Iziqalo Zobukhosi KwaIsrayeli!—Izincwadi Ezimbili ZikaSamuweli
“ANIFUNDANGA yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababenaye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa-muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababenaye, na?” (Luka 6:3, 4) Ngalamazwi uJesu wathulisa abaFarisi abathile ababebeke abafundi bakhe icala lokwephula iSabatha ngoba babekhe izikhwebu ezimbalwa ukuze badle ngosuku lweSabatha.
Wabonisa nokunye futhi. Indaba engokomlando ngoDavide ‘nesinkwa esingcwele’ ilotshwe encwadini yokuqala kaSamuweli. (1 Samuweli 21:1-6, NE) Ukubhekisela kukaJesu kuyo ukuze alungise impikiswano kubonisa ukujwayelana kwakhe nalencwadi futhi kusho ukuthi nathi ngokufanayo, siyobe senza kahle uma sijwayelana nayo. Kanye nomngane wayo, uSamuweli Wesibili, inokwaziswa okwakubalulekile kuJesu nokubalulekile kithi namuhla.—Roma 15:4.
Ziyini izincwadi ezimbili zikaSamuweli? Ziyizincwadi ezingokomlando ezitholakala emiBhalweni yesiHeberu ezichaza inguquko emlandweni wabantu bakaNkulunkulu. Ngaphambili, amaIsrayeli ayebuswa abahluleli abalandelayo. Lezincwadi ezimbili zichaza ukuphela kwaleyonkathi kanye nokuqala kokubusa kwamakhosi akwaIsrayeli. Zigcwaliswe izehlakalo ezivusa amadlingozi nabantu abakhangayo. Sihlangana noSamuweli ngokwakhe, ongowokugcina kubahluleli, kanye namakhosi amabili okuqala, uSawule noDavide. Sihlangana futhi neqembu labanye abantu abangeke bakhohlakala: umuntu odabukisayo uEli, uAbigayili ohlakaniphile nonamasu amahle, uJonathani oyiqhawe kodwa onomusa, kanye noAbishayi nomfowabo uJowabe, ababenamandla ngenxa kaJehova kodwa benobudlova odweshwini lwabo siqu. (Heberu 11:32) Lezincwadi ezimbili zifundisa izimiso ezisabalulekile namanje futhi zichaza izehlakalo ezinemiphumela ehlala njalo kubantu bakaNkulunkulu, eqinisweni kuso sonke isintu.
INkosi Eyahluleka
Owokuqala owagcotshwa uJehova ukuba abe yiNkosi yakwaIsrayeli kwakunguSawule. Waqala kahle kodwa kamuva wehluleka ukubonisa ukwencika okufanelekile kuJehova lapho ebhekene nokuhlaselwa okwakusondela kwamaFilisti. Ngakho, uSamuweli wamtshela ukuthi amadodana akhe ayengenakubuzuza ubukhosi. Kunalokho, kusho uSamuweli, “uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe-ngumholi wabantu bakhe.” (1 Samuweli 13:13, 14) Nokho, uSawule waqhubeka eyiNkosi kukho konke ukuphila kwakhe okwakusasele.
Kamuva, lenkosi yokuqala yayalwa ukuba ijezise ngokulwa nama-Amaleki. USawule akazange azigcwalise ngokugcwele iziyalezo zikaJehova futhi ngalokho wazilethela okunye ukungajatshulelwa. USamuweli ushukumiseleka ukuba athi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamela ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.” (1 Samuweli 15:22) Nasi isimiso esisabalulekile kulabo abakhonza uJehova ezikhundleni zokuhola. Ngenxa yokuthi uSawule wayengalaleli, umprofethi uSamuweli waqhubeka: “Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba-yinkosi.” (1 Samuweli 15:23) Kamuva, uSawule wabonisa ukuthi wayehlehle kangakanani ekukhulekeleni okuhlanzekile lapho eya konedlozi.—1 Samuweli 28:8-25.
Inkosi Eyaphumelela
Owalandela iNkosi uSawule kwakunguDavide, indodana kaJese. UDavide wayehlukile kuSawule. Ebusheni bakhe wayebonakalise ukwencika kuJehova lapho ebulala umdondoshiya ongumFilisti, uGoliyati. Khona-ke, lapho kwakudingeka abaleke ukuze asindise ukuphila kwakhe ngenxa yomona kaSawule, waqhubeka elalela uJehova kuzo zonke izinto. Ngaphezu kwesikhathi esisodwa, uDavide wayengambulala uSawule. Kodwa wazibamba, elinde isikhathi sikaJehova sokumbeka ukuba abe yinkosi. Kwakungalesikhathi esinzima lapho umpristi uAhimeleki amnikeza isinkwa sokubukwa ukuba asidle ngesikhathi esashiwo uJesu kubaFarisi.
Ngemva kwesikhathi uSawule wafa futhi uDavide waqala ukubusa. Kodwa ekuqaleni isizwe sakubo kuphela, uJuda, esamamukela. Ezinye izizwe zaqhubeka zilandela indodana kaSawule eyayisele, uIshi-Bosheti. Nokho, uDavide akazange abonise ukuphindisela embangini yakhe. Lapho ekugcineni uIshi-Bosheti ebulawa, uDavide wababulala ababulali. Futhi lapho induna enkulu kaIshi-Bosheti, uAbineri, ibulawa, wayala ukuba kulilwe. (2 Samuweli 3:31-34; 4:9-12) Ukuzithoba okunjalo, isineke, ukubekezela nokwencika kuJehova kuyadingeka ezincekwini zikaJehova zanoma yibuphi ubudala.
“INdodana KaDavide”
Lapho uDavide ekugcineni eba inkosi yesizwe esihlanganiswe kabusha, omunye wemiqondo yakhe kwakuwukwakha indlu eyohlala njalo yomphongolo wesivumelwano, isibonakaliso sokuba-khona kukaJehova kwaIsrayeli. UJehova akazange avumelane nalokhu, kodwa ngokuqaphela ukwethembeka okuvelele kukaDavide wenza isivumelwano esiphawulekayo naye: “Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube-phakade.”—2 Samuweli 7:16.
Kanjalo uDavide waba ihuku leketango elide elinganqamuki lezizukulwane ezaqala kuAdamu kuya kuAbrahama, uIsaka, uJakobe kanye noJuda kuze kufike kuMesiya othenjisiwe. (Genesise 3:15; 22:18; 26:4; 49:10) Lapho uMesiya efika ekugcineni, wayeyoba isizukulwane sikaDavide. LoJesu wayenjalo kokubili, ohlangothini lukasingayise nasohlangothini lukanina. (Mathewu 1:1-16; Luka 3:23-38) EmaVangelini, ngokuvamile ubizwa ngokuthi “iNdodana kaDavide.”—Marku 10:47, 48.
‘NjengeNdodana kaDavide’ engokomthetho, uJesu wayeyindlalifa kaDavide. Yini ayizuza ngefa? Ingelosi uGabriyeli yatshela uMariya: “Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:32, 33) UDavide wahlanganisa kabusha bonke abantu bakaNkulunkulu embusweni owodwa, njengoba incwadi yesiBili kaSamuweli ichaza. Ngakho uJesu wazuza ngefa ubukhosi phezu kwawo wonke uIsrayeli.
Phawula futhi elinye iqiniso ngoDavide njengoba libikwe encwadini yokuQala kaSamuweli: “UDavide wayeyindodana yalowomEfrati waseBetlehema-Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowomuntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.” (1 Samuweli 17:12) Lenkulumo ayiwona nje amazwi aseceleni angokomlando athakazelisayo. UMesiya ngokufanayo, ‘njengeNdodana kaDavide,’ wayezozalelwa eBetlehema: “Kepha wena-Betlehema-Efratha, omncane ukuba ube-phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba-ngumbusi kwaIsrayeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.” (Mika 5:2) Ngempela, uJesu wasigcwalisa lesidingo sobuMesiya.—Mathewu 2:1, 5, 6.
Izenzo Ezaguqula Umlando
Eziningi zezenzo zikaDavide zobuqhawe zaba nemiphumela ehlala njalo. Ngokwesibonelo, uDavide wakhulela endaweni eqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka eJerusalema. Lapho esengumfana lomuzi wawusezandleni zamaJebusi, futhi uDavide kumelwe ukuba wayeyijabulela indawo owawukuyo engenakufinyelelwa edwaleni elinamatshe elaziwa ngokuthi iNtaba yaseSiyoni. Manje, njengenkosi, wayesesimweni sokwenza okungaphezu nje kokuwujabulela. Incwadi yesibili kaSamuweli ikhuluma ngokukhanyayo ngokuthi, naphezu kokugcona kwezakhamuzi zamaJebusi, “uDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.” (2 Samuweli 5:7) Khona-ke iJerusalema lehla esikhundleni esiphakeme elalikuyo emlandweni womhlaba—lalivelela libuye licime—kusukela lapho.
Lomuzi waba ikomkhulu lenkosi uDavide futhi waba ikomkhulu lamakhosi asemhlabeni kaNkulunkulu iminyaka engamakhulu. Ekhulwini lokuqala, “iNdodana kaDavide,” uJesu, yashumayela lapho. KwakuseJerusalema lapho uJesu angena egibele imbongolo ukuze azibonakalise njengeNkosi yamaJuda. (Mathewu 21:1-11, Math 21:42–22:13; Johane 7:14) Futhi kwakungaphandle kwamasango aseJerusalema lapho anikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu, okwathi ngemva kwakho wavuswa futhi wanyuselwa ezulwini, elinde ngesineke—njengoba uDavide ayenzile ngaphambili—ukuba uJehova asho ukuthi kumelwe aqale nini ukubusa njengeNkosi.—IHubo 110:1; IzEnzo 2:23, 24, 32, 33; Heberu 13:12.
Ukubusa kukaDavide eJerusalema kusikhumbuza futhi ukuthi umzukulu wakhe uJesu, naye manje ubusa eJerusalema, “iJerusalema lasezulwini.” (Heberu 12:22) Futhi indawo yaleloJerusalema lasezulwini ezulwini ibizwa ngokuthi “iNtaba yaseSiyoni,” isikhumbuza ngedwala elinamatshe elaliyindawo yedolobha lokuqala.—IsAmbulo 14:1.
Ngasekupheleni kokubusa kwakhe uDavide wabala isizwe ngokungemthetho. Emjezisa uJehova washaya isizwe ngesifo, futhi ingelosi eyayiphethe isifo ekugcineni yama esibuyeni somJebusi okwakunguArawuna. UDavide wathenga indawo kuArawuna futhi wakha iAltare likaJehova lapho. (2 Samuweli 24:17-25) Lesenzo ngokufanayo, saba nomphumela ohlala njalo. Leyondawo enkulu yaba yindawo yethempeli likaSolomoni, futhi kamuva, yethempeli elakhiwa kabusha. Khona-ke, kwaba ngamakhulu eminyaka iyisikhungo sezwe sokukhulekela kweqiniso. UJesu ngokwakhe washumayela ethempelini likaHerode, nalo elalakhiwe endaweni eyake yaba isibuya sika-Arawuna umJebusi.—Johane 7:14.
Yebo, izincwadi ezimbili zikaSamuweli zisazisa abantu abangokoqobo futhi zichaza izimiso ezibalulekile. Zibonisa ukuthi kungani inkosi yokuqala yakwaIsrayeli yehluleka nokuthi kungani inkosi yawo yesibili, naphezu kwamaphutha adabukisayo, yaphumelela ngokukhethekile. Zisidlulisa enkathini ebalulekile yomlando, iziqalo zokubusa kwenkosi engumuntu phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Sibona iJerusalema liba ikomkhulu lasebukhosini futhi siphawula ukuthengwa kwendawo eyayizothi emva kwamakhulu athile eminyaka, ibe yisikhungo sezwe sokukhulekela kweqiniso. Futhi sifunda ngophawu olubalulekile lokusisiza ukuba sibone ukuza kukaMesiya. Wayezokuba “iNdodana kaDavide.”
Ngempela, lezi izincwadi ezivelele. UmKristu ngamunye kumelwe azifundele zona ngokwakhe.
[Ibhokisi ekhasini 26]
“Wenza Njengomprofethi”
Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi: “UMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe [uSawule], wahambahamba waprofetha [wenza njengomprofethi, NW]”?—1 Samuweli 19:23.
Lapho abaprofethi bakaJehova benikeza isigijimi sikaNkulunkulu, babekhuluma ngaphansi kwethonya lomoya oyingcwele ‘owabagcwalisa ngamandla’ futhi ngokungangabazeki wabaholela ukuba bakhulume ngamandla nangomuzwa lokho ngempela okwakungaphezu kokuvamile. (Mika 3:8; Jeremiya 20:9) Cishe ukuziphatha kwabo kwakubonakala kungavamile—mhlawumbe ngisho kungenangqondo—kwabanye. Nokho, lapho sekuqinisekwa ukuthi babekhuluma okuvela kuJehova, izigijimi zabo zazithathwa ngokungathi sína abantu abesaba uNkulunkulu.—Qhathanisa 2 AmaKhosi 9:1-13.
Khona-ke, kulokhu uSawule waqala ukwenza ngendlela engajwayelekile, okwakhumbuza izibukeli ngokuxhuxhuma komprofethi uma ezonikeza isigijimi esivela kuJehova. Njengoba ayenza kanjalo, wakhumula izingubo zakhe futhi walala eze bonke ubusuku. (1 Samuweli 19:23, 24) Lokhu kungenzeka ukuthi kwakuwukubonisa ukuthi wayewumuntu nje evamile engenamandla noma igunya lobukhosi lapho emelana nezinjongo zikaJehova uNkulunkulu. Esikhathini esingaphambili lapho iNkosi uSawule ‘yenza njengomprofethi,’ yazama ukubulala uDavide ngomkhonto.—1 Samuweli 18:10, 11.
[Ibhokisi ekhasini 27]
“UMoya Omubi Owavela KuJehova”
“Umoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.” (1 Samuweli 16:14) Ingabe uyazi ukuthi lokhu kusho ukuthini?
Akudingeki ukuba sikuqonde ngokuthi uJehova ngokoqobo wathumela umoya omubi ukuba azume uSawule. Kunalokho, lapho uJehova esusa umoya wakhe ongcwele, uSawule wangenwa umoya omubi, noma umuzwa wangaphakathi wokwenza okubi. (Qhathanisa uMathewu 12:43-45.) Kungani uJehova kubhekiselwa kuye njengomthombo walomoya omubi? Ngoba wenza kwaba nokwenzeka ngoSawule ukuba angenwe umuzwa omubi, lapho ethatha umoya wakhe ongcwele. ‘Lomoya omubi’ wasusa ukuthula kwengqondo kaSawule futhi ngesinye isikhathi, wambangela ukuba enze izinto ngokungenangqondo.
[Izithombe ekhasini 25]
UGOLIYATI
USAWULE
UDAVIDE
USAMUWELI