Imibuzo Evela Kubafundi
◼ UJobe 33:24 ukhuluma ngokutholelwa kukaJobe [“isihlengo,” NW] okwakuyomenza ukuba agweme ukufa. Ubani owayezoba yilesosihlengo sikaJobe?
Emuva ngalesosikhathi awukho umhlatshelo womuntu wesihlengo owanikelwa ngenxa kaJobe, kodwa uNkulunkulu wasisibekela, noma wasithethelela, isiphambeko sikaJobe.
USathane wabangela uJobe izinkinga eziningi, kuhlanganise ‘namathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.’ Isimo sikaJobe sasisibi kakhulu kangangokuba umkakhe wamxusa ukuba ‘athuke uNkulunkulu, afe.’ Ngisho noJobe wacabanga ngokujulile ngokuthi ukufa kwakungcono yini kunokuhlupheka okunjalo noma cha.—Jobe 2:7-9; 3:11.
Lapho kubonakala sengathi uJobe wayengase afe, uElihu wasibona isimo sikaJobe esintengantengayo futhi wabeka isisekelo sethemba, ethi: “Inyama yakhe iyadliwa, ingabe isabonwa . . . Umphefumulo wakhe uyasondela egodini, nokuphila kwakhe kubabulali. Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo, uNkulunkulu abeseba-nomusa kuye, athi: Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile [inhla]wulo, inyama yakhe ibentsha kuneyomntwana.”—Jobe 33:21-25.
Siyazi ukuthi uJesu Kristu wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo esinikelwa ngenxa yabantu abangaphelele. Umhlatshelo wakhe wabuyisa lokho uAdamu ayekulahlile, ukhokha inani elidingekile lokukhulula esonweni. (Roma 5:12-19; 1 Thimothewu 2:5, 6) Nokho, elithi “isihlengo” alisetshenziswa kulokhu kuphela eBhayibhelini. Igama lesiHeberu elitholakala kuJobe 33:24 ngokuyisisekelo lisho “isisibekelo.” (Eksodusi 25:17, qhathanisa neNW.) Lapho uNkulunkulu esebenzelana noIsrayeli wasendulo, wayenelungiselelo lokusibekela, noma inhlawulo ngezono—imihlatshelo eyayisibekela isono, ilungisa izindaba phakathi kwabantu noNkulunkulu.—Eksodusi 29:36; Levitikusi 16:11, 15, 16; 17:11.
Nokho, ngaphambili uNkulunkulu wayezimisele ukwamukela imihlatshelo njengebonakalisa ukubonga noma ukucela ukuthethelelwa nokwamukelwa. (Genesise 4:3, 4; 8:20, 21; 12:7; 31:54) UJobe wayekuqonda ukubaluleka kwemihlatshelo enjalo. Siyafunda: “Wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke [amadodana akhe]; ngokuba uJobe wathi: Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Wenze njalo uJobe imihla yonke.” (Jobe 1:5) Njengoba ayezama ukuthokozisa uNkulunkulu futhi ngokusobala ayenomoya wokuzisola, imihlatshelo yakhe yayibalulekile emehlweni kaNkulunkulu.—IHubo 32:1, 2; 51:17.
Kodwa kamuva uJobe waphathwa isifo esasibonakala sisongela ukuphila kwakhe. Futhi wayenombono ongafanele ngokulunga kwakhe, ngakho wayedinga ukuqondiswa, okwabe sekunikezwa nguElihu. (Jobe 32:6; 33:8-12; 35:2-4) UElihu wathi uJobe akudingeki aqhubeke esesimweni sakhe esidabukisayo kuze kube sekufeni, egodini (iSheoli, noma ithuna elivamile). Ukuze uJobe aphenduke, kwakudingeka “isihlengo.”—Jobe 33:24-28.
Akumelwe sicabange ukuthi ngokukhuluma ‘ngesihlengo’ uElihu wayesho umuntu emuva ngalesosikhathi owayezofela uJobe. Uma sibheka imihlatshelo abakhulekeli beqiniso ababejwayele ukuyinikela, uhlobo lwesihlengo uElihu ayebhekisela kulo endabeni kaJobe kungenzeka ukuthi kwakuwumhlatshelo wezilwane. Ngokuthakazelisayo, kamuva uNkulunkulu watshela abangane abathathu bakaJobe abagxekayo: “Nizinikelele ngazo zibe-ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela.” (Jobe 42:8) Kungakhathaliseki ukuthi luhlobo luni lwesihlengo, iphuzu eliyinhloko likaElihu laliwukuthi isiphambeko sikaJobe sasingasitshekelwa futhi kamuva athole izinzuzo.
Yilokho okwenzeka. UJobe ‘wazisola othulini nasemlotheni.’ Kwase kwenzekani? “UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni . . . Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe . . . Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba-yizizukulwane ezine.” Kuyavunywa, leyonhlawulo ayizange imkhulule uJobe esonweni, ngakho ngokuhamba kwesikhathi wafa. Nokho, ukwandiswa kokuphila kwakhe kubonisa ukuthi, ngokuphumelelayo, ‘inyama yakhe yabantsha kuneyomntwana, wabuyela emihleni yobusha bakhe.’—Jobe 33:25; 42:6, 10-17.
Lezozibusiso ezeza ngokusetshenziswa kwesihlengo esilinganiselwe kuJobe zisebenza njengokuboniswa kusengaphambili kwenala yezibusiso eziyofika esintwini esikholwayo ezweni elisha. Khona-ke, inzuzo egcwele yomhlatshelo kaJesu wesihlengo iyotholakala, isuse phakade imiphumela ebhubhisayo yesono nokungapheleli. Yeka ukuthi siyoba nesizathu kanjani ‘sokumemeza ngenjabulo,’ njengoba uElihu asho!—Jobe 33:26.