Injabulo Naphezu Kwezwe Elingenamthetho, Nelingenaluthando
“Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.”—IHUBO 119:1.
1, 2. (a) Ivela kubani injabulo yoqobo, futhi ungayijabulela isikhathi eside kangakanani? (b) Kunokuthi “izibusiso,” kufanele ibizwe ngokuthini ingxenye yokuqala yeNtshumayelo yaseNtabeni, futhi kungani kunjalo?
INJABULO ivela kuMdali wesintu. ‘UnguNkulunkulu ojabulayo’ osiphathele izindaba ezinhle. (1 Thimothewu 1:11, NW) Ubekele izidalwa zakhe ezingabantu injabulo engapheliyo lapha emhlabeni. Ngisho namanje, bangangena kuyo ngokuzivumelanisa nezimiso zakhe.—IHubo 119:26, 33.
2 Eminyakeni engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye edlule uJesu Kristu, iNdodana ‘kaNkulunkulu ojabulayo,’ wanikela lokho osekubizwa ngokuthi iNtshumayelo yaseNtabeni. NgokukaMathewu 5:1-12, lentshumayelo yaqalisa ngokuthiwa “Izibusiso.” Nokho ngokwesiGreki, indaba yomfundi uMathewu ngokuphila kukaJesu Kristu kwasemhlabeni eyahunyushelwa kuso, kufanele kubizwe ngokuthi “Izinjabulo.” Ngisho nendaba kaMathewu ngesiHeberu isebenzisa igama lesiHeberu elisho “ukujabula.”
3. (a) Ingabe umbhali weHubo 119 wayekufanelekela ukujabulela injabulo ekhethekile, eyashiwo uJesu Kristu? Chaza. (b) Chaza imizwa evezwa umhubi ngesivumelwano soMthetho uMose ayengumkhulumeli waso.
3 Indoda yasendulo eyayifanelekela ukujabulela izinjabulo ezinjalo njengoba zashiwo uMesiya ongumJuda, uJesu Kristu, kwakungumbhali ongumJuda ophefumlelwe weHubo 119, ihubo elide kunawo wonke eBhayibhelini. Ngokuvumelana nezizathu ezinikezwe uJesu Kristu zokuba ngojabulayo, umhubi wayesiqaphela isidingo sakhe esingokomoya. Futhi wayekhala, emnene, elambele futhi omele ukulunga, wayenobubele, wahlanjalazwa, washushiswa, futhi kwashiwo konke okubi okungamanga ngaye. Wabhala ihubo eminyakeni engamakhulu ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, ngesikhathi isizwe sakwaIsrayeli sisengaphansi koMthetho wesivumelwano umprofethi uMose ayengumkhulumeli waso phakathi kukaJehova uNkulunkulu nesizwe ngo-1513 B.C.E. eNtabeni iSinayi. Ngokufanelekile umhubi akatholanga phutha eMthethweni waleso sivumelwano, ngoba wawuvela kuNkulunkulu. Wayazi kahle ukuthi izizwe zobuqaba ezazizungeze izwe lakwaIsrayeli zazingenalutho olungaqhathaniswa nalowoMthetho waphezulu. Wawubheka njengokhanyiselayo, ethi IHu 119 emavesini 105 no-IHu 119:130: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo kuyabaqondisa abangenalwazi.”
4. (a) IHubo 119 liqanjwe ngakuphi ukulandelana, futhi lokhu kulusizo kanjani? (b) Ngokubhekisela “eNcwadini yamaHubo,” uJesu nabafundi bakhe babekela bani isibonelo, futhi ngayiphi injongo?
4 Ukuze likhumbuleke kahle umhubi walenza laba ihubo elilandelana ngokwama-alfabhethi, ukuze ezigabeni ezingama-22 ngamunye wemigqa yesiHeberu eyi-8 iqale ngohlamvu olufanayo lwesiHeberu, ngokulandelana kwama-alfabhethi. Kanjalo umugqa ngamunye wesigaba sokuqala ngaphansi kohlamvu lokuqala lwesiHeberu uAleph njengesihloko uqala ngaloluhlamvu lokuqala uAleph. Umugqa ngamunye wesigaba sesibili uqala ngohlamvu lwesibili lwesiHeberu uBeth. Ngakho kwehla njalo kuzo zonke izigaba ezingama-22 zehubo, ngokuvumelana nezinhlamvu ezingama-22 zama-alfabhethi esiHeberu. Ngemigqa yesiHeberu eyi-8, esigabeni ngasinye kwezingama-22, lelihubo lifinyelela emavesini ayi-176. Ekufundiseni kwakhe, uJesu Kristu ngokwakhe wabhekisela “eNcwadini yamaHubo.” (Luka 20:42; 24:44) Kulokhu wabekela abafundi bakhe isibonelo.—IzEnzo 1:20; 13:33; 1 Korinte 14:26; Efesu 5:19; Kolose 3:16; Heberu 4:7; Jakobe 5:13.
5. Ekuqaliseni iHubo 119, umbhali cishe wayecabanga ngokuhlangenwe nakho kukabani?
5 Ngokungangabazeki umhubi wabhala esusela kokuhlangenwe nakho kwakhe lapho eqalisa iHubo 119, ethi: “Bayajabula abaqotho endleleni yabo, abahamba ngomthetho kaJehova. Bayajabula abagcina izikhumbuzo zakhe, . . . kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine iziyalezo zakho ngokunakekela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho! Khona angiyikujabha, uma ngibheka yonke imiyalo yakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina. Ungangishiyi nakancane.”—IHubo 119:1-8, NW.
6. (a) Aqhanyiswe kanjani amazwi ayinhloko kulelihubo? (b) Wayengumfundi wani umhubi, futhi lokhu kuvezwe kanjani?
6 Kuleso sigaba sokuqala semigqa yesiHeberu eyi-8 siqaphela amagama ayinhloko umthetho, izikhumbuzo, iziyalezo, izimiso, imiyalo nezahlulelo ezilungileyo. Kuwo wonke amavesi esiHeberu ayi-176 umhubi ugcizelela lawomagama. Ngokwesibonelo, usebenzisa igama elithi “umthetho” izikhathi ezingama-25, “izikhumbuzo” izikhathi ezingama-22, “iziyalezo” izikhathi ezingama-21, “izimiso” izikhathi ezingama-21, “imiyalo” izikhathi ezingama-20, “izahlulelo ezilungileyo” izikhathi ezingama-21, negama elihlobene nalo “umyalo” elisetshenziswe kabili kulelihubo. Naphezu kokusebenzisa komhubi lamagama ngokuphindaphindiwe angase azwakale engawomthetho, abukho ubufakazi bokuthi wayengummeli noma isazi somthetho noma ngisho umahluleli. Ngokuyinhloko wayengumfundi weZwi likaJehova elilotshiwe, iqiniso elifakazelwa ukusebenzisa kwakhe amazwi athi “izwi lakho” izikhathi eziyi-15. Uma ayeyinkosi yesizwe sakwaIsrayeli wayengaphansi komyalo waphezulu wokuba azikopishele uMthetho kaJehova wesivumelwano noIsrayeli ukuze azitadishele futhi azifundele yena siqu. (Duteronomi 17:14-18) Umhubi akazange athole ukufundisisa “izwi” likaJehova kuyisicefe, kuyisidina. Walangazelela lokho okwakungamsiza ukuba athobele umthetho. (IHubo 119:40, 131, 174) Ingabe sifana naye?
7. (a) Kusizuzisa kanjani ukwazi nokuhamba ngemithetho kaNkulunkulu? (b) Elithi “Torah” lishoni, kodwa amaKristu angaphansi kwaliphi ilungiselelo?
7 Uma siqhathanisa imithetho yezwe lonke neyezizwe yamazwe angaphansi kokuqondisa okungabonakali ‘kukayise wamanga,” uSathane uDeveli, nomthetho kaJehova, singavumelana nomhubi ngokuthi: “Umthetho wakho uyiqiniso. Wena-Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.” (Johane 8:44; IHubo 119:142, 151) Ngakho ‘ngokuhamba ngemithetho kaJehova,’ nathi, njengomhubi, siyovikeleka ekuhambeni ngendlela yokuduka kwezwe yokuzilimaza, ngokomzimba nangokomoya. Lokhu kusenza sijabule. (IHubo 119:1) Kusenza sithole izibusiso nokuvunyelwa kwaphezulu. Lokhu kuthinta izinhliziyo zethu, njengoba iHubo 119:97, 126, 127 libonisa. Umhubi wayengaphansi kwesivumelwano soMthetho kaMose owawuqukethe uhlu lwemithetho (“Torah”) umthetho waphezulu ohlanganisa amakhulu amaningi emithetho ehlukene. Ofakazi bakaJehova abagcotshiwe namuhla bangaphansi kwesivumelwano esisha (leso uJesu Kristu anguMkhulumeli waso) ‘benomthetho’ olotshiwe, ngokungathi “ezinhliziyweni zabo.” (Jeremiya 31:31-34) Ngokutadisha imiBhalo yamaKristu yesiGreki, bazijwayelanisa ‘nomthetho’ wesivumelwano esisha nemiyalo yawo.
8. (a) Ingabe lelizwe elingenamthetho libhekene nekusasa elihle? (b) Umhubi wakuchaza kanjani ukukhathalela kwakhe okudabukisayo ngokuhluleka kwamaJuda ukugcina uMthetho kaNkulunkulu? (c) Isiprofetho sikaJesu ngeJerusalema elingathembekile sagcwaliseka kanjani, futhi lokhu kubikezelani embi ngeLobukholwa?
8 Isikhathi esifanelekile siyasondela ngoMniki-Mthetho ofanele, uJehova, ukuba athathe isinyathelo ngokumelene nalelizwe elingenamthetho. Kunekusasa elinezinyembezi phambi kwethu. Ngosuku lwakhe, umhubi, njengothanda umthetho kaNkulunkulu, wakhala ngenxa yesimo esinjalo. (IHubo 119:136) Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokufela ukholo okunonya, uJesu Kristu wawulilela umuzi waseJerusalema ogcina amasiko kodwa ophula umthetho. (Luka 19:41) Eminyakeni engamashumi amathathu nesikhombisa ngemva kokuba amaJuda efinyelele umvuthwandaba wokwephula kwawo umthetho ngokubulala uMesiya ongenacala, uJesu Kristu, ezandleni zabeZizwe, uJehova wathatha isinyathelo. (IHubo 119:126) Izinto ezidabukisayo ezabikezelwa uJesu Kristu zawehlela umuzi ngo-70 C.E. Namuhla lokho okwakufanekiselwa iJerusalema, nabantu abangamaJuda elalibabusa, kuhileleke ngezinga elikhulu kakhulu. ELobukholwa, uzakwabo wanamuhla ophula umthetho, likhulu kakhulu kuneJerusalema lasendulo nesizwe sakwaIsrayeli. Ngendlela yakhe uJehova uyobangela abaholi bezombangazwe ukuba baphendukele zonke izinkolo zezwe ezihleliwe, kuhlanganise neLobukholwa, uMbuso kaKristu wamanga.—IsAmbulo, isahluko 17.
9. (a) Qhathanisa inkambo yokuchitha igazi yeLobukholwa nesimo nokuziphatha koFakazi BakaJehova. (b) Inkambo yethu ivumelana nasiphi isimo? (c) Kungaziphi izizathu uJesu enqaba eLobukholwa namuhla?
9 Ingabe izimpi zezwe ezimbili azigqashukanga yini kweLobukholwa, nabefundisi balo besekela izimpi ezinjalo ezichitha igazi? Ngokuphambene kakhulu nabaphuli bomthetho kaNkulunkulu wesivumelwano esisha, ofuna ukuthandana kwabazalwane, umhubi wathi njengesibonelo koFakazi BakaJehova banamuhla: “Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.” (IHubo 119:163) Wafisa ukugcina umthetho ngenhliziyo yonke. Uveza ukungakuthandi kwakhe ukuba nhliziyo-mbili, isimo sokuba sivivi, ethi: “Ngiyabazonda abanhliziyo-mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.” (IHubo 119:113) Yilendlela uJesu Kristu azizwa ngayo ngeLobukholwa namuhla, ngoba lifuze ibandla laseLawodikeya lasendulo. KweLobukholwa angasho ngokufanele: “Ngakho-ke njengalokhu uyisivivi, ungashisi, ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.” (IsAmbulo 3:16) Ngeke sathanda izwe elingenamthetho, elingenaluthando sibe futhi sithanda uKristu ngesikhathi esifanayo. Akukho ukuba nhlangothi zombili. Uthando olufudumele kufanele lube ngamandla ashukumisayo ekulaleleni uNkulunkulu. UJehova wayengeke aphefumlele inceku yakhe ezinikele ngenhliziyo yonke ukuba isho noma yini enamandla angaphansi kwalokhu. “Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo.”—IHubo 119:47.
10. (a) Yini okufanele siyithande, njengoba nomhubi ayenjalo? (b) Ukuhlushwa komhubi kwakucetshelwe ukwenzani, kodwa iyiphi inkambo abambelela kuyo, futhi enamuphi umphumela kithi?
10 Ukuthanda kwethu umthetho kaJehova kuholela ensindisweni. Umhubi wavumelana nalokhu lapho ethi: “Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.” (IHubo 119:92) Ukuhlupheka kwakhe kwakungekhona okokugulela ukufa. Wayehlushwa yilabo abazikhukhumezayo (phambi kukaNkulunkulu), ababemzonda futhi bemshushisa. Ngaphansi kokucindezelwa wayengazivumela izinhloso zamaIsrayeli anjalo futhi aphambane nentando kaJehova uma wayengawuthandi umthetho kaJehova kangako. Yeka isibonelo esihle umhubi ayiso kithi namuhla esingaphansi kokucindezela kwezwe lapho ukungabi namthetho kuye kwagcwala kangangokuthi uthando lwabaningi luye lwaphola phakathi nesiphelo salesimiso sezinto!—Mathewu 24:3, 12.
11. Insindiso yethu ivelaphi, futhi-ke siwabheka kanjani amacebo abantu?
11 Ukugcina imithetho kaNkulunkulu kuphela okusenza sibe nesizathu sokulindela ukusindiswa phakade. Silangazelela ukusindela esimisweni esisha sikaNkulunkulu samazulu amasha nomhlaba omusha. Ngasekupheleni kweHubo 119, ivesi le-174 liyasikhulumela: “Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; nomthetho wakho uyintokozo yami.” Ngakho-ke, senqaba amacebo asongozwe ngabantu namalungiselelo okusindisa lelizwe elingenamthetho, elingenaluthando.
Ukuthobela Umthetho Ngaphansi Kokushushiswa
12. (a) Ukushushiswa ‘kowesifazane’ ‘nenzalo’ yakhe kukhuthazwa futhi kwenziwe ubani, futhi ngani? (b) Abashushisi baye bakhuzwa kanjani?
12 Ukushushiswa koFakazi BakaJehova ngezinga lomhlaba wonke kwabikezelelwa ukuba kulezinsuku zokugcina zalesimiso sezinto esifayo ngaphansi kokubusa okunonya kukadrako ongokomfanekiso, uSathane uDeveli. IsAmbulo 12:17 sikhomba umgomo wakhe, ngokuthi: “Udrako wamthukuthelela owesifazane [inhlangano kaJehova enjengomfazi], wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, [ngaphandle koMbuso osanda kuzalwa], labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” Ushushiso luvela ikakhulu kulabo abathi ngokugabadela bashiye lokho uNkulunkulu akuyalayo ngalezinsuku zokugcina zesimiso sezinto sikadrako esibonakalayo emhlabeni. Ngesigijimi soMbuso esimenyezelwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, uJehova uye wabakhuza laba abaqalekisiweyo, njengoba iHubo 119:21 lisho: “Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.” Okuhluke kakhulu yisimo sabathembekileyo labo abashushisi abazidlayo ababahlambalazayo babathuke, njengoba kwakunjalo ngomhubi: “Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.”—IHubo 119:51.
13. (a) Naphezu kwamacebo amabi abashushisi, ukugcina umthetho kaJehova kuholelaphi? (b) Lokhu, kuye kwaboniswa kanjani ezikhathini zanamuhla?
13 Ngokubona ukuthi oFakazi BakaJehova baqhubeka ngokuvumelana nomthetho kaJehova walesikhathi, abashushisi abazidlayo bazama ukuwisa oFakazi abathobela umthetho, njengoba kwaboniswa endabeni yomhubi, owathi: “Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho.” (IHubo 119:85) Ukudunyazwa kwabaceba okubi abazidlayo akusho nje ukudalulwa kwezindlela zabo ezidukisayo, kodwa ngokuqondile, ukulwelwa kukaJehova njengoNkulunkulu weqiniso. Ngakho ngaphandle kwenzondo umhubi wayengakhuleka: “Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho-sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.” (IHubo 119:78) UJehova unakekela ukuba ngisho nokushushiswa kube nomphumela omuhle nokuthi abashushisi bangazuzi lutho ngempela ngobuqili. Uyawuphendula umthandazo weHubo 119:122: “Mela inceku yakho kube-kuhle, abazidlayo mabangangicindezeli.” Ukufa kwabantu abaningi kakhulu kwakusongela oFakazi BakaJehova ngezikhathi zokubusa kobushiqela koBenito Mussolini noAdlof Hitler, kodwa ngokungakhohlwa umthetho nemiyalo kaNkulunkulu wabo, bama beqinile futhi abaningi basinda. Emazwini eHubo 119:60, 61, abasindayo bangathi: “Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. lzintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.” UNkulunkulu uMninimandla onke uyakwazi ukunquma noma ukunqamula izintambo zokuvimbela izitha zoFakazi bakhe ezibabophe ngazo, kanjalo akhulule izinceku zakhe ngesikhathi sakhe esifanelekile ngenxa yomsebenzi azimisele ukuba ziwenze ekupheleni kwalesimiso sezinto.
14. (a) Ngokufana nesehlakalo somhubi, yini oFakazi BakaJehova abaye bahlangabezana nayo, futhi uye waba yini umphumela wemizamo yezitha zabo? (b) Obani abakwazi ukuthokoza ngokuhlushwa kwabo, futhi ngani?
14 Ngokwamazwi akhe kumaHubo 119:84, 86, 161 umhubi washushiswa kakhulu ngisho nangabantu bakubo. OFakazi BakaJehova baye bashushiswa ngaphakathi nangaphandle kwezindawo zeLobukholwa lapho bevinjelwe khona kulesikhathi samanje. Nokho, isitha siye sahluleka enjongweni yaso yoshushiso olubi, olungalungile! Kuyasimangalisa isitha, ngoba oFakazi “abahamba ngemithetho kaJehova” futhi ‘abagcina izikhumbuzo zakhe,’ bashukunyiselwa ukuba bathokozele ukuhlushwa kwabo ngenxa kaJehova uNkulunkulu noKristu wakhe. Bakhunjuzwa lokho uJesu Kristu akusho ohideni lwakhe Iwezinjabulo: “Jabulani nina-enimpofu, ngokuba uMbuso kaNkulunkulu ungowenu. Jabulani nxa abantu benizonda, nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalokhu nixhume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benzé njalo kubaprofethi [kuhlanganise nomhubi].” (IHubo 119:1, 2; Luka 6:20, 22, 23) Ngokuhlanganyela enjabulweni kaJehova, oFakazi bakhe abashushiswayo bayaqhubeka ‘bekhulisa umthetho futhi bewudumisa.’—Isaya 42:21.
Izinzuzo Ezivela KumaHubo 119
◻ Lihlelwe kanjani iHubo 119 futhi ngani?
◻ Imaphi amagama akhethekile umhubi awasebenzisa ngokuphindaphindiwe?
◻ Ngokuphambene neLobukholwa, thina sizizwa kanjani ngomthetno kaNkulunkulu?
◻ Yini okumelwe siyithande, naphezu kokushushiswa kwamaKristu?
[Isithombe ekhasini 28, 29]
Umhubi wakwazisa kakhulu ukuthi ukwazi nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kungaletha injabulo
[Isithombe ekhasini 30]
OFakazi BakaJehova abaningi bama beqinile futhi basinda ekushushisweni ngamaNazi. Ngenjabulo babengathi: ‘Angikhohlwanga umthetho wakho’