‘Ufakazi Othembekile Esibhakabhakeni’
SEKUYIMINYAKA eminingi izimbongi nababhali bezingoma bebabaza ubuhle benyanga. Ngokwesibonelo, ingoma ethile ephefumulelwe uNkulunkulu ikhuluma ngowesifazane “omuhle njengenyanga egcwele.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 6:10) Nomhubi uhasha inyanga ngokuthi ‘ingufakazi othembekile esibhakabhakeni.’ (IHubo 89:37) Le nkulumo ivezani ngenyanga?
Ngokwethembeka, inyanga izungeza umhlaba izinsuku ezingu-27,3 njalo. Yingakho ukwethembeka kwenyanga kusho ukuthi iyinto ongayethemba. Nokho, kungenzeka ukuthi umhubi wayecabanga ngephuzu elibaluleke nakakhulu. Wabiza inyanga ngokuthi ‘ufakazi othembekile’ engomeni ebikezela uMbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele.—Mathewu 6:9, 10.
Eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule, uJehova uNkulunkulu wenza isivumelwano soMbuso nenkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide. (2 Samuweli 7:12-16) Injongo yaleso sivumelwano kwakuwukubekela uJesu Kristu isisekelo esingokomthetho sokubusa kuze kube phakade njengendlalifa kaDavide. (Isaya 9:7; Luka 1:32, 33) Ebhekisela esihlalweni sobukhosi ‘senzalo’ kaDavide, umhubi wahlabelela: “Siyomiswa siqine njengenyanga kuze kube nini nanini, nanjengofakazi othembekile esibhakabhakeni.”—IHubo 89:36, 37.
‘Inkanyiso ebusa ubusuku’—inyanga—iyisikhumbuzo esifanelekayo sokuthi uKristu uyobusa phakade. (Genesise 1:16) Ngokuqondene nalowo Mbuso, uDaniyeli 7:14 uthi: “Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.” Inyanga ingufakazi osikhumbuza lowo Mbuso nezibusiso oyozilethela isintu.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Moon: NASA photo