Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani uMthetho kaNkulunkulu uthi indoda engumIsrayeli eyayibe nobuhlobo bobulili nentombi eyayingathenjisiwe umshado kwakumelwe iyishade futhi ingahlukani nayo?
Lomthetho siwuthola kuEksodusi 22:16, 17 nakuDuteronomi 22:28, 29, lowo abanye abaye bathi ubonakala ungenazwela ngakwabesifazane. Eqinisweni, wawukhuthaza indinganiso ephakeme yokuziphatha kokubili kwabesilisa nakwabesifazane.
UDuteronomi isahluko 22 wanikeza imithetho yokuziphatha ehlukahlukene yasekhaya. Ngokwesibonelo, yayiphathelene nesimo sendoda eyayingasamthandi umkayo futhi eyayithi wayengeyona intombi ngesikhathi beshada. Futhi yayinikeza umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokuphinga nokudlwengula. Khona-ke siyafunda:
“Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, baficwe, indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe-ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.”—Duteronomi 22:28, 29.
Lokhu kwakuyindaba yokuba nobuhlobo bobulili ngempoqo noma ukuhlobonga. Uma indoda engenazimiso yayizizwa ikhululekile ukuba nobuhlobo bobulili nentombi emsulwa, iyona intombi eyayilahlekelwa ngokuyinhloko. Ngaphandle kokuthi kungenzeka ibe nomlanjwana, izinga layo njengomakoti lalehla, ngoba amaIsrayeli amaningi ayengeke afune ukushada nayo uma ingaseyona intombi. Nokho, yini eyayingenza indoda ingakhululeki ukona amalungelo entombi? UMthetho kaNkulunkulu ‘ongcwele, olungile, omuhle’ wawungakwenza.—Roma 7:12.
Umthetho kaMose wawunelungiselelo elivumela indoda ukuba ihlukane nomkayo ngezizathu ezithile. (Duteronomi 22:13-19; 24:1; Mathewu 19:7, 8) Kodwa lokho esikufunda kuEksodusi 22:16, 17 nakuDuteronomi 22:28, 29 kubonisa ukuthi ilungelo lokwahlukanisa laliphela ngemva kokuhlobonga. Khona-ke, lokhu kwakungabangela indoda (noma owesifazane oyintombi) ukuba imelane nesilingo sokuhlanganyela ekuhlobongeni. Indoda yayingeke ibe nomuzwa wokuthi, ‘Muhle futhi uyathakazelisa, ngakho-ke ngizozijabulisa ngaye ngisho nakuba engelona uhlobo ebengingathanda ukulushada.’ Kunalokho, lomthetho wawuvimbela ukuziphatha okubi ngokubangela noma ubani obengona ukuba acabange ngemiphumela eyothatha isikhathi eside yokuhlobonga—ukuhlala nomuntu ahlobonge naye ukuphila kwakhe konke.
UMthetho futhi wawunciphisa izinkinga zokuzala imilanjwana. UNkulunkulu wayala: “Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova.” (Duteronomi 23:2) Ngakho uma indoda eyengele intombi emsulwa ebuhlotsheni bobulili kwakufanele iyishade, ukuhlobonga kwabo kwakungeke kuphumele ekuzalweni kwemilanjwana phakathi kwamaIsrayeli.
Kuyavunywa, amaKristu aphila emphakathini ohlukile kunalowo wamaIsrayeli asendulo. Asikho ngaphansi kwemiyalo yoMthetho kaMose, kuhlanganise nalomthetho ofuna ukuba abantu ababili abahileleke ekuhlobongeni okunjalo bashade. Noma kunjalo, asinakuba nomuzwa wokuthi ukuhlobonga kuyinto engasho lutho. AmaKristu kumelwe acabange ngokungathi sína ngemiphumela eyothatha isikhathi eside, njengoba nje lomthetho washukumisela amaIsrayeli ukuba enze kanjalo.
Ukuyengela umuntu ongashadile ebuhlotsheni bobulili konakalisa ilungelo lakhe lokungenela umshado wobuKristu njengomuntu omsulwa ehlanzekile (owesilisa noma owesifazane). Ukuhlobonga futhi kuthinta amalungelo anoma yimuphi umuntu ongase abe umngane womshado walowomuntu ohlobongile, ongukuthi, ilungelo lalowomuntu lokushada nomKristu omsulwa. Okubaluleke ngisho nangaphezulu, ukuhlobonga kumelwe kugwenywe ngoba uNkulunkulu uthi akulungile; kuyisono. Umphostoli wabhala ngokufanelekile: “Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni.”—1 Thesalonika 4:3-6; Heberu 13:4.