Ukubikezela Ikusasa Lethu Eliseduze
LAPHO ekhuluma ngekusasa lesintu emhlabeni, umphostoli uPetru wabhala: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Ekuqaleni isithembiso ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ senziwa ngomprofethi u-Isaya. (Isaya 65:17; 66:22) Ngokucaphuna lesi siprofetho, uPetru wabonisa ukuthi ngesikhathi ayephila ngaso sasingakagcwaliseki ngokugcwele.
Kamuva, cishe ngonyaka ka-96 C.E., isAmbulo esanikezwa ngomphostoli uJohane sahlobanisa lowo “mhlaba omusha” nezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 21:1-4) Amazwi kaJesu kanye nawomphostoli uPawulu ngezimo zezwe ngaphambi nje kokufika koMbuso kaNkulunkulu aseyagcwaliseka. Ngakho-ke, singalindela ukuthi lowo Mbuso uzoletha umhlaba omusha maduzane. Uyoba njani lowo mhlaba omusha? Incwadi yeBhayibheli ka-Isaya iyasitshela.
Izibusiso Emhlabeni Omusha
Ukuthula Komhlaba Wonke Nobunye Ekukhulekeleni. “Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:2-4.
Ukuthula Phakathi Kwabantu Nezilwane. “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako. Inkomazi nebhere kuyoklaba; amankonyane ako alale ndawonye. Ngisho nengonyama iyodla utshani njengenkunzi. . . . Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9.
Bonke Bayoba Nenala Yokudla. “UJehova wamabutho ngokuqinisekile uyokwenzela zonke izizwe, kule ntaba, idili lezidlo ezinamafutha akahle, idili lewayini eligcinwe enhleseni, lezidlo ezinamafutha akahle, ezigcwele umnkantsha, lewayini eligcinwe enhleseni, elihluziwe.”—Isaya 25:6.
Ukufa Kuyobe Kungasekho. “Empeleni [uNkulunkulu] uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke. Isihlamba sabantu bayo iyosisusa kuwo wonke umhlaba, ngoba uJehova ngokwakhe ukukhulumile.”—Isaya 25:8.
Abafileyo Bayovuswa. “Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo ziyovuka futhi. Abalele enhlabathini bayovuka bakhamuluke ngenjabulo . . . Umhlaba uyokwenza ukuba labo asebenesikhathi befile bazalwe futhi.”—Isaya 26:19, The New English Bible.
UMesiya UMahluleli Onokulunga. “Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.”—Isaya 11:3, 4.
Izimpumputhe Nezithulu Ziyophulukiswa. “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa.”—Isaya 35:5.
Ugwadule Luyovunda. “Ihlane nesifunda esingenamanzi kuyothaba, ithafa eliwugwadule liyojabula futhi liqhakaze njengesafroni. Liyoqhakaza nakanjani, futhi ngempela liyojabula ngenjabulo nangokukhamuluka kokuthokoza.”—Isaya 35:1, 2.
Umhlaba Omusha. “Ngidala amazulu amasha [uhulumeni omusha wasezulwini] nomhlaba omusha [umphakathi omusha wabantu abalungile]; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni. Kodwa yethabani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo. . . Ngokuqinisekile [abahlala emhlabeni omusha othenjiswe uNkulunkulu] bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele. Ngeke bakhandlekele ize, noma bazalele ukuhlupheka; ngoba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nozalo lwabo kanye nabo. Empeleni kuyothi ngaphambi kokuba bamemeze mina ngiphendule; lapho besakhuluma, mina ngiyozwa.” “‘Njengoba nje amazulu amasha nomhlaba omusha engikwenzayo kumile phambi kwami,’ kusho uJehova, ‘kanjalo inzalo yenu negama lenu kuyoqhubeka kumile.’”—Isaya 65:17-25; 66:22.
Ukubikezela Ikusasa Elihle
Akuyona incwadi ka-Isaya kuphela eBhayibhelini ebikezela izibusiso zekusasa. IBhayibheli ligcwele iziprofetho ezichaza izinto ezimangalisayo uNkulunkulu ayozifeza ngoMbuso wakhe oholwa uKristu.a Ingabe ungathanda ukuphila ngaphansi kwezimo ezinjalo eziyipharadesi? Ungaphila kuzo! Zitholele wena ukuthi lifundisani ngempela iBhayibheli ngezinjongo ezinhle zikaNkulunkulu zekusasa, futhi ufunde indlela ongaba ngayo ingxenye yazo. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nalokho oyokufeza, bheka amakhasi 76-85 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 8]
Abantu bayohlalisana ngokuthula bona kanye nezilwane
[Isithombe ekhasini 9]
Abafileyo bayophinde baphile
[Isithombe ekhasini 10]
Umhlaba wonke uyoba ipharadesi