Inengqondo Kangakanani Imithandazo Yakho?
“Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova.”—IHUBO 119:145.
1, 2. (a) Yimuphi umfanekiso kaJesu owawuphathelene nomthandazo? (b) Isiphi isiphetho uJesu afinyelela kuso ngemithandazo emibili, futhi lokhu kumelwe kusiboniseni?
LUHLOBO luni lwemithandazo uMdali, uJehova uNkulunkulu, ayizwayo? Umfanekiso owashiwo uJesu Kristu ubonisa esinye sezimo eziyisisekelo zokuphendula kukaNkulunkulu imithandazo. UJesu wathi amadoda amabili ayethandaza ethempelini eJerusalema. Enye yayingumFarisi owayehlonishwa kakhulu, enye ingumthelisi odelelekile. UmFarisi wathandaza: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, . . . nanjengalomthelisi. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.” Kodwa umthelisi ophansi “washaya isifuba sakhe, ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina-soni.”—Luka 18:9-13.
2 Ekhuluma ngalemithandazo emibili, uJesu wathi: “Ngithi kini: Lo [umthelisi] wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye [umFarisi]. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.” (Luka 18:14) Ngokusobala, uJesu wabonisa ukuthi ukuthandaza nje kuBaba wethu wasezulwini akwanele. Indlela esithandaza ngayo—isimo sethu sengqondo—nayo ibalulekile.
3. (a) Yisho eminye yemithetho eyisisekelo engamele umthandazo. (b) Umthandazo ungaba yiziphi izinhlobo?
3 Ngempela umthandazo uyilungelo eliyigugu, elikhulu, nelingathi sína, futhi wonke amaKristu anolwazi ajwayelene nemithetho eyisisekelo ewengamele. Imithandazo kumelwe iqondiswe kuNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova. Kumelwe ishiwo egameni leNdodana yakhe, uJesu Kristu. Ukuze yamukeleke, kumelwe ishiwo ngokholo. Yebo, “ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona.” Ngaphezu kwalokho, imithandazo yomuntu kumelwe ivumelane nentando kaNkulunkulu. (Heberu 11:6; IHubo 65:2; Mathewu 17:20; Johane 14:6, 14; 1 Johane 5:14) Futhi ezibonelweni ezingokomBhalo, sithola ukuthi imithandazo ingaba uhlobo lokudumisa, ukubonga, ukucela, nokunxusa.—Luka 10:21; Efesu 5:20; Filipi 4:6; Heberu 5:7.
Izibonelo Zemithandazo Enengqondo
4. (a) Yiziphi izibonelo zomthandazo onengqondo uMose noJoshuwa abazinikeza? (b) Yiziphi izibonelo uDavide neNkosi uHezekiya abazinikeza? (c) Yisiphi isici esifanayo lemithandazo ehlukahlukene eyaba naso?
4 Lapho kuzobhekwana nezinkinga ezinzima, kudingeka izinqumo ezingathi sína, kwenziwé amaphutha amakhulu, noma ukuphila kwethu kusongelwa, imithandazo yethu iba qotho ngokukhethekile futhi ibe nengqondo. Ngenxa yokuthi amaIsrayeli ahlubuka ngemva kokuzwa umbiko omubi wezinhloli eziyishumi ezingathembekile, uJehova watshela uMose ukuthi abantu babefanele baqedwe. Ngomthandazo oqotho nonengqondo, uMose wancenga uJehova ukuba angasitha thi lesinyathelo ngoba igama laKhe lalihilelekile. (Numeri 14:11-19) Lapho uIsrayeli enqotshwa eAyi ngenxa yokuhaha kuka-Akani, uJoshuwa wenza ukunxusa kozwela olukhulu ngesisekelo segama likaJehova. (Joshuwa 7:6-9) Amahubo kaDavide amaningi awuhlobo lwemithandazo eqotho, njengoba isibonelo esiphawuleka ngokukhethekile kuyiHubo 51. Umthandazo weNkosi uHezekiya ngesikhathi sokuhlasela kweNkosi yaseAsiriya uSaneheribi kwaJuda ungesinye isibonelo esihle somthandazo onengqondo, nalapha igama likaJehova lalihilelekile.—Isaya 37:14-20.
5. Yiziphi ezinye izibonelo zemithandazo enengqondo eyenziwa yizinceku ezithile zikaJehova esinazo?
5 Incwadi yesiLilo kungathiwa iwumthandazo omude, oqotho kaJeremiya ngenxa yabantu bakubo, ngoba izikhathi eziningi uJehova kukhulunywa naye ngokuqondile kuyo. (IsiLilo 1:20; 2:20; 3:40-45, 55-66; 5:1-22) UEzra noDaniyeli nabo benza imithandazo enengqondo neqotho ngenxa yabantu babo, bevuma amaphutha esizwe sabo futhi becela intethelelo. (Ezra 9:5-15; Daniyeli 9:4-19) Futhi singaqiniseka ukuthi umthandazo uJona awusho ngenkathi esesiswini senhlanzi enkulu wawuqotho futhi unengqondo.—Jona 2:1-9.
6. (a) Yiziphi izibonelo zemthandazo enengqondo uJesu asinikeza zona? (b) Yisiphi isici esiyisisekelo esidingekayo ukuze senze imithandazo yethu ibe nengqondo?
6 Ngaphambi kokukhetha abaphostoli abayi-12, uJesu wathatha ubusuku bonke ethandaza ukuze intando kaYise yenziwe ekubakhetheni. (Luka 6:12-16) Kunomthandazo kaJesu onengqondo futhi ngobusuku bokukhashelwa kwakhe, njengoba ulotshwe kuJohane isahluko 17. Yonke lemithandazo inikeza ubufakazi obuhle bobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu obabujatshulelwa yilabo abayenza. Ngokungangabazeki, lesi kumelwe kube yisici esiyisisekelo emithandazweni yethu uma izoba nengqondo. Futhi kudingeka ibe qotho futhi ibe nengqondo uma izoba “namandla” kuJehova uNkulunkulu.—Jakobe 5:16.
Amaphutha Abangelwa Ukungapheleli Kobuntu
7. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona ngokuqondene nemithandazo yethu?
7 Njengoba sekuphawuliwe, ngaphansi kwezimo ezinzima imithandazo yethu ithambekele ekubeni nge qotho nenengqondo ngokukhethekile. Kodwa kuthiwani ngemithandazo yethu yansuku zonke? Ingabe inikeza ubufakazi bobuhlobo obufudumele, obuseduze esinomuzwa wokuthi sinabo noBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu? Kuye kwathiwa: “Umthandazo kumelwe usho okuthile kithi uma uzosho okuthile kuNkulunkulu.” Ingabe imithandazo yethu siyinikeza ukucabangisisa ekufanele futhi siqiniseke ukuthi ngempela ivela enhliziyweni yethu engokomfanekiso?
8. Yimaphi amaphutha imithandazo yethu engaba nawo ngenxa yokungapheleli kobuntu?
8 Kulula ukuvumela imithandazo yethu ibe buthaka kulezici. Ngenxa yokuthambekela kwethu kokungapheleli okwazuzwa njengefa, izinhliziyo zethu zingasikhohlisa kalula, zemuke imithandazo yethu izimfanelo okumelwe ibe nazo. (Jeremiya 17:9) Ngokuvamile, ngaphandle kokuba sime futhi sicabange ngaphambi kokuba sithandaze, singathola ukuthi imithandazo yethu ithambekele ekubeni ngezenzekelayo, ewumkhuba nje wansuku zonke, nefanayo njalo. Noma ingase ibe ngephindwaphindwayo, okusikhumbuza ngalokho uJesu akusho ngendlela engafanele ‘abantu bezizwe abathandaza ngayo.’ (Mathewu 6:7, 8) Noma imithandazo yethu ingase iphathelane nezinto ezivamile kunezinto ezithile noma abantu.
9. Yimaphi amanye amaphutha angaba khona ngokuqondene nemithandazo yethu, futhi ngokungangabazeki siyini esinye isizathu salamaphutha?
9 Ngezinye izikhathi singase sithambekele ekusheshiseni imithandazo yethu. Kodwa lamazwi abalulekile: “Uma umatasa kakhulu ukuba uthandaze, umatasa kakhulu.” Akumelwe sifune ukugcina ekhanda amazwi athile bese simane siwaphinda isikhathi ngasinye lapho sithandaza; futhi akumelwe kube okudingekile ngofakazi kaJehova ukuba awufunde phansi umthandazo wakhe, njengasemhlanganweni. Akungabazeki ukuthi, okungenani ngokwengxenye, wonke lamaphutha abangelwa yiqiniso lokuthi asinakumbona ngokoqobo uJehova uNkulunkulu, Lowo esithandaza kuye. Nokho, asinakulindela ukuba athokoziswe yimithandazo enjalo, futhi asizuzi ngokuyenza.
Ukunqoba Amaphutha
10. (a) Yisiphi isimo sengqondo esingabonisa ukuntula ukwazisa ngokubaluleka komthandazo? (b) Yisiphi isibonelo esingokomBhalo esiphawulekayo?
10 Siyokwazi ukugwema amaphutha angenhla ngezinga esazisa ngalo ukubaluleka kwemithandazo yethu yansuku zonke futhi sinobuhlobo obuhle noBaba wethu wasezulwini. Phakathi kokunye, ukuqaphela okunjalo kuyosisiza ukuba sigweme ukusheshisa imithandazo yethu njengokungathi sifuna ukwenza ezinye izinto ezibaluleke ngokwengeziwe. Akukho okungaba ngokubaluleke ngaphezu kokukhuluma noMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Kuyiqiniso, kungase kube nezimo lapho isikhathi silinganiselwe. Ngokwesibonelo, lapho iNkosi uAritahishashita ibuza umphathi-zitsha wayo uNehemiya, “Ukhala ngani?” uNehemiya ‘ngokushesha wakhuleka kuNkulunkulu wezulu.’ (Nehemiya 2:4, qhathanisa neNW.) Njengoba inkosi yayilindele impendulo esheshayo, uNehemiya wayengeke athathe isikhathi eside kulowomthandazo. Kodwa singaqiniseka ukuthi wawunengqondo futhi usuka enhliziyweni yakhe ngoba uJehova wawuphendula ngokushesha. (Nehemiya 2:5, 6) Nokho, ngaphandle kwezimo ezinjalo ezingavamile kumelwe sizi nike isikhathi semithandazo yethu futhi ezinye izinto zilinde. Uma imithandazo yethu siyisheshisa, asikuqapheli ngokugcwele ukubaluleka komthandazo.
11. Yiliphi elinye iphutha esidinga ukuligwema, futhi yisiphi isibonelo esihle uJesu asibeka kulokhu?
11 Elinye iphutha esingase sidinge ukuligwema elokuphindaphinda izinto ezivamile. Imithandazo enjalo futhi iyehluleka ukuhlangabezana nezimfanelo zelungelo eliyigugu lomthandazo. Emthandazweni wakhe oyisibonelo, uJesu wasibekela isibonelo esihle kulokhu. Wabala izinto eziyisikhombisa ezihlukene ayezicela: ezintathu zaziphathelene nokunqoba kokulunga, eyodwa nezidingo zethu ezingokwenyama zansuku zonke, futhi ezintathu ziphathelene nenhlala-kahle yethu engokomoya.—Mathewu 6:9-13.
12. Yiziphi izibonelo ezinhle uPawulu asinikeza zona ngokuba ngabangagungciyo emithandazweni yethu?
12 Umphostoli uPawulu futhi wasibekela isibonelo esihle kulokhu. Wacela ukuba abanye bamthandazele ‘ukuba aphiwe ikhono lokukhuluma ngesibindi.’ (Efesu 6:18-20) Naye lapho ethandazela abanye wayekhuluma ngokungagungciyo. UPawulu wathi: “Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe-mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube-lusuku lukaKristu, nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube-yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.”—Filipi 1:9-11.
13. Singayenza kanjani imithandazo enengqondo mayelana nezinhlobo ezihlukahlukene zenkonzo yethu kuJehova?
13 Yebo, imithandazo yethu kumelwe iphathela ne nezinto eziqondile, futhi lokhu kudinga ukuba sicabange ngemithandazo yethu, (Qhathanisa nezAga 15:28.) Lapho sisenkonzweni yasensimini, singecele nje isibusiso sikaNkulunkulu kuphela emizamweni yethu kodwa futhi nokuhlakanipha, ikhono, isineke, isibindi sokukhuluma, noma usizo nganoma yibuphi ubuthakathaka obungaphazamisa ukuphumelela kwethu ekufakazeni. Ngaphezu kwalokho, asinakumcela yini uNkulunkulu ukuba asiholele kulabo abalambele nabomele ukulunga? Ngaphambi kokunikeza inkulumo yeningi noma kokuba nengxenye eMhlanganweni Wenkonzo noma eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, singacela uJehova ukuba asinike umoya wakhe ongcwele ngokucebile. Ngani? Ukuze sibe nesibindi nesimo esihle somzimba, sikhulume ngobuqotho nangokuqiniseka, ukuze silethe udumo egameni likaNkulunkulu futhi sakhe abazalwane bethu. Yonke imithandazo enjalo yenza futhi sibe nesimo esihle lapho sikhuluma.
14. Kumelwe sibe yini isimo sethu sengqondo ngokuqondene nobuthakathaka obungokwenyama okunzima ukubunqoba?
14 Ingabe sinobuthakathaka benyama obulwa nesimo sethu esingokomoya futhi okubonakala kunzima ukubunqoba? Kumelwe sikhulume ngabo ngokuqondile emithandazwe ni yethu. Futhi ngaphandle kokudumazeka, akumelwe sikhathale ukucela uNkulunkulu ngokuzithoba nangobuqotho ukuba asisize futhi asithethelele. Yebo, ngaphansi kwezimo ezinjalo, kumelwe sifune ukuya kuJehova njengomntwana eya kuyise lapho esenkingeni, kungakhathaliseki ukuthi sithandaza kaningi kangakanani ngobuthakathaka obufanayo. Uma siqotho, uJehova uyosinikeza usizo nesiqinisekiso sokuthi usithethelele. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, singathola induduzo futhi ekuvumeni komphostoli uPawulu ukuthi wayenenkinga.—Roma 7:21-25.
Usizo Ekwenzeni Imithandazo Enengqondo
15. Kumelwe siye kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo sinasiphi isimo sengqondo?
15 Ukuze imithandazo yethu ibe nengqondo ngempela, kumelwe senze umzamo woku susa engqondweni zonke ezinye izinto futhi sigxile eqinisweni lokuthi siya kuNkulunkulu oMkhulu, uJehova. Sidinga ukuya kuye ngenhlonipho ejulile, siqaphela ukwesabeka kwakhe. Njengoba uJehova atshela uMose, akekho umuntu ongabona uNkulunkulu aphile. (Eksodusi 33:20) Ngakho sidinga ukuya kuJehova ngokuzithoba okufanele nesizotha, okuyiphuzu elagcizelelwa uJesu emfanekisweni wakhe womFarisi nomthelisi. (Mika 6:8; Luka 18:9-14) UJehova kumelwe abe ngokoqobo ngempela kithi. Kumelwe sibe nesimo sengqondo esifana nesikaMose. “Wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Heberu 11:27) Imikhuba enjalo inikeza ubufakazi bokuthi sinobuhlobo obuhle noBaba wethu wasezulwini.
16. Iyiphi ingxenye efezwa izinhliziyo zethu lapho senza imithandazo enengqondo?
16 Imithandazo yethu futhi iyoba nengqondo uma siya kuJehova ngezinhliziyo ezigcwele uthando ngaye. Ngokwesibonelo, yeka ukwazisa ngoJehova uNkulunkulu nothando ngaye umhubi uDavide akubonisa kumaHubo 23 no-103! Akukho kungabaza ngokuba kukaDavide nobuhlobo obuhle noMalusi wakhe oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. ESikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, selulekwa ukuba sikhulume ngemfudumalo nomuzwa othile. Lokhu kumelwe kube njalo ngokukhethekile lapho sifunda imibhalo kube njalo ngisho nangokwengeziwe lapho sithandaza kuBaba wethu wasezulwini. Yebo, sifuna ukuzizwa njengoDavide lapho ethandaza: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami.” Okunye okubonisa indlela okumelwe sizizwe ngayo yilamazwi omunye umhubi: “Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova.”—IHubo 25:4, 5; 119:145.
17. Singayenza kanjani imithandazo yethu ingabi ngephindwaphindwayo?
17 Ukuze sigcine imithandazo yethu inengqondo futhi sigweme ukuyenza ibe ngephindwaphindwayo, senza kahle ukwenza umongo wayo uhlukahluke. Itekisi leBhayibheli losuku noma enye incwadi yobuKristu ebesiyifunda ingasinika umqondo. Isihloko sesifundo seNqabayokulinda, senkulumo yeningi, noma somhlangano wesifunda noma wesigodi esiya kuwo singase sifeze leyonjongo.
18. Ukuze senze imithandazo yethu ibe nengqondo ngokwengeziwe, yini esingayenza ekuvumelaneni namazwi kanye nezibonelo ezingokweBhayibheli?
18 Ukuze sisizakale sibe sesimweni sokuthandaza futhi senze imithandazo yethu ibe nengqondo ngokwengeziwe, kuhle ukushintsha isimo somzimba wethu. Ngokuvamile, emithandazweni ephakathi kweningi sikhothamisa amakhanda ethu. Kodwa emithandazweni yomuntu siqu, abanye baye bakuthola kukuhle ukuguqa phambi kukaJehova lapho bethandaza njengabantu ngabanye noma njengomkhaya ngenxa yokuthi bathola lesimo siwusizo ekubeni kwethu nesimo sengqondo esithobekile. KumaHubo 95:6 siyakhuthazwa: “Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.” USolomoni waguqa lapho ethandaza ekunikezelweni kwethempeli likaJehova, futhi uDaniyeli wakwenza umkhuba ukuguqa lapho ethandaza.—2 IziKronike 6:13; Daniyeli 6:10.
19. Yimaphi amaphuzu labo abanomthwalo wemfanelo wokuthandaza eningini abayobe benza kahle ukuwakhumbula?
19 Ngenxa yokubaluleka komthandazo, abadala abamisiwe kumelwe basebenzise ukwahlulela okuhle ngalowo abamcela ukuba amelele ibandla ngomthandazo eningini. Indoda ebhapathiziwe emele la ibandla kumelwe ibe yisikhonzi esingumKristu ovuthiwe. Umthandazo wayo kumelwe ubonise ukuthi inobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Futhi labo abanelungelo lokwenza imithandazo enjalo kumelwe bacabangele ukuzwakala, ngoba abazithandazeli bona kuphela kodwa futhi bathandazela nebandla lonke. Ngaphandle kwalokho, ibandla lingasho kanjani ukuthi “Amen” ekupheleni komthandazo? (1 Korinte 14:16) Yebo, ukuze abanye bakwazi ukusho u“Amen” onenjongo, kumelwe balalelisise, bangavumeli izingqondo zabo zizule kodwa ngempela benze umthandazo ube ngowabo. Esinye isixwayiso esinganezelwa esokuthi njengoba imithandazo enjalo yenziwa kuJehova uNkulunkulu, akumelwe isetshenziswe njengesaba sokushumayeza izilaleli noma sokunikeza imiqondo yomuntu siqu ngokuphelele.
20. Ngenxa yokuthi imithandazo enengqondo eshiwo ngokuzwakalayo iyisibusiso kwabayizwayo, yikuphi ukusikisela okwenziwayo?
20 Uma imithandazo yethu esiyisho ngokuzwakalayo inengqondo ngempela, iyisibusiso kwabayizwayo. Ngenxa yokuthi kunjalo, imibhangqwana eshadile nemikhaya iyobe yenza kahle ukwenza okungenani umthandazo owodwa ndawonye usuku ngalunye. Kuwo, umuntu oyedwa, njengenhloko yomkhaya, angakhulumela omunye noma abanye.
21. Ukuze imithandazo yethu ibe nengqondo, iyiphi enye indaba okudinga siyinakekele?
21 Ukuze imithandazo yethu ibe nengqondo ngempela, kunenye futhi indaba okudinga siyinakekele. Lena iyiphuzu lokuthi kumelwe sivumelane nemithandazo yethu, lokhu kusho ukuthini? Ukuthi siphila ngokuvumelana nemithandazo yethu futhi sisebenzele kulokho esikuthandazelayo. Lesisici semithandazo yethu sizocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
Uphendula Kanjani?
◻ Yimiphi eminye imithandazo enengqondo elotshwe emiBhalweni?
◻ Ngenxa yokungapheleli kobuntu, imithandazo yethu ingaba kanjani namaphutha?
◻ Singawanqoba kanjani amaphutha athile emithandazweni yethu?
◻ Yiluphi olunye usizo ekwenzeni imithandazo enengqondo?