Izimangaliso Zendalo Zidumisa UJehova
UJEHOVA UNKULUNKULU uphakeme ngaphezu kwalokho abantu abangaphelele abangakucabanga. Izinto azidalile emhlabeni nasezulwini ziyamdumisa futhi ziyasikhexisa.—IHubo 19:1-4.
Njengoba enguMdali noMbusi Wendawo Yonke, ngokuqinisekile uJehova kufanele alalelwe lapho ekhuluma. Kodwa yeka indlela ebesingamangala ngayo uma ebengakhuluma nathi, thina bantu abangelutho lapha emhlabeni! Ake sithi ukhuluma nawe, mhlawumbe ngengelosi. Ubuyomlalelisisa ngempela. UJobe, indoda elungile, kumelwe ukuba walalelisisa ngesikhathi uNkulunkulu ekhuluma naye eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Yini esingayifunda kulokho uNkulunkulu akusho kuJobe maqondana nomhlaba kanye nezinto ezisezulwini?
Ubani Owadala Umhlaba, Futhi Ubani Olawula Ulwandle?
Esesivunguvungwini, uNkulunkulu ubuza uJobe ngomhlaba nangolwandle. (Jobe 38:1-11) Akekho umklami ongumuntu owanquma ukuthi umhlaba kufanele ube mkhulu kangakanani wabe esesiza ekuwudaleni. Eqhathanisa umhlaba nesakhiwo, uNkulunkulu ubuza uJobe: “Ngubani owabeka itshe lawo legumbi?” Akuyena umuntu! Amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi abukela futhi ajabula ngesikhathi uJehova edala le planethi.
Ulwandle lunjengosana kuNkulunkulu, owalugqokisa ngokomfanekiso ngezingubo. “Lwaqala ukuphuma njengokungathi luqhumuka esibelethweni.” UNkulunkulu uvalela ulwandle njengokungathi uluvalela ngemigoqo futhi alukhiyele ngomshudo, kanti amagagasi aqondiswa inyanga nelanga.
I-World Book Encyclopedia ithi: “Iningi lamagagasi olwandle libangelwa umoya ovunguzayo, kusukela kwamancane kuya kwamakhulu kakhulu angamamitha angaphezu kuka-30 ukuphakama. . . . Ngemva kokuba umoya usuthule, amagagasi ayaqhubeka ehamba phezu kolwandle futhi angahamba amabanga amade ukusuka lapho eqale khona. Njengoba eqhubeka ehamba aba made futhi amandla awo anciphe. Ekugcineni, amagagasi afinyelela ogwini, lapho afike ashayeke khona aphele khona futhi abe yigwebu.” Ulwandle lulalela umyalo kaNkulunkulu: “Uyohamba uze ufike lapha, ungadluleli phambili; amagagasi akho aziqhenyayo ayokhawula lapha.”
Ubani Owenza Ukuntwela Kokusa?
Ngokulandelayo uNkulunkulu ubuza uJobe ngemiphumela yokukhanya nangezinye izinto. (Jobe 38:12-18) Akekho umuntu ongalawula umjikelezo wemini nobusuku. Ukukhanya kwasekuseni kubamba ngokomfanekiso imikhawulo yomhlaba futhi kuthuntuthe ababi. Izoni zingase zenze izinto ezimbi ‘ebumnyameni bakusihlwa.’ (Jobe 24:15, 16) Kodwa ukuntwela kokusa kuyabahlakaza abenzi bobubi abaningi.
Ukusa kunjengesigxivizo esandleni sikaNkulunkulu esishiya uphawu oluhle emhlabeni. Ukukhanya kwenza sibone imibala eminingi, ukuze umhlaba ubonakale uvunule ngezingubo eziwubukhazikhazi. UJobe akazange abe nesandla kulokhu futhi wayengakaze aye otweni lwamanzi ukuze abale wonke amagugu akulo. Phela, kuze kube namuhla abacwaningi banolwazi oluncane ngezinto eziphila ezilwandlekazini!
Zingezikabani Izinqolobane Zeqhwa Nezesichotho?
Akekho umuntu owake walandela ukukhanya noma ubumnyama aze afike lapho kuvela khona noma owake wangena ezinqolobaneni zeqhwa nesichotho uNkulunkulu azigcinele “usuku lokulwa nolwempi.” (Jobe 38:19-23) Ngesikhathi uJehova esebenzisa isichotho lapho elwa nezitha zakhe eGibheyoni, “baningi abafa bebulawa isichotho kunalabo ababulawa abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba.” (Joshuwa 10:11) Angasebenzisa amatshe esichotho abukhulu bawo bungashiwongo ukuze abhubhise abantu ababi abayobe beholwa uGogi, noma uSathane.—Hezekeli 38:18, 22.
Ngo-July 2002, isichotho esilingana neqanda lenkukhu sabulala abantu abangu-25 futhi salimaza abangu-200 eSifundazweni saseHenan esimaphakathi neChina. Maqondana nesichotho esawa ngo-1545, umqophi wezithombe uBenvenuto Cellini wase-Italy wabhala: “Kwase kusele usuku olulodwa sifike eLyons . . . ngesikhathi izulu liqala ukuduma liqeqebula. . . . Ngemva kokuduma, kwakuba nokundindizela okukhulu ngokwesabekayo kangangokuthi ngacabanga ukuthi isiphelo sase sifikile; ngakho ngamisa ihhashi okwesikhashana, futhi laqala ukuwisa isichotho kungekho ngisho neconsi lamanzi. . . . Manje lesi sichotho sakhula saba ngangolamula omkhulu. . . . Lesi sichotho saqhubeka okwesikhashana, kodwa ekugcineni sathula . . . Satshengisana imihuzuko namaphuphusi; kodwa lapho sesihambe cishe ikhilomitha sabona indawo eyayinomonakalo omkhulu ekudlula kude esasibhekene nakho, futhi ungachazeki. Yonke imithi yayiphundlekile ingenawo amaqabunga, ivithikile; izilwane endle zazifile; nabelusi abaningi babefile; sabona amatshe esichotho amakhulu futhi amaningi owawungeke ukwazi ukuwabamba ngezandla zombili.”—Autobiography (Book II, 50), Harvard Classics, uMqulu 31, amakhasi 352-3.
Kuyokwenzekani lapho uJehova evulela izitha zakhe izinqolobane zakhe zeqhwa nesichotho? Ngeke ziphunyuke lapho iqhwa noma isichotho kusetshenziselwa ukufeza intando yakhe.
Imvula, Amazolo, Isithwathwa Neqhwa Kungumsebenzi Wezandla Zikabani?
Ngokulandelayo, uJehova ubuza uJobe ngemvula, amazolo, isithwathwa neqhwa. (Jobe 38:24-30) UNkulunkulu unguMenzi Wemvula omkhulu, ngisho ‘nehlane elingenamuntu wasemhlabeni’ lijabulela isibusiso sakhe. Imvula, iqhwa nesithwathwa akunaye ubaba noma umenzi ongumuntu.
I-Nature Bulletin ithi: “Into eyinqaba futhi mhlawumbe ebaluleke kakhulu [ngeqhwa] ukuthi amanzi ayakhukhumala njengoba eqina ngenxa yamakhaza . . . Ingubo eyiqhwa eba khona ebusika futhi intante echibini ibangela ukuba izitshalo nezilwane zasemanzini (izinhlanzi, njalonjalo) zihlale ziphila ngaphansi kwamanzi. Ukube . . . amanzi ayiqhwa aba nesisindo esikhudlwana njengoba eqina, iqhwa beliyosinda kunamanzi bese liyazika. Bekuyokwakheka iqhwa elengeziwe ngaphezulu bese ekugcineni lonke ichibi libe iqhwa eliqinile. . . . Ezingxenyeni zezwe ezibandayo imifula, amadamu, amachibi amakhulu futhi ngisho nezilwandlekazi bekungahlala kuyiqhwa unomphelo.”
Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi amachibi awaqini abe yiqhwa! Futhi ngokuqinisekile siyabonga ngokuthi umsebenzi wezandla zikaJehova, imvula namazolo kuvuselela izitshalo ezisemhlabeni.
Ubani Owabeka Izimiso Zamazulu?
Ngokulandelayo, uNkulunkulu ubuza uJobe ngamazulu. (Jobe 38:31-33) Umlaza okuthiwa iKhima uvame ukubizwa ngokuthi iPleiades (isiLimela), iqoqo elinezinkanyezi ezinkulu ezingu-7 kanye neziningana ezincane ezingaba ngama-light-year angu-380 ukusuka elangeni. Umuntu ngeke akwazi ‘ukuzibopha ziqine izibopho zomlaza iKhima,’ abophe lelo qoqo libe yinto eyodwa. Akekho umuntu ‘ongathukulula izintambo zomlaza iKhesili,’ ngokuvamile echazwa njengeqoqo lezinkanyezi elibizwa ngokuthi i-Orion. Nakuba singazi namuhla ukuthi ibizwa ngokuthini imilaza iMazarothi ne-Ashi, umuntu ngeke akwazi ukuyilawula futhi ayiqondise. Abantu abakwazi ukuguqula “izimiso zamazulu,” imithetho elawula indawo yonke.
UNkulunkulu wabeka imithetho ukuze iqondise izindikimba zasezulwini, ezithonya isimo sezulu emhlabeni, amagagasi, umkhathi nobukhona bokuphila ngokwako kule planethi. Cabanga ngelanga. Ngokuqondene nalo, i-Encyclopedia Americana (Uhlelo luka-1996) ithi: “Imisebe yelanga ikhanyisa futhi ifudumeze umhlaba, ibangela ukuba izitshalo zikhule, ukuba kuhwamuke amanzi asolwandle nasemachibini, inendima ekubeni khona komoya ovunguzayo futhi yenza nemisebenzi eminingi ebalulekile ukuze ukuphila kuqhubeke kukhona emhlabeni.” Yona le ncwadi ithi: “Ukuze umuntu abuqonde ubukhulu bamandla aqukethwe ukukhanya kwelanga, kudingeka acabange nje ukuthi wonke amandla asemoyeni, emadamini, emifuleni nawo wonke amandla atholakala ezintweni zokubasa zemvelo njengezinkuni, amalahle nowoyela amane nje angamandla okukhanya kwelanga okuye kwagcinwa kuyiplanethi encane [umhlaba] eqhele ngamakhilomitha angu-150 000 000 ukusuka elangeni.”
Ubani Ofaka Ukuhlakanipha Emafwini?
UJehova utshela uJobe ukuba acabange ngamafu. (Jobe 38:34-38) Umuntu akakwazi nokutshela ngisho ifu elilodwa ukuba livele futhi lidedele amanzi alo. Kodwa cabanga ngendlela abantu abancike ngayo emjikelezweni wamanzi owamiswa uMdali!
Uyini umjikelezo wamanzi? Enye incwadi ithi: “Umjikelezo wamanzi unezigaba ezine ezihlukene: ukugcinwa, ukuhwamuka, ukwehla nokugeleza kwawo. Amanzi angagcinwa okwesikhashana emhlabathini; ezilwandlekazini, emachibini amakhulu nasemifuleni; nasezindaweni ezembozwe iqhwa nasezinguzungeni zeqhwa elihambayo. Ayahwamuka emhlabathini, ajiye emafwini, abuyele emhlabeni (eyimvula noma iqhwa), futhi ekugcineni agelezela ezilwandle noma aphinde ahwamukele emkhathini. Cishe wonke amanzi asemhlabeni asedlule kulo mjikelezo wamanzi izikhathi ezingenakubalwa.”—Microsoft Encarta Reference Library 2005.
Amafu agcwele imvula anjengezimbiza zamanzi zasezulwini. Uma uJehova ewatshekisa, angathulula imvula enkulu kangangokuthi uthuli lungashintsha lube udaka futhi amagabade ahlangane. UNkulunkulu angenza ukuba imvula ine noma ingani nhlobo.—Jakobe 5:17, 18.
Ngokuvamile imvula ihambisana nombani, kodwa umuntu ngeke awusebenzisele izifiso zakhe. Imibani ivezwa njengokungathi ithi kuNkulunkulu, “Silapha!” I-Compton’s Encyclopedia ithi: “Umbani wenza izinguquko ezibalulekile kumagesi asemkhathini. Njengoba umbani udabula emoyeni, uphehla ukushisa okukhulu okuhlanganisa i-nitrogen ne-oxygen ukuze kwakheke ama-nitrate nezinye izingxube zamakhemikhali. Lezi zinto zehlela eMhlabeni nemvula. Ngale ndlela, umkhathi uyakwazi ukuqhubeka usiza ekuvundiseni umhlabathi ngezinto ozidingayo ukuze ukhiqize izitshalo.” UNkulunkulu unolwazi olugcwele ngombani kodwa kumuntu usalokhu uyimfihlakalo.
Izimangaliso Zendalo Zidumisa UNkulunkulu
Ngempela, izimangaliso zendalo zidumisa uMdali wazo zonke izinto. (IsAmbulo 4:11) Yeka ukuthi amazwi kaJehova maqondana nomhlaba nezindikimba zasezulwini kumelwe ukuba amhlaba umxhwele kangakanani uJobe!
Asizange sixoxe ngazo zonke izimangaliso zendalo uJobe abuzwa futhi achazelwa zona. Nokho, ngisho nazo lezi esixoxe ngazo zisishukumisela ukuba sikhamuluke: “Bheka! UNkulunkulu uphakeme kakhulu kunalokho esingase sikwazi.”—Jobe 36:26.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 14]
Snowflake: snowcrystals.net
[Imithombo Yezithombe ekhasini 15]
Pleiades: NASA, ESA, and AURA/Caltech; fish: U.S. Fish & Wildlife Service, Washington, D.C./William W. Hartley