Kuyobusa Idlanzana, Kuzuze Abaningi
KUSUKELA esikhathini sabaphostoli, uNkulunkulu ubelokhu ekhetha esintwini inani elilinganiselwe lamaKristu athembekile, wawathola njengamadodana. Ushintsho la madodana okutholwa aba nalo lukhulu kangangokuba iZwi likaNkulunkulu liluchaza ngokuthi ukuzalwa okusha. Injongo yokuzalwa okusha iwukulungiselela lezi zinceku zikaNkulunkulu ezizelwe kabusha ukuba ababusi ezulwini. (2 Thimothewu 2:12) Ukuze zibe ababusi, zivuselwa ekuphileni kwasezulwini. (Roma 6:3-5) Ezulwini, ‘ziyobusa njengamakhosi phezu komhlaba’ kanye noKristu.—IsAmbulo 5:10; 11:15.
Nokho, iZwi likaNkulunkulu libuye lithi abanye ngaphandle kwalabo abazalwa kabusha bayothola insindiso yaphakade. EBhayibhelini (emiBhalweni YesiHebheru kanye nasemiBhalweni YamaKristu YesiGreki), kukhulunywa ngokuthi uNkulunkulu wayehlose ukusindisa amaqembu amabili abantu—idlanzana labayobusa ezulwini kanye nesixuku esikhulu sezikhonzi eziyophila emhlabeni. Ngokwesibonelo, phawula lokho umphostoli uJohane akubhalela amanye amakholwa ayezalwe kabusha. Wathi ngoJesu: “Ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu, nokho kungezona ezethu [idlanzana] kuphela kodwa nezalo lonke izwe [isixuku esikhulu].”—1 Johane 2:2.
Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wabhala: “Indalo [isixuku esikhulu] ilindele ngokulangazela okukhulu ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu [idlanzana].” (Roma 8:19-21) Kufanele siwaqonde kanjani amazwi alaba baphostoli, uJohane noPawulu? Ngale ndlela: Labo abazalwa kabusha bayoba ingxenye kahulumeni ezulwini. Ngayiphi injongo? Ukuze balethe izinzuzo zaphakade ezigidini ezingenakubalwa zabantu, izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu eziyobe ziphila emhlabeni. Ngakho-ke, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Leli qiniso eliphathelene nensindiso enikezwa amaqembu amabili liyatholakala nasemiBhalweni YesiHebheru. Ngokwesibonelo, cabangela lokho uJehova akutshela ukhokho kaJesu, u-Abrahama: “Ngenzalo yakho [idlanzana] zonke izizwe zomhlaba [isixuku esikhulu] ngokuqinisekile ziyobusiswa.” (Genesise 22:18) Yebo, zonke izizwe zaziyothola izibusiso “ngenzalo” ka-Abrahama.
Ingubani leyo “nzalo”? UJesu Kristu, ekanye nalabo abazalwe kabusha, amadodana kaNkulunkulu okutholwa. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Uma ningabakaKristu, ngempela niyinzalo ka-Abrahama.” (Galathiya 3:16, 29) Yiziphi izibusiso eziyotholwa abantu bazo zonke izizwe ngenxa yale “nzalo”? Ilungelo lokubuyiselwa emseni kaNkulunkulu nokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Umhubi uDavide waprofetha: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29; Isaya 45:18; IsAmbulo 21:1-5.
Yebo, ukubusa ezulwini kugcinelwe abathile, kodwa izinzuzo zokuba ababusi ezulwini—ukuphila okuphakade nazo zonke izibusiso ezihambisana nakho—zitholwa abaningi. Kwangathi wena nomkhaya wakho ningaba phakathi kwalabo abayothola izinzuzo zaphakade eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 12]
Izigidi ezingenakubalwa ziyobusiswa ngokuphila okuphakade emhlabeni. Ingabe uyoba phakathi kwazo?