Umuntu Angaba Kanjani Umfanekiso KaNkulunkulu?
“UNKULUNKULU wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.” Kusho njalo ukulandisa okuphefumlelwe, kodwa kusho ukuthini? Indoda nowesifazane bokuqala badalwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu?—Genesise 1:27.
Ingabe babefana noNkulunkulu ngokomzimba? Cha, lokho akunakwenzeka. Umuntu ungumuntu, uyinyama, wenzelwe ukuba aphile emhlabeni. UNkulunkulu ungumoya, uhlala enkazimulweni yasezulwini engenakulinganiswa okungekho muntu ongasondela ngisho nokusondela kuyo. (Eksodusi 33:18-20; 1 Korinte 15:50) Khona-ke, umuntu wenziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu? Ngenxa yokuthi umuntu wanikezwa amandla okubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele—uthando, ubulungisa, ukuhlakanipha, namandla—kuhlanganise nezinye izimfanelo.
Izimfanelo ZikaJehova
Izimfanelo zikaJehova uNkulunkulu zibonakala kuyo yonke indalo yakhe, kodwa ziye zabonakaliswa ngokuyingqayizivele ekusebenzelaneni kwakhe nombhangqwana wokuqala wabantu, u-Adamu no-Eva. (Roma 1:20) Uthando lwakhe lwabonakala ngokuthi adale umhlaba okufanelekela ngempela ukuba umuntu aphile kuwo. UJehova wadalela indoda umfazi ophelele ukuze abe umngane wakhe nonina wabantwana bakhe. Bobabili wababeka ensimini enhle futhi wabanika inala yazo zonke izinto ezidingekayo ukuze baqhubeke bephila futhi bajabule. Okumangalisa ngaphezu kwakho konke, uNkulunkulu wabanika ithuba lokuphila phakade.—Genesise 2:7-9, 15-24.
Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwabonakala ngokuvivinya kwakhe umbhangqwana wokuqala wabantu. Uma wawuzohlala ungamalungu omkhaya kaJehova wendawo yonke futhi uphile phakade njengabazali bohlanga lwesintu, kwakuyodingeka ube yizibonelo zokwethembeka nokukhulekela kweqiniso. Ngakho, uJehova wawunikeza ithuba lokubonakalisa isimo sawo senhliziyo ngaphansi kovivinyo olufanelekile—kwakungamelwe udle emthini wokwazi okuhle nokubi. Yeka ukuhlakanipha kukaJehova ngokuvumela abantu ukuba babonakalise ukulalela kwabo nothando lwabo ngaye ngaphambi kokubanikeza amalungelo amangalisayo ayenawo engqondweni!
Ubulungisa bukaNkulunkulu babonakala ngokuphikelela kwakhe ezindinganisweni eziphakeme ezidalweni zakhe nokungahlehli kwakhe kulezozindinganiso. Babonakala ngokunika kwakhe u-Adamu no-Eva wonke amathuba okwenza okulungile. Futhi lapho behluleka ukwenza kanjalo, ubulungisa bakhe babonakala ngokubagwebela ukuba babhekane nokuhlupheka okwakuyisijeziso esimisiwe sokuhlubuka.
Amandla kaJehova abonakala ngokuqhubeka kwakhe nokukhipha isigwebo. USathane, isihlubuki esikhulu, wayethe uJehova ungumqambimanga, futhi wathembisa u-Eva izinto eziningi uma engamlaleli uNkulunkulu. (Genesise 3:1-7) Kodwa uSathane wayengenakukwazi ukugcwalisa isithembiso sakhe. Wayengenakumvimbela uJehova ekuxosheni u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene, futhi akakwazanga ukuvimbela ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu ku-Adamu: “Ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:19) Nokho, uJehova akazange asikhiphe ngokushesha isigwebo sokufa, futhi waqhubeka ebonisa uthando lwakhe kulokhu. Wavumela u-Adamu no-Eva ukuba bazale abantwana ekugcineni ayezofeza ngabo injongo yakhe yasekuqaleni ngesintu.—Genesise 1:28.
Ekugcineni, ubulungisa bukaJehova uNkulunkulu, uthando, amandla, nokuhlakanipha kwabonakaliswa esithembisweni sakhe sokulungiselela inzalo eyayizobhubhisa imisebenzi kaSathane futhi iqede imiphumela edabukisayo yalokho kuhlubuka kokuqala ebukhosini baphezulu. (Genesise 3:15) Yeka uMdali omangalisayo esinaye!
Imizamo Yokulingisa UNkulunkulu
Nakuba bengasaphelele, abantu basengakwazi ukubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Ngakho, uPawulu wakhuthaza amaKristu osuku lwakhe: “Yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Nokho, phakathi nawo wonke umlando, abaningi baye babonakalisa ukungazinaki okungathi sína izimfanelo zikaNkulunkulu. Ngesikhathi sikaNowa, abantu base bonakele kangangokuthi uJehova wazimisela ukubhubhisa sonke isintu ngaphandle kukaNowa nomkhaya wakhe. UNowa “wayeyindoda [elungile, NW, enobulungisa], engenacala esizukulwaneni sakhe,” futhi wabonakalisa uthando lwakhe ngoNkulunkulu ngokugcina imiyalo yakhe.a “UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.” (Genesise 6:9, 22) UNowa wabonisa uthando ngomakhelwane bakhe nokubambelela ebulungiseni ngokuba “umshumayeli wokulunga.” (2 Petru 2:5) Wabonisa ukuhlakanipha futhi wawasebenzisa ngokufanelekile amandla akhe angokomzimba ngokulandela isiqondiso sikaNkulunkulu sokwakha umkhumbi omkhulu, agcine ukudla kuwo, aqoqe izilwane, nokungena emkhunjini lapho uJehova emyala. Wabuye wabonisa uthando lwakhe ngokulunga ngokungavumeli omakhelwane bakhe ababi bamonakalise.
IBhayibheli lichaza abanye abaningi ngokufanayo ababonakalisa izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu. Ovelele kubo bonke uJesu Kristu, owayengumfanekiso kaNkulunkulu ophelele futhi owayengathi: “Ongibonile mina ubonile uBaba.” (Johane 14:9) Phakathi kwezimfanelo uJesu azibonakalisa, evelele uthando. Uthando ngoYise nangesintu lwamshukumisela ukuba ashiye ikhaya lakhe lasezulwini futhi aphile njengomuntu emhlabeni. Lwamshukumisela ukuba akhazimulise uYise ngokuziphatha kwakhe okulungile nangokushumayela izindaba ezinhle zensindiso esintwini. (Mathewu 4:23; Johane 13:31) Khona-ke, uthando lwashukumisela uJesu ukuba anikele ngokuphila kwakhe okuphelele ukuze kusindiswe isintu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuze kungcweliswe igama likaNkulunkulu. (Johane 13:1) Ekulweleni ukulingisa uNkulunkulu, ingabe sikhona isibonelo esingcono sokulandelwa kunoJesu Kristu?—1 Petru 2:21.
Singafana Kanjani NoNkulunkulu Ngokwengeziwe Namuhla?
Singazibonakalisa kanjani izimfanelo zikaNkulunkulu namuhla ngaleyondlela senze ngendlela ebonisa ukuthi singumfanekiso kaNkulunkulu? Nokho, okokuqala cabanga ngemfanelo yothando. UJesu wathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.” Silubonakalisa kanjani uthando ngoNkulunkulu? Umphostoli uJohane uyaphendula: “Ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.”—Mathewu 22:37; 1 Johane 5:3.
Yiqiniso, ukuze silalele imiyalo kaJehova, kudingeka siyazi. Lokho kuhilela ukufunda, ukutadisha, nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nezincwadi zeBhayibheli. Njengomhubi, kufanele sikwazi ukuthi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Njengoba siya ngokuya siliqonda ngokujulile iZwi likaNkulunkulu, sithonywa yindlela kaNkulunkulu yokucabanga. Sifinyelela ekuthandeni ukulunga nokuzonda ukungabi namthetho. (IHubo 45:7) Yilapho u-Adamu ona khona. Wayewazi umthetho kaJehova, kodwa akazange awuthande ngokwanele ukuba abambelele kuwo. Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu, njalo kufanele sizibuze, ‘Lokhu kusebenza kanjani kimi? Ngingakwenza kanjani ukuziphatha kwami kuvumelane ngokwengeziwe nezimfanelo zikaNkulunkulu?’
UJesu wabuye wathi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Wonke umuntu onempilo enhle uyazithanda futhi uzifunela okungcono kakhulu. Lokho akukubi. Kodwa ingabe sibonisa uthando olufanayo ngomakhelwane bethu? Ingabe siyasilandela iseluleko seBhayibheli esithi: “Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza”?—IzAga 3:27; Galathiya 6:10.
Kuthiwani ngemfanelo yokuhlakanipha? Ukufuna kwethu ukubonakalisa lemfanelo kusiholela ekutadisheni iBhayibheli ngoba leyo yindawo yokuthola ukuhlakanipha kwaphezulu. IHubo 119:98-100 lifundeka kanje: “Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube-phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.” KuzAga 3:18, ukuhlakanipha kuchazwa ‘njengomuthi wokuphila.’ Uma sizuza ukuhlakanipha futhi sikusebenzisa, siyokwamukelwa nguNkulunkulu futhi sizuze umvuzo wokuphila okuphakade.—UmShumayeli 7:12.
Kuthiwani ngobulungisa? Kulelizwe elibi, ubulungisa buyimfanelo ebalulekile ngalabo abazojabulisa uNkulunkulu. UJesu wathanda ukulunga (ubulungisa) futhi wazonda ukungabi namthetho. (Heberu 1:9) AmaKristu namuhla enza okufanayo. Ubulungisa buwashukumisela ukuba azise izimfanelo ezifanelekile. Agwema izindlela zalelizwe ezingalungile futhi ukwenza intando kaNkulunkulu akwenza into ebaluleke kakhulu ekuphileni kwawo.—1 Johane 2:15-17.
Ngokuphathelene namandla, sonke sinesilinganiso esithile sawo. Ngokwemvelo sinamandla omzimba nawengqondo, futhi njengoba sikhula njengamaKristu, siba namandla ngomqondo ongokomoya. UJehova wandisa amandla ethu ngomoya wakhe ongcwele kuze kube yilapho, nakuba sibonakala sibuthakathaka, sikwazi ukufeza intando kaJehova. UPawulu wathi: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Amandla afanayo ayatholakala nakithi uma sithandazela umoya kaJehova.
Ukushumayela Izindaba Ezinhle
Ukubonakalisa kwethu lezizimfanelo ezine zikaNkulunkulu kubonakala ngokulalela kwethu lomyalo: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Umsebenzi onjalo wokufundisa ulethela labo abalalelayo ukuphila. Yeka ukubonakaliswa okuhle kothando ngalabo, ngokwengxenye enkulu, ekuqaleni ababengabantu esingabazi ngokuphelele!
Ngaphezu kwalokho, ukufundisa okunjalo kuyinkambo yokuhlakanipha. Kuletha izithelo ezihlala njalo. Yimuphi omunye umsebenzi okungashiwo ngawo ukuthi: “Ngokwenza lokhu uyakuzisindisa wena nabakuzwayo”? (1 Thimothewu 4:16) Abekho abalahlekelwayo emsebenzini wokwenza abafundi. Kokubili abalalelayo nabafundisayo bazuza izibusiso zokuphila okuphakade.
Ngokuphathelene nobulungisa, amaKristu afundisa labo afunda nabo iBhayibheli izimiso zobulungisa nokulunga. Sibasiza ukuba bakhonze uJehova, “uNkulunkulu wobulungisa.” (Malaki 2:17, NW) Labo abanikezela ukuphila kwabo namuhla ukuze bakhonze uJehova ngokwethembeka kuze kube sekupheleni kuthiwa balungile, okuholela ekusindeni kwabo e-Armagedoni.—Roma 3:24; Jakobe 2:24-26.
Yeka ukubonakaliswa kwamandla ukushumayela nokufundisa izindaba ezinhle emhlabeni wonke okuyikho! (Mathewu 24:14) Kudinga ukukhuthazela ukushumayela ngokuqhubekayo emasimini lapho abaningi bengafisi ukuzwa. Kodwa uJehova, ngomoya wakhe, unikeza amandla adingekayo ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni.—Isaya 40:30, 31; Mathewu 24:13; Luka 11:13.
Yiqiniso, njengesizukulwane esingaphelele sika-Adamu, asinakuzibonakalisa ngokuphelele lezizimfanelo ezinhle. Nokho, khumbula ukuthi umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi uma sikulwela ngokwengeziwe ukuba njengoNkulunkulu, khona-ke ngokwengxenye sigcwalisa isizathu sokuba khona kwethu. (UmShumayeli 12:13) Uma sizimisela ukwenza konke okusemandleni ethu futhi sinxusa ukuthethelelwa lapho sishiyeka, khona-ke singaba nethemba lokusindela ezweni elisha likaNkulunkulu, lapho ekugcineni siyozuza khona ukuphelela. Khona-ke, siyoba semhlabeni oyipharadesi okuhlala kuwo abantu abaphelele, bonke ababonakalisa izimfanelo zikaJehova uNkulunkulu ngokugcwele. Yeka injabulo! Ekugcineni, ngomqondo ogcwele walenkulumo, abantu bayoba umfanekiso kaNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a ‘Ukulunga’ ‘nobulungisa’ kuhlobene kakhulu. EmiBhalweni YesiGreki, kumelelwe yigama elilodwa kuphela, elithi diʹkai·os.
[Isithombe ekhasini 25]
UJesu wasibonisa indlela yokuhlakulela izimfanelo zikaJehova ezingokwaphezulu
[Isithombe ekhasini 26]
Ekugcineni, abantu bayoba umfanekiso kaNkulunkulu ngomqondo ogcwele