Isahluko 29
Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kube Yimpumelelo
1. (a) Umkhaya waqala kanjani? (b) Yayiyini injongo kaNkulunkulu ngokuqondene nomkhaya?
LAPHO uJehova uNkulunkulu edala indoda nowesifazane bokuqala, wabahlanganisa ndawonye ukuba baveze umkhaya. (Genesise 2:21-24; Mathewu 19:4-6) Kwakuyinjongo kaNkulunkulu ukuba lombhangqwana oshadile wande ngokuveza abantwana. Khona-ke, lapho abantwana sebekhulile, kwakumelwe bashade bakhe eyabo imikhaya. Kwakuyinjongo kaNkulunkulu ukuba, ngemva kwesikhathi, kube khona imikhaya ejabulayo kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Yayizokwenza umhlaba ube yipharadesi elihle yonke indawo.—Genesise 1:28.
2, 3. (a) Kungani uNkulunkulu engenakusolwa ngokwehluleka kwemikhaya? (b) Yini edingekile ukuze kujatshulelwe ukuphila komkhaya okuphumelelayo?
2 Nokho, namuhla imikhaya iyahlukana, kanti eminingi esahleli ndawonye ayijabuli. Ngakho umuntu angase abuze: ‘Uma umkhaya wadalwa uNkulunkulu ngempela, akumelwe yini silindele imiphumela engcono?’ Nokho, uNkulunkulu akanakubekwa icala ngokwehluleka kwemikhaya. Ifemu ingase yakhe umshini othile bese ikhipha iziyalezo zokuwusebenzisa. Kodwa ingabe kuyiphutha layo uma lowomshini wehluleka ngenxa yokuba owuthengile engazilandeli iziyalezo? Lutho neze. Umshini, ngisho noma ungowohlobo oluqine kanjani, uyohluleka ukusebenza ngenxa yokuthi awusetshenziswa ngendlela. Kungokufanayo-ke nangomkhaya.
3 UJehova uNkulunkulu uye wanikeza iziyalezo eBhayibhelini ngokuqondene nokuphila komkhaya. Kodwa uma leziziyalezo zinganakwa, khona-ke kuthiwani? Ngisho noma ilungiselelo lomkhaya liphelele, ungahlukana phakathi. Khona-ke amalungu omkhaya ngeke ajabule. Ngakolunye uhlangothi, uma iziqondiso eziseBhayibhelini zilandelwa, lokhu kuyokwenza umkhaya ujabule futhi ube nempumelelo. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu wawenza kanjani amalungu ahlukahlukene omkhaya, nokuthi iziphi izindima ayenenjongo yokuba azigcwalise.
INDLELA UNKULUNKULU ADALA NGAYO INDODA NOWESIFAZANE
4. (a) Yikuphi ukwehlukana okukhona phakathi kwamadoda nabesifazane? (b) Kungani uNkulunkulu enza ukwehlukana okunjalo?
4 Noma ubani angabona ukuthi uJehova akazange enze amadoda nabesifazane bafane. Kuyiqiniso ukuthi bafana ngezindlela eziningi. Kodwa kukhona ukwehlukana okusobala ekubonakaleni kwabo ngokomzimba nasekwakhekeni okungokobulili. Futhi, banezimfanelo ezingokomzwelo ezihlukene. Kungani kunokwehlukana? UNkulunkulu wabenza ngaleyondlela ukuze asize ngamunye ukuba agcwalise indima ehlukile. Ngemva kokuba uNkulunkulu edale indoda, uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi [umphelelisi] onjengaye.”—Genesise 2:18, qhathanisa ne-NW.
5. (a) Owesifazane wenziwa kanjani waba ‘umphelelisi’ wendoda? (b) Kukuphi lapho umshado wokuqala wenzelwa khona? (c) Kungani umshado ungaba yilungiselelo elijabulisa ngempela?
5 Okuphelelisayo kungokuthile okufana naleyonto noma okuhambisana kahle nenye into, kuyenze iphelele. UNkulunkulu wenza owesifazane njengomphelelisi owanelisayo wendoda ukuba ayisize ekufezeni iziyalezo ezivela kuNkulunkulu zokugcwalisa umhlaba nokuwunakekela. Ngakho-ke ngemva kokudala owesifazane ngengxenye ethile yendoda, uNkulunkulu wenza umshado wokuqala lapho ensimini yase-Edeni ngokuba ‘amlethe endodeni.’ (Genesise 2:22; 1 Korinte 11:8, 9) Umshado ungase ube yilungiselelo elijabulisayo ngoba indoda nowesifazane babakhiwe baba nesidingo omunye wabo anendlela yokusigcwalisa. Izimfanelo zabo ezihlukene ziyaphelelisana. Uma indoda nowesifazane bezwana futhi bazisana futhi bebambisana ngokuvumelana nezindima abazabelwe, ngamunye unikela ngengxenye yakhe ekwakheni ikhaya elijabulisayo.
INDIMA YENDODA
6. (a) Ubani owenziwa waba yinhloko yomkhaya? (b) Kungani lokhu kufanelekile futhi kunengqondo?
6 Umshado noma umkhaya udinga ukuhola. Indoda yadalwa yaba nezimfanelo eziningana namandla adingekayo ekunikezeni ukuhola okunjalo. Ngenxa yalesizathu iBhayibheli lithi: “Indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla.” (Efesu 5:23) Lokhu kunengqondo, ngoba lapho kungekho khona ukuhola kukhona inkathazo nokukhungatheka. Ngomkhaya ukuba ungabi nakuhola kungafana nokuzama ukushayela imoto ngaphandle kwesondo lokuyiqondisa. Noma, uma umfazi engancintisana nobunhloko obunjalo, bekungafana nabashayeli bemoto ababili, ngamunye enesondo lakhe lokuqondisa eqondisa elinye isondo langaphambili nomunye elinye.
7. (a) Kungani abanye besifazane bengawuthandi lomqondo wokuba indoda ibe yinhloko? (b) Ingabe wonke umuntu unenhloko, futhi kungani ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko lingelokuhlakanipha?
7 Nokho, abesifazane abaningi abawuthandi umqondo wokuba indoda ibe yinhloko yomkhaya. Esinye isizathu esiyinhloko salokhu siwukuthi amadoda amaningi awazange azilandele iziyalezo zikaNkulunkulu ngokusebenzisa ubunhloko ngokufanelekile. Nokho, kuyiqiniso eliqondakalayo ukuthi nganoma iyiphi inhlangano ukuba isebenze kahle othile kudingeka anikeze ukuqondisa enze nezinqumo zokugcina. Kungakho iBhayibheli ngokuhlakanipha lithi: “Inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Elungiselelweni likaNkulunkulu, uNkulunkulu uwukuphela kwakhe ongenayo inhloko. Bonke abanye, kuhlanganise noJesu Kristu, kanye namadoda nabafazi, badinga ukwamukela ukuqondiswa futhi bazithobe ezinqumweni zabanye.
8. (a) Isibonelo sikabani amadoda okumelwe asilandele ekusebenziseni ubunhloko? (b) Yisiphi isifundo amadoda okumelwe asifunde kulesosibonelo?
8 Lokhu kusho ukuthi ukuze amadoda afeze indima yawo, kumelwe amukele ubunhloko bukaKristu. Futhi, kumelwe alandele isibonelo sakhe ngokusebenzisa ubunhloko kubafazi bawo njengoba nje enza ebandleni labalandeli bakhe. UKristu wasebenzelana kanjani nabalandeli bakhe basemhlabeni? Ngaso sonke isikhathi kwakungendlela yomusa neyokubacabangela. Akakaze abe nokhahlo noma abathukuthelele masinyane, ngisho nalapho bethatha kade ukwamukela ukuqondisa kwakhe. (Marku 9:33-37; 10:35-45; Luka 22:24-27; Johane 13:4-15) Eqinisweni, ngokuzithandela wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo. (1 Johane 3:16) Indoda engumKristu kumelwe itadishe isibonelo sikaKristu ngokunakekela, bese yenza konke okusemandleni ayo ukuba isilandele uma isebenzelana nomkhaya wayo. Ngokwenza kanjalo, ngeke ibe yinhloko ewuzwilakhe, enobugovu nengawucabangeli umkhaya.
9. (a) Yikuphi ukhononda abafazi abaningi abanakho? (b) Yini amadoda okumelwe ayikhumbule ngokuhlakanipha lapho esebenzisa ubunhloko?
9 Nokho, ngakolunye uhlangothi, amadoda kumelwe acabangele lokhu: Ingabe umkakho ukhononda ngokuthi awenzi ngempela njengenhloko yomkhaya? Ingabe uthi awuholi ekhaya, awuzihleli izinto zokwenziwa umkhaya futhi awuwufezi umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo zokugcina? Kodwa yilokhu uNkulunkulu afuna ukuba wena, njengendoda, ukwenze. Yebo, kungaba ukuhlakanipha ngawe ukuba wamukele ukusikisela nokukhetha kwamanye amalungu omkhaya bese ukucabangela lokho kusikisela ekusebenziseni kwakho ubunhloko. Njengendoda, ngokusobala unendima enzinyana emkhayeni. Kodwa uma wenza umzamo oqotho wokuyigcwalisa, cishe umkakho uyozizwa ethambekele ukuba akusize futhi akusekele.—IzAga 13:10; 15:22.
UKUGCWALISA INDIMA YOMFAZI
10. (a) Iyiphi inkambo iBhayibheli eliyikhuthazayo kumakhosikazi? (b) Yini eyenzekayo uma amakhosikazi ehluleka ukugcina iseluleko seBhayibheli?
10 Njengoba iBhayibheli lisho, owesifazane wenziwa njengomsizi wendoda yakhe. (Genesise 2:18) Ekuhambisaneni naleyondima, iBhayibheli liyakhuthaza: “Abafazi mabathobele amadoda abo.” (Efesu 5:22) Namuhla ukuhlasela kwabesifazane nokuncintisana namadoda sekuyinto evamile. Kodwa uma abafazi bephoqelela izimo, bezama ukuthatha ubunhloko, isenzo sabo ngokuqinisekile singase sibangele inkinga. Amadoda amaningi, athi: ‘Uma efuna ukuphatha izintambo, makenze kanjalo.’
11. (a) Umfazi angamsiza kanjani umyeni wakhe ukuba ahole? (b) Uma umfazi efeza indima yakhe ayabelwe uNkulunkulu, imuphi umphumela lokhu okungaba nawo kumyeni wakhe?
11 Ngakolunye uhlangothi, ungase ube nomuzwa wokuthi uphoqelelekile ukuba uhole, ngoba umyeni wakho akaholi. Kodwa kungenzeka yini wenze okwengeziwe ukuba umsize ukuba atshathe imithwalo yakhe njengenhloko yomkhaya? Ingabe uyambonisa ukuthi ubheke kuye ngokuholwa? Uyakucela ukusikisela kwakhe nokuqondisa? Uyakugwema yini nganoma iyiphi indlela ukululaza akwenzayo? Uma ukusebenzela ngempela ukugcwalisa indima yakho oyabelwe uNkulunkulu emkhayeni, umyeni wakho cishe uyoqala ukusebenzela kweyakhe.—Kolose 3:18, 19.
12. Yini ebonisa ukuthi amakhosikazi angayiveza ngokufanelekile imibono yawo, ngisho nakuba iphikisana neyabayeni bawo?
12 Lokhu akusho ukuthi umfazi akumelwe aveze imibono yakhe uma yehlukile kweyomyeni wakhe. Angase abe nombono oqondile, futhi umkhaya uzuze uma umyeni wakhe emlalela. Sinikezwe umka-Abrahama uSara njengesibonelo sabafazi abangamaKristu ngenxa yokuzithoba kwakhe kumyeni wakhe. (1 Petru 3:1, 5, 6) Kodwa nokho watusa ikhambi enkingeni yomkhaya, futhi uma uAbrahama engavumelani naye uNkulunkulu wathi kuye: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:9-12) Yebo, uma indoda yenza isinqumo sokugcina endabeni, umfazi kumelwe cisisekele uma ukwenza kanjalo kungeke kumbangele ukuba eqe umthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29.
13. Yini umfazi omuhle ayoyenza, futhi uyoba yini umphumela emkhayeni wakhe?
13 Ekugcwaliseni indima yakhe ngokufanelekile, kunokuningi umfazi angakwenza ekunakekeleni umkhaya. Ngokwesibonelo, angase alungiselele ukudla okunomongo, agcine ikhaya lihlanzekile futhi ahlanganyele ekufundiseni abantwana. IBhayibheli likhuthaza abesifazane abashadile “ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; babe-ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.” (Thithu 2:4, 5) Umfazi ongumama ofeza lemisebenzi uyozizuzela uthando oluhlala njalo nenhlonipho emkhayeni wakhe.—IzAga 31:10, 11, 26-28.
INDAWO YABANTWANA EMKHAYENI
14. (a) Siyini isikhundla esifanelekile sabantwana emkhayeni? (b) Yini abantwana abangayifunda esibonelweni sikaJesu?
14 UJehova wayala umbhangqwana wokuqala wabantu ngokuthi: “Zalani, nande.” (Genesise 1:28) Yebo, uNkulunkulu wabatshela ukuba babe nabantwana. Abantwana kwakuqondwe ukuba babe yisibusiso emkhayeni. (AmaHubo 127:3-5) Njengoba baba ngaphansi komthetho nomyalo wabazali babo, iBhayibheli liqhathanisa isikhundla somntwana nesenceku. (IzAga 1:8; 6:20-23; Galathiya 4:1) Ngisho noJesu waqhubeka ezithoba kubazali bakhe ngesikhathi esengumntwana. (Luka 2:51) Lokhu kusho ukuthi wayebalalela, enza lokho ababemqondisa ngakho. Ukuba bonke abantwana bebenza okufanayo, ngempela bekungaphumela enjabulweni yomkhaya.
15. Kungani abantwana ngokuvamile bebangela inhliziyo ebuhlungu kubazali babo?
15 Nokho, kunokuba babe yisibusiso emkhayeni, abantwana namuhla ngokuvamile babangela izinhliziyo ezibuhlungu kubazali. Ngani? Kungenxa yokwehluleka kwabantwana, kanye nabazali ngokufanaiyo, ukusebenzisa iziyalezo zeBhayibheli ngokuphila komkhaya ekuphileni kwabo. Iyini eminye yalemithetho nezimiso zikaNkulunkulu? Ake sihlole eminye yayo emakhasini alandelayo. Njengoba senza kanjalo bona ukuthi awuvumi yini ukuthi, ngokuyisebenzisa, ungase unikele enjabulweni yomkhaya wakho.
Thanda Futhi Uhloniphe Umkakho
16. Yini amadoda ayalwa ukuba ayenze, futhi lemiyalo ifezwa kanjani ngokufanelekile?
16 Ngokuhlakanipha kwaphezulu, iBhayibheli lithi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo.” (Efesu 5:28-30) Ngokuphindaphindiwe, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ukuze abafazi bajabule kudingeka babe nomuzwa wokuthi bayathandwa. Lokhu kusho ukuthi indoda kumelwe inikeze umkayo ukunakekela okukhethekile, kuhlanganise nokumphatha kahle, ukuzwelana naye nokumqinisekisa. Indoda kumelwe ‘imnike udumo,’ njengoba iBhayibheli lisho. Lokhu ikwenza ngokuba imcabangele kukho konke ekwenzayo. Ngalendlela iyofanelwa inhlonipho yomkayo.—1 Petru 3:7.
Hlonipha Umyeni Wakho
17. Amakhosikazi ayalwa ukuba enzeni futhi lokhu akwenza kanjani?
17 Kuthiwani-ke ngabafazi? “Umfazi makahloniphe indoda [ngokujulile],” njengoba kusho iBhayibheli. (Efesu 5:33) Ukwehluleka ukugcina lesiseluleko kuyisizathu esiyinhloko sokuba amadoda abe lukhuni komkawo. Umfazi ubonisa inhlonipho ngokusekela izinqumo zomyeni wakhe, nangokubambisana ngomphefumulo wonke naye ukuba bafinyelele imigomo yomkhaya. Ngokufeza indima yakhe ayabelwe ngokweBhayibheli njengo‘msizi nomphelelisi’ womyeni wakhe, wenza kube lula ngomyeni wakhe ukuba amthande.—Genesise 2:18.
Thembekani Komunye Nomunye
18. Kungani abangane bomshado, kumelwe bathembeke komunye nomunye?
18 IBhayibheli lithi: “Amadoda nabafazi kumelwe bathembeke komunye nomunye.” Endodeni lithi: “Jabula ngomkakho uthole intokozo ngentombazane oyishadileyo . . . ungalunikelani uthando lwakho komunye wesifazane? Kungani uthathwa ubuhle bomfazi wenye indoda?” (Heberu 13:4; IzAga 5:18-20, Today’s English Version) Yebo, ukuphinga kuphambene nomthetho kaNkulunkulu; kuholela enkathazweni yomshado. Omunye umcwaningi kwezemishado waphawula: “Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukushendeza kungase kuwunandise umshado,” kodwa wabe esenezela ukuthi lokho kushendeza ngaso sonke isikhathi kuholela “ezinkingeni zangempela.”—IzAga 6:27-29, 32.
Funa Ukujabulisa Umngane Wakho
19. Abangane bomshado bangayithola kanjani injabulo enkulu ebuhlotsheni bobulili?
19 Injabulo ayizi ngokuba umuntu azifunele yena ngokuyinhloko injabulo yobulili. Kunalokho, itholakala ngokufuna futhi ukujabulisa umngane wakhe. IBhayibheli lithi: “Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni.” (1 Korinte 7:3) Ukugcizelela kusekunikeni, ukupha. Futhi ngokupha, lowo ophayo naye uthola injabulo yoqobo. Kunjengoba uJesu Kristu asho: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.
Baphe Ubuqu Bakho Abantwana Bakho
20. Kungani ukwenza izinto nabantabakhe umuntu kubaluleke kangaka?
20 Umntwana oneminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili ubudala wathi: “Ubaba usebenza sonke isikhathi. Akabibikho ekhaya. Unginikeza imali nezinto zokudlala eziningi, kodwa uyivela kancane. Ngiyamthanda futhi ngifisa sengathi ngabe akasebenzi sonke isikhathi ukuze ngimbone ngokwengeziwe.” Yeka ukuthi ukuphila komkhaya kuba ngcono kangakanani uma abazali belandela umyalo weBhayibheli wokufundisa abantwana babo ‘lapho behlezi emakhaya nalapho behamba endleleni nalapho belala nalapho bevuka’! Ukubapha ubuqu bakho abantwana bakho, uchithe isikhathi esingcono nabo, ngokuqinisekile kuyonikela enjabulweni yomkhaya.—Duteronomi 11:19; IzAga 22:6.
Nikeza Ukuyala Okudingekayo
21. IBhayibheli lithini ngokuyala abantwana?
21 UBaba wethu osezulwini ubekela abazali isibonelo esifanelekile ngokunikeza abantu bakhe isiyalo esiqondisayo, noma ukuyala. Abantwana bayasidinga isiyalo. (Heberu 12:6; IzAga 29:15) Likuqaphela lokhu. iBhayibheli liyakhuthaza: “Nani-boyise, . . . nibondle [abantwana benu] ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Ukuyala, ngisho noma kungase kuhlanganise uswazi noma ukubancisha amalungelo athile, kuwubufakazi bokuthi abazali bayabathanda abantwana babo. IBhayibheli lithi: “Oyithandayo [indodana yakhe] uyayilaya ngesineke.”—Efesu 6:4; IzAga 13:24; 23:13, 14.
Basha—Melanani Nezindlela Zezwe
22. Isiphi isibopho intsha enaso, futhi yini ehilelekile ekusigcwaliseni?
22 Izwe lizama ukwenza intsha ukuba iphule imithetho kaNkulunkulu. Futhi, njengoba iBhayibheli liphawula, “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” (IzAga 22:15) Ngakho-ke kudinga ukulwelwa ukwenza okulungileyo. Nokho iBhayibheli lithi: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.” Kuyoletha imivuzo ecebile. Ngakho-ke, bantwana, hlakaniphani. Landelani lesiseluleko: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” Melana nezilingo zokusebenzisa izidakamizwa, ukudakwa, ukuhlobonga nokwenza ezinye izinto eziphambene nemithetho kaNkulunkulu.—Efesu 6:1-4; UmShumayeli 12:1; IzAga 1:10-19.
Tadishani IBhayibheli Ndawonye
23. Yiziphi izinzuzo eziyojatshulelwa imikhaya ngokutadisha iBhayibheli ndawonye?
23 Uma ilungu elilodwa lomkhaya litadisha futhi lisebenzisa izimfundiso zeBhayibheli, kuyonikela enjabulweni yomkhaya. Kodwa uma wonke ekwenza lokho—indoda, umfazi nabantwana—yeka ukuthi kuyoba umkhaya obusiswe kanjani lowo! Kuyoba khona ubuhlobo obufudumele, nobuseduze, kanye nokuxoxa kalula, njengoba ilungu ngalinye lomkhaya lizama ukusiza amanye ukuba akhonze uJehova uNkulunkulu. Ngakho kwenzeni umkhuba womkhaya ukutadisha iBhayibheli ndawonye!—Duteronomi 6:4-9; Johane 17:3.
UKUPHATHA IZINKINGA ZOMKHAYA NGOKUPHUMELELAYO
24. Kungani abangane bomshado kumelwe babonelelane ngamaphutha omunye nomunye?
24 Ngisho nasemikhayeni ejabulayo ngokuvamile, ziyoba khona izinkinga ngezikhathi ezithile. Lokhu kungenxa yokuthi sonke asiphelele futhi senza izinto ezingalungile. IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka ngokuningi.” (Jakobe 3:2) Ngakho-ke abangane bomshado akumelwe bafune ukuphelela komunye nomunye. Kunalokho, ngamunye kumelwe azwelane nomunye ngamaphutha akhe. Ngakho-ke akekho kwabashadileyo okumelwe alindele umshado ojabula ngokuphelele, njengoba lokhu akunakwenzeka ngabantu abangaphelele ukuba bakufinyelele.
25. Izinkinga zomshado kumelwe zixazululwe kanjani ngothando?
25 Yebo, indoda nomfazi bayofuna ukusebenzela ukugwema ukuthukuthelisa omunye. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi bazama kangakanani, kuyokwenzeka ngezinye izikhathi omunye enze izinto ezimphatha kabi omunye. Khona-ke, izinkinga kumelwe ziphathwe kanjani? Iseluleko seBhayibheli siwukuthi: “Uthando lusibekela inqwaba yezono.” (1 Petru 4:8) Lokhu kusho ukuthi abangane bomshado ababonisana uthando ngeke balokhu beveza amaphutha enziwe ngomunye. Ngenye indlela, uthando luthi, ‘Yebo, wenze iphutha. Kodwa nami ngiyawenza ngezinye izikhathi. Ngakho-ke ngizowasibekela awakho, nawe futhi ungase wenze okufanayo kwawami.’—IzAga 10:12; 19:11.
26. Uma kuphakama ubunzima obuthile, yini eyosiza ekulungiseni indaba?
26 Uma imibhangqwana ikulungele ukuvuma amaphutha futhi izame ukuwalungisa, ukuthethisana okuningi nobuhlungu benhliziyo kungagwenywa. Umgomo wabo kumelwe kube owokuxazulula izinkinga, hhayi owokuphumelela ezimpikiswaneni. Ngisho noma umngane wakho esephutheni, kwenze kube lula ukuxazulula inkinga ngokuba onomusa. Uma kunguwe osephutheni, ngokuthobeka cela ukuthethelelwa. Ungalindi kuze kwephuze; singathani inkinga ngaphandle kokulibala. “Ilanga malingashoni nisathukuthele.”—Efesu 4:26.
27. Ukulandela siphi iseluleko seBhayibheli okuyosiza umngane womshado ekuxazululeni izinkinga zabo?
27 Ikakhulukazi uma ungumuntu oshadile, kudingeka ulandele umthetho wokuthi “yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.” (Filipi 2:4) Kudingeka nilalele umyalo weBhayibheli: “Yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”—Kolose 3:12-14.
28. (a) Ingabe isehlukaniso siyindlela yokuxazulula izinkinga zomshado? (b) IBhayibheli lithi isiphi okuwukuphela kwesizathu sesahlukaniso esiyokhulula omunye ukuba ashade futhi?
28 Namuhla imibhangqwana eminingi ayisivumeli iseluleko seZwi likaNkulunkulu ukuba siyisize ixazulule izinkinga zayo, kunalokho ifuna isehlukaniso. Ingabe uNkulunkulu uyasivumela isehlukaniso njengendlela yokuxazulula izinkinga? Cha, akasivumeli. (Malaki 2:15, 16) Wayeqonde ukuba umshado ube yilungiselelo lakho konke ukuphila. (Roma 7:2) IBhayibheli livumela isizathu esisodwa kuphela sesahlukaniso okuyisona esikhulula umuntu ukuba aphinde ashade, naleso siwukufeba (ngesiGreki porneia, ukuziphatha okubi ngokwedlulele ngokobulili). Uma omunye efeba, khona-ke ongenacala angase anqume ukuba athole isehlukaniso noma cha.—Mathewu 5:32.
29. (a) Uma umngane wakho womshado engakulandeli ekukhulekeleni kobuKristu, yini okumelwe uyenze? (b) Yini engaba umphumela?
29 Kuthiwani uma umngane wakho womshado eye wenqaba ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kanye nawe, noma eyiphikisa imisebenzi yakho yobuKristu? Nalapho iBhayibheli lisakhuthaza ukuba uhlale nomngane wakho ungabheki ukwehlukana njengendlela elula yokuphuma ezinkingeni zakho. Yenza konke ongase ukwenze ukuze uthuthukise isimo ekhaya lakho ngokusebenzisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuqondene nokuziphatha kwakho. Ngemva kwesikhathi, ngenxa yokuziphatha kwakho kobuKristu, ungase umzuze umngane wakho. (1 Korinte 7:10-16; 1 Petru 3:1, 2) Futhi yeka isibusiso okuyoba yiso kuwena uma ukubekezela kwakho kothando kuvuzwa ngalendlela!
30. Kungani kubaluleke kangaka ngabazali ukuba babekele abantwana babo isibonelo esihle?
30 Izinkinga eziningi zemikhaya namuhla zihilela abantwana. Yini engenziwa uma kunjalo emkhayeni wakho? Okokuqala, njengabazali kumelwe nibeke isibonelo esihle. Lokhu kungenxa yokuthi abantwana bathambekela kakhulu ekulandeleni lokho enikwenzayo kunalokho enikushoyo. Futhi uma izenzo zenu zehluka kwenikushoyo, abantwana bathambekela kakhulu ekulandeleni lokho enikwenzayo kunalokho enikushoyo. Futhi uma izenzo zenu zehluka kwenikushoyo, abantwana bayashesha ukukubona lokho. Ngakho-ke uma nifuna ukuba abantwana benu baphile ukuphila okuhle kobuKristu, nina ngokwenu kumelwe nibeke isibonelo.—Roma 2:21, 22.
31. (a) Yisiphi isizathu esibaluleke ngokwengeziwe abantwana abasidingayo ukuze balalele iseluleko sabazali babo? (b) Ungambonisa kanjani umntanakho ukuhlakanipha kokulalela umthetho kaNkulunkulu owenqabela ukuhlobonga?
31 Futhi, nidinga ukubabonisa abantwana. Akwanele ukumane utshele abantwana ukuthi: ‘Angifuni ukuba nihlobonge ngoba akulungile.’ Badinga ukuboniswa ukuthi uMdali wabo, uJehova uNkulunkulu, othi izinto ezinjengokuhlobonga azilungile. (Efesu 5:3-5; 1 Thesalonika 4:3-7) Kodwa ngisho nalokhu akwanele. Abantwana badinga ukusizwa ukuba babone ukuthi kungani kumelwe balalele imithetho kaNkulunkulu, nokuthi lokhu kuyobazuzisa kanjani. Ngokwesibonelo, ungase udonsele ukunakekela kwabantwana endleleni emangalisayo umntwana akheka ngayo ngokuhlangana kwesidoda sendoda neqanda lowesifazane, bese ubuza: ‘Awuboni ukuthi Lowo owenza lesimangaliso sokuzala saba nokwenzeka wazi kangcono ukuthi abantu kumelwe bawasebenzise kanjani amandla abawanikwa uNkulunkulu okuzala?’ (AmaHubo 139:13-17) Noma ungase ubuze: ‘Ingabe ucabanga ukuthi uMdali wethu oMuhle angamisa umthetho ongase ukhinyabeze injabulo yethu ekuphileni? Kunalokho, akumelwe yini sijabule kakhudlwana uma silalela imithetho yakhe?’
32. (a) Simelwe sibe yini isimo sakho uma imibono yomntanakho ingavumelani nekaNkulunkulu? (b) Umntanakho angasizwa kanjani ukuba abone ukuhlakanipha kwalokho okushiwo yiBhayibheli?
32 Imibuzo enjalo ingase yenze umntanakho aqale ukucabanga ngemithetho kaNkulunkulu ebusa ukusebenzisa kwakhe izitho zokuzala. Yamukele imibono yakhe. Uma ingeyona leyo ofisela ukuba ibe yiyo, ungathukutheli. Zama ukuqonda ukuthi isizukulwane somntanakho sesihlehle ibanga elide ukusuka ezimfundisweni zokulunga eziseBhayibhelini, bese uzama ukumbonisa ukuthi kungani imikhuba yokuziphatha okubi yesizukulwane sakhe ingeyona eyokuhlakanipha. Mhlawumbe ungase udonsele ukunakekela komntanakho esibonelweni esingokoqobo salapho ukuziphatha okubi kobulili kuye kwaholela ekuzaleni okungemthetho, ezifweni zokubhajwa noma ezinye izinkinga. Ngalendlela uyosizakala ukuba abone ukuba nengqondo nokuqonda kwalokho okushiwo yiBhayibheli.
33. Kungani ithemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni lingase lisisize ekwenzeni ukuphila komkhaya kube yimpumelelo?
33 Ithemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni lisisiza ngokukhethekile ekwenzeni ukuphila komkhaya kube yimpumelelo. Ngani? Ngenxa yokuthi uma sifuna ngempela ukuphila esimisweni esisha sikaNkulunkulu, siyozama kanzima ukuphila manje njengoba sithemba ukuphila ngalesosikhathi. Lokhu kusho ukuthi siyozilandela eduze iziyalezo nokuqondisa kukaJehova uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu uyonezela enjabulweni yethu yamanje nokujabulela ukuphila okuphakade kanye nenala yenjabulo kubo bonke ubuphakade obungaphambili.—IzAga 3:11-18.