Ubukhulu BukaJehova Abuphenyeki
“UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu, ubukhulu bakhe abuphenyeki.”—IHUBO 145:3.
1, 2. Wayengumuntu onjani uDavide, futhi wayezibona enjani uma eqhathaniswa noNkulunkulu?
UMQAMBI weHubo 145 ungomunye wabantu abaziwa kakhulu emlandweni. Esengumfana, wabhekana nomdondoshiya ohlomile wawubulala. Lapho eseyinkosi eyiqhawe, lo mhubi wanqoba izitha eziningi. Igama lakhe kwakunguDavide, futhi wayeyinkosi yesibili yakwa-Israyeli wasendulo. Udumo lukaDavide lwaqhubeka nangemva kokufa kwakhe, kangangokuthi nanamuhla izigidi zabantu kukhona ezikwaziyo ngaye.
2 Naphezu kwezinto azenza, uDavide wayethobekile. Ehlabelela ngoJehova, wathi: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu wasemhlabeni ukuba uyinakekele?” (IHubo 8:3, 4) Esikhundleni sokuba uDavide acabange ukuthi wayengumuntu omkhulu, wathi nguJehova owamkhulula kuzo zonke izitha zakhe futhi wathi ngoNkulunkulu: “Uyonginika isihlangu sakho sensindiso, futhi ngukuthobeka kwakho okungenza ngibe mkhulu.” (2 Samuweli 22:1, 2, 36) UJehova ubonisa ukuthobeka ngokuba nomusa ezonini, futhi uDavide wayewazisa umusa kaNkulunkulu ongafanelwe.
‘Ngizomphakamisa UNkulunkulu INkosi’
3. (a) UDavide wayethi ubani oyinkosi yakwa-Israyeli? (b) UDavide wayefisa ukumdumisa kuze kube nini uJehova?
3 Nakuba uDavide ayeyinkosi emiswe uNkulunkulu, wayebheka uJehova njengoyiyona Nkosi ka-Israyeli yangempela. UDavide wathi: “O Jehova, ngowakho umbuso, wena oziphakamisayo njengenhloko phezu kwakho konke.” (1 IziKronike 29:11) Futhi uDavide wayemazisa ngempela uNkulunkulu njengoMbusi. Wahlabelela: “Ngizokuphakamisa, Nkulunkulu wami Nkosi, futhi ngizolitusa igama lakho kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade. Usuku lonke ngizokutusa, ngizolidumisa igama lakho kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” (IHubo 145:1, 2) Kwakuyisifiso sikaDavide ukudumisa uJehova uNkulunkulu usuku lonke kuze kube phakade.
4. IHubo 145 lidalula kuphi ukumangalela okungamanga?
4 IHubo 145 liyimpendulo enamandla ekugomeleni kukaSathane kokuthi uNkulunkulu ungumbusi onobugovu ogodlela izidalwa zakhe inkululeko. (Genesise 3:1-5) Leli hubo libuye lidalule amanga kaSathane okuthi labo abathobela uNkulunkulu bamthobela kuphela ngoba kukhona abazokuthola, hhayi ngoba bemthanda uNkulunkulu. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) NjengoDavide, amaKristu eqiniso namuhla anikeza impendulo ekumangaleleni kukaDeveli okungamanga. Ayalazisa ithemba lawo lokuphila phakade lapho sekubusa uMbuso ngoba afisa ukudumisa uJehova lonke iphakade. Kwamanje, izigidi seziqalile ukumdumisa ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo nangokukhonza uJehova ngokuthobeka okusuka othandweni njengabakhulekeli bakhe abazinikezele futhi babhapathizwa.—Roma 5:8; 1 Johane 5:3.
5, 6. Imaphi amathuba akhona okutusa nokudumisa uJehova?
5 Cabanga ngamathuba amaningi esinawo okutusa nokudumisa uJehova njengezinceku zakhe. Lokho singakwenza ngokuthandaza lapho sihlatshwe umxhwele okuthile esikufunde eZwini lakhe, iBhayibheli. Singamdumisa futhi simbonge uNkulunkulu lapho sithintwe indlela yakhe yokusebenzelana nabantu bakhe noma lapho sivukwa usinga ngenxa yesici esithile sendalo yakhe emangalisayo. Siyamtusa futhi uJehova uNkulunkulu lapho sixoxa ngezinjongo zakhe nesikholwa nabo emihlanganweni yobuKristu noma lapho sizixoxela nje. Eqinisweni, yonke ‘imisebenzi emihle’ eyenzelwa uMbuso kaNkulunkulu iyamdumisa uJehova.—Mathewu 5:16.
6 Izibonelo zamuva nje zemisebenzi enjalo emihle zihlanganisa ukwakhiwa kwezindawo eziningi zokukhulekela ezakhiwa abantu bakaJehova emazweni akhungethwe ubumpofu. Omningi walo msebenzi wenziwe ngezimali ezivela kwesikholwa nabo bakwamanye amazwe. Amanye amaKristu aye asiza ngokuya kulezo zindawo ngokuzithandela ukuze asize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Kanti umsebenzi obaluleke kunayo yonke emisebenzini emihle owokudumisa uJehova ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. (Mathewu 24:14) Njengoba kuboniswa kamuva kuyiHubo 145, uDavide wayekwazisa ukubusa kukaNkulunkulu futhi ebubabaza ubukhosi baKhe. (IHubo 145:11, 12) Ingabe nawe ukwazisa ngendlela efanayo ukubusa kukaNkulunkulu kothando? Futhi ingabe uvamile ukukhuluma nabanye ngoMbuso wakhe?
Izibonelo Zobukhulu BukaNkulunkulu
7. Nikeza isizathu esikhulu sokudumisa uJehova.
7 IHubo 145:3 liveza isizathu esikhulu sokudumisa uJehova. UDavide uyahlabelela: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu, ubukhulu bakhe abuphenyeki.” Ubukhulu bukaJehova abunamkhawulo. Abantu ngeke bakwazi ukubuphenya, ukubuqonda noma ukubulinganisa ngokuphelele. Kodwa nakanjani sizozuza manje ngokuhlola izibonelo zobukhulu bukaJehova obungaphenyeki.
8. Indawo yonke yembulani ngobukhulu namandla kaJehova?
8 Zama ukukhumbula isikhathi lapho wawukude nezibani zasedolobheni futhi ubheka phezulu esibhakabhakeni ebusuku kungenamafu. Abuzange yini bukumangalise ubuningi bezinkanyezi owazibona kulowo mkhathi omnyama? Awuzizwanga yini ufisa ukudumisa uJehova ngobukhulu bakhe ekudaleni zonke lezo zinto zasemazulwini? Nokho, lokho owakubona kwakumane kuyingxenye encane nje yezinkanyezi ezisemthaleni umhlaba oyingxenye yawo. Ngaphezu kwalokho, kulinganiselwa ukuthi kukhona imithala engaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu, okubonakala emithathu yayo kuphela ngaphandle kwesibonakude. Ngempela, izinkanyezi kanye nemithala engenakubalwa eyakha zonke izinto ezisemkhathini kufakazela amandla kaJehova okudala kanye nobukhulu bakhe obungaphenyeki.—Isaya 40:26.
9, 10. (a) Iziphi izici zobukhulu bukaJehova ezabonakala ngokuqondene noJesu Kristu? (b) Ukuvuswa kukaJesu kufanele kuluthinte kanjani ukholo lwethu?
9 Cabanga ngezinye izici zobukhulu bukaJehova—lezo ezihilela uJesu Kristu. Ubukhulu bukaNkulunkulu babonakala ekudaleni kwakhe iNdodana yakhe wayeseyisebenzisa njengesisebenzi saKhe ‘esiyingcweti yomsebenzi’ isikhathi esingenakubalwa. (IzAga 8:22-31) Ubukhulu bothando lukaJehova babonakala lapho enikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba ibe umhlatshelo wesihlengo sesintu. (Mathewu 20:28; Johane 3:16; 1 Johane 2:1, 2) Futhi esingeke sakwazi ukukuqonda njengabantu umzimba womoya okhazimulayo futhi ongenakufa uJehova awenzela uJesu ekuvusweni kwakhe.—1 Petru 3:18.
10 Ukuvuswa kukaJesu kwakuhilela izici eziningi ezihlaba umxhwele zobukhulu bukaJehova obungaphenyeki. Akungabazeki ukuthi uNkulunkulu wabuyisela inkumbulo kaJesu mayelana nomsebenzi owawuhilelekile ekudalweni kwezinto ezibonakalayo nezingabonakali. (Kolose 1:15, 16) Lezi zinto zihlanganisa nezinye izidalwa zomoya, indawo yonke, umhlaba nazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo ezisembulungeni yethu. Ngaphezu kokubuyisela ulwazi lomlando oluphelele iNdodana eyayinalo ngokuphila kwasezulwini nokwasemhlabeni eyakubona ingakezi emhlabeni, uJehova wanezela kuJesu inkumbulo yalokho okwamehlela ngesikhathi engumuntu ophelele. Yebo, ubukhulu bukaJehova obungaphenyeki buyabonakala ekuvusweni kukaJesu. Ngaphezu kwalokho, leso senzo esikhulu siyisiqinisekiso sokuthi kungenzeka ukuba nabanye bavuswe. Kufanele siqinise ukholo lwethu ekutheni uNkulunkulu angazivusa izigidi zabantu ábafa, abagcine enkumbulweni yakhe ephelele.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 17:31.
Imisebenzi Emangalisayo Nezenzo Zamandla
11. Imuphi umsebenzi kaJehova omkhulu owaqalwa ngePhentekoste lika-33 C.E.?
11 Kusukela ekuvusweni kukaJesu, uJehova wenze eminye imisebenzi eminingi emikhulu futhi emangalisayo. (IHubo 40:5) NgePhentekoste lika-33 C.E., uJehova wadala isizwe esisha, ‘u-Israyeli kaNkulunkulu,’ owakhiwa abafundi bakaKristu abagcotshwa ngomoya ongcwele. (Galathiya 6:16) Lesi sizwe esisha esingokomoya sanda ngendlela enamandla kulo lonke izwe elalaziwa ngaleso sikhathi. Naphezu kokuhlubuka okwabangela ukuba khona kweLobukholwa ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu, uJehova waqhubeka enza imisebenzi emangalisayo ukuze aqinisekise ukuthi injongo yakhe iyagcwaliseka.
12. Ukuthi iBhayibheli litholakala ngazo zonke izilimi ezinkulu emhlabeni kuwubufakazi bani?
12 Ngokwesibonelo, iBhayibheli lalondolozwa lilonke futhi ekugcineni lahunyushelwa kuzo zonke izilimi ezinkulu emhlabeni namuhla. Ngokuvamile iBhayibheli lalihunyushwa ezimweni ezinzima futhi amanxusa kaSathane ebasongela ngokubabulala labo abalihumushayo. Yiqiniso, ukuhunyushelwa kweBhayibheli ezilimini ezingaphezu kuka-2 000 kwakungeke kwenzeke ukube kwakungeyona intando kaNkulunkulu omkhulu ngokungaphenyeki, uJehova!
13. Kusukela ngo-1914, buye babonakala kanjani ubukhulu bukaJehova ngokuqondene nezinjongo zakhe zoMbuso?
13 Ubukhulu bukaJehova buye babonakala ngokuqondene nezinjongo zakhe zoMbuso. Ngokwesibonelo, ngonyaka ka-1914, wamisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, njengeNkosi yasezulwini. Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu wamthathela isinyathelo uSathane namademoni akhe. Baxoshwa ezulwini bavalelwa emhlabeni, lapho manje belindele khona ukufakwa kwalasha. (IsAmbulo 12:9-12; 20:1-3) Kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwakhula ukushushiswa kwabalandeli bakaJesu abagcotshiwe. Nokho, uJehova uye wabasekela kulesi sikhathi sokuba khona kukaKristu okungabonakali.—Mathewu 24:3; IsAmbulo 12:17.
14. Imuphi umsebenzi omangalisayo uJehova awenza ngo-1919, futhi lo msebenzi wafezani?
14 Ngonyaka ka-1919, uJehova wenza omunye umsebenzi omangalisayo owabonisa ubukhulu bakhe. Abalandeli bakaJesu abagcotshiwe, ababebekwe esimweni sokungenzi lutho ngokomoya, bavuselelwa. (IsAmbulo 11:3-11) Eminyakeni engemva kwalokho, abagcotshiwe baye bazishumayela ngentshiseko izindaba ezihle zoMbuso wasezulwini omisiwe. Kuye kwaqoqwa abanye abagcotshiwe ukuze kupheleliswe inani elingu-144 000. (IsAmbulo 14:1-3) Futhi esebenzisa abalandeli bakaKristu abagcotshiwe, uJehova wabeka isisekelo ‘somhlaba omusha,’ umphakathi wabantu abalungile. (IsAmbulo 21:1) Kodwa kuyokwenzekani kulo ‘mhlaba omusha’ ngemva kokuba bonke abathembekile abagcotshiwe beye ezulwini?
15. Imuphi umsebenzi amaKristu agcotshiwe abehola kuwo, kwaba namiphi imiphumela?
15 Ngo-1935, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-August 1 neka-August 15 yayinezihloko eziyinhloko ezazikhuluma ‘ngesixuku esikhulu’ esishiwo kusAmbulo isahluko 7. AmaKristu agcotshiwe aqala ukubafuna ngentshiseko nokubaletha ukuba bazokhulekela kanye nawo laba abavela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, abantu nezilimi. Lesi ‘sixuku esikhulu’ sizosinda ‘osizini olukhulu’ oseluseduze, sinethemba lokuphila phakade ePharadesi singamalungu aphakade ‘omhlaba omusha.’ (IsAmbulo 7:9-14) Ngenxa yomsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi okuhola kuwo amaKristu agcotshiwe, manje kunabantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abanethemba lokuphila phakade epharadesi lasemhlabeni. Ubani okufanele adunyiswe ngalokhu kwanda naphezu kokuphikisa kukaSathane nezwe lakhe elonakele? (1 Johane 5:19) NguJehova kuphela obengenza konke lokhu, esebenzisa umoya wakhe ongcwele.—Isaya 60:22; Zakariya 4:6.
Ubukhazikhazi Obukhazimulayo Nesithunzi SikaJehova
16. Kungani abantu bengenakububona ngokoqobo ‘ubukhazikhazi obukhazimulayo besithunzi sikaJehova’?
16 Kungakhathaliseki ukuthi iluhlobo luni, ‘imisebenzi emangalisayo nezenzo zamandla’ zikaJehova azisoze zalitshalwa. UDavide wabhala: “Isizukulwane ngesizukulwane siyoyitusa imisebenzi yakho, siyolandisa ngezenzo zakho zamandla. Ubukhazikhazi obukhazimulayo besithunzi sakho nezindaba zemisebenzi yakho emangalisayo ngizozikhathaza ngakho. Bayokhuluma ngamandla ezinto zakho ezisabekayo; ubukhulu bakho bona, ngiyobumemezela.” (IHubo 145:4-6) Nokho, kungakanani uDavide ayekwazi ngobukhazikhazi bukaJehova obukhazimulayo, njengoba ‘uNkulunkulu enguMoya’ ngakho engabonakali emehlweni abantu?—Johane 1:18; 4:24.
17, 18. Yini eyayingakhulisa ukwazisa kukaDavide ‘ubukhazikhazi obukhazimulayo besithunzi sikaJehova?’
17 Nakuba uDavide ayengenakumbona uNkulunkulu, zazikhona izindlela okwakungakhula ngazo ukwazisa kwakhe isithunzi sikaJehova. Ngokwesibonelo, wayengafunda umlando wemiBhalo wezenzo zikaNkulunkulu zamandla, njengokubhubhisa izwe elibi ngozamcolo wembulunga yonke. Kungenzeka kakhulu ukuthi uDavide wayefundile ngendlela onkulunkulu bamanga baseGibhithe ababehlaziswe ngayo ngesikhathi uNkulunkulu ekhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. Izenzakalo ezinjalo zifakazela isithunzi nobukhulu bukaJehova.
18 Akungabazeki ukuthi akukhona ukufunda imiBhalo kuphela okwakhulisa ukwazisa kukaDavide isithunzi sikaNkulunkulu kodwa futhi nokuzindla ngayo. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi wazindla ngalokho okwenzeka lapho uJehova enika u-Israyeli uMthetho. Kwaba khona ukuduma, imibane, ifu eliwugqinsi nokukhala okukhulu kophondo. INtaba iSinayi yazamazama yashunqa. Njengoba ayebuthene phansi kwentaba, ama-Israyeli ezwa ngisho ‘namaZwi Ayishumi’ ephuma phakathi komlilo nefu njengoba uJehova ayekhuluma nawo esebenzisa ingelosi. (Duteronomi 4:32-36; 5:22-24; 10:4; Eksodusi 19:16-20; IzEnzo 7:38, 53) Yeka ukubonakaliswa okwesabekayo kobukhulu bukaJehova! Akunakwenzeka ukuba abathandi beZwi likaNkulunkulu abazindla ngalezi zindaba bangashukunyiswa ‘ubukhazikhazi obukhazimulayo besithunzi sikaJehova.’ Yiqiniso, namuhla sineBhayibheli eliphelele, eliqukethe imibono eminingi ekhazimulayo esihlaba umxhwele ngobukhulu bukaJehova.—Hezekeli 1:26-28; Daniyeli 7:9, 10; IsAmbulo, isahluko 4.
19. Yini eyokhulisa ukwazisa kwethu isithunzi sikaJehova?
19 Enye indlela okungenzeka ukuthi uDavide wahlatshwa ngayo umxhwele isithunzi sikaNkulunkulu kwakuwukutadisha imithetho uNkulunkulu ayeyinike ama-Israyeli. (Duteronomi 17:18-20; IHubo 19:7-11) Ukulalela imithetho kaJehova kwasenza saba nesithunzi isizwe sakwa-Israyeli kwasihlukanisa nazo zonke ezinye izizwe. (Duteronomi 4:6-8) Njengoba kwenzeka kuDavide, ukufunda imiBhalo njalo, ukuzindla ngayo ngokujulile nokuyitadisha ngenkuthalo kuyokukhulisa ukwazisa kwethu isithunzi sikaJehova.
Azive Ziphakeme Izimfanelo ZikaNkulunkulu Zokuziphatha
20, 21. (a) IHubo 145:7-9 likhulisa ubukhulu bukaJehova ngokuqondene naziphi izimfanelo? (b) Izimfanelo zikaNkulunkulu ezishiwo lapha zibathinta kanjani bonke labo abamthandayo?
20 Njengoba sibonile, amavesi okuqala ayisithupha eHubo 145 asinika izizathu ezizwakalayo zokudumisa uJehova ngenxa yezinto ezihlobene nobukhulu bakhe obungaphenyeki. Amavesi 7 kuya ku-9 akhulisa ubukhulu bukaNkulunkulu ngokukhuluma ngezimfanelo zakhe zokuziphatha. UDavide uhlabelela athi: “Bayokhuluma ngokuchichimayo ngobukhulu bobuhle bakho, futhi bayokhamuluka ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho. UJehova unomusa futhi unesihe, wephuza ukuthukuthela futhi mkhulu ngomusa wothando. UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.”
21 Lapha uDavide okokuqala uqokomisa ubuhle nokulunga kukaJehova—izimfanelo uSathane uDeveli azingabaza. Zibathinta kanjani lezi zimfanelo bonke labo abathanda uNkulunkulu futhi abathobela ubukhosi bakhe? Phela, ubuhle bukaJehova nendlela yakhe elungile yokubusa ilethela abakhulekeli bakhe injabulo enkulu kangangokuthi abayeki ukuchichima amazwi okumdumisa. Ngaphezu kwalokho, ubuhle bukaJehova bufinyelela “kubo bonke.” Kwethenjwa ukuthi lokhu kuzosiza abaningi abengeziwe ukuba baphenduke futhi babe abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso kungakephuzi.—IzEnzo 14:15-17.
22. UJehova uziphatha kanjani izinceku zakhe?
22 UDavide futhi wayezazisa izimfanelo uNkulunkulu ngokwakhe aziqokomisa lapho ‘edlula phambi kobuso bukaMose ememeza ethi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.”’ (Eksodusi 34:6) Ngakho, uDavide wayengase athi: “UJehova unomusa futhi unesihe, wephuza ukuthukuthela futhi mkhulu ngomusa wothando.” Nakuba uJehova emkhulu ngokungaphenyeki, uyazihlonipha izinceku zakhe ezingabantu ngokuziphatha ngomusa. Ugcwele isihawu, uzimisele ukuthethelela izoni eziphendukayo ngenxa yomhlatshelo kaJesu wesihlengo. UJehova futhi uyephuza ukuthukuthela, ngoba unikeza izinceku zakhe ithuba lokuba zinqobe ubuthakathaka obungazivimbela zingangeni ezweni lakhe elisha lokulunga.—2 Petru 3:9, 13, 14.
23. Iyiphi imfanelo enhle kakhulu esizofunda ngayo esihlokweni esilandelayo?
23 UDavide ubabaza umusa kaNkulunkulu wothando noma uthando lwakhe oluqotho. Eqinisweni, amavesi asele eHubo 145 abonisa indlela uJehova ayibonisa ngayo le mfanelo nendlela izinceku zakhe eziqotho ezisabela ngayo emseni wakhe wothando. Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
Ungaphendula Uthini?
• Imaphi amathuba akhona okudumisa uJehova “usuku lonke”?
• Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi ubukhulu bukaJehova abuphenyeki?
• Yini engakhulisa ukwazisa kwethu isithunzi sikaJehova esikhazimulayo?
[Isithombe ekhasini 10]
Imithala ifakazela ubukhulu bukaJehova
[Umthombo]
Courtesy of Anglo-Australian Observatory, photograph by David Malin
[Isithombe ekhasini 12]
Ubukhulu bukaJehova bubonakale kanjani maqondana noJesu Kristu?
[Isithombe ekhasini 13]
Lapho ama-Israyeli amukela uMthetho eNtabeni iSinayi, abona ubufakazi besithunzi sikaJehova esikhazimulayo