Ingabe Ukulalela Kufanelekile Ngaso Sonke Isikhathi?
“UNGIZWILE?” umama umemeza uJohnnie osemncane njengoba ephuma ngomnyango. Cha, akahloli ukuzwa kukaJohnnie. Ufuna ukuqiniseka ukuthi uzomlalela yini futhi abe sekhaya ngesikhathi esifanele.
Ngempela, ukuzwa nokulalela kuhlobene eduze. Ngakho-ke, akumangalisi, ukuthi ezilimini zokuqala zeBhayibheli, amazwi achaza ukulalela ahlobene nokuzwa. Kodwa kumelwe siyinike bani indlebe yethu eyolalela? Ingabe kumelwe ukulalela kwethu sikunike wonke umuntu okufuna ngenkani? Futhi, ingabe ukulalela kungokufanele ngaso sonke isikhathi?
Lapho Ukulalela Kungokufanele
Ukulalela uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, kungokufanele ngaso sonke isikhathi. NjengoMenzi wethu noMthombo wokuphila, unelungelo lokuqala lokufuna ukulalela kwezidalwa zakhe. (IHubo 95:6, 7) NjengoMbusi oPhakeme, uJehova unikeza futhi igunya lakhe kwabanye abahlangabezana nezindinganiso zakhe, futhi lokhu kwenza ukubalalela kwethu kufaneleke. Owokuqala phakathi kwabantu abanjalo uJesu Kristu. Kusukela ngo-1914 uye waba iNkosi yoMbuso wasezulwini emiswe uNkulunkulu “ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze.” (Daniyeli 7:13, 14) Ngaphezu kwalokho, njengeNhloko yebandla lobuKristu, uJesu uye wadlulisela igunya kwabanye khona lapho, enza ukulalela kwethu kubelusi abanjalo abangaphansi kwakhe kufaneleke.—Heberu 13:17.
UJehova futhi ubeke iziqondiso ngokuphathelene nendaba yokulalela phakathi komkhaya. Abantwana bayalwa ukuba ‘balalele abazali babo eNkosini,’ nabesifazane batshelwa ukuba “mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi.” (Efesu 5:21–6:3) AmaKristu ayakhunjuzwa ngisho ‘nokuba athobele ababusi neziphathi-mandla, alalele.’ (Thithu 3:1) Nokho, kukho konke lokhu, ingabe ukulalela kwethu kumelwe kungabi nambandela? Futhi, ingabe kungokufanele ngaso sonke isikhathi?
Lapho Ukulalela Kungafanele
Yebo, ukulalela labo abangaphathiswanga igunya elivela kuJehova kungaphumela engozini. Umuntu wokuqala, uAdamu, ‘walalela’ izwi likaEva futhi wahlanganyela naye ekudleni emthini wokwazi okuhle nokubi. (Genesise 3:17) Waba yini umphumela? “Ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni.” (Roma 5:19) Yeka umphumela obuhlungu ekulaleleni umuntu ongalungile.
Nokho, ingabe kungokufanele ngaso sonke isikhathi, ukulalela labo abaye baphathiswa izikhundla zegunya? Hhayi uma bezama ukusebenzisa igunya labo ngendlela yokungamesabi uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngokuvumelana nesimiso sokulalela ‘abangamakhosi ethu ngokwenyama,’ siyolalela abaqashi bethu. Kodwa kuthiwani uma abanjalo besitshela ukuba senze okuthile okungqubuzana nomthetho kaNkulunkulu umninimandla onke? Okwashiwo uPawulu kamuva kubonisa inkambo efanele: “Ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo.” (Efesu 6:5, 6) Ngesinye isikhathi, uPetru nabanye abaphostoli bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”—IzEnzo 5:29.
Isimiso esifanayo siyasebenza emkhayeni. Ingaziqapheli izimfuneko zaphezulu, kungenzeka indoda ingavumelani nesifiso somkayo sokuhlanganyela njalo imihlangano yobuKristu. Ake sithi iyamcindezela, isebenzisa ngisho nobudlova, njengoba kuye kwenzeka ngezinye izikhathi, ukuze imvimbele ukuba aye emihlanganweni yobuKristu. Yini okumelwe ayenze? Uma ezokwamukela, angase alimaze ingokomoya lakhe, nelomkhaya wakhe, futhi alahlekelwe ithemba lokuphila okuphakade. Ngeke yini kube ngcono ukulalela uJehova, eqaphela ukuthi akukho muntu, hhayi ngisho nomyeni wakhe, oye wanikwa igunya lokuchitha umthetho ‘wokungayeki ukuhlangana kwethu’?—Heberu 10:25.
Umyeni kaMiyoko wamlwisa ngokuthi “wayesaphaza” umholo wakhe ngokuya emihlanganweni ayengayivumeli. Ekugcineni, wayeka ukumnika imali yokunakekela izidingo zasekhaya, futhi kwafuneka uMiyoko ahambe ibanga elithatha ihora ukuya eHholo loMbuso.
Ingabe wayeka? Cha. Waya kuJehova ngomthandazo futhi wahlaziya isimo sakhe. Eqaphela isizathu sokuphikisa komyeni wakhe, uMiyoko wanquma ukuthatha umsebenzi wokuhambisa amaphephandaba kubanikazi. Umyeni wakhe wavuma, uma nje ayezomnika ingxenye yeholo lakhe.
Futhi, wathandaza ukuba uma kuyintando kaJehova, athole umzila oseduze. Ngokuvamile, kuthatha isikhathi esingangonyaka ukuthola lokho umuntu akufunayo. Kodwa, ngokumangalisayo, phakathi namasonto ayisithupha uMiyoko wanikezwa umzila oseduze nje nendlu yakhe. Ekhuthazwa umcabango wokuthi uJehova uyizwile imithandazo yakhe, wasebenza kusukela ngo–4:30 kuze kube u–6:00 njalo ekuseni. Ngokubona lokhu, isimo sengqondo somyeni wakhe sashintsha kancane kancane, futhi waba nokubambisana. Njengoba nje uMiyoko, okhonza njengephayona elisizayo njalo, acabangisisa futhi wahlaziya isimo sakhe ngomthandazo wayesenza ngokuvumelana nawo, nawe futhi uyothola ukuthi lokhu kuyophumela esibusisweni sikaJehova.
Yiqiniso, kungase kube nezizathu ezikhethekile indoda engakholwa engacela ngazo ukuba umkayo alahlekelwe umhlangano wobuKristu. Ingenza kanjalo ngaphandle kwanoma iyiphi inhloso yokubhekela phansi ukukhulekela nenkonzo yakhe kuJehova uNkulunkulu. Ukuqonda izimiso ezihilelekile kuyosiza umfazi ongumKristu ukuba anqume kahle ngokwalesosimo sakhe.
Okwedlulele kunalokhu, kuthiwani uma umyeni wakhe emtshela ukuba angayi nezingane zabo emihlanganweni yobuKristu? Uyazi, ngokusobala, ukuthi ngisho noma umyeni wakhe engabamukeli ubunhloko bukaKristu, uselokhu eyinhloko yomkhaya. (1 Korinte 11:3) Nokho, futhi enhliziyweni unayo inhlalakahle engokomoya yezingane, kuhlanganise nesifiso sakhe sokulalela uJehova. Ngempela kuwuvivinyo lokholo lwakhe ukuphila ngokwezibopho zakhe kuzo zonke lezizici. Ukuthandazela ukuhlakanipha nokuqonda kuJehova ngokuqinisekile kuyosiza. (Jakobe 1:5; Filipi 4:6, 7) Ukubonisana ngokuhlakanipha nomyeni wakhe nokukhuluma ngomusa, ngomoya opholile nonesizotha, kungase kusize ekuxazululeni inkinga.—Kolose 4:6; 1 Petru 3:1-5.
Owesifazane ongumKristu eYamato, eJapane, wabhekana nesimo esinjalo lapho umyeni wakhe emnqabela ukuba aye nezingane zabo ezintathu emihlanganweni. Yini ayengayenza? Ngokuqhubekayo wafundisa izingane zakhe ekhaya, futhi lapho sezikhule ngokwanele ukuba zizenzele izinqumo, ngayinye yamela uJehova futhi yaqala ukuba khona emihlanganweni. Ethukuthele, umyeni wakhe wabaxosha bonke endlini yakhe.
Inkosikazi yathola umsebenzi futhi yahlala okwesikhashana endlini yomunye udade. Kodwa ayizange izishiye kanjalo izindaba. Yabuyela emuva ukuyohlanza indlu yomyeni wayo imlungisela nokudla. Ekugcineni, emva kwesikhathi esingangenyanga umyeni wayo wababuyisa futhi wayeka ukubaphikisa. Yeka umvuzo ngenxa yenkambo yayo yokwethembeka!
“Hlolani Amazwi Aphefumlelwe”
Kuthiwani ngegunya ebandleni lobuKristu? Njengoba labo abasezikhundleni ezinomthwalo wemfanelo bekhethwe ngokusebenza komoya ongcwele futhi besekela iseluleko nesixwayiso sabo eZwini likaNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi ukulalela igunya elimiswe ngokufanelekile ebandleni lobuKristu kungokufanele. (IzEnzo 20:28; Heberu 13:17) Kodwa akusho ukuthi silalela amandla anjalo ngaphandle kokucabangela ngokufanele lokho okushiwoyo. Ngani?
Umphostoli uJohane wanika lesiseluleko: “Maningakholwa yilelo nalelozwi eliphefumulelwe, kodwa hlolani amazwi aphefumulelwe ukuze nibone ukuthi avela kuNkulunkulu yini.” (1 Johane 4:1, NW) Lokhu akusho ukuthi kumelwe singabaze ngakho konke abanye abasitshela khona. Kunalokho, sigcina engqondweni amazwi kaPawulu kwabaseGalathiya 1:8: “Noma kungaba-yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo.”
Ingabe ukwaziswa okuphambi kwethu kuhlukile kulokho esikufundiswe “inceku ethembekileyo, neqondayo”? Ingabe umuntu osakaza lesosigijimi ukhuluma ngokuhlonipha igama likaJehova, noma ingabe uzama ukuziphakamisa? Ingabe ukwaziswa kuvumelana nezimfundiso zonke zeBhayibheli? Lena imibuzo eyosisiza ‘ekuhloleni’ noma yini engase izwakale ingabazisa. Silulekwa ukuba ‘sivivinye konke, sibambisise okuhle.’—Mathewu 24:45; 1 Thesalonika 5:21.
Indaba ethakazelisayo esobala yileyo yoMahluleli uGideyoni. Ukuze aqiniseke ukuthi uJehova wayezoba naye, uGideyoni wacela isivivinyo, wathi kuJehova: “Bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke, ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa uIsrayeli ngesandla sami.” Lapho uJehova enza njengoba ecelile, uGideyoni wafuna isiqinisekiso esengeziwe: “Makube komile eboyeni bodwa, kube-khona amazolo emhlabathini wonke.”—AbAhluleli 6:37-39.
Ingabe uGideyoni wayeqaphe noma esola ngokweqile? Kusobala ukuthi akunjalo, ngoba uJehova wasamukela isicelo sakhe ngazo zombili izikhathi futhi wenza njengoba nje ecelile. UGideyoni wayefuna ukuqiniseka ngokufaneleka kwesikhundla sakhe. Engenalo iZwi likaNkulunkulu elibhaliwe njengoba sinalo, leyo kwakuyindlela ephumelelayo ngoGideyoni ukuba ‘avivinye.’ Nokho, lapho esethole isiqinisekiso, wazilalela ngokuseduze iziyalezo ezivela kuJehova ngisho nakuba ngokombono womuntu ukuqhatha amadoda angama-300 nebutho eliyisitha labayizi-135 000 kwakungabonakala kuwukuzibulala. (AbAhluleli 7:7; 8:10) Ingabe sibonisa isimo sengqondo esifanayo ngokuhlola eZwini likaNkulunkulu ukuthi iyini ngempela intando kaNkulunkulu bese sinamathela kuyo?
Ukukhetha Okuhlakaniphile Kakhulu
UJehova akalindele ukuba sibonise ukholo olungenangqondo. Akafuni kithi uhlobo lokulalela olutholwa umqeqeshi ngetomu noma ngesiswebhu esilwaneni. Kungakho atshela uDavide: “Ningabi-njengehashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa.” (IHubo 32:9) Kunalokho, uJehova usiphe ikhono lokucabanga nokuqonda ukuze, ngokusekelwe ekuqondeni, sikwazi ukukhetha ukumlalela.
Ngolimi lwesiJapane, igama elithi kiku (ukulalela) alihlanganisi incazelo yokulalela kuphela kodwa neyokwahlulela ukuthi into ilungile yini noma ayilungile. Kuhle ukulalela ngalomqondo uma othile ekhuluma nathi ukuze lapho silalela, singakwenzi nje ngokukholwa okungenangqondo kodwa ngokukhetha. Lapho uBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, ekhuluma, ngeZwi lakhe, iBhayibheli, noma ngenhlangano yakhe yasemhlabeni, kungokubaluleke ngokwengeziwe ngathi ukulalela, ngalokho sibonisa ukuthi singabakhulekeli abalalelayo abangasibhekeli phansi isikhumbuzo sothando: “Ungizwile?”
[Isithombe ekhasini 29]
Ubani okumelwe ngimlalele?
[Isithombe ekhasini 31]
UGideyoni wahlola intando kaJehova futhi wamlalela