Umbono WeBhayibheli
Uyini Umgomo Womzali?
IKUPHI kulokhu okulandelayo ongathanda ingane yakho ibe yikho lapho isikhulile?
A. Ukuba ifane nawe.
B. Ibe yihlongandlebe elizimisele ukuziphatha ngendlela ehlukile kweyakho.
C. Ibe umuntu omdala okwaziyo ukuzimela nowenza izinqumo ezihlakaniphile.
Abanye abazali abakhetha u-C bangase benze njengokungathi bakhetha u-A. Bazama ukuphoqelela izimiso zabo enganeni yabo, njengokuyitshela ukuthi kufanele yenzeni ngokuphila kwayo. Uba yini umphumela? Ngokushesha nje lapho ithola inkululeko ethe xaxa, ivele yenze okuphambene. Ngokumangalisayo, abazali abaningi abakhetha u-A bathola imiphumela ka-B.
Okwenza Umzamo Wokulawula Ingane Ngokuphelele Wehluleke
Ufuna ingane yakho ikhule ikwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo yenze nezinqumo ezihlakaniphile. Kodwa ungawufinyelela kanjani lowo mgomo? Yinye into ongaqiniseka ngayo: Ukuyilawula ngokuphelele ngeke kuphumelele. Cabanga ngalezi zizathu ezimbili.
1. Ukulawula ngokuphelele kuphambene nemiBhalo. UJehova uNkulunkulu wadala umuntu enenkululeko yokuzikhethela. Uvumela abantu ukuba bakhethe indlela abafuna ukuphila ngayo, kungakhathaliseki ukuthi yinhle noma yimbi. Ngokwesibonelo, lapho uKhayini ethukuthelele umfowabo u-Abela futhi efuna ukumbulala, uJehova wathi kuye: “Uma uphendukela ekwenzeni okuhle, ngeke yini kube khona ukuphakanyiswa? Kodwa uma ungaphendukeli ekwenzeni okuhle, kukhona isono esicathama emnyango, futhi sinxanela wena; wena-ke, ingabe uzosihlula?”—Genesise 4:7.
Phawula ukuthi nakuba uJehova anika uKhayini iseluleko esicacile, akazange amphoqe ukuba asilalele. UKhayini kwakudingeka akhethe ukuthi uzoyinqoba yini intukuthelo yakhe noma qha. Siyini isifundo kulokhu? Uma uJehova engazami ukuphoqelela izidalwa zakhe ukuba zimlalele, nawe akufanele uzame ukuziphoqa izingane zakho.a
2. Ukulawula izingane ngokuphelele kuvame ukuba nemiphumela engemihle. Ake sithi ubhekene nomdayisi okucindezela ukuba uthenge okuthile. Njengoba ephikelela nokukucindezela ukuba ukuthenge, nawe unqaba nakakhulu. Ngisho noma kuthiwa uyakudinga lokho akudayisayo cishe iyakucasula indlela enza ngayo. Ufuna ukuqhela eduze kwakhe.
Kungenzeka okufanayo uma uzama ukuphoqa ingane ukuba yamukele izindinganiso zakho, izinkolelo kanye nemigomo yakho. Ingabe iyozamukela? Ingase ingazamukeli! Empeleni, indlela owenza ngayo ingase ifeze okuphambene, ibangele ukuba ingane ingazithandi izindinganiso oyibekela zona. Ngokuvamile, iyehluleka imizamo yabazali yokulawula izingane zabo ngokuphelele. Yini-ke ongayenza?
Kunokuzama ukulawula ukuphila kwengane ngokuphelele, ngokugcizelela kakhulu izindinganiso zakho kuyo njengoba wawenza lapho isencane, isize ukuba ibone ukuhlakanipha kokwenza okulungile. Ngokwesibonelo, uma ungumKristu, yibonise ukuthi ukuphila ngezimiso zikaNkulunkulu kuyoyilethela ukwaneliseka okukhulu ngokuhamba kwesikhathi.—Isaya 48:17, 18.
Njengoba wenza lokho, yiba yisibonelo. Yiba uhlobo lomuntu ofuna ingane yakho ibe yilo. (1 Korinte 11:1) Kwenze kucace ukuthi yiziphi izindinganiso okhetha ukuphila ngazo. (IzAga 4:11) Uma ingane yakho imthanda uNkulunkulu nezindinganiso zakhe, iyokhetha kahle ngisho nalapho ungekho.—IHubo 119:97; Filipi 2:12.
Ifundise Amakhono Awusizo
Njengoba kubonisiwe ekhasini 2 lalo magazini, luyofika usuku lapho ingane yakho esikhulile “iyoshiya uyise nonina,” futhi mhlawumbe uyobona sengathi lolu suku lusheshile. (Genesise 2:24) Njengomzali, uyofuna ukuqiniseka ukuthi inamakhono ewadingayo ukuze ikwazi ukuzimela njengomuntu omdala. Ake ucabangele amanye amakhono ongayisiza iwahlakulele manje, njengoba isesekhaya.
Amakhono Asekhaya. Ingabe ingane yakho iyakwazi ukuzenzela ukudla? ukuwasha noku-ayina? ukuhlanza ikamelo layo nokuhlela izinto? ukulungisa izinto ezithile kuhlanganise nemoto? Ukuhlakulela amakhono anjalo kungasiza indodana noma indodakazi yakho ukuba ikwazi ukuphatha umuzi ngolunye usuku. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngiye ngafunda ukwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi ngikuziphi izimo.”—Filipi 4:11.
Amakhono Okusebenzelana Nabantu. (Jakobe 3:17) Ingane yakho isebenzelana kanjani nabanye abantu? Iyakwazi yini ukulungisa ukungezwani ngomoya onokuthula? Uyiqeqeshile yini ukuphatha abantu ngenhlonipho nokuxazulula ukungezwani ngokuthula? (Efesu 4:29, 31, 32) IBhayibheli lithi: “Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo.”—1 Petru 2:17.
Indlela Yokuphatha Imali. (Luka 14:28) Ungayisiza yini ingane yakho ukuba ifunde uhlobo oluthile lomsebenzi, ikwazi ukuba nohlelo lokusebenzisa imali futhi igweme izikweleti? Ingabe usuyiqeqeshile ukuba ilondoloze imali yokuthenga izinto eziyisidingo nokugwema ukuthenga ngokuphamazela kanye nokwaneliswa yizinto eziyisidingo? (IzAga 22:7) UPawulu wabhala: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.
Izingane ezifunda ukuphila ngezindinganiso ezinhle futhi eziye zahlakulela amakhono awusizo zikulungele ngempela ukuzimela njengabantu abadala. Abazali bazo bawufinyelele umgomo wabo!—IzAga 23:24.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-February 1, 2011, amakhasi 18-19.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Uyini umgomo wakho njengomzali?—Hebheru 5:14.
● Yini eyoba umthwalo wengane yakho lapho isingumuntu omdala?—Joshuwa 24:15.
[Izithombe ekhasini 25]
Yikuphi oyothanda ukuba ingane yakho ibe yikho?
Ukuba ifane nawe . . .
Ibe yihlongandlebe. . .
Ibe umuntu omdala onengqondo