Isahluko Seshumi Nambili
Ungazinqoba Izinkinga Ezilimaza Umkhaya
1. Yiziphi izinkinga ezifihlekile ezikweminye imikhaya?
IMOTO endala isanda kugezwa futhi yapholishwa. Kubantu abadlulayo ibonakala icwebezela sengathi yintsha. Kodwa ngaphansi, umzimba wemoto udliwa ukugqwala. Kungokufanayo nangemikhaya ethile. Nakuba ngaphandle yonke into ibonakala ihamba kahle, ubuso obumomothekayo bufihla ukwesaba nobuhlungu. Ngasese izici ezonakalisayo ziqeda ukuthula komkhaya. Izinkinga ezimbili ezingabanga lokhu ukuluthwa utshwala nobudlova.
UMONAKALO OBANGWA UKULUTHWA UTSHWALA
2. (a) Uyini umbono weBhayibheli ngokusebenzisa uphuzo oludakayo? (b) Kuyini ukuluthwa utshwala?
2 IBhayibheli alikulahli ukusebenzisa iziphuzo ezidakayo ngokulinganisela, kodwa liyakulahla ukudakwa. (IzAga 23:20, 21; 1 Korinte 6:9, 10; 1 Thimothewu 5:23; Thithu 2:2, 3) Nokho, ukuluthwa utshwala kungaphezu kokudakwa; kuwukuzilibazisa ngeziphuzo ezidakayo zikhathi zonke nokungazithibi ekuziphuzeni. Imilutha yotshwala kungaba abantu abadala. Kuyadabukisa ukuthi kungaba nayintsha.
3, 4. Chaza imiphumela yokulutha kotshwala kumngane womshado womlutha nasezinganeni.
3 Kudala iBhayibheli labonisa ukuthi ukusebenzisa kabi utshwala kungaxova ukuthula komkhaya. (Duteronomi 21:18-21) Wonke umkhaya uyayizwa imiphumela eyonakalisayo yokuphila nomlutha wotshwala. Umngane womshado angase agxile emizamweni yokuyekisa umlutha ukuphuza noma yokubhekana nokuziphatha kwawo okushintshashintshayo.a Uzama ukufihla utshwala, abulahle, afihle imali yawo, avuse uthando lwawo lomkhaya, lokuphila, ngisho nolukaNkulunkulu—kodwa umlutha uqhubeke uphuza. Njengoba imizamo yakhe yokulawula ukuphuza kwawo ihluleka ngokuphindaphindiwe, uzizwa ekhungatheka futhi eyisehluleki. Angase aqale abe nokwesaba, athukuthele, abe nomuzwa wecala, akhathazeke abe nexhala, futhi angazethembi.
4 Izingane ziyayizwa imiphumela yokuba umlutha komzali. Ezinye ziyahlukunyezwa. Ezinye zinukubezwa ngokobulili. Zingase zizisole nokuzisola ngokuba umlutha komzali. Ngokuvamile imfanelo yazo yokuthemba abanye iqedwa ukuziphatha okuguquguqukayo komlutha wotshwala. Ngenxa yokuthi ngeke zikwazi ukuxoxa ngokukhululeka ngokwenzeka ekhaya, izingane zingase zifunde ukucindezela imizwa yazo, ngokuvamile okunemiphumela elimazayo emzimbeni. (IzAga 17:22) Izingane ezinjalo zingase zibe nalokhu kungazethembi noma ukungazihloniphi zize zibe ndala.
YINI UMKHAYA ONGAYENZA?
5. Ukuluthwa utshwala kungasingathwa kanjani, futhi kungani lokhu kunzima?
5 Nakuba izikhulu eziningi zithi ukuluthwa utshwala akulapheki, eziningi ziyavuma ukuthi isilinganiso esithile sokululama singatholakala ngesimiso sokungabuthinti nhlobo. (Qhathanisa noMathewu 5:29.) Nokho, kulula ukukhuluma ngokwenza umlutha wamukele usizo kunokukwenza ngokoqobo, ngoba ngokuvamile uyaphika ukuthi unenkinga. Nakuba kunjalo, uma amalungu omkhaya ethatha izinyathelo zokubhekana nendlela okuwathinta ngayo ukuphila nomlutha, ungase uqale ukubona ukuthi unenkinga. Udokotela ongumakad’ ebona ekusizeni imilutha nemikhaya yayo wathi: “Ngicabanga ukuthi into ebaluleke kunazo zonke ukuba umkhaya umane uziqhubekele nokuphila okuvamile ngendlela ezuzisa ngangokunokwenzeka. Umlutha uya ubona indlela umehluko omkhulu ngayo phakathi kwawo namanye amalungu omkhaya.”
6. Imuphi umthombo weseluleko ongcono kunayo yonke ngemikhaya enelungu eliwumlutha wotshwala?
6 Uma kunomlutha emkhayeni wakho, iseluleko seBhayibheli esiphefumulelwe singakusiza ukuba uphile ngendlela ezuzisayo. (Isaya 48:17; 2 Thimothewu 3:16, 17) Cabangela ezinye izimiso eziye zasiza imikhaya ukuba ibhekane ngokuphumelelayo nokuphila nomlutha wotshwala.
7. Uma ilungu lomkhaya liwumlutha wotshwala, ubani onecala?
7 Yeka ukuzibeka icala. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu,” nokuthi “ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Galathiya 6:5; Roma 14:12) Umlutha wotshwala ungase uzame ukusikisela ukuthi amalungu omkhaya anecala. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ukuba beningiphethe kahle, bengingeke ngiphuze.” Uma abanye bebonakala bevumelana nawo, bawukhuthaza ukuba uqhubeke uphuza. Kodwa ngisho nalapho siyizisulu ngenxa yezimo noma abanye abantu, sonke—kuhlanganise nomlutha—siyolandisa ngesikwenzayo.—Qhathanisa neyabaseFilipi 2:12.
8. Yiziphi ezinye izindlela umlutha ongasizwa ngazo ukuba ubhekane nemiphumela yenkinga yawo?
8 Ungabi nomuzwa wokuthi kumelwe uwuvikele njalo umlutha emiphumeleni yokuphuza kwawo. Isaga seBhayibheli ngomuntu othukuthele singasebenza ngokufanayo nasemlutheni wotshwala: “Uma umophula, umelwe ukukuphinda.” (IzAga 19:19) Umlutha mawuzwe imiphumela yokuphuza kwawo. Mawusule lapho ungcolise khona noma ushayele ucingo emsebenzini ngakusasa uchaze ukuthi kungani ungezanga emsebenzini.
9, 10. Kungani imikhaya yemilutha kufanele yamukele usizo, futhi usizo lukabani ngokukhethekile okufanele ilufune?
9 Yamukela usizo kwabanye. IzAga 17:17 (NW) zithi: “Umngane weqiniso uthanda ngezikhathi zonke, futhi ungumfowenu lapho kunokucindezeleka.” Uma kunomlutha emkhayeni wakho, kunokucindezeleka. Udinga usizo. Unganqikazi ukuncika ‘kumngane weqiniso’ ukuze uthole ukusekelwa. (IzAga 18:24) Ukukhuluma nabanye abayiqondayo lenkinga noma abaye babhekana nesimo esifanayo kungakunikeza ukusikisela okuwusizo kokuthi yini ongayenza nokungafanele uyenze. Kodwa yiba olinganiselayo. Khuluma nalabo obathembayo, abangeke badalule “imfihlo” yakho.—IzAga 11:13, qhathanisa ne-NW.
10 Funda ukuthemba abadala abangamaKristu. Abadala ebandleni lobuKristu bangaba umthombo omkhulu wosizo. Lamadoda avuthiwe afundisiwe iZwi likaNkulunkulu futhi anokuhlangenwe nakho ekusebenziseni izimiso zalo. Angaba ‘indawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’ (Isaya 32:2) Abadala abangamaKristu abavikeli nje kuphela ibandla lilonke emathonyeni alimazayo kodwa bayaduduza, baqabule futhi babe nesithakazelo somuntu siqu kubantu abanezinkinga. Lusebenzise ngokugcwele usizo lwabo.
11, 12. Ubani onikeza imikhaya yemilutha usizo olukhulu kunalo lonke, futhi lolo lusizo lunikezwa kanjani?
11 Ngaphezu kwakho konke, cela amandla kuJehova. IBhayibheli lisiqinisekisa ngemfudumalo: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” (IHubo 34:18) Uma uzizwa unenhliziyo eyaphukileyo noma unomoya odabukileyo ngenxa yokucindezela kokuphila nelungu lomkhaya eliwumlutha wotshwala, yazi ukuthi “uJehova useduze.” Uyayiqonda indlela esinzima ngayo isimo somkhaya wakho.—1 Petru 5:6, 7.
12 Ukukholelwa yilokho uJehova akusho eZwini lakhe kungakusiza ukuba ubhekane nokukhathazeka. (IHubo 130:3, 4; Mathewu 6:25-34; 1 Johane 3:19, 20) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nokuphila ngezimiso zalo kwenza ukwazi ukuthola usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, ongakuhlomisa ‘ngamandla angaphezu kwavamile’ ukuba uqhubeke uphila usuku nosuku.—2 Korinte 4:7.b
13. Iyiphi inkinga yesibili eyonakalisa imikhaya eminingi?
13 Ukusebenzisa kabi utshwala kungaholela kwenye inkinga elimaza imikhaya eminingi—ubudlova basekhaya.
UMONAKALO OBANGELWA UBUDLOVA BASEKHAYA
14. Ubudlova basekhaya baqala nini, futhi sinjani isimo namuhla?
14 Isenzo sokuqala sobudlova emlandweni wesintu kwaba esobudlova basekhaya esasihilela izingane zandawonye, uKayini no-Abela. (Genesise 4:8) Kusukela ngaleso sikhathi, isintu besilokhu sihlushwa yizo zonke izinhlobo zobudlova basekhaya. Kunamadoda ashaya omkawo, amakhosikazi ahlasela abayeni bawo, abazali abashaya ngonya izingane zabo ezincane, nezingane ezikhulile ezixhaphaza abazali bazo asebegugile.
15. Ubudlova basekhaya buwathinta kanjani amalungu omkhaya ngokomzwelo?
15 Umonakalo obangelwa ubudlova basekhaya udlulela ngalé kwezibazi ezibonakalayo. Inkosikazi ethile eyayishaywa yathi: “Kumelwe ubhekane nomuzwa wecala namahloni. Izinsuku eziningi ekuseni, ufuna ukulala ungavuki, unethemba lokuthi bekumane kuyiphupho elibi nje.” Izingane ezibona noma zibhekane nobudlova basekhaya zingase zibe nobudlova nazo lapho zikhula futhi sezineyazo imikhaya.
16, 17. Kuyini ukuhlukumeza ngokomzwelo, futhi kuwathinta kanjani amalungu omkhaya?
16 Ubudlova basekhaya abugcini ekuxhashazweni ngokomzimba. Ngokuvamile kuhlukunyezwa nangamazwi. IzAga 12:18 zithi: “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba.” Lokhu ‘kuhlaba’ okuwuphawu lobudlova basekhaya kuhlanganisa ukuthuka inhlamba nokumemeza, kanye nokugxeka njalo, inhlamba elulazayo, nokusongelwa ngobudlova obungokomzimba. Izilonda zobudlova obungokomzwelo azibonakali futhi ngokuvamile abanye abaziphawuli.
17 Okudabukisa nakakhulu ukuhlukunyezwa kwengane ngokomzwelo—ukugxeka okungapheli nokululaza amakhono engane, ukuhlakanipha kwayo, noma ukubaluleka kwayo njengomuntu. Ukuxhashazwa okunjalo ngamazwi kungawuphula umoya wengane. Yiqiniso, zonke izingane kudingeka ziyalwe. Kodwa iBhayibheli liyala obaba: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.
INDLELA YOKUGWEMA UBUDLOVA BASEKHAYA
18. Ubudlova basekhaya buqalaphi, futhi iBhayibheli lithi iyiphi indlela yokubuqeda?
18 Ubudlova basekhaya buqala enhliziyweni nasengqondweni; indlela esenza ngayo izinto iqala endleleni esicabanga ngayo. (Jakobe 1:14, 15) Ukuze ayeke ubudlova, umuntu oxhaphazayo kudingeka ashintshe indlela acabanga ngayo. (Roma 12:2) Ingabe lokhu kungenzeka? Yebo. IZwi likaNkulunkulu linamandla okushintsha abantu. Lingasiphula ngisho nemibono eyonakalisayo “ebiyelwe ngokuqinile.” (2 Korinte 10:4; Heberu 4:12) Ulwazi olunembile lweBhayibheli lungasiza ekwenzeni ushintsho oluphelele kubantu kangangokuba kuthiwa bagqoka ubuntu obusha.—Efesu 4:22-24; Kolose 3:8-10.
19. UmKristu kufanele ambheke futhi amphathe kanjani owakwakhe?
19 Umbono ngomngane wakho womshado. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena.” (Efesu 5:28) IBhayibheli lithi futhi indoda kufanele inike umkayo “udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana.” (1 Petru 3:7) Amakhosikazi ayalwa ukuba ‘athande abayeni bawo’ futhi abe ‘nenhlonipho ejulile’ ngabo. (Thithu 2:4; Efesu 5:33) Ngokuqinisekile ayikho indoda eyesaba uNkulunkulu engasho iqinisile ukuthi ngempela idumisa umkayo uma imhlukumeza ngokomzimba noma ngamazwi. Futhi ayikho inkosikazi ekhahla umyeni wayo, noma imeyise, noma emthethisa njalo nje, engathi imthanda ngeqiniso futhi iyamhlonipha.
20. Abazali banomthwalo wemfanelo kubani ngezingane zabo, futhi kungani abazali kufanele bangalindeli okweqile ezinganeni zabo?
20 Umbono ofanele ngezingane. Izingane zifanelwe uthando nokunaka kwabazali bazo, yebo, ziyakudinga. IZwi likaNkulunkulu libiza izingane ‘ngefa elivela kuJehova’ nokuthi ‘zingumvuzo.’ (IHubo 127:3) Abazali banomthwalo wemfanelo phambi kukaJehova wokunakekela lelo lifa. IBhayibheli likhuluma ‘ngezici zengane’ ‘nangobuwula’ bomntwana. (1 Korinte 13:11; IzAga 22:15) Abazali akufanele bamangale uma bebona ubuwula ezinganeni zabo. Izingane azibona abantu abadala. Abazali akufanele bafune okungaphezu kobudala bengane, isizinda somkhaya, nekhono layo.—Bheka uGenesise 33:12-14.
21. Iyiphi indlela yokuhlonipha uNkulunkulu yokubheka abazali asebekhulile neyokusebenzelana nabo?
21 Umbono ngabazali asebekhulile. ULevitikusi 19:32 uthi: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala.” Ngaleyo ndlela uMthetho kaNkulunkulu wawukhuthaza inhlonipho nokubazisa kakhulu asebekhulile. Lokhu kungase kube inselele uma umzali osekhulile eqisa ekufuneni izinto noma egula futhi mhlawumbe engakwazi ukuhamba noma ukucabanga masinyane. Naphezu kwalokho, izingane zikhunjuzwa ukuba ‘ziqhubeke zikhokha imbuyiselo eziyikweletayo kubazali bazo.’ (1 Thimothewu 5:4) Lokhu kungasho ukubaphatha ngesizotha nangenhlonipho, mhlawumbe nokubanakekela ngokwezimali. Ukubaphatha kabi ngokomzimba noma ngenye indlela abazali asebekhulile kuphambene impela nendlela iBhayibheli elithi senze ngayo.
22. Iyiphi imfanelo eyinhloko yokunqoba ubudlova basekhaya, futhi ingasetshenziswa kanjani?
22 Hlakulela ukuzithiba. IzAga 29:11 zithi: “Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.” Ungaluthiba kanjani ulaka lwakho? Esikhundleni sokuvumela ukukhungatheka kwakheke ngaphakathi, phuthuma uthathe isinyathelo sokuxazulula izinkinga eziphakamayo. (Efesu 4:26, 27) Suka lapho ukhona uma unomuzwa wokuthi uyahluleka ukuzibamba. Thandazela umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuba ukwenze ube nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Ukuhambahamba noma ukuvivinya umzimba ngandlela-thile kungakusiza ukuba uthibe imizwelo yakho. (IzAga 17:14, 27) Zama ‘ukwephuza ukuthukuthela.’—IzAga 14:29.
SIHLUKANISE NOMA SIHLALE NDAWONYE?
23. Yini engenzeka uma ilungu elithile lebandla lobuKristu lihlulwa isifuthefuthe sentukuthelo yobudlova ngokuphindaphindiwe futhi lingaphenduki, mhlawumbe kuhlanganise nokuhlukumeza ngokomzimba ilungu lomkhaya walo?
23 Phakathi kwemisebenzi elahlwa uNkulunkulu, iBhayibheli libala “ubutha, ukuxabana, . . . isifuthefuthe sentukuthelo” bese lithi “labo abazenza umkhuba izinto ezinjalo ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21) Ngakho-ke, noma ubani othi ungumKristu ohlulwa isifuthefuthe sentukuthelo enobudlova ngokuphindaphindiwe futhi angaphenduki, mhlawumbe kuhlanganise nokuhlukumeza ngokomzimba owakwakhe noma izingane, angasuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. (Qhathanisa neyesi-2 Johane 9, 10.) Ngalendlela, ibandla ligcinwa lihlanzekile lingenabantu abahlukumezayo.—1 Korinte 5:6, 7; Galathiya 5:9.
24. (a) Abangane bomshado abahlukunyezwayo bangakhetha ukwenzani? (b) Abangane abakhathalelayo nabadala bangamsekela kanjani umngane womshado ohlukunyezwayo, kodwa yini okungafanele bayenze?
24 Kuthiwani ngamaKristu kumanje ashaywa umngane womshado owahlukumezayo ongabonisi luphawu lokushintsha? Abanye baye bakhetha ukuhlala nomngane womshado ohlukumezayo ngezizathu ezithile. Abanye baye bakhetha ukumshiya, benomuzwa wokuthi impilo yabo engokomzimba, engokwengqondo nengokomoya—mhlawumbe ngisho nokuphila kwabo—kusengozini. Kuyisinqumo somuntu siqu phambi kukaJehova ukuthi isisulu sobudlova basekhaya sikhetha ukwenzani kulezi zimo. (1 Korinte 7:10, 11) Abangane, izihlobo, noma abadala abangamaKristu abanezinhloso ezinhle bangase bafise ukunikeza usizo neseluleko, kodwa akufanele bacindezele isisulu ukuba sithathe inkambo ethile. Isona sodwa okumelwe senze isinqumo.—Roma 14:4; Galathiya 6:5.
ISIPHETHO SEZINKINGA EZILIMAZAYO
25. Iyini injongo kaJehova ngomkhaya?
25 Lapho uJehova ehlanganisa u-Adamu no-Eva ngomshado, wayengahlosile ukuba imikhaya yonakaliswe izinkinga ezilimazayo ezinjengokuluthwa utshwala noma ubudlova. (Efesu 3:14, 15) Umkhaya kwakufanele ube indawo echichima uthando nokuthula futhi eyanelisa izidingo ezingokwengqondo, ezingokomzwelo nezingokomoya zelungu ngalinye. Nokho, ngokungena kwesono, ukuphila komkhaya kwawohloka masinyane.—Qhathanisa nomShumayeli 8:9.
26. Yiliphi ikusasa elilindele labo abazama ukuphila ngokuvumelana nezimfanelo zikaJehova?
26 Kuyajabulisa ukuthi uJehova akayishintshanga injongo yakhe ngomkhaya. Uthembisa ukuletha izwe elisha elinokuthula abantu ‘abayohlala kulo belondekile, bangesatshiswa-muntu.’ (Hezekeli 34:28) Ngaleso sikhathi, ukuluthwa utshwala, ubudlova basekhaya, nazo zonke ezinye izinkinga ezonakalisa imikhaya namuhla ziyobe zingasekho. Abantu bayomomotheka, hhayi ngenjongo yokufihla ukwesaba nobuhlungu, kodwa ngoba ‘bethokoza ngokuthula okukhulu.’—IHubo 37:11.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba sibhekisela emlutheni wotshwala njengomuntu wesilisa, izimiso ezilapha zisebenza ngokufanayo nalapho umlutha kungumuntu wesifazane.
b Kwamanye amazwe, kunezikhungo zokwelapha, izibhedlela, nezinhlelo zokululama ezisiza imilutha nemikhaya yayo ngokukhethekile. Kuyisinqumo somuntu siqu ukuthi uyalufuna yini usizo olunjalo noma cha. Ayikho indlela ethile yokwelapha i-Watch Tower Society eyitusayo. Kodwa-ke, kumelwe umuntu aqaphele ukuze kuthi ekufuneni usizo, angazihileli ezintweni eziphula izimiso ezingokomBhalo.
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGAYISIZA KANJANI . . . IMIKHAYA UKUBA IGWEME IZINKINGA EZINGAYIBANGELA UKULIMALA OKUNGATHI SÍNA?
UJehova uyakulahla ukusebenzisa kabi utshwala.—IzAga 23:20, 21.
Umuntu ngamunye uyolandisa ngezenzo zakhe.—Roma 14:12.
Ngaphandle kokuzithiba ngeke sikwazi ukukhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo.—IzAga 29:11.
AmaKristu eqiniso ayabazisa abazali bawo abakhulile.—Levitikusi 19:32.
[Isithombe ekhasini 146]
Abadala abangamaKristu bangaba umthombo omkhulu wosizo ekuxazululeni izinkinga zomkhaya
[Isithombe ekhasini 151]
Abangane bomshado abangamaKristu abathandanayo nabahloniphanayo bayothatha isinyathelo sokulungisa izinkinga ngokushesha