene nokulingwa nokushushiswa namhlanje; ezinye kungenzeka zisazobhekana nakho. Zonke ziyovivinywa ngandlela-thile, futhi ayikho neyodwa okufanele ilindele ukungavivinywa. (Johane 15:19, 20) Njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, asikwazi ukuyibalekela impikiswano yendawo yonke ehilela ukungcweliswa kwegama likaJehova nokulwelwa kobukhosi bakhe.—Hezekeli 38:23; Mathewu 6:9, 10.
“Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi”
10. Isiphi isibonelo esibalulekile uJesu nabaphostoli abasibekela sona ekubhekaneni nezingcindezi nokuphikiswa?
10 Esinye isimiso esibalulekile esingasifunda endleleni uJesu nabaphostoli abasabela ngayo lapho becindezelwa siwukungalokothi siphindisele kulabo abasishushisayo. Akukho ndawo eBhayibhelini lapho sithola khona noma yini esikisela ukuthi uJesu noma abalandeli bakhe bazihlanganisa baba iqembu elithile lomzabalazo noma basebenzisa ubudlova ukuze balwe nababebashushisa. Kunalokho, umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” Ngaphezu kwalokho, “ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:17-21; IHubo 37:1-4; IzAga 20:22.
11. Sathini esinye isazimlando ngesimo sengqondo amaKristu okuqala ayenaso ngohulumeni?
11 AmaKristu okuqala asisebenzisa leso seluleko. Encwadini yaso ethi The Early Church and the World, isazimlando uCecil J. Cadoux sichaza isimo sengqondo amaKristu ayenaso ngohulumeni phakathi kuka-30 C.E., no-70 C.E. Sabhala: “Asinabo ubufakazi obuqondile bokuthi ukhona umzamo owake wenziwa amaKristu angale nkathi wokumelana nokushushiswa esebenzisa ubudlova. Okuyiyona nto enkulu ayengayenza kulokhu kwakuwukulahla ababusi bawo ngezinkulumo ezinamandla noma ngokumane abadide ngokubaleka. Nokho, lapho umKristu ovamile esabela oshushisweni wayengabi ongalawuleki kodwa wayekwenqaba ngokuqinile ukulalela leyo miyalo kahulumeni eyayibhekwa njengengqubuzana nokuthobela uKristu.”
12. Kungani kungcono ukukukhuthazelela ukuhlupheka kunokuphindisela?
12 Ingabe inkambo enjalo ebonakala iwukuzithela ngabandayo iwukuhlakanipha ngempela? Ingabe labo abazimisele ngokubaqeda ngeke nje basizakale nganoma ubani osabela ngaleyo ndlela? Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukuzivikela? Ngokombono wabantu, kungabonakala kuyikho. Nokho, njengezinceku zikaJehova, siyaqiniseka ukuthi ukulandela isiqondiso sikaJehova kuzo zonke izinto kuyinkambo engcono kakhulu. Sikhumbula amazwi kaPetru: “Uma, lapho nenza okuhle futhi nihlupheka, nikukhuthazelela, lokhu kuyinto enhle kuNkulunkulu.” (1 Petru 2:20) Siyaqiniseka ukuthi uJehova usazi kahle isimo futhi ngeke avumele izinto ziqhubeke unomphela. Kungani siqiniseka ngalokho? Kubantu bakhe ababethunjiwe eBhabhiloni, uJehova wathi: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zakariya 2:8) Umuntu angakuvumela isikhathi eside kangakanani ukuthintwa kwenhlamvu yeso lakhe? UJehova uyoyiletha impumuzo ngesikhathi esifanele. Lokho akungatshazwa nakancane.—2 Thesalonika 1:5-8.
13. Kungani uJesu avuma ngokuzithoba ukuba izitha zakhe zimbophe?
13 Mayelana nalokhu, singabheka kuJesu njengeSibonelo sethu. Lapho evumela izitha zakhe zimbophe ensimini yaseGetsemane, kwakungekhona ukuthi wayengakwazi ukuzivikela. Empeleni, watshela omunye wabafundi bakhe: “Ucabanga ukuthi anginakunxusa yini kuBaba ukuba anginike ngalo mzuzwana amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili? Uma kuba njalo, imiBhalo ibiyogcwaliseka kanjani ukuthi kumelwe ukuba kwenzeke ngale ndlela?” (Mathewu 26:53, 54) Ukufezeka kwentando kaJehova yikona okwakubaluleke kakhulu kuJesu, ngisho noma kwakusho ukuthi uzohlupheka. Wayethembele ngokuphelele emazwini ehubo likaDavide eliyisiprofetho: “Ngeke uwushiye umphefumulo wami eShiyoli. Ngeke umvumele oqotho wakho abone igodi.” (IHubo 16:10) Eminyakeni eminingi kamuva umphostoli uPawulu wathi ngoJesu: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”—Hebheru 12:2.
Injabulo Yokungcwelisa Igama LikaJehova
14. Iyiphi injabulo eyaqinisa uJesu phakathi nakho konke ukuvivinywa kwakhe?
14 Iyiphi le njabulo eyaqinisa uJesu phakathi nokuvivinywa ngendlela enzima kakhulu ongayicabanga? Kuzo zonke izinceku zikaJehova, uJesu, iNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, uyena uSathane ayemfuna kakhulu. Ngakho, ukuzigcina kukaJesu eqotho ngaphansi kokuvivinywa kwakuyoba impendulo evelele ekuklolodeleni kukaSathane uJehova. (IzAga 27:11) Ungacabanga yini ngenjabulo nokwaneliseka okumelwe ukuba uJesu waba nakho lapho evuswa? Yeka ukuthi kumelwe ukuba wajabula kanjani, eqonda ukuthi uyifezile indima ayeyabelwe njengomuntu ophelele ekulwelweni kobukhosi bukaJehova nasekungcwelisweni kwegama laKhe! Ngaphezu kwalokho, ukuhlaliswa “ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” ngokungangabazeki kuyilungelo eliyisimangaliso nomthombo omkhulu wenjabulo kuJesu.—IHubo 110:1, 2; 1 Thimothewu 6:15, 16.
15, 16. Ikuphi ukushushiswa ngonya okwakhuthazelelwa oFakazi eSachsenhausen, futhi bawathola kuphi amandla okwenza kanjalo?
15 NakumaKristu ngokufanayo, kuyinjabulo ukuhlanganyela ekungcwelisweni kwegama likaJehova ngokukhuthazelela ukuvivinywa nokushushiswa, elandela isibonelo sikaJesu. Esinye isibonelo esihle esokuhlangenwe nakho koFakazi abahlupheka enkanjini yokuhlushwa edume kabi yaseSachsenhausen, basinda nasohambweni lwabo lokufa olwalunzima ekupheleni kweMpi Yezwe II. Phakathi nalolo hambo, izinkulungwane zeziboshwa zabulawa isimo sezulu esibi, izifo, noma indlala noma zabulawa ngesihluku onogada be-SS khona kanye eceleni komgwaqo. Bonke oFakazi ababengu-230 basinda ngenxa yokunamathelana nangokusizana ngisho noma lokho kwakubeka ukuphila kwabo engozini.
16 Bawathola kuphi lab’ oFakazi amandla okukhuthazelela ukushushiswa ngonya kanjalo? Ngokushesha nje lapho befika endaweni ephephile, bazwakalisa injabulo nokubonga kwabo uJehova encwadini eyayinesihloko esithi “Izwi lesinqumo lofakazi bakaJehova abangu-230 bezizwe eziyisithupha, ababuthanele ehlathini eduze kwaseSchwerin eMecklenburg.” Kuyo bathi: “Inkathi ende enzima yokuvivinywa iphelile futhi labo abaye balondolozwa, njengokungathi bahlwithwa esithandweni somlilo, abanalo ngisho nephunga lomlilo. (Bheka uDaniyeli 3:27.) Ngokuphambene, bagcwele amandla avela kuJehova futhi ngokulangazela balindele imiyalo emisha evela eNkosini ukuze baqhubekisele phambili izithakazelo ezingokwaseZulwini.”c
17. Iziphi izinhlobo zokuvivinywa abantu bakaNkulunkulu ababhekene nazo manje?
17 Njengalabo abangu-230 ababethembekile, ukholo lwethu lungavivinywa yize ‘besingakazabalazi kuze kube seqophelweni legazi.’ (Hebheru 12:4) Kodwa uvivinyo lungeza ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. Lungaba ukuhlekwa usulu ofunda nabo, noma lungaba ukucindezelwa ontanga ukuba uziphathe kabi noma ukwenza okunye okubi. Ngaphezu kwalokho, isinqumo sokungalisebenzisi igazi, sokushada kuphela eNkosini, noma sokukhulisa izingane ngendlela yobuKristu ngezinye izikhathi singacindezela futhi sivivinye kanzima.—IzEnzo 15:29; 1 Korinte 7:39; Efesu 6:4; 1 Petru 3:1, 2.
18. Isiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi singakhuthazelela ngisho nokuvivinywa okunzima ngokwedlulele?
18 Nokho, kungakhathaliseki ukuthi hlobo luni lovivinyo olungase lusehlele, siyazi ukuthi sihlupheka ngoba sibeka uJehova noMbuso wakhe kuqala, futhi sikubheka njengelungelo nenjabulo yangempela ukwenza kanjalo. Amazwi kaPetru asiqinisa idolo: “Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu.” (1 Petru 4:14) Ngamandla omoya kaJehova siyakwazi ukubekezelela ngisho nokuvivinywa okunzima kakhulu, konke sikwenzela inkazimulo nodumo lwakhe.—2 Korinte 4:7; Efesu 3:16; Filipi 4:13.
[Imibhalo yaphansi]
a Izenzakalo zawo-1960 zazimane ziyisiqalo nje sohide lwezigameko zokushushiswa okunonya nokubulalayo okwakhuthazelelwa oFakazi baseMalawi iminyaka ecishe ibe ngaphezu kwamashumi amathathu. Ukuze uthole ukulandisa okuphelele, bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1999, amakhasi 171-212.
b Bheka isihloko esithi “INkantolo Ephakeme Isekela Ukukhulekela Kweqiniso ‘Ezweni Lase-Ararati’” kumagazini INqabayokulinda ka-April 1, 2003, amakhasi 11-14.
c Ukuze uthole umbhalo ophelele waleli zwi lesinqumo, bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1974 (ngesiNgisi) amakhasi 208-9. Ukulandisa komuntu owasinda kulolo hambo kungatholakala kumagazini INqabayokulinda ka-January 1, 1998, amakhasi 25-9.
Ungachaza?
• AmaKristu akubheka kanjani ukuhlupheka nokushushiswa?
• Singafundani endleleni uJesu nabanye abathembekile abasabela ngayo lapho bevivinywa?
• Kungani kubalulekile ukungaphindiseli lapho sishushiswa?
• Iyiphi injabulo eyaqinisa uJesu phakathi nokuvivinywa kwakhe, futhi singafundani kulokhu?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]
Indlela Abakusingatha Ngayo Ukushushiswa
• Ngaphambi kokuba amasosha kaHerode afike eBhetlehema ukuzobulala zonke izinsana zabafana ezazineminyaka emibili nangaphansi, ngesiqondiso sengelosi, uJosefa noMariya bathatha usana olunguJesu babalekela eGibhithe.—Mathewu 2:13-16.
• Izikhathi eziningana phakathi nenkonzo kaJesu, izitha zakhe zazifuna ukumbulala ngenxa yobufakazi bakhe obunamandla. Isikhathi ngasinye ezazizama ngaso, uJesu wayephunyuka.—Mathewu 21:45, 46; Luka 4:28-30; Johane 8:57-59.
• Lapho amasosha nezikhulu befika ensimini yaseGetsemane ukuzobopha uJesu, waziveza obala ukuthi ungubani, kabili ebatshela: “Nginguye.” Waze wabavimba nokubavimba abalandeli bakhe ukuzama noma ikuphi ukuzabalaza futhi wavumela isixuku ukuba simthathe.—Johane 18:3-12.
• EJerusalema, uPetru nabanye baboshwa, babhambabulwa, futhi bayalwa ukuba bayeke ukukhuluma ngoJesu. Nokho, lapho bekhululwa “basuka” futhi “nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IzEnzo 5:40-42.
• Lapho uSawulu, kamuva owaba umphostoli uPawulu, ethola ukuthi amaJuda aseDamaseku ambophele ugobe lokumbulala, ebusuku, abazalwane bamfaka kubhasikidi base bemehlisa ngembobo esodongeni lomuzi, wabaleka.—IzEnzo 9:22-25.
• Ngemva kweminyaka, uPawulu wakhetha ukudlulisela icala kuKhesari, yize bobabili uMbusi uFestu neNkosi u-Agripha babengatholanga “lutho olumenza afanelwe ukufa noma izibopho” kuye.—IzEnzo 25:10-12, 24-27; 26:30-32.
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Nakuba ukushushiswa ngonya kwaziphoqa ukuba zibaleke, izinkulungwane zoFakazi baseMalawi ezithembekile zaqhubeka nenkonzo yoMbuso ngenjabulo
[Izithombe ekhasini 17]
Injabulo yokungcwelisa igama likaJehova yabaqinisa laba ababethembekile kulo lonke uhambo lokufa nasezinkanjini zokuhlushwa zamaNazi
[Umthombo]
Death march: KZ-Gedenkstätte Dachau, courtesy of the USHMM Photo Archives
[Izithombe ekhasini 18]
Ukuvivinywa nokushushiswa kungeza ngezindlela eziningi