UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
“Umusa wakho, Jehova, wangiphasa.”—IHubo 94:18.
1. Yini eyasondeza iNkosi uDavide eduze noJehova?
“IMIHLA yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.” (IHubo 145:2) Ungacabanga yini ukuthi iNkosi uDavide, eyaloba lawomazwi, kumelwe ukuba yayizizwa iseduze kangakanani noNkulunkulu? Ungakuzwa ukwazisa kwakhe, ukujula kokuzinikela kwakhe. Ngaphezu kwalokho, wayeveza ukwesaba nenhlonipho ayenayo ngoMdali wakhe, okunguYena yedwa owayemenzele okukhulu kangaka.
2. UDavide wakubonakalisa kanjani ukwazisa kwakhe ngobuhle bukaNkulunulu?
2 Njengoba iHubo 145:2 libonisa, ngezinye izikhathi ukwazisa kukaDavide ngobuhle bukaNkulunkulu kwakuchichima ngamazwi nangamahubo okudumisa. Kodwa lamazwi namahubo okudumisa kwakufakazelwa futhi yinkambo yakhe yokuphila. Cabangela ubufakazi obuthile. Wayefuna ukwakhela uNkulunkulu ithempeli, kodwa ngenkathi enqatshelwa lelilungelo, uDavide walungiselela imali enkulu kanye nezimpahla zokulungiselelwa kwalo. Akazange aneliswe kwaze kwaba yilapho esekhiphe zonke izitha zikaNkulunkulu eZweni Lesithembiso. Ngokwesikhathi esithile wabekezelela ubunzima nokuswela, ngisho nokushushiswa, kunokuba acasule uNkulunkulu ngokuziphindiselela kogcotshiweyo kaNkulunkulu, iNkosi uSawule. UDavide wayengakhumbula isikhathi lapho elwa noGoliyati futhi ebulala ingonyama nebhere. Yebo, uNkulunkulu wamsekela uDavide.
3. Uzizwa kanjani ngobuhle bukaNkulunkulu, futhi lokhu kungase kuboniswe kanjani?
3 Ingabe wake wazizwa njengoDavide, ugcwele ukwazisa ngobuhle bukaNkulunkulu kuwena? Kungenzeka ngisho nokuthi uye wakhathazeka ngenxa yokuthi wawufuna ukubonisa ukwazisa kwakho ngezinga elikhulu kunokuba wawenza. Ngezikhathi ezinjalo kuyaduduza ukukhumbula ukuthi uJehova uyathokoza ngenkonzo yomphefumulo wonke kungakhathaliseki ukuthi leyonkonzo ingase ibe ngelinganiselwe kangakanani ngenxa yokuba kwakho nezinye izibopho ezingokomBhalo. (Qhathanisa nabaseKolose 3:23.) Nokho, amaKristu amaningi aye akuhlaziya ngomkhuleko ukuphila kwawo ukuze abone ukuthi lingavezwa kanjani ithuba lokwenza okwengeziwe ekuboniseni uthando lwawo nokuzinikezela kuNkulunkulu. Izinkulungwane ziye zakwazi ukuhlela ukuba zingenele umsebenzi wokushumayela nokufundisa iBhayibheli isikhathi esigcwele, inkonzo yobuphayona.
Abasha Basondela KuJehova
4. (a) Yini eye yaphawulwa ngabasha abaningi, ibashukumisela ukuba benzeni? (b) Incwadi Inhlangano yenza kuphi ukusikisela kulokhu?
4 Abaningi abaye basondela kuJehova eminyakeni yamuva nje kuye kwaba ngabantu abasha. Baye babona ubuzenzisi benkolo yamanga nokwehluleka kwayo ukuqeda igagasi lobubi eligcwele emhlabeni. Baye babona okuphelele ukwahluleka komuntu ukuba azibuse ngokuphumelelayo futhi baye baphatheka kabi ngenxa yokoniwa komhlaba wethu oyigugu ngabentengiselwano abanobugovu. Lapho befunda ngekhambi elanelisayo leBhayibheli kulezizinkinga, baye bathatha iseluleko somlobi ohlakaniphile, owathi: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” (UmShumayeli 12:1) Ngokuvamile kuye kwaphumela ekukhonzeni njengesikhonzi esiyiphayona. Ngani? Incwadi ethi Inhlangano Yokushumayela Ngombuso Nokwenza Abafundi ithi ngalokhu: “Wonke umuntu osemusha kumelwe ayicabangele ngokungathi sína lengxenye yenkonzo [ukuphayona]. Nxa eqeda iminyaka yakhe yemfundo yezwe efunekayo, uzokwenzani ngokuphila kwakhe? Uyamthanda yini ngempela uJehova futhi abe nesihawu ngalabobantu ngokungathandi abasebugqilini esimisweni esidala sezinto? Uma engozinikezele, obhapathiziwe umdumisi kaJehova, kufanele kungabibikho ukungabaza. Inhliziyo yakhe iyomqhubela ekukhonzeni uJehova ngomphefumulo wonke.”—Ikhasi 132.
5. Abasha ababili basibheka kanjani isimo sabo?
5 Omunye osemusha eJaphani washukunyiswa kakhulu amaqiniso angokomBhalo ayewafundile kangangokuthi waba yiphayona elisizayo izikhathi eziyi-19 ngemva kokubhapathizwa kwakhe ngo-1978. Kwathi-ke ngoDecember 1980, eseneminyaka eyi-18, ezinyangeni ezintathu ngaphambi kokuphothula esikoleni, waba yiphayona elivamile. Ngenkathi unina, naye oyiphayona, embuza ngalokho akucabangayo ngesikhathi esizayo, impendulo yakhe esheshayo yaba ngukuthi kumanjenje kwakungekho-lutho olwalubaluleke ngaphezu kokushumayela nokusinda ‘osizini olukhulu.’ (Mathewu 24:21) Ukwazisa okufanayo kwaboniswa yiphayona eNertherlands, elaqalisa eminyakeni eyisishagalolunye edlule lineminyaka eyi-19. Ngenkathi libuzwa ngesizathu sokuthatha inkonzo yesikhathi esigcwele, laphendula: “Unembeza wami wangihlupha ngoba ngangihileleke ngokuphelele emsebenzini wami futhi nganginikela kuJehova kuphela isikhathi esasisele.”
Indlela UJehova Abasekela Ngayo
6. Kungani ungaqiniseka ngamandla kaNkulunkulu okusekela?
6 Okunjalo ukusondela ngokukanembeza kuNkulunkulu kubangela ukusabela okuvela kuye. Umfundi uJakobe uyasitshela: “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.” (Jakobe 4:8) Ake ucabange nje ngalokho! USomandla onguMbusi wendawo yonke uyosondela ngempela kumuntu okuthi ngobuqotho asondele kuye ngezenzo zokuzinikela okujulile. UNkulunkulu ukwenza kanjani lokho? Ngokwengxenye ukwenza lokho ngokusekela umuntu ngokomoya ngisho nangokwezinto ezibonakalayo uma kudingekile. (IHubo 34:10; 146:7) Udade oyiphayona elineminyaka engama-71 wasePhilippines, oseye waba yiphayona elikhiqizayo iminyaka engama-31, uyaloba: “Ngemali encane esiyitholayo siyakwazi ukulungiselela izidingo zethu nezomsebenzi wami wobuphayona. Angikaze neze ngizizwe ngibuthakathaka ngokomoya.”
7. (a) Injabulo namandla angokomoya kuhlobene kanjani? (b) Lokhu kuye kwabonakala kuyiqiniso ngayiphi indlela kodade ababili?
7 Enye indlela uJehova asekela ngayo impi yakhe yezinceku zesikhathi esigcwele ingokunikeza UKUJABULA, isithelo somoya wakhe. (Galathiya 5:22, 23) UPawulu ukuhlela ukuba kulandele kuphela uthando njengoba ehlela izithelo zomoya, futhi lokho kungokufanelekile. Ukujabula kunikeza amandla, okungekho“sosha” elingakhuthazela ngaphandle kwawo. UNehemiya 8:10 uthi: “Injabulo kaJehova iyinqaba yenu [noma “iyoqinisa,” Today’s English Version].” Ubuqiniso balokhu bufakazelwa okwashiwo udade owumKristu eLos Angeles, eCalifornia:
“Ngifise nje ukunazisa ukuthi ngijabule kangakanani. Ngathola ifomu lesicelo sobuphayona kumbonisi wesifunda . . . futhi ngenza amalungiselelo okuqala ngoJanuary 1, 1981. Ngenkathi uJanuary efika ngangabaza kakhulu, kodwa ngakhuleka kuJehova ukuba abusise imizamo yami futhi angisize ngifumane othile owayefuna ngempela ukufunda futhi owayefuna iqiniso. Nokho, ‘indebe yami yachichima.’ Ngalé kokufumana abantu abaningi abathakazelayo, umbiko wami kaJanuary 1981 wawungamahora ayi-102 emsebenzini wokushumayela, omagazini abayi-135, izincwadi ezingama-23, izimpindelo ezingama-47, izincwajana eziyi-2, izikhokhelo eziyi-3 nezifundo zeBhayibheli eziyi-9. Amafasitela asezulwini avuleka futhi isibusiso sikaJehova sangigcwalisa kakhulu kangangokuba ngizwa sengathi inhliziyo yami izogxuma iphumele ngaphandle.”
Lenjabulo eqinisayo ivezwa futhi udade oneminyaka eyi-14 ubudala waseBrazil owasebenzisa isikhathi sakhe sokuvalwa kwezikole ukuze abe yiphayona elisizayo nonina. Uyachaza:
“Isikhathi ngasinye lapho ngiya enkonzweni yasensimini, ngizizwa ngikhuthazeka, futhi njengoba ngiqhubeka ngishumayela ngiphawula ukuthi kulula ngami ukuthintana nabantu. Kuyinkonzo enginikeza injabulo enkulu, njengoba ngazi ukuthi ngijabulisa uJehova nokuthi kuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa ubusha bami.”
8. Ukuphayona kungase kube naliphi ithonya ekushumayeleni kwakho kwasobala?
8 Uphawulile yini ukuthi udade osemncane utheni ngokubalula kokuthintana nabantu njengoba ‘eqhubeka nokushumayela’? Ingabe uke wakuzwa lokho? Amaphayona amaningi aye alifakazela leliqiniso, ethi aqala ukuyijabulela ngempela inkonzo yasensimini ikakhulukazi ngenkathi esekwazi ukuyenza usuku nosuku. Ngani? Nokho, amaKristu amaningi akwazi ukuhlanganyela kuyo ngezikhathi ezithile kuphela afumana ukuthi ayesaba kancane isikhathi ngasinye lapho eqala ukushumayela endlini ngendlu. Lapho sebengene izindlu ezimbalwa kuba yikhona beyifumana ijabulisa ngempela. Nokho, amaphayona ahlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa obala nsuku zonke, futhi aseye aba nekhono elihle kukho, ngakho-ke kulula futhi kujabulisa ngokwengeziwe.
9. Yikuphi ukusikisela omunye umbonisi ojikelezayo aba nakho ngokuphathelene nokuphayona?
9 Umbonisi ojikelezayo eUnited States waqaphela ukuthi abaningi ngokungangabazeki bebengaba amaphayona akahle uma nje bebenganambitha injabulo namandla atholakala ekuphayoneni futhi uma bebengaqiniseka ukuthi bebengaqhubeka njengamaphayona. Uchaza lokho akusikisela:
“Kubonakala sengathi abaningana abanomoya wobuphayona bayagodla, besaba ukuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka kuleyonkonzo. Ngiye ngasikisela ukuba bazibekele umgomo wokuba amaphayona unyaka owodwa; khona-ke bangabona ukuthi impilo yabo, isimiso, nokunye okunjalo, ukuthi kuhamba kanjani. Uma, ekupheleni konyaka benomuzwa wokuthi abakwazi ukuqhubeka, nokho bayobe sebebenawo unyaka omuhle wokuphayona abangeke neze bawukhohlwe. Nokho, abaningi bayakwazi ukuqhubeka, uma nje sebeke bayinambitha injabulo yabo.”
Ilungiselelo lobuphayona obusizayo, lapho umKristu engase akhonze khona isikhathi okungenani esiyinyanga noma izinyanga eziningi kangangokuba angase akhethe, liye ngokuvamile laba isinyathelo sokuqala esiholela ebuphayoneni obuvamile.
10. Amaphayona azizwa kanjani ngokufanelekile ngokusekelwa ngokwezinto ezibonakalayo?
10 Amaphayona angaphambili kwempi engokomoya futhi enza umsebenzi omuhle kakhulu. Nokho, awacabangi ukuthi kumelwe aphathwe ngokukhethekile ngenxa yalokhu. Ayaqaphela ukuthi amane nje ‘angamasosha kanye nabanye’ abayizigidi abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka kodwa abangekho esimweni sokukhonza njengamaphayona. Ngenxa yezimo zabo, ukuphayona kuyabasiza ukuba banikeze inkonzo yomphefumulo wonke, okuyimfuneko kubo bonke abavunyelwe uNkulunkulu. Abalindeli abanye ukuba babaphe ukudla, izambatho noma babondle ngenye indlela ngokwezinto ezibonakalayo. Bazizwa njengoPawulu, owathi: “Ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi-muntu kini.”—2 Thesalonika 3:8.
11. Kungani amaKristu amaningi ekujabulela ukusiza labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele?
11 Ngisho noma uPawulu ayengafuni ukuba umthwalo kunoma ubani, nokho amanye amaKristu akuqala abonisa ukwazisa kwawo ngenkonzo yakhe ngokumsiza ngokwezinto ezibonakalayo. Ngaleyondlela babemsiza ukuba aqhubeke enza lokho bona ngokwalesosikhathi ababengenakukwazi ukukwenza. (Filipi 4:14-19; 2 Korinte 11:8) Ngokufanayo, kukhona amaKristu amaningi namuhla asebenzela ngempela emgomweni wokuphayona, kodwa azimo zawo zikwenza kungabi nakwenzeka lokho okwamanje. Ngokuvamile laba ngokuzithandela baye bahlanganyela izinto ezibonakalayo nalabo abakwaziyo ukuphayona manje, futhi lokhu kuphana, nakuba kungalindelwe, kuyaziswa kakhulu ngamaphayona.
12. Nokho, amaphayona adinga kuphi ukwethembela, njengoba kwaboniswa ngomunye udade?
12 Ngisho nakuba kukhona ukuphana kwabaningi abahlanganyela nawo abangamaKristu, amaphayona kudingeka ethembele emandleni kaNkulunkulu okuwasiza. Muva nje iphayona laloba lokhu okulandelayo:
“Ngiye ngaba nentokozo yokuba iphayona elivamile iminyaka emithathu egcwele. Kuye kwaba iminyaka engcono kakhulu yokuphila kwami. Ngiyambonga kakhulu uJehova ngokungivumela ukuba ngikhonze kulelilungelo. Kuye kwaba yisici esiqinisa ukholo kakhulu ekuphileni kwami ngiseqinisweni, njengoba izikhathi eziningi ngiye ngambona uJehova engilungiselela. Inkonzo yesikhathi esigcwele iye yangisiza ukuba ngiqonde ngokujulile amazwi kaJesu akuMathewu 6:25-33. Mangivume ukuthi ngezikhathi ezithile ngiye ngaba nakho ukukhathazeka okuthile, kodwa ngokuvamile kuba ngokwesikhashana, njengoba kumelwe ngikhumbule nje kuphela ukuthi uJehova uye wazigcina kanjani izithembiso zakhe esikhathini esidlule. Kungani kumelwe ngimngabaze manje? Nsuku-zonke ngizama ukuhlaziya isimo sami bese ngiphetha ngokuthi nginakho ukudla, izembatho nophahla ngaphezu kwekhanda lami, njengoba nje uJesu wathi kwakuyoba njalo. Uma wenza umsebenzi wokuziphilisa ubusuku obubili kuphela ngesonto, uyazi ukuthi nguJehova okunakekele. Yeka umuzwa omuhle wokulondeka!”
Ukuphayona—Yisibonakaliso Sokholo
13. Yiziphi izifundo zokholo olubonakalisiwe esizithola eBhayibhelini?
13 IBhayibheli ligcwele izibonakaliso zokholo. Ukwakhiwa komkhumbi kwakuyisibonakaliso esiphawulekayo sokholo lukaNowa nomkhaya wakhe. Futhi asinakulukhohlwa ukholo olwabonakaliswa uAbrahama, uSara, uJosefa, uMose noRahabi. Kodwa, njengoba uPawulu asho, “isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi.” (Heberu 11:32) Imisebenzi yabo yokholo yayingengavamile, yayiyilokho abanye abangase bathande ukukuchaza ‘njengokungalé kokufunwa umsebenzi.’ Nokho, kwakungewona nje umuzwa womsebenzi owabashukumisa. Uthando lwabo ngoNkulunkulu nokholo lwabo kuye, kuhlanganise neqiniso lokuthi uNkulunkulu wayebacangela ‘indawo engcono,’ kwabashukumisela ukuba ‘bamemezele obala’ ukholo lwabo. UJehova wazizwa kanjani ngemisebenzi yabo yokholo? IZwi lakhe liyaphendula: “UNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.”—Heberu 11:13-16.
14. Kungani ukuphayona kungase kube umsebenzi wokholo ngawe namuhla?
14 Yimiphi imisebenzi engaphezu kwevamile engase yenziwe namuhla? Kwabaningi impendulo ihlanganisa inkonzo yesikhathi esigcwele, inkonzo yobuphayona. Ngokuqondakalayo, akubona bonke abakha ‘yonke inhlangano yabazalwane’ emhlabeni abangase baphayone noma ngisho babe ngamaphayona asizayo njalonjalo. (1 Petru 2:17) Kodwa ngisho nakulabo abazimo zabo zibavumela, ukholo ludingekile. Umzalwane e-Europe uyabhala: “Abaningi bangeluleka ukuba ngingabi iphayona, ngoba lokho ngokwabantu abanamandla. Anginawo amandla angokomzimba, futhi eqinisweni nginesifumbu. Nokho, ngaqala futhi ngosizo lukaJehova sengiye ngaba iphayona iminyaka engama-30 manje.” Wenezela ngokuthi ‘uye wafumana ukwaneliseka okukhulu ngokuba abe nesimo esigcwele esimsiza ukuba asondele eduze kukaJehova.’ Ngokuqinisekile uJehova uye wamsekela lomzalwane enkonzweni yobuphayona.
15. Umzalwane eJaphani walubonakalisa ngayiphi indlela ukholo lwakhe?
15 Ukubonakalisa ukholo enkonzweni yobuphayona akulinganiselwe nje kuphela kwabesigaba sobudala obuthile. Umzalwane eJaphani wafunda iqiniso lobuKristu ngemva kokuthatha umhlala-phansi njengothisha wesikole, wabhapathizwa masinyane eseneminyaka engama-60, wayesengenela ngokushesha umsebenzi wobuphayona obusizayo. Lapho eba iphayona elivamile eseneminyaka engama-61, wacabanga ngedolobha elisentabeni ayekhulele kulo lapho babengekho khona oFakazi BakaJehova. Yena nomkakhe, naye oyiphayona, bathengisa ngendlu yabo esedolobheni elikhulu baya kulelodolobhana. Ngemali abayithola ekuthengiseni ngendlu yabo, lomkhaya wakha iHholo LoMbuso lapho, futhi baye baba nesibusiso sokubona ibandla lakheka.
16, 17. Kungani manje kuyisikhathi esifanelekile ngawe sokuba ucabangele ngokungathi sína ukuba yiphayona?
16 Isikhathi siyasiphelela ngokushesha lesisimiso esibi sezinto samanje. Njengoba nje amaIsrayeli akwandisa ukuzungeza kwawo umuzi omubi waseJeriko ngaphambi nje kokubhujiswa kwawo, ngokunjalo manje, ngaphambi nje kokuba uJehova abhubhise esamanje isimiso, umema abantu ukuba bamemeze ngamandla. (Joshuwa 6:20) Ingabe usesimweni sokuhlanganyela ngokugcwele ngokwengeziwe kulokhokumemeza kokunqoba ngokuba ube yiphayona? Uma ubungazihlela izimo zakho ukuze zikuvumele lokho, ingabe unalo yini ukholo lokwenza kanjalo? Qiniseka ngokuthi uJehova uyokwenza ingxenye yakhe, akusekele futhi enezele injabulo yakho. Uyoyibusisa imizamo yakho. Ungase ufane nodade osephayone iminyaka eyi-10 eNertherlands, owathi: “Unembeza wami waqala ukukhuluma nami ngoba nganginaso isikhathi. Ngaqala ukuphayona ukuze ngithulise unembeza wami okhathazekile nokuba ngizibonise ngokwami ukuthi impilo yami engeyinhle yayingeke ingivumele ukuba ngiqhubeke njengephayona. Nokho ngisalokhu ngiphayona.”
17 Yebo, uJehova ufeza izinto ezinkulu ‘ezinsukwini zokugcina’ zesamanje isimiso esibi sezinto. Manje isikhathi sokusondela eduze kuye ukuze kudunyiswe igama lakhe usuku lonke, njengoba kwenza uDavide. Yiba nokholo esethembisweni sikaNkulunkulu sokusekela. UDavide waloba: “Lapho ngithé unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.”—IHubo 94:18.
INGABE UNGACHAZA UKUTHI . . .
□ Kungani kungokufanelekile ngamaKristu asemasha ukuba acabangele ukuphayona?
□ UJehova uzisekela kanjani izinceku zakhe zesikhathi esigcwele?
□ Kungani ukuphayona kuyisibonakaliso esikhethekile sokholo?
[Isithombe ekhasini 21]
Amaphayona afumana umsebenzi wokushumayela kwasobala ujabulisa futhi ngokuvamile aba-ngaphumelela kakhulu
[Isithombe ekhasini 23]
Abaningi abangakwazi ukuphayona okwamanje bayakwazi ukuhlanganyela izinto ezibonakalayo nalabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele