Isifundo Ngendlela Yokusingatha Izinkinga
BAMBALWA abantu okwake kwadingeka babhekane nazo zonke izinkinga uJobe ayenazo. Ngesikhashana, wayekhungethwe ukulahlekelwa ingcebo yakhe nendlela yokuziphilisa, ukufa okuhlasimulisayo kwabo bonke abantwana bakhe, futhi ekugcineni isifo esibuhlungu kakhulu. Elahlwe abangane nezihlobo, umkakhe wamkhuthaza ukuba ‘athuke uNkulunkulu, afe.’—Jobe 2:9; 19:13, 14.
Nokho, uJobe uwumthombo wesikhuthazo oyingqayizivele kunoma ubani obhekana novivinyo olufanayo. Umphumela omuhle wovivinyo lwakhe ubonisa ukuthi ukukhuthazela lapho sibhekene nosizi kuyayijabulisa inhliziyo kaJehova, lapho sishukunyiswa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuqotho, kunokuba kube inzuzo yomuntu siqu.—Jobe, izahluko 1, 2; 42:10-17; IzAga 27:11.
Lokhu kulandisa kweBhayibheli kuqukethe nezifundo ezibalulekile ngokuqondene nendlela yokusingatha izinkinga. Kunikeza izibonelo ezivelele ngokuqondene nendlela othile obhekene novivinyo okufanele—nokungafanele—alulekwe ngayo. Ngaphezu kwalokho, okuhlangenwe nakho kukaJobe ngokwakhe kungasisiza ukuba sisabele ngendlela elinganiselayo lapho sizithola sihlaselwa izimo ezimbi.
Isifundo Ngokunikeza Iseluleko Esingafanele
Inkulumo ethi “umduduzi kaJobe” iye yafanelana nomuntu owenza izinto zibe zimbi kakhulu esikhundleni sokuba abonise uzwela ngesikhathi sosizi. Kodwa naphezu kwedumela abangane bakaJobe abathathu abazitholela lona ngokufanele, akufanele sicabange ukuthi izisusa zabo zazizimbi ngokuphelele. Kungenzeka ukuthi ngezinga elithile babefuna ukusiza uJobe, ngokuvumelana nemibono yabo eyiphutha. Kungani behluleka? Baba kanjani amathuluzi kaSathane, owayezimisele ukuphula ubuqotho bukaJobe?
Sonke iseluleko sabo babesisekele emcabangweni ongaqondile: ukuthi ukuhlupheka kuza kulabo abonayo kuphela. Enkulumweni yakhe yokuqala, u-Elifazi wathi: “Ngubani owake wachithwa engenacala na? Babhujiswaphi abalungileyo na? Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyela ukona, bayakuvuna.” (Jobe 4:7, 8) Ngephutha u-Elifazi wayekholelwa ukuthi abantu abangenacala bazigonyelwe izinhlekelele. Wayecabanga ukuthi njengoba uJobe ayesebunzimeni obukhulu, kumelwe ukuthi wayonile kuNkulunkulu.a Bobabili uBilidadi noSofari bagcizelela ukuthi uJobe aphenduke ezonweni zakhe.—Jobe 8:5, 6; 11:13-15.
Abangane bakaJobe abathathu baqhubeka bemdumaza ngokuzwakalisa imibono yabo siqu kunokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. U-Elifazi waze wathi ‘uNkulunkulu nasezincekwini zakhe akethembi’ nokuthi kwakungenandaba ngempela kuJehova ukuthi uJobe ulungile noma cha. (Jobe 4:18; 22:2, 3) Kunzima ukucabanga amazwi adumaza ngokwengeziwe—noma angamanga ngokwengeziwe—kunalawo! Akumangalisi ukuthi kamuva uJehova wamsola u-Elifazi nabangane bakhe ngalokhu kuhlambalaza. Wathi: “Anikhulumanga okulungileyo ngami.” (Jobe 42:7) Kodwa inkulumo elimaza kakhulu yayiseza.
Ekugcineni u-Elifazi wafika eqophelweni lokusola okuqondile. Njengoba ayengakwazi ukwenza uJobe avume ukuthi wayenecala, wagcina eseqamba izono ayecabanga ukuthi kumelwe ukuba uJobe uzenzile. “Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela,” kubuza u-Elifazi. “Ngokuba uthathé ngeze izibambiso kumfowenu, wahlubula abampofu izingubo zabo. Awumphuzisanga owomileyo amanzi, wamgodlela olambileyo ukudla.” (Jobe 22:5-7) Lokhu kusola kwakungelona neze iqiniso. UJehova ngokwakhe wayechaze uJobe njengomuntu “ongenasici nolungileyo.”—Jobe 1:8.
UJobe wasabela kanjani kulokhu kuhlaselwa kobuqotho bakhe? Ngokuqondakalayo, kwamenza wadumala futhi wacindezeleka ngandlela-thile kodwa wazimisela kakhulu kunanini ukubonisa ukuthi lokhu kumanga-lelwa kwakungelona iqiniso. Eqinisweni, wagxila kakhulu ekuzivikeleni yena kangangokuba, ngandlela-thile, waqala ukusola uJehova ngosizi ayekulo. (Jobe 6:4; 9:16-18; 16:11, 12) Izimpikiswano zangempela ezazihilelekile azizange zinakwe, futhi lengxoxo yaba inkulumo-mpikiswano eyize ephathelene nokuthi uJobe wayengumuntu olungile yini, noma cha. Iziphi izifundo amaKristu angazifunda kulomhlangano wokweluleka okulimazayo?
1. UmKristu onothando akaphethi zisuka nje ngokuthi umzalwane uzibangele yena ngokwakhe izinkinga anazo. Ukugxeka ngonya ngamaphutha esikhathi esidlule—kungakhathaliseki ukuthi angokoqobo no-ma ayacatshangelwa—kungamdumaza ngokuphelele umuntu olwela ukuqhubeka engaphelelwa amandla. Umphefumulo ocindezelekile udinga ‘ukuthokoziswa’ kunokuba usolwe. (1 Thesalonika 5:14) UJehova ufuna ukuba ababonisi babe “yindawo yokucashela umoya,” hhayi ‘abaduduzi ababi’ abanjengo-Elifazi, uBilidadi, noSofari.—Isaya 32:2; Jobe 16:2.
2. Akufanele sisole bungekho ubufakazi obucacile. Inzwabethi noma ukucabangela—njengalokho kuka-Elifazi—akusona isisekelo esinengqondo sokusola. Ngokwesibonelo, uma umdala esola ngokungafanele, cishe uyolahlekelwa ukwethenjelwa futhi abangele ukucindezeleka okungokomzwelo. UJobe wazizwa kanjani ngokulalela iseluleko esinjalo esiqondiswe kabi? Wakhipha ubuhlungu bakhe ngalokhu kubabaza okubhuqayo: “Usizile kanjani ongenamandla!” (Jobe 26:2) Umbonisi okhathalelayo ‘uyoqinisa izandla ezibuthakathaka,’ angayenzi inkinga ibe intaba.—Heberu 12:12.
3. Iseluleko kufanele sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, hhayi emibonweni yomuntu siqu. Izinkulumo zabangane bakaJobe zazingaqondile futhi zingakhi. Kunokuba zisondeze uJobe eduze noJehova, zamenza wacabanga ukuthi kwakukhona umgoqo omehlukanisa noYise wasezulwini. (Jobe 19:2, 6, 8) Ngakolunye uhlangothi, ukusebenzisa iBhayibheli ngekhono kungaziqondisa izinto, kukhuthaze abanye, futhi kunikeze induduzo yangempela.—Luka 24:32; Roma 15:4; 2 Thimothewu 3:16; 4:2.
Nakuba incwadi kaJobe isiza amaKristu ukuba abone izingibe ezithile, inikeza nesifundo esiwusizo ngokuqondene nendlela yokunikeza iseluleko esisebenzayo.
Indlela Yokunikeza Iseluleko
Iseluleko sika-Elihu sasihluke ngokuphelele kuleso sabangane bakaJobe abathathu, kokubili ngalokho esasikuqukethe nangendlela u-Elihu asebenzelana ngayo noJobe. Wasebenzisa igama likaJobe futhi wakhuluma naye njengomngane, hhayi njengomahluleli kaJobe. “Kepha manje, Jobe, mawuzwe amazwi ami, ubeke indlebe emazwini ami onke. Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.” (Jobe 33:1, 6) U-Elihu washesha nokutusa uJobe ngenkambo yakhe yokulunga. “Ngiyajabula ngokulunga kwakho,” eqinisekisa uJobe. (Jobe 33:32, NW) Ngaphandle kwalendlela yokweluleka enomusa, u-Elihu wayenezinye izizathu zokuphumelela.
Ngemva kokulinda ngesineke kwaze kwaba yilapho abanye beqedile ukukhuluma, u-Elihu wakwazi ukuziqonda kangcono izindaba ngaphambi kokunikeza iseluleko. Kuyavunywa ukuthi uJobe wayeyindoda elungile, ingabe uJehova wayeyomjezisa? U-Elihu wababaza: “Makube-kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.” “Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo.”—Jobe 34:10; 36:7.
Ingabe ukulunga kukaJobe kwakuyiyona mpikiswano eyinhloko ngempela? U-Elihu wadonsela ukunakekela kukaJobe embonweni wokungalinganiseli. “Uthi: [ukulunga kwami kungaphezu kokukaNkulunkulu, NW],” echaza. “Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.” (Jobe 35:2, 5) Njengoba nje amafu ephakeme ngaphezu kwethu, kanjalo izindlela zikaJehova ziphakeme kunezindlela zethu. Asinalungelo lokwahlulela indlela enza ngayo izinto. “Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo,” kuphetha u-Elihu.—Jobe 37:24; Isaya 55:9.
Iseluleko sika-Elihu esinengqondo salungiselela uJobe indlela yokuthola iziyalezo ezengeziwe kuJehova ngokwakhe. Eqinisweni, kunokufana okukhulu phakathi kokubukeza kuka-Elihu “izimangaliso zikaNkulunkulu,” esahlukweni 37, namazwi kaJehova ngokwakhe awasho kuJobe, alotshwe ezahlukweni 38 kuya ku-41. Ngokusobala, u-Elihu wabona izinto ngombono kaJehova. (Jobe 37:14) AmaKristu angasilingisa kanjani isibonelo esihle sika-Elihu?
Njengo-Elihu, ababonisi ngokukhethekile bafuna ukuba nobubele nomusa, bekhumbula ukuthi nabo abaphelele. Benza kahle ngokulalela ngokucophelela ukuze bathole amaqiniso futhi baqonde izindaba ngaphambi kokunikeza iseluleko. (IzAga 18:13) Ngaphezu kwalokho, ngokusebenzisa iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe emiBhalweni, bangaqiniseka ukuthi umbono kaJehova uyabusa.—Roma 3:4.
Ngaphandle kokunikeza abadala lezizifundo eziwusizo, incwadi kaJobe isifundisa indlela yokubhekana nezinkinga ngendlela elinganiselayo.
Indlela Okungafanele Sisabele Ngayo Ezimweni Ezimbi
Ekhungathekiswe ukuhlupheka kwakhe nabaduduzi bakhe bamanga, uJobe wadumala futhi wacindezeleka. “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo . . . Umphefumulo wa-mi ukhathele ukuhamba kwami,” ebubula. (Jobe 3:3; 10:1) Engazi ukuthi uSathane owayenecala, wacabanga ukuthi uNkulunkulu owayebangela usizi lwakhe. Kwabonakala kungenabulungisa ukuthi yena—njengomuntu olungile—kufanele ahlupheke. (Jobe 23:10, 11; 27:2; 30:20, 21) Lesisimo sengqondo saholela uJobe kweminye imicabango futhi samenza wagxeka ukusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu. UJehova wabuza: “Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube-ngolungileyo, na?”—Jobe 40:8.
Mhlawumbe ukusabela kwethu okusheshayo lapho sibhekene nosizi ukuba nomuzwa wokuthi senziwa izisulu, njengoba ngokusobala kwaba njalo ngoJobe. Ukusabela okuvamile kuwukubuza, ‘Kungani kwenzeka kimi? Kungani kufanele abanye—ababi kakhulu kunami—bajabulele ukuphila okungenazinkinga ngokuqhathaniswa?’ Lena imicabango ephambene esingamelana nayo ngokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu.
Ngokungafani noJobe, sisesimweni sokuqonda izimpikiswano ezinkulu ezihilelekile. Siyazi ukuthi uSathane ‘uyahamba njengebhubesi elibhodlayo ufuna angamgwinya.’ (1 Petru 5:8) Njengoba incwadi kaJobe yembula, uDeveli angakujabulela ukuphula ubuqotho bethu ngokusibangela izinkinga. Uzimisele ukufakazela ukumangalela kwakhe kokuthi singoFakazi BakaJehova kuphela lapho konke kuhamba kahle. (Jobe 1:9-11; 2:3-5) Siyoba naso yini isibindi sokusekela ubukhosi bukaJehova ngaleyondlela sibonakalise uDeveli engumqambimanga?
Isibonelo sikaJesu, nezinye izinceku zikaJehova ezithembekile ezingenakubalwa, sibonisa ukuthi ezinye izinhlobo zokuhlupheka cishe azinakugwenywa kulesisimiso sezinto. UJesu wathi abafundi bakhe kumelwe bazimisele ‘ukuthatha isigxobo sabo sokuhlushwa’ uma befuna ukumlandela. (Luka 9:23, NW) ‘Isigxobo sokuhlushwa’ sethu siqu singase sibe olunye uhlobo lwezinsizi uJobe azikhuthazelela—impilo ebuthaka, ukufa kwabathandekayo, ukucindezeleka, ubunzima bezomnotho, noma ukuphikisa kwabangakholwa. Kungakhathaliseki ukuthi hlobo luni lwenkinga esingase sibhekane nayo, kunesici esihle sayo. Singabheka isimo sethu njengethuba lokubonisa ukukhuthazela kwethu nokuzinikela kwethu kuJehova okungenakunyakaziswa.—Jakobe 1:2, 3.
Yileyondlela abaphostoli bakaJesu abasabela ngayo. Ngokushesha ngemva kwePentekoste bashaywa ngenxa yokushumayela ngoJesu. Kunokuba badumazeke, bahamba “be-thokoza.” Babengenakuthokoziswa ukuhlupheka ngokwakho, kodwa ukuthi “bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama” likaKristu.—IzEnzo 5:40, 41.
Yiqiniso, akubona bonke ubunzima obusehlela ngenxa yokukhonza kwethu uJehova. Izinkinga zethu zingase zibangelwe yithi ngokwethu—okungenani ngezinga elithile. Noma mhlawumbe, ngenxa yephutha okungelona elethu, inkinga ingase ithonye ukulinganisela kwethu okungokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, isimo sengqondo sokuthobeka esinjengesikaJobe siyosisiza ukuba sibone ukuthi silenzephi iphutha. UJobe wavuma kuJehova: “Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga.” (Jobe 42:3) Lowo owaqaphela ngalendlela amaphutha akhe cishe uyobugwema ubunzima obufanayo esikhathini esizayo. Njengoba isaga sisho, “oqondileyo uyabona ububi, acashe.”—IzAga 22:3.
Okubaluleke kakhulu, incwadi kaJobe isikhumbuza ukuthi izinkinga zethu zingezesikhashana. IBhayibheli lithi: “Babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.” (Jakobe 5:11) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyokuvuza ngokufanayo ukwethembeka kwezinceku zakhe namuhla.
Nathi sibheke phambili esikhathini lapho zonke izinhlobo zezinkinga—“okokuqala”—kuyobe kungasekho. (IsAmbulo 21:4) Kuze kube yilapho lolosuku lufika, incwadi kaJobe isebenza njengesiqondiso esiyigugu esingasisiza ekusingatheni izinkinga ngokuhlakanipha nangamandla.
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba iBhayibheli lithi “lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna,” lokhu akusho ukuthi ukuhlupheka komuntu kumelwe ukuba kuyisijeziso saphezulu. (Galathiya 6:7) Kulelizwe elibuswa uSathane, ngokuvamile abalungile babhekana nezinkinga eziningi kunalezo ababi ababhekana nazo. (1 Johane 5:19) UJesu watshela abafundi bakhe: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 10:22) Ukugula nezinye izinhlobo zosizi zingehlela noma iyiphi yezinceku zikaNkulunkulu.—IHubo 41:3; 73:3-5; Filipi 2:25-27.
[Isithombe ekhasini 28]
“Uqaphele amafu aphakeme kunawe.” Ngaleyondlela u-Elihu wasiza uJobe ukuba aqonde ukuthi izindlela zikaNkulunkulu ziphakeme kunezomuntu