ISahluko 1
IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Ojabulisayo!
1. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ufuna sijabule?
ISAMBULO SIKAJOHANE—le ncwadi yeBhayibheli evusa amadlingozi iletha umlando waphezulu emvuthwandaba ojabulisayo. Kungani sithi “ojabulisayo”? UMlobi weBhayibheli uchazwa ‘njengoNkulunkulu ojabulayo,’ ophathisa abamthandayo ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo.’ Ufuna ukuba nathi sijabule. Ngakho, zisuka nje isAmbulo siyasiqinisekisa: “Uyajabula lowo ofunda . . . amazwi alesi siprofetho.” Esahlukweni saso sokugcina siyatshelwa: “Uyajabula umuntu ogcina amazwi esiprofetho salo mqulu.”—1 Thimothewu 1:11; IsAmbulo 1:3; 22:7.
2. Yini okumelwe siyenze ukuze sithole injabulo ngencwadi yesAmbulo?
2 Siyithola kanjani injabulo ngencwadi yesAmbulo? Siyithola ngokufuna incazelo yezibonakaliso zayo ezicacile, noma izimpawu, futhi senze ngokuvumelana nazo. Umlando wesintu onesiphithiphithi ngokushesha uzofinyelela emvuthwandaba oyinhlekelele, lapho uNkulunkulu noJesu Kristu bekhipha isahlulelo esimisweni sanamuhla esikhohlakele, beletha endaweni yaso “izulu elisha nomhlaba omusha,” lapho ngisho ‘nokufa kungeke kusaba khona.’ (IsAmbulo 21:1, 4) Asifuni yini sonke ukuphila emhlabeni omusha onjalo, ngokuthula kweqiniso nokulondeka? Singaphila uma sakha ukholo lwethu ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, kuhlanganise nesiprofetho esishukumisayo sesAmbulo.
I-Apocalypse—Iyini?
3. Abantu abaningi bacabanga ukuthi isho ukuthini i-Apocalypse ne-Armagedoni?
3 IsAmbulo asibizwa yini futhi ngokuthi i-Apocalypse? Kunjalo, ngoba elithi “isambulo” liwukuhunyushwa kwelithi a·po·kaʹly·psis embhalweni wesiGreki. Abantu abaningi bafanisa i-Apocalypse nokubhujiswa kwezwe ngempi yenuzi. Edolobheni laseTexas, e-U.S.A., lapho kwakwakhiwa khona amanani amakhulu ezikhali zenuzi, abantu abathambekele enkolweni babethi, “Siyoba ngabokuqala abayobhubha.” Kwabikwa ukuthi abefundisi kuleyo ndawo “sebeyaqiniseka ukuthi akukhona nje ukuthi i-Armagedoni ayinakugwenywa kodwa futhi iseduze kakhulu, nokuthi impi yokugcina phakathi kwamandla obuhle nawobubi, akaNkulunkulu nakaSathane, iyolwiwa ngokhukhulela-ngoqo wenuzi.”a
4. Eqinisweni lisho ukuthini igama elithi “apocalypse,” futhi kungani incwadi yokugcina yeBhayibheli ibizwa ngokufanelekile ngokuthi IsAmbulo?
4 Kodwa iyini ngempela i-apocalypse? Nakuba izichazamazwi ziyichaza ngokusebenzisa amagama anjengokuthi “inhlekelele yendalo yonke eseduze,” igama lesiGreki elithi a·po·kaʹly·psis ngokwesisekelo lisho “ukwambula.” Ngakho, incwadi yokugcina yeBhayibheli ibizwa ngokufanelekile ngokuthi “IsAmbulo.” Lapha asitholi nje isigijimi sokubhujiswa kwezwe esisekelwe enkolelweni yokudalelwa, kodwa ukwambulwa kwamaqiniso aphezulu okufanele kwakhe ezinhliziyweni zethu ithemba elikhazimulayo nokholo olungenakunyakaziswa.
5. (a) Obani abayobhujiswa e-Armagedoni, futhi obani abayosinda? (b) Yiliphi ikusasa elihle elilindele abayosinda e-Armagedoni?
5 Yiqiniso, i-Armagedoni ichazwe encwadini yokugcina yeBhayibheli ‘njengempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16) Kodwa iyohluka kakhulu kukhukhulela-ngoqo wenuzi! Ukhukhulela-ngoqo onjalo cishe ubungasho ukuqedwa kwakho konke okuphilayo emhlabeni. Ngokuphambene, iZwi likaNkulunkulu linikeza isiqinisekiso esijabulisayo sokuthi abaphikisi bakaNkulunkulu ababi kuphela abayobhujiswa—ngamandla alawulwa uNkulunkulu. (IHubo 37:9, 10; 145:20) Isixuku esikhulu sabantu, abavela kuzo zonke izizwe, siyosinda emvuthwandaba wesahlulelo saphezulu e-Armagedoni. UKristu Jesu uyobe eseselusa futhi asiholele ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Awufuni yini ukuba ngomunye waso? Ngokujabulisayo, isAmbulo sibonisa ukuthi ungaba ngomunye waso!—IsAmbulo 7:9, 14, 17.
Ukufuna Izimfihlakalo Zaphezulu
6. Eminyakeni edlule, iziphi izincwadi eziye zashicilelwa oFakazi BakaJehova ukuze isAmbulo siqondakale?
6 Emuva kangango-1917, i-Watch Tower Society yashicilela incwadi ethi The Finished Mystery. Lokhu kwakuwukukhulunyelwa kwevesi nevesi kwezincwadi zeBhayibheli kaHezekeli nesAmbulo. Khona-ke, njengoba izenzakalo zezwe zaziqhubeka zigcwalisa isiprofetho seBhayibheli, kwalungiselelwa incwadi eyafika ngesikhathi eyimiqulu emibili eyayinesihloko esithi Light, eyakhishwa ngo-1930. Lokhu kwanikeza ukufundwa kwesAmbulo okunokwaziswa okusha. Ukukhanya kwaqhubeka ‘kubanekela abalungileyo,’ kangangokuthi ngo-1963 oFakazi BakaJehova bashicilela incwadi enamakhasi angu-704 ethi “Babylon the Great Has Fallen!” God’s Kingdom Rules! Yaningiliza kakhulu umlando wokukhula nokuwa kweBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, futhi yafinyelela umvuthwandaba ngokuxoxa ngezahluko zokugcina eziyisishiyagalolunye zesAmbulo. Njengoba ‘indlela yabalungileyo yayiqhubeka ikhanya,’ ikakhulukazi ngokuqondene nokusebenza kwebandla, ngo-1969 kwalandela umqulu onamakhasi angu-384, othi “Then Is Finished the Mystery of God,” owaxoxa ngezahluko zokuqala ezingu-13 zesAmbulo.—IHubo 97:11; IzAga 4:18.
7. (a) Kungani oFakazi BakaJehova beye balungiselela le ncwadi ekhulumela isAmbulo? (b) Iziphi izinsiza-kufundisa ezilungiselelwe kule ncwadi ngenjongo yokusiza abafundi?
7 Kungani kushicilelwe enye incwadi ekhulumela isAmbulo futhi yanyatheliswa kabusha kulesi sikhathi samanje? Okuningi kokwaziswa osekuye kwavela kakade kunemininingwane eminingi, futhi akuzange kwenzeke ukuba kuhunyushwe futhi kushicilelwe emhlabeni wonke ngezilimi eziningi. Ngakho, kuye kwabonakala kufanelekile ukuba kulungiselelwe incwadi ekhulumela isAmbulo ngomqulu owodwa kuphela nangesimo esingakhiqizeka kalula ngezilimi eziningi. Ngaphezu kwalokho, kulo mqulu kusetshenziswe ithuba lokuba kunikezwe izinsiza-kufundisa, ezihlanganisa imifanekiso, amashadi, nokubukezwa kwendaba ngamafuphi, okufanele kusize abafundi ukuba baqonde ngokucacile incazelo evusa amadlingozi yalesi siprofetho esimangalisayo.
8. Yisiphi isizathu esinamandla nangaphezulu sokushicilela le ncwadi?
8 Isizathu esinamandla ngokwengeziwe sokushicilela le ncwadi isidingo sokuhambisana neqiniso lamanje. UJehova uyaqhubeka eletha ukukhanya okwengeziwe encazelweni yeZwi lakhe, futhi singalindela ukuthi ukuqonda kwethu isAmbulo, kanye nezinye iziprofetho, kuyokhula njengoba sisondela osizini olukhulu. (Mathewu 24:21; IsAmbulo 7:14) Kubalulekile ukuba sibe nolwazi olugcwele. Njengoba umphostoli uPetru abhala ngokuqondene nesiprofetho saphezulu: “Nenza kahle [ngokusinaka] ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu.”—2 Petru 1:19.
9. (a) Yini incwadi yesAmbulo, kanye nezinye iziprofetho, ebonisa ukuthi uNkulunkulu uzoyidala? (b) Uyini umhlaba omusha, futhi ungasindela kanjani kuwo?
9 IsAmbulo sinezela ubufakazi baso kwezinye iziprofetho zeBhayibheli eziningi, ezibonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu ujonge ukudala amazulu amasha nomhlaba omusha. (Isaya 65:17; 66:22; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-5) Ngokuyinhloko, isigijimi saso sibhekiswe kumaKristu agcotshiwe, uJesu awathenga ngegazi lakhe ukuba abe ngababusi kanye naye emazulwini amasha. (IsAmbulo 5:9, 10) Nokho, lezi zindaba ezinhle ziyoqinisa futhi ukholo lwalezo zigidi ezibheke phambili ekuphileni okuphakade ngaphansi koMbuso kaKristu. Ingabe ungomunye wazo? Khona-ke isAmbulo siyoqinisa ithemba lakho lokuphila ePharadesi, njengengxenye yomhlaba omusha, ujabulela inala yokuthula, impilo enhle, namalungiselelo kaNkulunkulu achichimayo angasoze aphela. (IHubo 37:11, 29, 34; 72:1, 7, 8, 16) Uma ufuna ukusindela kulowo mhlaba omusha, kuyaphuthuma, yebo, kuyisibopho ukuba ulalele incazelo ecacile yesAmbulo yomvuthwandaba oqopha umlando manje osuseduze.—Zefaniya 2:3; Johane 13:17.
[Umbhalo waphansi]
a Süddeutsche Zeitung, Munich, Germany, January 24, 1987.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 7]