Ukuphila Okucebile, Okuvuzayo Enkonzweni KaJehova
NJENGOBA ILANDISWA ULEO KALLIO
Kwakungunyaka ka-1914, futhi usuku lwasehlobo oluhle lwalushona edolobheni lakithi elincane laseTurku, idolobha eliseFinland. Ngokungazelele, ukuthula kwaqedwa izindaba zempi enkulu eyayigqashukile. Ngokushesha imigwaqo yagcwala abantu ababezibuza ukuthi lezizenzakalo zazisho ukuthini. Ubuso obunyukubele babantu abadala babusenza thina zingane sizibuze ukuthi engabe kuzokwenzekani. Ngangineminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, futhi ngiyakhumbula ukuthi imidlalo enokuthula yabantwana yashintsha yaba imidlalo yempi.
NAKUBA iFinland ingazange ihileleke eMpini Yezwe I (1914-18), impi yangaphakathi yango-1918 yenza izwe laba incithakalo. Abantu ababeyizihlobo nabangane baphakamiselana izikhali ngenxa yokungaboni ngaso linye kwezombangazwe. Umkhaya wakithi wabantu abayisikhombisa wabhekana nalenzondo. Ubaba, owayengagwegwesi ekuvezeni imibono yakhe, waboshwa futhi wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa evalelwe ejele. Kamuva wakhululwa, kodwa ngalesosikhathi impilo yakhe yase yenziwe buthakathaka.
Umkhaya wakithi wahlushwa indlala nokugula phakathi nalenkathi ebuhlungu. Odadewethu abathathu abancane bafa. Ubab’ omkhulu, owayehlala edolobheni laseTampere, wezwa ngokuhlupheka kwethu futhi wamema ubaba nomama kanye nathi zingane ezimbili ezazisele ukuba sizohlala naye.
Eminyakeni ethile kamuva, sisahlala eTampere, ngahlangana nentombazane ethandekayo egama layo linguSylvi. Yayinesizinda esifana nesami. Uyise wayebulawe empini yangaphakathi, futhi kamuva umngane oseduze womkhaya wakubo, uKaarlo (Kalle) Vesanto wasedolobheni lasePori, wamthatha yena, nodadewabo, kanye nonina wahlala nabo emzini wakhe. Wenza amalungiselelo okuba unina kaSylvi athole umsebenzi nawokuba amantombazane aye esikoleni. Kamuva uSylvi wathuthela eTampere ukuze athole umsebenzi, futhi yilapho esahlangana khona.
Ubusuku Obashintsha Ukuphila Kwami
Ngo-1928, uSylvi waba ingoduso yami, futhi ngolunye usuku saya ePori siyovakashela uKalle Vesanto nomkhaya wakhe. Asikho esinye isenzakalo esake sathinta ukuphila kwami ngendlela ewujuqu njengalesi. UKalle wayenamahhashi futhi engumqeqeshi wamahhashi omjaho kodwa wayeseliyekile lelobhizinisi. Yena nomkakhe base bengabamemezeli abashisekayo bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. I-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1990 ichaza indlela aqasha ngayo abantu ukuba babhale ngopende odongeni olungaphandle lwendlu yakhe enezitezi ezimbili amazwi athi “Izigidi Eziphilayo Manje Ngeke Ziphinde Zife.” Amagama ayemakhulu kangangokuba wawungase ukwazi ukuwafunda kalula usezitimeleni ezigijimayo.
Ngalobobusuku mina noKalle saxoxa kwaze kwaba sentathakusa. Ngangilokhu ngibuza ukuthi “Kungani? Kungani? Kungani?” futhi uKalle wayebe esechaza. Ngawafunda ngobusuku obubodwa ngokoqobo amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli. Ngabhala phansi imibhalo eyayichaza izimfundiso ezihlukahlukene. Kamuva, lapho ngiphindela ekhaya, ngathola incwadi yokubhala amaphuzu futhi ngayibhala yonke leyomibhalo njengoba injalo. Ngenxa yokuthi ngangingakajwayelani neBhayibheli, ngasebenzisa lencwadi yamaphuzu ukuze ngifakaze kulabo ababesendaweni yokwakha engangisebenza kuyo. Njengoba ngangidalula izimfundiso zenkolo yamanga, ngokuvamile ngangizithola ngiphinda amazwi kaKalle athi: “Uyazi, nikhohliswe ngempela!”
UKalle wanginikeza ikheli lendlu ethile eTampere lapho abaFundi BeBhayibheli abathi ababe ngu-30 babeqhubela khona imihlangano yabo. Lapho ngangiqoshama ngasemnyango eduze kukaMzalwan’ u-Andersson, umnikazi wendlu. Ngangingayi njalo, kodwa umthandazo wangisiza. Lapho nginenkinga engathi sína emsebenzini, ngake ngathandaza: “Ngiyakucela Nkulunkulu, uma ungangisiza ngixazulule lezinkinga, ngithembisa ukuthi ngizokuba khona kuyo yonke imihlangano.” Kodwa izinto zavele zaba zimbi kakhulu. Khona-ke, ngaqaphela ukuthi ngangibekela uJehova imibandela, ngakho ngawushintsha umthandazo wami waba ukuthi: “Noma yini eyenzekayo, ngithembisa ukuba khona kuyo yonke imihlangano.” Ngalesosikhathi izinkinga zami zancipha, futhi ngaba khona njalo emihlanganweni.—1 Johane 5:14.
Inkonzo Yethu Eminyakeni Yokuqala
Ngo-1929, mina noSylvi sashada, futhi ngo-1934 sobabili sabonakalisa ukuzinikezela kwethu kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngalezozinsuku inkonzo yethu yayihilela ukuphatha igilamafomu kanye namarekhodi lapho siya emakhaya abantu bese sibuza ngomusa ukuthi singabadlalela yini mahhala inkulumo engokweBhayibheli. Ngokuvamile abantu babesamukela kalula, futhi ngemva kokulalela inkulumo erekhodiwe, babehlanganyela engxoxweni futhi bamukele ezinye zezincwadi zethu.
Ngemvume yeziphathimandla, zona lezinkulumo ezifanayo zeBhayibheli sasizidlala emapaki ngezikhulisa-mazwi. Futhi emadolobheni amancane sasifaka isikhulisa-zwi phezu kophahla noma phezu kukashimula. Ngezinye izikhathi sasizidlalela ngasechibini lapho abantu basedolobheni babehlangana khona ngamaqembu amakhulu. Sasivele sifake izikhulisa-mazwi esikebheni bese sigwedla ngasogwini ngokungajahi. NgamaSonto sasiba nomkhankaso wokuya emaphandleni ngebhasi, sihlome ngezikhulisa-mazwi zethu eziyigugu kanye nenqwaba yezincwadi.
Ushintsho Oluvivinya Ukholo Lwethu
Ngo-1938, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona, kodwa futhi ngaqhubeka ngisebenza njengomakhi. Ngentwasahlobo elandelayo ngathola isimemo sivela ehhovisi legatsha leNhlangano sokuba ngibe isikhonzi esijikelezayo, manje esibizwa ngokuthi umbonisi wesifunda. Isinqumo sokusamukela sasingelula ngenxa yokuthi ngangikujabulela ukusebenza nebandla lakithi eTampere. Ngaphandle kwalokho, sasinendlu ethi thina; sinendodana eneminyaka eyisithupha, u-Arto, owayesezoqala esikoleni; futhi uSylvi wayewujabulela umsebenzi wakhe wokuba umsizi esitolo. Nokho, ngemva kokubonisana, ngalamukela lelilungelo elenezelwe lenkonzo yoMbuso.—Mathewu 6:33.
Khona-ke kwaqala enye inkathi enzima. Kwagqashuka impi ngo-November 30, 1939, lapho amabutho aseSoviet engena eFinland. Lempi, eyayibizwa ngokuthi iMpi Yasebusika, yaqhubeka kwaze kwaba ngo-March 1940, lapho iFinland ivuma ukuba kwenziwe isivumelwano sokuthula. Kwakubonakala sengathi ngisho nendalo yayisempini, ngoba lobobusika babubanda ngaphezu kwanoma yibuphi engibukhumbulayo. Ngangihamba ngebhayisikili ngisuka kwelinye ibandla ngiya kwelinye lapho ithuluzi lokukala izinga lokushisa lehla ngama-degree Celsius angu-30 ngaphansi kwezingaqhwa!
Ngo-1940 umsebenzi woFakazi BakaJehova wavalwa eFinland. Ngemva kwalokho intsha eningi yaseFinland engoFakazi yavalelwa ejele futhi yaphoqelelwa ukuba ihlale lapho ngaphansi kwezimo zonya. Ngokujabulisayo, ngakwazi ukukhonza amabandla phakathi nayo yonke lempi yezwe yesibili, kusukela ngo-1939 kuya ku-1945. Lokhu ngokuvamile kwakudinga ukuba ngezinye izikhathi ngibe kude noSylvi no-Arto izinyanga ezithile. Ngaphezu kwalokho, kwakunosongo oluqhubekayo lokuboshelwa ukwenza umsebenzi ongekho emthethweni.
Kumelwe ukuba ngangiyinqaba kwabangibukayo, ngigibele ibhayisikili elisindwa ipotimende, isikhwama sezincwadi, kanye negilamafomu namarekhodi. Esinye isizathu esasenza ngiphathe amarekhodi egilamafomu sasiwukuba, lapho kwenzeka ngiboshwa, ngiqinisekise ukuthi angiyona inhloli eyimpimpi yaseRussia eyehla endizeni nge-parachute. Uyabona, ngangibabonisa ukuthi ukube bengehla endizeni nge-parachute amarekhodi abeyophuka lapho ngigxuma.
Nakuba kunjalo, kwathi lapho ngivakashela indawo ethile eyayixwayiswe ngempimpi, omunye umkhaya woFakazi wacabanga ukuthi ngiyiyo. Ngangqongqoza emnyango wendlu yabo ebusuku obumnyama basebusika, futhi babesaba kakhulu ukuvula. Ngakho lobobusuku ngabuchitha enqolobaneni, ngizishutheke otshanini obomile ngizama ukuzifudumeza. Ngosuku olulandelayo ekuseni kwacaca ukuthi ngangingesiye umuntu ababecabanga ukuthi nginguye, futhi angisho ukuthi phakathi nakho konke ukuvakasha kwami, amalungu alomkhaya angibonisa umoya wokwamukela izihambi ongaphezu kovamile!
Phakathi neminyaka yempi, yimina noMzalwan’ uJohannes Koskinen kuphela esasikhonza amabandla aseFinland emaphakathi nesenyakatho. Ngamunye wethu wayenezindawo ezinkulu zokuzinakekela, ezingamakhilomitha angu-600 ubude. Kwakunamabandla amaningi okwakufanele siwahambele kangangokuba sasikwazi ukuhlala izinsuku ezimbili noma ezintathu kuphela ebandleni ngalinye. Izitimela zazingavamile ukugcina isikhathi, amabhasi ayembalwa futhi egcwala kangangokuba kwakuyisimangaliso ukuthi sasifika lapho siya khona.
Ukusinda Ngokulambisa
Ngesinye isikhathi, ngasekuqaleni kweMpi Yasebusika, ngaya ehhovisi legatsha eHelsinki ngathatha amabhokisi amane asindayo ayenezincwadi ezazivinjelwe ukuze ngihambe nazo ngesitimela ngiziyise emabandleni. Lapho ngisesiteshini saseRiihimäki, kwakhala i-alamu eyayibika ukuthi sasihlaselwa izindiza. Amasosha ayesesitimeleni agqoka izingubo zawo zeqhwa, nabagibeli batshelwa ukuba baphume ngokushesha esitimeleni baye endaweni eyishashalazi eqondene nesiteshi.
Ngacela amasosha ukuba angiphathele amabhokisi ami, ngawatshela indlela abaluleke ngayo. Njengoba ayemane ngalinye lathatha ibhokisi elilodwa, sase sigijima ibanga elingamamitha angu-200 endaweni eyayilele ungqoqwane. Saziphonsa phansi, futhi othile wangimemeza ethi: “Heyi, wena ongelona isosha, ungabe usathi nyáka! Uma abezindiza eziqhumisa amabhomu bebona noma ikuphi ukunyakaza, bazosidubula ngamabhomu.” Nganginelukuluku lokufuna ukwazi kangangokuba ngaphendula ubuso bami ngokukhulu ukucophelela ngabheka esibhakabhakeni, lapho ngabala khona izindiza ezingu-28!
Ngokungazelele umhlaba wandindizela ubangelwa amabhomu aqhumayo. Nakuba isiteshi singazange sithinteke, isitimela esasifike ngaso sashayeka. Yeka isibhicongo esadalwa isitimela esiphahlazekile nojantshi ophumile emzileni! Ngosuku olulandelayo ekuseni ngakwazi ukuqhubeka nohambo lwami ngiphethe amabhokisi, amasosha agibela kwesinye isitimela. Elinye lawo laba uFakazi ngemva kwempi, futhi langitshela ukuthi kamuva amasosha akhuluma ngalomuntu ongelona isosha oyinqaba namabhokisi akhe.
Esikhathini esithile kamuva uMzalwan’ uKoskinen, owayesohambweni lokuyokhonza ibandla elincane eRovaniemi enyakatho Finland, waboshwa ngaphambi kokuba ehle esitimeleni. Wavalelwa ejele, lapho aphathwa khona ngesihluku. Lapho kufika isikhathi sokuba ngikhonze lelobandla, ngenza amalungiselelo okuba ngehle esitimeleni esiteshini esincane saseKoivu. Lapho uDade Helmi Pallari wahlela ukuba uhambo ngiluqedele ngenqola yobisi. Ukuhambela kwami iBandla laseRovaniemi kwaba impumelelo. Nokho, lapho sengihamba ngangena enkathazweni.
Endleleni sesiya esiteshini sesitimela, mina nengangihamba naye sahlangana nezisebenzi ezimbili zezempi ezazihlola amaphepha abo bonke abadlulayo. Ngathi: “Ungababheki. Bheka nje phambili.” Sadlula phambi kwabo njengokungathi kwakungekho muntu. Base beqala ukusilandela. Ekugcineni, esiteshini sesitimela ngakwazi ukubadukela esixukwini futhi ngagxumela esitimeleni esihambayo. Ngalezozinsuku umsebenzi wokujikeleza wawujabulisa!
Ngesinye isikhathi ngaboshwa ngase ngifakwa ohlwini lwabazobuthelwa impi. Inhloso kwakuwukungifaka empini. Kodwa kwakhala ucingo, futhi isikhulu sezempi esase sizoxoxa nami saluphendula. Ngangilizwa izwi elingakolunye uhlangothi limemeza: “Kungani nje nempela niqhubeka nithumela labantu abagulayo, abangenalo usizo? Esingakwenza nje ngabo ukubabuyisela emuva. Sidinga amadoda ayimiqemane alungele umsebenzi!” Ngokujabulisayo, ngangiphethe isitifiketi sezokwelapha esasikhuluma ngenkinga yempilo enganginayo. Lapho ngibabonisa sona, ngavunyelwa ukuba ngihambe ngakho ngaqhubeka nomsebenzi wami emabandleni ngaphandle kokuphazanyiswa!
Ukusiza Ecaleni
Ukudlondlobala kwempi kwaqhubeka kudlanga, futhi umngane wami u-Ahti Laeste waboshwa. Umkakhe wangibiza. Lapho ngifika emzini wabo, emaphepheni akhe ngathola izincwadi ezazivela emaphoyiseni endawo ezazinikeza u-Ahti imvume yokudlala izinkulumo eziqoshiwe emapaki omphakathi asedolobheni. Saya enkantolo nalamaphepha. Lapho sebeqedile ukufunda incwadi eyayimmangalela, ngadlulisela lencwadi kuMzalwan’ uLaeste. Umahluleli watshela isosha ukuba lilethe igilamafomu kanye nezintshumayelo eziningi zeBhayibheli eziqoshiwe ukuze inkantolo izilalele. Ngemva kokulalela intshumayelo ngayinye, umahluleli wathi wayengaboni lutho olungalungile ngalokho okwakushiwo.
Khona-ke, u-Ahti, umkakhe, nami kwathiwa asime kuvulandi silinde khona isinqumo senkantolo. Sema lapho silindile sinovalo. Ekugcineni sezwa izwi lithi: “Ummangalelwa makasize angene enkantolo.” UMzalwan’ uLaeste lamthetha icala! Izinhliziyo zethu zazigcwele ukumbonga ngempela uJehova njengoba sasiqhubeka nomsebenzi wethu, uMzalwane noDade Laeste beqhubeka nowabo ebandleni lendawo, nami ngiqhubeka nomsebenzi wami wokujikeleza.
Impi Iyaphela—Inkonzo Yethu Iyaqhubeka
Ukuvalwa komsebenzi wethu wokushumayela kwaqedwa lapho impi iphela, futhi abazalwane bakhululwa ejele. Phakathi neminyaka yami eminingi yenkonzo, indima eye yafezwa odade abangamaKristu emsebenzini woMbuso nasekusekeleni abayeni babo iye yangihlaba umxhwele. Ngiye ngabonga ngokukhethekile ngokuzidela nokusekela kukaSylvi. Ngenxa yalokho, ngakwazi ukuqhubeka iminyaka engu-33 emsebenzini wokujikeleza ngingaphazanyiswa futhi ngemva kwalokho ngakhonza njengephayona elikhethekile.
Mina noSylvi sakhuthaza u-Arto ukuba aqale ukuphayona lapho eqeda isikole, afunde isiNgisi, futhi aye e-Watchtower Bible School of Gilead e-United States. Wathola iziqu eGileyadi ngo-1953. Ngemva kwalokho washada no-Eeva, futhi bobabili baye bahlanganyela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenkonzo yesikhathi esigcwele, kuhlanganise nomsebenzi wesifunda, inkonzo yaseBethel, nobuphayona obukhethekile. Ngo-1988 bathuthela eTampere, idolobha esihlala kulo, ukuze basize ekunakekeleni mina noSylvi kuyilapho beqhubeka bengamaphayona akhethekile.
Mina noSylvi siye sajabulela ukuphila okucebile nokunezibusiso okunezinkumbulo eziningi zokusikhuthaza, nakuba amandla ethu manje esenciphe kakhulu. Kuyavuza kakhulu ukucabanga ngokukhula esiye sakubona. Lapho ngiqala ukuhambela amabandla ngo-1939, kwakunabamemezeli boMbuso abangu-865 eFinland, kodwa manje kunabangaphezu kwe-18 000!
Angizange ngiqaphele ukuthi lapho ngiqala inkonzo yesikhathi esigcwele emuva ngo-1938 ngangizobe ngisenengxenye kuyo eminyakeni engu-55 kamuva. Naphezu kweminyaka yobudala ehambayo, siyaqhubeka ngamandla kaJehova, sibheke phambili emvuzweni wethu esiwuthenjisiwe. Sethembela emazwini omhubi: “Muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.”—IHubo 100:5.
[Isithombe ekhasini 21]
ULeo noSylvi Kallio babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngo-1934
[Isithombe ekhasini 23]
Isithombe samuva sikaLeo noSylvi njengoba besondela eminyakeni engu-60 yenkonzo yokuzinikezela