Indima Ehloniphekile Yabesifazane Phakathi Kwezinceku ZikaNkulunkulu Zokuqala
“UJehova uNkulunkulu waqhubeka wathi: ‘Akukuhle ukuba umuntu aqhubeke eyedwa. Ngizomenzela umsizi, njengomphelelisi wakhe.’”—GENESISE 2:18, NW.
1. Isichazamazwi seBhayibheli sisichaza kanjani isimo sabesifazane ezikhathini zasendulo?
“AKUKHO ndawo eMedithera yasendulo noma eMpumalanga Eseduze abesifazane ababenikezwa kuyo inkululeko abayijabulelayo emphakathini wanamuhla waseNtshonalanga. Okwakuvame kakhulu kwakuwukuthi abesifazane babengaphansi kwamadoda, njengoba nje nezigqila zazingaphansi kwabakhululekileyo, nezingane zingaphansi kwabantu abadala. . . . Izingane zesilisa zazaziswa kakhulu kunezesifazane, futhi ngezinye izikhathi abantwana abangamantombazane babeshiywa dengwane ukuze bafe.” Yileyo ndlela esinye isichazamazwi seBhayibheli esisichaza ngayo isimo sabesifazane ezikhathini zasendulo.
2, 3. (a) Ngokomunye umbiko, siyini isimo ngabesifazane abaningi namuhla? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo?
2 Lesi simo asihlukile kangako emazweni amaningi omhlaba namuhla. Ngo-1994, ngokokuqala ngqá, umbiko ophathelene namalungelo abantu we-U.S. State Department waminyaka yonke wagxila endleleni abesifazane abaphathwa ngayo. Isihloko se-New York Times ngokuphathelene nalombiko sathi: “Ukwaziswa Okuphathelene Namazwe Angu-193 Kubonisa Ukuthi Ukubandlululwa Kwansuku Zonke Kuyinto Ekhona Ngempela.”
3 Njengoba amanani amakhulu abesifazane abanezizinda ezihlukahlukene zempucuko ehlanganyela namabandla abantu bakaJehova emhlabeni wonke, kunemibuzo ethile ephakamayo: Ingabe lendlela yokuphathwa okusanda kukhulunywa ngayo iwuhlobo uNkulunkulu ayeluhlosile ngabesifazane kwasekuqaleni? Abesifazane babephathwa kanjani phakathi kwabakhulekeli bakaJehova ezikhathini zeBhayibheli? Futhi kufanele baphathwe kanjani abesifazane namuhla?
“Umsizi” ‘Nomphelelisi’
4. UJehova wathini ngemva kokuba indoda yokuqala ibé yodwa ensimini yase-Edene isikhathi esithile, futhi uNkulunkulu wabe esenzani?
4 Ngemva kokuba u-Adamu esensimini yase-Edene isikhathi esithile eyedwa, uJehova wathi: “Akukuhle ukuba umuntu aqhubeke eyedwa. Ngizomenzela umsizi, njengomphelelisi wakhe.” (Genesise 2:18) Nakuba u-Adamu ayeyindoda ephelele, kwakunokunye okuthile okwakudingeka ukuze afeze injongo yoMdali. Ukuze agcwalise lesi sidingo, uJehova wadala owesifazane futhi wenza umshado wokuqala.—Genesise 2:21-24.
5. (a) Abalobi beBhayibheli balisebenzisa kanjani ngokuvamile ibizo lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “umsizi”? (b) Yini eboniswa iqiniso lokuthi uJehova wabhekisela kowesifazane wokuqala ngokuthi ‘umphelelisi’?
5 Ingabe amagama athi “umsizi” ‘nomphelelisi’ abonisa ukuthi indima yowesifazane ayeyabelwe uNkulunkulu iyalulaza? Akunjalo. Abalobi beBhayibheli ngokuvamile balisebenzisa kuNkulunkulu ibizo lesiHeberu (ʽeʹzer) elihunyushwe ngokuthi “umsizi.” Ngokwesibonelo, uJehova uzibonakalisa ‘engumsizi wethu nesihlangu sethu.’ (IHubo 33:20; Eksodusi 18:4; Duteronomi 33:7) KuHoseya 13:9, uJehova ubhekisela ngisho nakuye ngokwakhe ngokuthi ‘ungumsizi’ ka-Israyeli. Ngokuphathelene negama lesiHeberu (neʹghedh) elihunyushwe ngokuthi ‘umphelelisi,’ esinye isazi seBhayibheli siyachaza: “Usizo olufunekayo akukhona nje ukusiza emsebenzini [wendoda] wansuku zonke noma ekuzaleni izingane . . . kodwa ukusekelana okunikezwa ubudlelwane.”
6. Yini eyashiwo ngemva kokudalwa kowesifazane, futhi ngani?
6 Ngakho akukho okululazayo ekuchazeni kukaJehova owesifazane ngokuthi “umsizi” nangokuthi ‘umphelelisi.’ Owesifazane wayenokwakheka kwakhe okungokwengqondo, okungokomzwelo, nokungokomzimba okuyingqayizivele. Wayengumphelelisi wendoda ofanelekayo, owanelisayo. Ngamunye wayehlukile, kodwa ngamunye wayedingeka ukuze ‘bagcwalise umhlaba’ ngokuvumelana nenjongo yoMdali. Ngokusobala kwakungemva kokudalwa kwendoda nowesifazane lapho “uNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:28, 31.
7, 8. (a) Ngokungena kwesono e-Edene, indima yowesifazane yayizothinteka kanjani? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene nokugcwaliseka kukaGenesise 3:16 phakathi kwabakhulekeli bakaJehova?
7 Ngokungena kwesono, izinto zashintsha ngendoda nowesifazane. UJehova wabagweba bobabili njengezoni. Ekhuluma ngomphumela awuvumelayo njengokungathi wawenziwe nguye, uJehova watshela u-Eva: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho.” Wanezela: “Uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) Kusukela ngaleso sikhathi, abafazi abaningi baye babuswa amadoda abo, ezikhathini eziningi ngokhahlo. Esikhundleni sokwaziswa njengabasizi nabaphelelisi, ngokuvamile baye baphathwa njengezinceku noma izigqila.
8 Nokho, kwakusho ukuthini ukugcwaliseka kukaGenesise 3:16 kubakhulekeli bakaJehova besifazane? Ingabe babehliselwa esikhundleni esiphansi nesokuthotshiswa? Lutho neze! Kodwa kuthiwani ngokulandisa kweBhayibheli okusitshela ngamasiko nemikhuba okuthinta abesifazane okungase kubonakale kungamukeleki emiphakathini ethile namuhla?
Ukuqonda Amasiko AngokweBhayibheli
9. Lapho sicabangela amasiko ahilela abesifazane ezikhathini zeBhayibheli, iziphi izinto ezintathu okufanele sizikhumbule?
9 Abesifazane babephathwa kahle phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli. Yiqiniso, lapho kucatshangelwa amasiko ayehilela abesifazane ngalezo zinsuku, kuwusizo ukukhumbula izinto ezithile ezimbalwa. Okokuqala, lapho iBhayibheli likhuluma ngezimo ezingathandeki ezaba khona ngenxa yokubusa kobugovu kwamadoda amabi, lokho akusho ukuthi uNkulunkulu wayekuvumela ukuphathwa okunjalo kwabesifazane. Okwesibili, nakuba uJehova awabekezelela amasiko athile phakathi kwezinceku zakhe isikhathi esithile, wawalawula ukuze avikele abesifazane. Okwesithathu, kumelwe siqaphele ukuba singahluleli amasiko asendulo ngezindinganiso zanamuhla. Amasiko athile angase abonakale engathandeki kubantu abaphila namuhla abesifazane babengawabheki njengalulazayo emuva ngaleso sikhathi. Ake sicabangele izibonelo ezithile.
10. UJehova wayewubheka kanjani umkhuba wokuthatha isithembu, futhi yini ebonisa ukuthi akazange ayilahle indinganiso yakhe yokuqala yokuba mfazi munye?
10 Isithembu:a Ngokuvumelana nenjongo kaJehova yasekuqaleni, umfazi wayengenakuhlanganyela indoda yakhe nomunye wesifazane. UNkulunkulu wadalela u-Adamu umfazi oyedwa kuphela. (Genesise 2:21, 22) Ngemva kokuhlubuka e-Edene, umkhuba wokuthatha isithembu wavela okokuqala ohlwini lukaKayini. Ekugcineni waba isiko futhi wamukelwa abanye babakhulekeli bakaJehova. (Genesise 4:19; 16:1-3; 29:21-28) Nakuba uJehova asivumela isithembu futhi sasiza ekwandiseni inani labantu bakwa-Israyeli, wabonisa ukubacabangela abesifazane ngokulawula lomkhuba ukuze abafazi nezingane zabo bavikeleke. (Eksodusi 21:10, 11; Duteronomi 21:15-17) Ngaphezu kwalokho, uJehova akazange ayishaye indiva indinganiso yakhe yokuqala yokuthatha umfazi oyedwa. UNowa namadodana akhe, okwaphindwa kubo umyalo wokuthi “zalani nande nigcwalise umhlaba,” bonke babengamadoda amfazi munye. (Genesise 7:7; 9:1; 2 Petru 2:5) UNkulunkulu waziveza njengendoda emfazi munye lapho efanekisa ubuhlobo bakhe no-Israyeli. (Isaya 54:1, 5) Khona-ke, futhi, indinganiso kaNkulunkulu yokuqala yokuba mfazi munye yaphinde yamiswa uJesu Kristu futhi yayilandelwa ebandleni lobuKristu lokuqala.—Mathewu 19:4-8; 1 Thimothewu 3:2, 12.
11. Kungani kwakukhokhwa ilobolo ezikhathini zeBhayibheli, futhi ingabe lokhu kwakubalulaza abesifazane?
11 Ukukhokha ilobolo: Incwadi ethi Ancient Israel—Its Life and Institutions ithi: “Lesi sibopho sokukhokha imali eyisamba, noma okuthile okuyimelelayo, emkhayeni wakubo kantombazane ngokusobala kwenza umshado womIsrayeli ubonakale uwukuthenga. Kodwa [ilobolo] alibonakali kangako liyinani elikhokhwa ngenxa yowesifazane njengesinxephezelo esinikezwa umkhaya.” (Omalukeke sizenzele.) Ngakho inkokhelo yelobolo yayinxephezela umkhaya wowesifazane ngenxa yokulahlekelwa izinkonzo zakhe nangenxa yomzamo nezindleko eziye zadingeka emkhayeni wakubo ekumnakekeleni. Khona-ke, esikhundleni sokululaza owesifazane, laliqinisekisa ukubaluleka kwakhe emkhayeni wakubo.—Genesise 34:11, 12; Eksodusi 22:16; bheka INqabayokulinda ka-January 15, 1989, amakhasi 21-4.
12. (a) Ngezinye izikhathi kwakubhekiselwa kanjani emadodeni nakwabesifazane abashadile emiBhalweni, futhi ingabe lamagama ayebacasula abesifazane? (b) Yini ephawulekayo ngamagama uJehova awasebenzisa e-Edene? (Bheka umbhalo waphansi.)
12 Amadoda ‘njengabanikazi’: Cishe ngo-1918 B.C.E. isenzakalo esithile ekuphileni kuka-Abrahama noSara sibonisa ukuthi esikhathini sabo kwase kuyisiko ukubheka indoda eshadile ‘njengomnikazi’ (ngesiHeberu, baʹʽal) nowesifazane oshadile ‘njengongowothile’ (ngesiHeberu, beʽu·lahʹ). (Genesise 20:3, NW) Ngaleyo ndlela, lamagama ayasetshenziswa ngezinye izikhathi emiBhalweni, futhi akukho okubonisa ukuthi abesifazane bezikhathi zangaphambi kobuKristu babewathola ecasula.b (Duteronomi 22:22, NW) Nokho, abafazi kwakungamelwe baphathwe njengempahla. Impahla noma ingcebo yayingase ithengwe, ithengiswe, izuzwe ngisho nanjengefa, kodwa lokhu kwakungenjalo ngomfazi. “Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,” kusho isaga seBhayibheli, “kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.”—IzAga 19:14; Duteronomi 21:14.
Indima Ehloniphekile
13. Lapho amadoda asaba uNkulunkulu elandela isibonelo sikaJehova futhi elalela uMthetho wakhe, wawuba yini umphumela kwabesifazane?
13 Khona-ke, yayiyini indima yabesifazane phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zangaphambi kobuKristu? Babebhekwa futhi bephathwa kanjani? Kalula nje, lapho amadoda asaba uNkulunkulu elandela isibonelo sikaJehova uqobo futhi elalela uMthetho wakhe, abesifazane babelondoloza ukuhlonipheka kwabo futhi bejabulela amalungelo amaningi.
14, 15. Iziphi izinto ezibonisa ukuthi abesifazane babehlonishwa kwa-Israyeli, futhi kungani kwakufanele ngoJehova ukulindela ukuba abakhulekeli bakhe besilisa babahloniphe?
14 Abesifazane kwakumelwe bahlonishwe. UMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wayala ukuba kokubili obaba nomama bahlonishwe. (Eksodusi 20:12; 21:15, 17) “Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise,” kusho uLevitikusi 19:3. Lapho uBati-Sheba eza endodaneni yakhe uSolomoni ngesinye isikhathi, “inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela” ngokunyakaza komzimba okubonisa inhlonipho. (1 AmaKhosi 2:19) I-Encyclopaedia Judaica iyaphawula: “Ukuqhathaniswa okungokwesiprofetho kothando lukaNkulunkulu ngo-Israyeli nothando lwendoda ngomkayo kwakungase kwenziwe kuphela emphakathini abesifazane ababehlonishwa kuwo.”
15 UJehova ulindele ukuba abakhulekeli bakhe besilisa bahloniphe abesifazane, ngoba yena uyabahlonipha. Izinto ezibonisa lokhu zitholakala emibhalweni uJehova asebenzisa kuyo okuhlangenwe nakho kwabesifazane ngendlela engokomfanekiso nafanisa kuyo imizwa yakhe siqu neyabesifazane. (Isaya 42:14; 49:15; 66:13) Lokhu kusiza abafundi ukuba baqonde indlela uJehova azizwa ngayo. Ngokuthakazelisayo, igama lesiHeberu elisho “isihe,” noma “isihawu,” uJehova alisebenzisa kuye, lihlobene eduze negama elisho “isibeletho” futhi lingase lichazwe ngokuthi “umuzwa kamama.”—Eksodusi 33:19; Isaya 54:7, NW.
16. Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi iseluleko sabesifazane abahlonipha uNkulunkulu sasaziswa?
16 Iseluleko sabesifazane abahlonipha uNkulunkulu sasaziswa. Ngesinye isikhathi lapho u-Abrahama owesaba uNkulunkulu engabaza ukulalela iseluleko somkakhe uSara, ohlonipha uNkulunkulu, uJehova wamtshela: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:10-12) Abafazi baka-Esawu abangamaHeti “baba-lusizi enhliziyweni kaIsaka noRebeka.” Ngokuhamba kwesikhathi, uRebeka wazwakalisa ukukhathazeka ayeyoba nakho uma indodana yabo uJakobe yayizoshada nomHeti. Wasabela kanjani u-Isaka? Ukulandisa kuthi: “UIsaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.” Yebo, nakuba uRebeka ayengazange anikeze iseluleko esiqondile, umyeni wakhe wenza isinqumo esasicabangela imizwa yakhe. (Genesise 26:34, 35; 27:46; 28:1) INkosi uDavide kamuva yagwema ukuba necala legazi ngoba yalalela ukunxusa kuka-Abigayili.—1 Samuweli 25:32-35.
17. Yini ebonisa ukuthi abesifazane babenesilinganiso esithile segunya emkhayeni?
17 Abesifazane babenesilinganiso esithile segunya emkhayeni. Izingane zanxuswa: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” (IzAga 1:8) Ukuchazwa ‘komfazi okhutheleyo’ kuzAga isahluko 31 kwembula ukuthi owesifazane oshadile okhuthele wayengaphathi nje kuphela indlu kodwa futhi wayengasingatha izindaba eziphathelene nokuthengwa kwezindlu nendawo, anakekele insimu ekhiqizayo, aqhube ibhizinisi elincane, futhi aziwe ngamazwi akhe okuhlakanipha. Okwakubaluleke ukukwedlula konke kwakuwukwesaba uJehova okunenhlonipho okutusekayo kowesifazane. Yingakho inani lowesifazane onjalo ‘lalidlula kakhulu amarubi’! Irubi elibomvu eliyigugu lalaziswa kakhulu ngamatshe alo ayigugu nangezinjongo zokuhlobisa.—IzAga 31:10-31.
Abesifazane Abathola Umusa KaNkulunkulu Okhethekile
18. Abesifazane abathile ezikhathini zeBhayibheli baboniswa ngaziphi izindlela umusa okhethekile?
18 Ukukhathalela kukaJehova abesifazane kwabonakaliswa emuseni okhethekile awubonisa kwabathile babo ezikhathini zeBhayibheli. UHagari, uSara, nomkaManowa bavakashelwa izingelosi ezadlulisela iziqondiso zaphezulu kubo. (Genesise 16:7-12; 18:9-15; AbAhluleli 13:2-5) ‘Kwakunabesifazane ababekhonza’ etabernakele nabahlabeleli besifazane esigodlweni sikaSolomoni.—Eksodusi 38:8; 1 Samuweli 2:22; UmShumayeli 2:8.
19. Ngezinye izikhathi, uJehova wabasebenzisa ngayiphi indlela abesifazane ukuba bammelele?
19 Izikhathi eziningana emlandweni ka-Israyeli, uJehova wasebenzisa owesifazane ukuba ammelele noma abe umkhulumeli wakhe. Ngokuphathelene nomprofethikazi uDebora, siyafunda: “Abantwana bakwaIsrayeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.” (AbAhluleli 4:5) Ngemva kokunqoba kuka-Israyeli inkosi yaseKhanani uJabini, uDebora waba nelungelo elikhethekile ngempela. Ngokusobala wayengumqambi, okungenani ngokwengxenye, wengoma yokunqoba ekugcineni eyaba ingxenye yombhalo kaJehova ophefumulelwe.c (AbAhluleli, isahluko 5) Emakhulwini eminyaka kamuva, iNkosi uJosiya yathumela kumprofethikazi uHulida iqembu lamanxusa elalihlanganisa umpristi omkhulu ukuze ibuze okuthile kuJehova. UHulida wayengaphendula ngegunya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.” (2 AmaKhosi 22:11-15) Kuleso senzakalo inkosi yayala lamanxusa ukuba aye kumprofethikazi, kodwa lokhu kwenziwa ukuze kutholwe isiqondiso esivela kuJehova.—Qhathanisa noMalaki 2:7.
20. Iziphi izibonelo ezibonisa ukukhathalela kukaJehova imizwa nenhlalakahle yabesifazane?
20 Ukukhathalela kukaJehova inhlalakahle yabesifazane kubonakala ezenzakalweni athatha kuzo isinyathelo ngenxa yabakhulekeli bakhe abathile besifazane. Kabili wangenela ukuze avikele umka-Abrahama omuhle, uSara, ekubeni oniwe. (Genesise 12:14-20; 20:1-7) UNkulunkulu wabonisa umusa kumkaJakobe owayenesigcwagcwa, uLeya, ‘ngokuvula isizalo sakhe’ ukuze azale indodana. (Genesise 29:31, 32) Lapho ababelethisi ababili abangama-Israyeli abesaba uNkulunkulu befaka ukuphila kwabo engozini ukuze balondoloze izingane zesilisa ezingamaHeberu ekubulaweni kwezinsana eGibithe, ngokwazisa uJehova “wabavusela imizi.” (Eksodusi 1:17, 20, 21) Wabuye waphendula umthandazo oqotho kaHana. (1 Samuweli 1:10, 20) Futhi lapho umfelokazi womprofethi ebhekana nomtshelekisi owayezimisele ukuthatha izingane zalomfelokazi ukuze akhokhe isikweletu sakhe, uJehova akazange amshiye esobishini. Ngothando, uNkulunkulu wenza ukuba umprofethi u-Elisha andise umthamo wamafutha walomfelokazi ukuze akwazi ukukhokha isikweletu. Ngaleyo ndlela walondoloza umkhaya wakhe nokuhlonipheka kwakhe.—Eksodusi 22:22, 23; 2 AmaKhosi 4:1-7.
21. ImiBhalo YesiHeberu inikeza muphi umbono olinganiselwe ngesimo sabesifazane?
21 Ngakho-ke, ngokuphambene kakhulu nokukhuthaza umbono olulazayo ngabesifazane, imiBhalo YesiHeberu inikeza umbono olinganiselwe ngesimo sabo phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu. Nakuba uJehova engazange avikele abakhulekeli bakhe besifazane ekugcwalisekeni kukaGenesise 3:16, abesifazane babephathwa ngesizotha nangenhlonipho amadoda ahlonipha uNkulunkulu ayelandela isibonelo sikaJehova futhi elalela uMthetho wakhe.
22. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, yayisishintshe kanjani indima yabesifazane, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
22 Emakhulwini eminyaka ngemva kokuqedwa kwemiBhalo YesiHeberu, indima yabesifazane yashintsha phakathi kwamaJuda. Ngesikhathi uJesu evela emhlabeni, amasiko orabi ayesebabekele imingcele emikhulu abesifazane emalungelweni abo angokwenkolo nasekuphileni kwabo okungokwenhlalo. Ingabe amasiko anjalo ayithinta indlela uJesu ayesebenzelana ngayo nabesifazane? Kufanele baphathwe kanjani abesifazane abangamaKristu namuhla? Lemibuzo kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwe-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary, elithi “polygamy” libhekisela ‘emshadweni lapho umngane womshado wanoma ibuphi ubulili engase abe nomngane womshado ongaphezu koyedwa ngesikhathi esisodwa.’ Igama elinembe kakhudlwana elithi “polygyny” lichazwa ngokuthi “isimo noma umkhuba wokuba nomfazi noma umngane wesifazane ongaphezu koyedwa ngesikhathi esisodwa.”
b Kuyo yonke imiBhalo YesiHeberu, amadoda nabesifazane abashadile kubhekiselwa kubo kaningi ngokuthi “indoda” (ngesiHeberu, ʼish) nangokuthi “umfazi” (ngesiHeberu, ʼish·shahʹ). Ngokwesibonelo, e-Edene uJehova akazange asebenzise igama elithi “umnikazi” nelithi ‘owothile,’ kodwa wasebenzisa elithi “indoda” nelithi “umfazi.” (Genesise 2:24; 3:16, 17, NW) Isiprofetho sikaHoseya sabikezela ukuthi ngemva kokubuya ekudingisweni, u-Israyeli ngokuphenduka wayeyobiza uJehova ngokuthi “YiNdoda yami,” futhi wayengasenakusho ukuthi “Umnikazi wami.” Lokhu kungase kusikisele ukuthi igama elithi “indoda” lalinencazelo enothando kakhudlwana kunelithi “umnikazi.”—Hoseya 2:16, qhathanisa ne-NW.
c Okufanele kuphawulwe ukuthi kusetshenziswe umuntu okhulumayo lapho kubhekiselwa kuDebora kubAhluleli 5:7.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Amagama athi “umsizi” ‘nomphelelisi’ abonisani ngendima yowesifazane ayabelwe uNkulunkulu?
◻ Lapho sicabangela amasiko ayethinta abesifazane ezikhathini zeBhayibheli, yini okufanele siyikhumbule?
◻ Yini ebonisa ukuthi abesifazane babenendima ehloniphekile phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu zezikhathi zokuqala?
◻ Iziphi izindlela uJehova abonisa ngazo umusa okhethekile kwabesifazane bezikhathi zangaphambi kobuKristu?