-
Izinsuku Zokugcina ‘IMibuso Ivukela IMibuso’I-Phaphama!—1988 | Ephreli 8
-
-
Izinsuku Zokugcina ‘IMibuso Ivukela IMibuso’
“Impi yezizwe kusukela ngo-1914 kuya ku-1918 yayingelona ‘ihemuhemu elithile elingazwakali lempi ethile.’ lokho kulwa kwangenisa impi engesilinganiso esisha impi yokuqala, ehlanganisa wonke umuntu emlandweni wesintu. ubude besikhathi sokuqhubeka kwayo, izinga nobukhulu kwakwedlula noma yini eyayaziwa ngaphambili noma eyayilindelwe ngabaningi. usuku lwempi yomhlaba wonke lwalufikile.”—The World in the Crucible, nguBernadotte E. Schmitt noHarold C. Vedeler.
IMPI ka-1914-18 yayinkulu ekubhubhiseni nasekulahlekiseleni ukuphila kangangokuthi eFrance kuze kube manje, ungathola ubufakazi obuqoshwe ematsheni obunikelwe kwabanqotshwa eLa Grande Guerre, eMpini Enkulu. Umlobi waseMelika uErnest Hemingway kamuva wakubiza ngokuthi “ukubulawa kwabantu ngonya okukhulu kakhulu, okuchitha igazi, okwasingathwa kabi kunakho konke okwake kwenzeka emhlabeni.” IMpi Enkulu yabuye yabizwa ngokuthi iMpi Yezwe I lapho umhlaba wawukhungathekiswa yiMpi Yezwe II (1939-45).
IMpi Yezwe I yayihlukile ezimpini ezidlule ngezindlela eziningi. Amabutho empi amakhulu abunjwa amadoda ayizigidi abulalana ezinkundleni zempi nasemahlathini aseYurophu eseNtshonalanga. Isibhamu esinguntuluntulu sasishwiba njengoba sasiqothula imigqa emikhulu yamabutho ahlaselayo ahamba ngezinyawo. Njengoba uGwynne Dyer esho encwadini yakhe ethi War: “Kungakapheli izinyanga ezimbili [impi iqalile], kwase kufe abantu abangaphezu kwesigidi . . . Izikhali ezingontuluntulu—izikhali ezitshuzayo ezidubula ngokushesha nezibhamu ezingontuluntulu ezazikhafula izinhlamvu ezingamakhulu ayisithupha ngomzuzu—zagcwalisa umoya ngemvula yensimbi ebulalayo.” Inqola yempi, umkhumbi-ngwenya, nendiza kwashintsha ukucabanga namasu. Manje ukufa kwehla kuvela esibhakabhakeni futhi kutshuza kuvela emanzini.
Impi elwiwa ezindaweni zokukanisa ezimbiwe phansi, nokusetshenziswa ngokwengeziwe kwamagesi ahilayo, kwacindezela abantu kwaze kwaphela ukubekezela, ubuhlungu, nokululazeka. LeMpi Enkulu yayihluke ngenye indlela: “Lena kwakuyimpi yokuqala lapho iziboshwa zazifinyelela khona izigidi (eziyizi-8 400 000 sezizonke) futhi zavalelwa isikhathi eside.” (The World in the Crucible) Futhi kwakuyimpi yokuqala eyayihilela cishe bonke abantu ababengabuthwanga empini, ababengekho kwezokuvikela futhi bengakhiqizi izikhali noma beyizisulu zokuhlaselwa futhi belwa.
Emuva ngalesosikhathi ngo-1914 oFakazi BakaJehova babona kuleyompi esabekayo ukuqala kokugcwaliseka kweziprofetho zikaJesu ezibikezela incithakalo. Kodwa kwakusazofika okubi ngokwengeziwe.
IMpi Yezwe II—Amandla Avelele Okubhubhisa
Obunye ubufakazi bokuthi, ngisho nangokombono wabantu, lezi kwakungaba izinsuku zokugcina bungamandla omuntu okuzibhubhisa ngokwakhe. UDkt. Bernard Lown enkulumweni yakhe yoMklomelo Wokuthula kaNobel wathi: “IMpi Yezwe Yesibili yaletha impi ephelele—inendlela engenazimiso, inobudlova obungalinganiselwe, futhi ingakhethi zisulu. Ohhavini baseAuschwitz nokungqongqa ngeathomu kweHiroshima neNagasaki kwaqopha isahluko esimnyama somlando wonya lwesintu.”
Ingabe isintu safunda ukubekezela nokuba nomusa kulokhu okuhlangenwe nakho okwesabisayo? Uyaqhubeka: “Usizi olwaqhubeka isikhathi eside lwashiya izigidi ezingama-50 zifile [cishe ezilingana nenani labantu baseBrithani sebebonke, eFrance, noma eItaly] alulungiselelanga isisekelo sesivumelwano sokunqamula impi ngokumelene nobulwane. Ngokuphambene nalokho, izindawo zezikhali ngokushesha zachichima ngezikhali ezibhubhisayo ezingalingana neziyizinkulungwane eziningi zeMpi Yezwe II.”—Omalukeke abethu.
Ngokungangabazeki, siye sabona isizwe sivukela isizwe, nombuso uvukela umbuso,’ nomgibeli wehhashi elibomvu wesAmbulo uye wasakaza ukubulalana kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 24:7; IsAmbulo 6:4)
-
-
Izinsuku Zokugcina—Isici EsiveleleI-Phaphama!—1988 | Ephreli 8
-
-
Izinsuku Zokugcina—Isici Esivelele
“UOppenheimer [owasiza ekuklameni ibhomu leathomu] wayeqinisile ngokuphawula kwakhe okuyisisekelo kokuthi umlando waguquka ngo-1945. Akusoze nanini kwalwiwa impi enkulu ngendlela yeMpi Yezwe II.”—Weapons and Hope, nguFreeman Dyson.
UKUSETSHENZISWA kwebhomu leathomu ngo-1945 kwaguqula umhlaba. Kwaphawula enye inkathi yenguquko emlandweni wempi. Kungaleyondlela omunye wabasunguli balelobhomu, uRobert Oppenheimer, achaza ngayo isimo. Lapho ukuqhuma kokuhlola kwenzeka eNew Mexico, uOppenheimer wacaphuna iBhagavad Gita yamaHindu, ethi, “Sengiwukufa, umphahlazi womhlaba.” UOppenheimer wathi futhi, “Abantu balomhlaba kumelwe babe munye, ngaphandle kwalokho bazobhubha.”
Ngo-1949 ikomiti lososayensi lokweluleka loMkhandlu Wamandla Eathomu waseU.S., elalihlanganisa uOppenheimer, laxwayisa ngokumelene nokwakhiwa kwebhomu yehydrogen ebhubhisa ngokwedlulele. Umbiko wabo wawuthi: “Lesi isikhali esikhulu; sisezingeni elihluke ngokuphelele kuyibhomu yeathomu.” Lokhu kwakungenxa yokuthi amandla okubhubhisa eathomu yehydrogen ayengandiswa ngokunezela isivuthelamlilo esingabizi kakhulu sedeuterium. Eminyakeni nje emine, ibhomu yeathomu isiyinto yokudlala abantwana.
UEnrico Fermi nolsidor Rabi, nabo abangamalungu ekomiti lokweluleka, banikeza isixwayiso esiqine ngisho nangokwengeziwe. “Iqiniso lokuthi ukubhubhisa kwalesisikhali akunamingcele kwenza khona kanye ukuba khona kwaso nolwazi lokwakhiwa kwaso kube ingozi esintwini sisonke. Ngokusobala siyinto embi kungakhathaliseki ukuthi sibhekwa ngakuluphi uhlangothi.” (Omalukeke sizenzele.) Babazi ukuthi manje umuntu wayengazibulala ngokwakhe. Iseluleko sabo ngokumelene nokwenziwa kwebhomu yehydrogen sashaywa indiva.
‘Iziprofetho Zembubhiso Ezinesisekelo Esingokwesayensi’
Amandla okubhubhisa angakholeki umuntu anawo manje afanekiselwa elinye iqiniso elacashunwa nguDkt. Lown, umongameli okanye nabeZokwelapha Bezizwe Zonke Bokuvimbela Impi Yenuzi: “Umkhumbi-ngwenya owodwa wanamuhla uthwala izikhali ezitshuzayo cishe eziphindwe kasishiyagalombili kunalezo zeMpi Yezwe II sezizonke—ezanele ukubhubhisa wonke amadolobha amakhulu aseNgxenyeni Yomhlaba EseNyakatho.” Siza uphawule—lawo amandla okubhubhisa umkhumbi-ngwenya owodwa kuphela! Imibuso emikhulu inemikhumbi-ngwenya eyinkindlane nemikhumbi entantayo ethwele izikhali zenuzi. Ngaphandle kwalezi, kunezikhali zaphansi nezasemoyeni, okwenza ingqikithi yezikhali zenuzi engaphezu kwezi-50 000!
Kunini ngaphambili emlandweni lapho umuntu ake waba namandla asabisayo nathusa ngalendlela? UDkt. Lown uyavuma ukuthi zonke izinkathi ezingokomlando ziye zaba neziprofetho zazo ezingalalelwanga. Kunamuphi umehluko manje? Uyachaza: “Inkathi yethu ingeyokuqala lapho iziprofetho zembubhiso zivela ekuhlaziyweni okungokwesayensi okuqotho.” Uthi uma kungake kube nempi yenuzi, “kuwukuziphakamisa ngempela ukwenza sengathi kuzoba nabantu abasindayo ngemva kwenhlekelele engaka eyenziwe umuntu.”
‘Usizi Lwezizwe’ Olwengeziwe
Ngo-1945 umuntu wakhulula umoya omubi wempi yenuzi esibanini sakhe somlingo solwazi olungokwesayensi futhi akakwazi ukuphinde awubuyisele. Angase abhubhise izikhali zakhe zenuzi, kodwa uyolususa kanjani ulwazi olungaphinde luholele kuzo noma nini. Ngakho-ke, izenzakalo zangempela zaseHiroshima naseNagasaki kanye nokwenziwa kwezikhali ezinkulu zenuzi kuye kwandisa amandla ‘ezinto ezesabekayo’ ‘nezibonakaliso ezinkulu’ ezivela ezulwini, ‘nawosizi olwehlela izizwe . . . zixakeke’ kusukela ngo-1945.—Luka 21:11, 25.
Usizi lwezizwe luye lwandiswa futhi ikhono lethu lokwenza ukuxhumana okusheshayo. Kukulelikhulu lama-20 leminyaka kuphela lapho izimiso zokuxhumana zanamuhla (umsakazo, iTV, amacomputer, amakhamera asemkhathini) ziye zenza sonke isintu ukuba sazi ngokushesha ngezimpi nangezinhlekelele, ngaleyondlela zisakaza ukwesaba nosizi lwezizwe ngendlela engakaze yenzeke ngaphambili. Abantu bomhlaba abazi nje kuphela ngazo kodwa ngeTV bangabukela izimpi nokuchithwa kwegazi njengoba kwenzeka!
Izibazi Zempi
Kulonyaka ka-1988, kunezigidi zemikhaya kuwo wonke umhlaba eziye zabona ingxenye yobufakazi bokuthi sisezinsukwini zokugcina. Kanjani? Ziye zalahlekelwa oyedwa noma abangaphezulu babathandekayo bazo ezimpini zezwe ezimbili noma kwenye yezinye izimpi ezinkulu (eKorea, eVietnam, elraq-Iran, eLebanoni, njalonjalo) eziye zabhubhisa ingxenye enkulu yesintu. Mhlawumbe umkhaya wakho ungomunye waleyo engakhumbula ubaba ongasekho, umkhulu, umalume, noma umfowenu. Futhi, izigidi zomama, ogogo, odadewethu, nomalumekazi zafa ezimpini nakuKhukhulelangoqo waseYurophu.
Ngaphezu kwalokho, phakathi nesizukulwane sethu, amabutho aye adlovula kuzo zonke izindawo edlula eYurophu naseMpumalanga Ekude, edlwengula futhi ephanga abantu abangahlanganyeli empini. Ngakho-ke, abasindile, ikakhulukazi abesifazane, nanamuhla basenezibazi zokuphathwa kwabo kabi. Ingabe umuntu wake wehla kangaka esilinganisweni sehlazo nobuwula okunje?
Ihhashi elibomvu lesambulo lempi nokubulalana nehhashi elimpofu lokuFa ngokuqinisekile aye agabavula emhlabeni ngendlela okungakaze kwenzeka ngayo ngaphambili kusukela ngo-1914.—IsAmbulo 6:4.
-