Zenze Utholakale!
“Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo . . . abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.”—IHUBO 110:3.
1, 2. Ngokuvumelana neHubo 110:3, yini oFakazi BakaJehova manje abayenzayo?
INKOSI kaJehova, uJesu Kristu, manje iyabusa! Kusukela ngo-1914 ibilungele isenzo futhi kakade isiqalile ‘ukubusa phakathi kwezitha zayo.’ (IHubo 110:2) Kulezinsuku zokugcina ezithusayo zalesimiso esifayo, makuthi bonke abathandayo bazibonakalise ngenxa yenkonzo yeNkosi, mabenze kanjalo ngaphandle kokuthandabuza.
2 Yilokhu kanye oFakazi BakaJehova abakwenzayo. Banenqwaba yezisebenzi ezisebenza kanzima, ezikhazimula njengamazolo. Njengamanje lamazwi omhubi aphefumlelwe ayagcwaliseka: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.” (IHubo 110:3) Yeka isikhathi esiphila kuso!
3. Maqondana nenkonzo, yimuphi umoya obubonakala njalo phakathi kwezinceku zikaJehova? Fakazela lokhu ngokomBhalo.
3 Umoya wokuzidela wenkonzo yokuzithandela ububonakala njalo phakathi kwezinceku zikaJehova ezithembekile. Ngakho-ke lapho enikwa ithuba lokukhonza njengomphathi wesigijimi sikaNkulunkulu, umprofethi uIsaya wasabela ngokushesha: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.” (Isaya 6:8) Ekuqaleni kwenkonzo kaJesu eGalile, waya kumaJuda athile esaba uNkulunkulu wawamema: ‘Ngilandeleni.’ Basabela ngaphandle kokungabaza, beshiya umsebenzi wokuthelisa nowokudoba. (Mathewu 4:18-22; Luka 5:27, 28) Abesifazane abanezinhliziyo ezivumayo banikela ngesikhathi, umzamo nezinto ezibonakalayo ekunakekeleni izidingo zikaJesu nabafundi bakhe. (Marku 15:40, 41; Luka 8:1-3) Yebo, lapho amathuba enkonzo engcwele ephakama, bonke labantu bazenza batholakala.
Bazinikela Ngenjabulo
4. UPawulu nabangane bakhe balubheka kanjani ‘ubizo lwaseMakedoniya’?
4 Umphostoli uPawulu ongumKristu naye wazenza watholakala ngenxa yenkonzo ukuze kube udumo kuJehova. Ngesinye isikhathi waba nombono wendoda ethile esicelo sayo kwakuyilesi: “Welela eMakedoniya, usisize.” Ingabe umphostoli nabangane bakhe basabela? Ngempela basabela, ngoba siyafunda: “Lapho esewubonile umbono safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.” Bazenza batholakala, futhi uJehova wayiphumelelisa inkonzo yabo yokuzithandela.—IzEnzo 16:8-40.
5. Yini abanye abaye bayisho ngenkonzo yamaKristu akuqala?
5 Inkonzo yokuzithandela yayiwuphawu lobuKristu bakuqala. Kuye kwathiwa: “ISonto Lakuqala alizisekelanga nje kuphela izithunywa zevangeli; lalingelezithunywa ngokwalo. [Alizange libe nomuzwa] wokuthi lalifeza ingxenye yalo uma likhokha izikweletu futhi lilalele ngesithakazelo esincane izindaba ezazixoxwa izithunywa zevangeli ngempumelelo yazo. Lamasonto amancane wona ngokwawo ayeyizindawo zomsebenzi wevangeli. Wonke umuntu wazizwa ebophekile ukukhuluma ngeZindaba Ezinhle.” (The Preaching Value of Missions, equkethe izinkulumo zikaHelen Barrett Montgomery) Abalandeli bakaJesu babengabashumayeli bevangeli abashisekayo. “Umlando wesonto lokuqala kuzEnzo uwubufakazi bokuthi bathatha umsebenzi wobuvangeli ngokungathi sína njengoba benza ngokoqobo. Ukushumayela ivangeli kwakungokuyinhloko.” (The Idea of the Laity, nguDavid Haney) Futhi yini eyaba umphumela walomsebenzi wokuzidela kwabalandeli bakaJesu? “Ngokushesha babehamba emigwaqweni yaseRoma beya emizini ekude nasezifundazweni. Ngokuhamba kwesikhathi, wonke uMbuso waba isiqalo senkolo entsha.” (Imperial Rome, nguMoses Hadas) Yebo, izindaba ezinhle ‘zazishunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu’ ngoba labofakazi abangamaKristu bakuqala bazenza batholakala!—Kolose 1:23; Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:6-8.
6. Ofakazi bakaJehova banamuhla baye bazizwa kanjani ngaso sonke isikhathi ngomsebenzi wokushumayela ngoMbuso?
6 Umoya ofanayo ukhona kofakazi bakaJehova namuhla. Ngokufanelekile, umagazini iWatch Tower kaJuly noAugust 1881 wathi: “Ingabe uyashumayela? Sikholelwa ukuthi abekho abayoba ngabomhlambi omncane ngaphandle kwabashumayeli. . . . Asibizelwanga, futhi asigcotshelwanga ukuthola udumo nokuqongelela ingcebo, kodwa ukusebenzisa ingcebo nokusebenza, nokushumayela izindaba ezinhle.” Umbono ofanayo wawubonakala eminyakeni ethile kamuva. Phakathi nomhlangano ovusa amadlingozi eCedar Point, Ohio, ngo-1922, abameleli boMbuso ababehlangene banxuswa: “Emuva ensimini, O nina madodana kaNkulunkulu ophezukonke! Bhincani izikhali zenu! Zothani, qaphani, khuthalani, yibani nesibindi. Yibani ngofakazi beNkosi abathembekile nabeqiniso. Qhubekani nokulwa kuze kube yilapho yonke iminonjana yeBabiloni isichithiwe. Memezelani isigijimi yonke indawo. Umhlaba kumelwe wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lolu usuku olukhulu kunazo zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Ningamanxusa ayo. Ngakho-ke memezelani, memezelani, memezelani iNkosi nombuso wayo.” Ngenxa yokumenyezelwa koMbuso okunjalo, oFakazi BakaJehova ngenjabulo, ngentshiseko, bayaqhubeka bezenza batholakale.
Kuhlangatshezwana Nendingeko Enkulu
7. Kwakuyini okuhlangenwe nakho kwabashumayeli besikhathi esigcwele bezikhathi zakuqala, futhi bazizwa kanjani ngenkonzo yabo kuJehova?
7 Eziningi zezinceku zikaJehova ziye zazenza zatholakala ngenxa yomsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele. Eminyakeni edlule, abanye babekhonza njengamacolporteur (manje okuthiwa amaphayona), futhi ukuphila kwabo kwakungekhona okulula. “Yebo,” kusho omunye uFakazi osekhulile, “sasinamacolporteur ayehlanganisa amadolobha nezindawo zasemaphandleni kulezozinsuku zakuqala. Ngezinye izikhathi babehweba [izincwadi zeBhayibheli] ngomkhiqizo wasepulazini, izinkukhu, insipho nokunye, ababekusebenzisa noma bakuthengisele abanye. Ngezinye izikhathi, ezindaweni ezakhiwe ngokugqagqene, babelala kubanikazi bamapulazi nakubanikazi bamapulazi emfuyo, futhi ngezinye izikhathi babelala ngisho enqwabeni yefolishi . . . Laba abathembekile baqhubeka iminyaka eminingi kwaze kwaba yilapho behlulwa ukuguga.” Abanye babebasha lapho beqala lenkonzo yesikhathi esigcwele. Iqiniso, umsebenzi wabo wawusinda, kodwa babezenze batholakala futhi bekujabulela ukukhonza. Njengoba omunye wabo ekubeka: “Sasibasha futhi sijabula enkonzweni, sijatshuliswa ukusebenzisa amandla ethu ekukhonzeni uJah.”
8. Abaningi abantu bakaJehova baye bazenza batholakala kuyiphi inkonzo?
8 Phakathi neminyaka yezimpi ezingenakulinganiswa, indlala, ukuzamazama komhlaba nezinye izehlakalo ezakha ‘isibonakaliso’ ‘sokuba khona’ kukaKristu emandleni oMbuso kusukela ngo-1914, abantu bakaJehova baye baba nesibindi ekumemezeleni izindaba ezinhle. (Mathewu 24:3-14) Ngokujabulisayo, abaningi baye bazenza batholakala ngenxa yenkonzo yesikhathi esigcwele, futhi yeka indlela okuhle ngayo ukuthi benza kanjalo!
9. (a) NgoFebruary 1, 1943, yisiphi isinyathelo esiphawulekayo esathathwa emlandweni woFakazi BakaJehova? (b) Kwenzeka kanjani ukumiswa kweSikole saseGilead nokuhlangabezana nesidingo sokwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke?
9 IMpi yeZwe II yayidlanga ngabo bonke ubudlova bayo ngoFebruary 1, 1943. Kodwa ngalolosuku olubandayo, lwasebusika ePulazini loMbuso eduze naseNingizimu Lansing, eNew York, isinyathelo esiphawulekayo sathathwa emlandweni woFakazi BakaJehova. Amadoda angama-49 nabesifazane abangama-51—bonke bengamaphayona baqala imfundo yezinyanga ezinhlanu eWatchtower Bible School of Gilead. Lokhu kuqeqeshwa kwakuzobenza batholakale ngenxa yomsebenzi wezithunywa zevangeli kwamanye amazwe. Njengoba izimo zempi zenza kwabanzima ukuthumela izithunywa zevangeli eYurophu naseAsia, ababethweswe iziqu bamakilasi okuqala eSikole saseGilead bababelwa eCuba, Mexico, Costa Rica, Puerto Rico, Canada naseAlaska. Ukuhlangabezana nendingeko yokwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke kwakunokwenzeka ngoba amaphayona asebenza kanzima ayezenze atholakala.
Impumelelo YeSikole SaseGilead
10. Yiziphi izibonelo zokwanda koMbuso ezikhonjiwe kusukela izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGilead zifika okokuqala emazweni athile?
10 Abafundi abangaphezu kwezi-6000 baye bathweswa iziqu emakilasini angama-76 eSikole saseGilead, manje esakhiwe endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ukuphumelela kwalesikole kusobala. Ngokwesibonelo, ngenkathi izithunywa zevangeli zokuqala eziqeqeshwe eGilead zifika eBrazil ngo-1945, abantu abangama-394 kuphela ababehlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso kulelozwe. Namuhla inani lingaphezu kwezi-148 000. Emuva ngo-1949 lapho abokuqala ababethweswe iziqu eGilead befika eJapane, abamemezeli boMbuso abathathu kuphela ababebika inkonzo kulelozwe laseMpumalanga. Manje kunabangaphezu kwezi-86 000!
11. Kusukela ekuvulweni kweSikole saseGilead ngo-1943, yini eye yenzeka ngokuqondene nokwanda koMbuso emhlabeni wonke?
11 Kodwa kuthiwani ngokwanda koMbuso emhlabeni wonke? Nokho, lapho ikilasi lokuqala leSikole saseGilead liqeqeshwa ngo-1943, abamemezeli boMbuso abayizi-126 329 ababesebenza emazweni angama-54 emhlabeni wonke. Namuhla, inani eliphakeme labamemezeli bezindaba ezinhle abayizi-2 652 323 liyashumayela emazweni angama-205. Ngesilinganiso esikhulu, lokhu kwanda okukhulu kuye kwaba ngenxa yomsebenzi omuhle wabathola iziqu eGilead.
12. Ugcwaliseka kanjani uZakariya 8:23?
12 Emazweni amaningi lapho lezithunywa zevangeli zathunyelwa khona njengamanxusa nezithunywa ezimelele uKristu, zathola amasimu elungele ukuvunwa. (Mathewu 9:37, 38; 2 Korinte 5:20) Kusukela kwabambalwa nje kuphela kwamanye amazwe, namuhla amakhulu, izinkulungwane, ngisho namashumi ezinkulungwane, aye ahlanganyela nabalandeli bakaJesu abagcotshiwe futhi aye athi, ngokomphumela: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” (Zakariya 8:23) Yebo, futhi ukuze kuqhutshekiselwe phambili ukumenyezelwa koMbuso emhlabeni wonke, ‘lesisixuku esikhulu’ esandayo sizenza sitholakale—IsAmbulo 7:9.
Bajabula Ngokuzenza Batholakale
13. (a) Yikuphi ukulandisa okwenziwa esinye isithunywa sevangeli esazenza satholakala ngenxa yenkonzo eyandisiwe kuJehova? (b) Yimuphi umbuzo ofanele ukucatshangelwa?
13 UJehova ngokuqinisekile uyababusisa labo ababonisa isifiso nomoya wokuzidela, futhi bayajabula ngempela ngokuthi baye bazenza batholakala ngenxa yomsebenzi owandisiwe kube udumo kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, omunye udade oyisithunywa sevangeli wabhala: “Ngasiyeka isikhundla sami, ngakhohlwa yikho konke okwakungemva kwami, futhi ngoSeptember, 1930, khona impela phakathi nokwehla okukhulu kwezomnotho, ngaqala ukugijima ngempela emjahweni wokuphila [njengephayona]. Ngiye ngajabula njalo ngokuthi ngenza lokho . . . Kuye kwasho ukunambitha ubuhle bukaJehova nokuhlabelela udumo lwakhe nsuku zonke, ngalokho kwaphumela ekuthuleni kwengqondo ukuze ngibhekane nanoma yini efikayo.” (IHubo 34:8) Ungazenza utholakale ngenxa yelungelo lokuphayona noma inkonzo yezithunywa zevangeli?
14. Elinye ilungu leNdikimba eBusayo liye lathini maqondana nenkonzo yesikhathi esigcwele?
14 Ngemva kweminyaka yakhe yokuqala engama-21 enkonzweni yesikhathi esigcwele, omunye wezithunywa zevangeli zokuqala zaseGilead eJapane wabhala ngo-1960: “Iyiminyaka egcwele injabulo nokuhlangenwe nakho ukuphila komuntu okuphindwe ngekhulu okungenakuba nayo!” Namuhla, eminyakeni engama-24 kamuva, injabulo yalomzalwane ilokhu inkulu njengelungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.
15. (a) Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo yaseBethel, abanye baye bathini? (b) Yimuphi umbuzo obangela ukucabanga lokhu okuwuphakamisayo?
15 Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo njengendoda engashadile endlunkulu yeWatchtower Society, omunye umzalwane wathi: “Angizisoli ngenkambo engayikhetha emuva lé ekuqaleni kobudala bami. . . . Injabulo yokubona izigidi zomagazini nezinye izincwadi eziphethe isigijimi seZwi likaNkulunkulu zisakazekela ekugcineni komhlaba kuye kwaba umvuzo omangalisayo khona ngokwakho.” Udade oye wakhonza eBethel yaseBrooklyn kusukela ngawo-1920 wake wathi: “Amazwi awanele okusho injabulo nokwaneliseka engiye ngakuzwa.” Futhi ngemva kweminyaka eminingi enkonzweni yaseBethel, omunye umzalwane wathi: “Ngempela ngiye ngajabulela indlela yokuphila ejabulisayo, evuzayo nebusisiwe.” Ingabe nawe ungazenza utholakale ngenxa yenkonzo ejabulisayo eBethel?
Sabela Ngokholo KuJehova
16. Yini abazalwane ababili asebekhulile abaye bayisho ngokwamukela izabelo ezivela enhlanganweni kaJehova?
16 Umzalwane osekhulile manje okhonza ePapua New Guinea wake wabhala: “[Leminyaka yenkonzo yesikhathi esigcwele] iye yaba iminyaka engcono kakhulu, iminyaka ejabulisa kakhulu . . . Yeka ukuthi kwakuwukuhlakanipha kanjani ukulalela isithembiso seNkosi esikuMathewu 6:33! Yeka ukuthi kunengqondo kanjani ukulandela ukuhola kweNkosi njengoba kubonakaliswe ngenhlangano yayo!” Umzalwane waseBrithani, oye waba isikhonzi sesikhathi esigcwele eNdiya kusukela ngawo-1920, wakhuluma kahle: “Umhlaba wonke manje uma kulinganiswa uyindawo encane kakhulu. Kukhona [izinceku zikaJehova] kuwo wonke amazwe futhi zinothando kwelinye izwe njengakwelinye. Ngokushesha umuntu uyajwayelana nezimo zakwamanye amazwe. Kuyindaba nje yokuzimisela ukukwenza abese efuna umoya kaJehova ukuze ukwazi ukumenza anqobe izithiyo. Iseluleko sami yilesi, Njalo yamukela isabelo esivela enhlanganweni kaJehova futhi uzimisele ngenjabulo ukuphumelela.”
17. (a) Ngabamemezeli bebandla, yimaphi amathuba akhona enkonzo ethuthukisiwe noma eyandisiwe kuJehova? (b) UPawulu wasabela kanjani lapho eqaphela ‘umnyango omkhulu ovuliwe wethuba lokusebenza’?
17 Njengommemezeli webandla onomkhaya nemithwalo yemfanelo eminingi engokomBhalo, ungase uzibuze, ‘Kungakanani engingakwenza?’ Akekho ongakutshela. Kodwa ungathandaza kuJehova, ucele ukuba akusebenzise ngezinga elikhulu kangangokunokwenzeka enkonzweni yakhe engcwele. Mhlawumbe ungandisa isikhathi ovame ukusisebenza enkonzweni yasensimini. Uma ungakasiqhubi isifundo seBhayibheli sasekhaya nomuntu othakazelayo, ungase ukwazi ukuhlela esisodwa. Futhi sonke singasithuthukisa isimo senkonzo yethu kuJehova uma sisebenzisa iseluleko seZwi lakhe nenhlangano. Khona-ke, futhi, uma ungumdala omisiwe, usizo lwakho olungokomoya lungase ludingeke kakhulu kwelinye ibandla. Uma umkhaya wakho uthuthela lapho indingeko inkulu ngempela khona, wena, umkakho nabantwana bakho ningase nibe nenjabulo eyandisiwe yokuthola nokusiza abanjengezimvu. Ngokuhamba kwesikhathi, ungase ube nenjabulo yokusiza ekumiseni ibandla elisha, noma kungase kube nezinye izibusiso eziningi ngaphezu kokulindele. Lapho umphostoli uPawulu eqaphela ‘umnyango omkhulu ovuliwe wethuba lokusebenza,’ wayekushisekela ukwandisa inkonzo yakhe ekudumiseni uJehova. (1 Korinte 16:9; 2 Korinte 2:12; Kolose 4:2-4) Ingabe uzizwa ngendlela efanayo?
18. (a) Yini etuswayo uma umnyango oya emsebenzini owandisiwe wobuKristu ukuvulekela? (b) Yini eyoba umphumela uma uzenza utholakale?
18 Khona-ke, yini oyoyenza uma ilungelo lenkonzo kuJehova libekwa phambi kwakho? Ingabe uyozigodla, noma ingabe uyobonisa umoya wokuzidela? Yebo, kumelwe ubale izindleko. (Luka 14:27-30) Kodwa uma umnyango oya emsebenzini wobuKristu owandisiwe ukuvulekela, thandaza kuJehova. Ungagwegwesi emikhulekweni enjalo futhi ufune ukuqondisa kwakhe. (IHubo 37:5; Filipi 4:6, 7) Khona-ke, uma umoya wakhe ongcwele ukushukumisela ukuba wamukele ilungelo elithile, vumela lokho kuhola futhi wenze ngokholo kuYihlo osezulwini. Ngenkambo yokuzidela ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso, ngokuqinisekile uyobusiswa. Futhi khumbula, “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22; Malaki 3:10) Yebo, ngempela izibusiso ezinhle nezingalindelekile ziyoba ngezakho uma uzenza utholakale!
Ubungaphendula Kanjani?
□ Ngokuvumelana neHubo 110:3, yini oFakazi BakaJehova abayenzayo manje?
□ Izinceku zikaJehova zanamuhla ziye zawulinganisa kanjani umsebenzi wokushumayela ngoMbuso?
□ Kusukela iSikole saseGilead savulwa ngo-1943, yini eye yenzeka ekwandeni koMbuso emhlabeni wonke?
□ Yimaphi amathuba akhona enkonzo ethuthukisiwe noma eyandisiwe kuJehova?
□ Uma umnyango oya enkonzweni yoMbuso eyandisiwe ukuvulekela, kumelwe usabele kanjani?
[Isithombe ekhasini 25]
Lapho uPawulu ethola ‘ubizo lwaseMakedoniya,’ yena nabangane bakhe bazenza batholakala ngenxa yenkonzo yokudumisa uJehova
[Isithombe ekhasini 27]
Ikilasi lokuqala labathola iziqu leSikole saseGilead, ngoJuly 1943. Lamaphayona asebenza kanzima azenza atholakala ngenxa yenkonzo yoMbuso eyandisiwe