ISIFUNDO 39
Umbono KaNkulunkulu Ngegazi
Igazi libaluleke kakhulu. Ngaphandle kwalo, akekho obengakwazi ukuphila. Njengoba uNkulunkulu enguMdali, unelungelo lokusho ukuthi igazi lingase lisetshenziswe kanjani. Yini ayishilo ngegazi? Ingabe lingadliwa noma limpontshelwe emzimbeni? Ungazenza kanjani izinqumo ezinhle ngale ndaba?
1. Uyini umbono kaJehova ngegazi?
UJehova watshela abantu ababemkhonza ezikhathini zeBhayibheli wathi: “Ukuphila kwayo yonke inhlobo yenyama kuyigazi layo.” (Levitikusi 17:14) KuJehova, igazi limelela ukuphila. Njengoba ukuphila kuyisipho esingcwele esivela kuNkulunkulu, igazi nalo lingcwele.
2. Iyiphi indlela yokusebenzisa igazi uNkulunkulu ayenqabelayo?
UJehova wayala abantu abamkhonzayo bangaphambi kwezikhathi zobuKristu ukuba bangalidli igazi. (Funda uGenesise 9:4 noLevitikusi 17:10.) Wagcizelela lo myalo ngesikhathi indikimba ebusayo iyala amaKristu ukuba ‘aqhubeke ededa egazini.’—Funda izEnzo 15:28, 29.
Kusho ukuthini ukudeda egazini? Uma udokotela ekutshela ukuthi yeka utshwala, ubungeke ubuphuze. Kodwa ubungakudla yini ukudla okunotshwala noma ubufake ngomjovo emithanjeni yakho? Ubungeke. Ngokufanayo, umyalo kaNkulunkulu othi “deda egazini,” usho ukuthi akufanele siphuze igazi noma sidle inyama yesilwane esingophiswanga. Akufanele futhi sidle noma yikuphi ukudla okufakwe igazi.
Kuthiwani ngokusetshenziswa kwegazi lapho kudingeka welashwe? Ezinye izindlela zokwelapha ziwephula ngokucacile umthetho kaNkulunkulu. Lezo zindlela zihlanganisa ukumpontshelwa igazi noma ukumpontshelwa izingxenye eziyinhloko zalo—okungaba ama-cell abomvu, ama-cell amhlophe, ama-platelet ne-plasma. Ezinye izindlela zokwelapha zingase zingawephuli ngokucacile umthetho kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ezinye izindlela zihlanganisa ukusebenzisa izingxenyana zama-cell abomvu, zama-cell amhlophe, zama-platelet neze-plasma. Ezinye izindlela zokwelapha zihlanganisa ukusebenzisa igazi lomuntu ngokwakhe. Lapho siqhathanisa lezi zindlela zokwelapha, ngamunye wethu kumelwe azenzele esakhe isinqumo.a—Galathiya 6:5.
FUNDA OKWENGEZIWE
Hlola ukuthi ungazenza kanjani izinqumo eziphathelene nokusebenzisa igazi lapho welashwa.
3. Lapho welashwa, yenza izinqumo ezijabulisa uJehova
Ungazenza kanjani izinqumo ezivumelana nombono kaNkulunkulu lapho welashwa? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngokubaluleka kokwenza lokhu okulandelayo.
Thandaza ucele ukuhlakanipha.—Jakobe 1:5.
Hlola izimiso zeBhayibheli nokuthi zisebenza kanjani.—IzAga 13:16.
Hlola ukuthi yiziphi izindlela zokwelashwa ezitholakalayo ngalapho uhlala khona.
Thola ukuthi yiziphi izindlela ongeke neze uzamukele.
Qiniseka ukuthi isinqumo sakho sikushiya unonembeza ohlanzekile.—IzEnzo 24:16.b
Khumbula ukuthi akukho muntu okufanele akutshele isinqumo ongasenza endabeni ethinta unembeza, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ushade naye, umdala webandla noma umuntu okufundela iBhayibheli.—Roma 14:12.
Bhala phansi isinqumo sakho ukuze nabanye basazi.
4. OFakazi BakaJehova bafuna ukwelashwa ngendlela engcono kakhulu
Ungakwazi ukunamathela emthethweni kaNkulunkulu ophathelene negazi ngesikhathi esifanayo welashwe ngendlela engcono kakhulu engalisebenzisi igazi. Dlalani IVIDIYO.
Fundani uThithu 3:2, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani kufanele sibambisane nodokotela futhi sibe nomusa lapho sikhuluma nabo?
Lokhu akwamukeleki |
UmKristu uzozinqumela |
---|---|
A. I-plasma |
Izingxenyana ze-plasma |
B. Ama-cell amhlophe |
Izingxenyana zama-cell amhlophe |
C. Ama-platelet |
Izingxenyana zama-platelet |
D. Ama-cell abomvu |
Izingxenyana zama-cell abomvu |
5. Lapho kuhileleke izingxenyana zegazi
Igazi linezingxenye ezine eziyinhloko—ama-cell abomvu, ama-cell amhlophe, ama-platelet ne-plasma. Lezi zingxenye eziyinhloko zinezinye izingxenyana eziningi.c Ezinye zalezi zingxenyana zisetshenziswa ezintweni zokwelapha ezinjengemithi esiza ekulweni nezifo noma ekunqandeni ukopha.
Ngokuphathelene nezingxenyana zegazi, umKristu ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo esisekelwe kunembeza oqeqeshwe iBhayibheli. Abanye bangase bakhethe ukwenqaba ukwelashwa okuhilela izingxenyana zegazi. Kanti abanye bangase babe nomuzwa wokuthi unembeza wabo uyabavumela ukuba bamukele ukwelashwa okuhilela izingxenyana zegazi.
Lapho wenza izinqumo zokuthi yikuphi ozokukhetha, cabanga ngalo mbuzo:
Ngingamchazela kanjani udokotela ukuthi kungani ngizamukela ezinye izingxenyana ezithile zegazi kodwa ezinye ngizenqaba?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Yini engalungile ngokumpontshelwa igazi?”
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
UJehova ufuna sibheke igazi njengelingcwele.
Ufundeni?
Kungani uJehova ebheka igazi njengelingcwele?
Sazi kanjani ukuthi umyalo kaNkulunkulu othi ‘dedani egazini’ usebenza ekumpontshelweni igazi?
Ungazenza kanjani izinqumo ezinhle ngokuqondene nokusetshenziswa kwegazi lapho welashwa?
HLOLA OKWENGEZIWE
Yiziphi izinto okufanele uzicabange ngaphambi kokwenza isinqumo esiphathelene nendlela yokwelashwa ehilela elakho igazi?
“Imibuzo Evela Kubafundi” (INqabayokulinda, Okthoba 15, 2000)
Yini okufanele uyicabangele lapho unquma ukuthi uzozamukela yini izindlela zokwelashwa ezihilela izingxenyana zegazi?
Yini eyenza udokotela wakholelwa ukuthi umbono kaJehova ngegazi uhlakaniphile?
“Ngawemukela Umbono KaNkulunkulu Ngegazi“ (Phaphama!, Disemba, 8, 2003)
Bona ukuthi abadala abakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela babasiza kanjani abafowabo nodadewabo.
a Bheka iSifundo 35 esithi, “Indlela Yokwenza Izinqumo Ezinhle.”
b Bheka iphuzu 5 elithi, “Lapho Kuhileleke Izingxenyana Zegazi” nesithi uMbhalo Osekugcineni 3 othi “Izindlela Zokwelapha Ezihilela Igazi” ne-Nkonzo Yethu YoMbuso kaJanuwari 2007 amakhasi 3-6.
c Abanye odokotela babheka lezi zingxenye ezine eziyinhloko zegazi njengeziyizingxenyana. Ngakho, kungadingeka uchaze isinqumo sakho sokuthi ngeke ukwamukele ukumpontshelwa igazi noma izingxenye zalo eziyinhloko, okungama-cell abomvu, ama-cell amhlophe, ama-platelet ne-plasma.