Amaphuzu Avelele EBhayibheli AmaHubo 1 kuya ku-41
UmHubi Uhuba Udumo LukaJehova
“Izindumiso.” Lena incazelo yegama lesiHeberu lencwadi yamaHubo, futhi yeka ukuthi ifaneleke kanjani! Ngamanye amazwi, yonke incwadi, iwuhlu olude lokudumisa uJehova uNkulunkulu. AmaHubo alandisa ngezimfanelo zikaJehova nezenzo zamandla. Aqukethe iziprofetho futhi asitshela ngemizwa yabalobi abaphefumlelwe njengoba babebekezelele ushushiso, ukukhashelwa, ukudumazeka, ngisho nonembeza omubi. AmaKristu amaningi angaphansi kovivinyo olufanayo aye athola amandla emazwini amaHubo.
Incwadi yamaHubo ihlukaniswa izingxenye ezinhlanu. Lapha sixoxa ngezokuqala zazo, amaHubo 1 kuya ku-41.
Ukuzithoba Ezinjongweni ZikaJehova
Siza ufunde amaHubo 1 kuya ku-14. Leliqoqo lamahubo lethula ezinye zezihloko eziwumongo zencwadi yamaHubo: ukubaluleka koMthetho, iziprofetho ngeNkosi ezayo yobuMesiya nemikhuleko yokucela usizo lapho kubhekenwe nokucindezeleka okunzima. Ngokungaphezulu, sifunda ukuthi, naphezu kokubusa kwesikhashana kwababi, abalungileyo bayobusiswa.
◆ 2:1—Ikuphi ‘okuyize’ izizwe ‘ezazizindla’ ngakho?
Izizwe ‘zazizindla’ ngokuqhubeka nokubusa kwazo, esikhundleni sokwemukela oGcotshiweyo kaJehova. Lamazwi agcwaliseka ekhulwini lokuqala C.E., lapho izikhulu zamaRoma nezamaJuda zasebenza ndawonye ukuze zibulale iNkosi egcotshiweyo kaJehova, uJesu Kristu. (IzEnzo 4:26-28) Nokho, ukugcwaliseka okukhulu kuye kwenzeka kusukela ngo-1914, lapho zonke izizwe ziye zenqaba iNkosi kaNkulunkulu esesihlalweni sobukhosi futhi zazama ukuphakamisa ubukhosi bazo siqu.
◆ 2:12—Kungani kunomyalo othi, “yangeni indodana”?
Ezikhathini zeBhayibheli, ukwanga kwakuyisibonakaliso sobungane futhi kwakusetshenziselwa ukwamukela ngokufudumele izihambi ekhaya lomuntu. Kulelivesi, uJehova uyala izizwe ukuba zange, noma zamukele, iNdodana yakhe njengeNkosi yakhe egcotshiwe.—IHubo 2:2, 6-8.
◆ 9:12—Kungani uJehova ‘ephindisela igazi’?
Njengomahluleli ohlezi ekwahluleleni, uJehova ufuna labo abanecala legazi ngenxa yokuchitha igazi labantu bakhe abangenacala. (Genesise 9:5, 6; Luka 11:49, 50) Uyabajezisa futhi abanecala. Kodwa ukujezisa kwakhe kungokukhethayo. Umhubi uDavide uyasiqinisekisa: “Uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo.”—Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:9.
◆ 11:3—Ziyini “izisekelo” ezidilizwayo?
Izisekelo zingukwahlulela ngokulunga, umthetho, nokuhleleka—izisekelo ezisekele umphakathi. Lapho ukuhleleka komphakathi kuwohloka, kungekho ukwahlulela ngokulunga, yini okumelwe yenziwe umuntu owesaba uNkulunkulu? Ukwethembela kuJehova. Usesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini, ubona konke okwenzekayo, futhi ngeke asishiye.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 4:5 linxusa labo abesaba uNkulunkulu ukuba ‘banikele iminikelo yokulunga.’ Osukwini lukaDavide, amaIsrayeli kwakumelwe anikele iminikelo ealtare likaJehova. Kodwa futhi kwakudingeka ukuba abe nezisusa ezinhle futhi aphenduke ngobuqotho. (Isaya 1:11-17) Lapho amaKristu enikela iminikelo yawo engokomoya, nawo futhi, kudingeka abe nezisusa ezinhle futhi kumelwe aphile ngokwezindinganiso zikaJehova eziphakeme.—Heberu 13:4, 5, 15, 16; 1 Petru 2:1, 5.
UNkulunkulu Ongenakulinganiswa
Funda amaHubo 15 kuya ku-24. Leliqoqo lamahubo liqukethe amazwi amaningana okudumisa uJehova. UnguMvikeli wabantu bakhe (18), uMdali noMniki-mthetho (19), uMsindisi (20), uMvikeli weNkosi yakhe ekhethiwe (21), uMalusi oMkhulu (23), neNkosi eKhazimulayo (24).
◆ 16:10—Ubani “ongcwele” okukhulunywa ngaye lapha?
Ezinye izazi zeBhayibheli zisebenzisa lelivesi kubo bonke abathembekileyo, becaphuna njengokubasekelayo iqiniso lokuthi kweminye imibhalo yesiHeberu elotshwe ngesandla igama elimelele “ongcwele” lisebuningini. Nokho, lapho lelivesi licashunwa emiBhalweni yamaKristu yesiGreki, leligama lisebunyeni, libonisa oyedwa kuphela “ongcwele.” Ungubani? Ekuqaleni, mhlawumbe kwakunguDavide ngokwakhe. Kodwa ngokwesiprofetho, bobabili uPetru noPawulu basebenzisa lelivesi kuJesu.—IzEnzo 2:25-32; 13:35-37.
◆ 21:3—Wawuyini “umqhele wegolide elihle”?
Mhlawumbe lona kwakungumqhele ongokoqobo, njengalowo owathathwa enkosini yabantwana bakwa-Amoni. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 12:29, 30.) Noma mhlawumbe umqhele umane nje ungokomfanekiso, uphawu lokuthi ukunqoba kukaDavide kwakumnike ubuhle obengeziwe ebukhosini bakhe obukhazimulayo. Nokho, ngokwesiprofetho, lelihubo libonisa indlela uJehova anikeza ngayo uJesu umqhele wokubusa ngo-1914. “Umqhele wegolide elihle” ubonisa iqiniso lokuthi ukubusa kwakhe kungokweqophelo eliphezulu kakhulu.
◆ 22:1—Ingabe uNkulunkulu wayemshiyile uDavide?
Cha, kodwa lapho uDavide engaphansi kokucindezelwa okukhulu okuvela ezitheni zakhe, kwabonakala kunjalo. Nokho, ukusabela kukaDavide kobuntu ebunzimeni obesabekayo akuzange kubonise ukuntula ukholo, ngoba uqhubeka ethandazela ngesibindi ukusindiswa. (Amavesi 16-19) Ngokuthakazelisayo, uJesu wacaphuna kulelihubo ngaphambi kokuba afe esigxotsheni sokuhlushwa. Ngokubuza ukuthi “ungishiyeleni na?” uJesu wayebonisa ukucindezeleka okukhulu ayengaphansi kwakho, kuyilapho ngesikhathi esifanayo ayebonisa ukungabi nacala kwakhe ngokumangalelwa kwamanga okwaholela ekubulaweni kwakhe.
Isifundo Esisitholayo: Umphostoli uPawulu ucaphuna iHubo 22:22 bese elisebenzisa endleleni uJesu Kristu ahola ngayo phakathi kwabafowabo abagcotshiwe ekumemezeleni igama likaJehova. (Heberu 2:11, 12) IHubo 22:27 libhekisela esikhathini lapho “nezizukulwane zonke zezizwe” ziyohlanganyela nabantu bakaJehova ekumdumiseni. Namuhla, isixuku esikhulu sezizwe zonke sikhulekela uJehova kanye nabafowabo bakaJesu. (IsAmbulo 7:9) Kumelwe sihlale sisondelene nalelilungiselelo elihlelwe ngokwaphezulu.
Amandla KaJehova Amakhulu
Funda amaHubo 25 kuya ku-34. KumaHubo 25 no-26, uDavide uzwakalisa isifiso sakhe sokuhamba ebuqothweni bakhe. Khona-ke lapho kulandela amazwi okwethembela ngesibindi kuJehova, futhi kumaHubo 33, kunencazelo enhle yamandla kaJehova.
◆ 28:8—Ubani “ogcotshiwe” kaJehova?
Kulelivesi “ogcotshiweyo” abantu bakaJehova abakhethiwe, njengoba kubonakala emshweni ofanayo ukuthi “uJehova ungamandla abantu bakhe.” Lamazwi anokubaluleka okungokwesiprofetho njengalawo akuHabakuki 3:13. Abhekisela ekusindiseni kukaJehova insali yakhe egcotshiwe empini yeArmagedoni.
◆ 29:5, 6—Izwi likaJehova liyephula kanjani imisedari?
Kulelihubo amandla kaJehova avezwe ngendlela ekhanyayo ngokufanisa izwi lakhe nokuduma kwezulu. Isiphepho esesabekayo sihamba sisuka eLebanoni enyakatho siya ezindaweni eziwugwadule eziseningizimu. (Ivesi 9b) Imimoya yaso inyakazisa imisedari yaseLebanoni, iyenze ‘itshekule okwenkonyane,’ futhi imibani yaso iwisa ezinye izihlahla, ‘izephule.’ Ngokufanayo, umoya wesiphepho ‘uzamazamisa ihlane’ (ivesi 8), ushaya izihlabathi zogwadule ukuze zibonakale zizibhonqa ezinhlungwini.
◆ 33:6—Uyini ‘umoya womlomo kaJehova’?
Umoya, okukhulunywa ngawo lapha umoya ongcwele kaJehova, noma amandla ayisiphekupheku. Njengoba amazwi ethu nomoya wethu kuphuma emilonyeni yethu kanye kanye, kanjalo izwi likaJehova, noma umyalo, lapha uhambisana nomoya wakhe. UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele lapho edala ilanga, inyanga, nezinkanyezi, okungukuthi, lonke ibutho elingokomfanekiso lamazulu abonakalayo.—Qhathanisa noGenesise 1:1, 2.
Isifundo Esisitholayo: KumaHubo 26:5, uDavide wathi wayewuzonda umhlangano wabenza okubi. Ngokufanayo oFakazi BakaJehova namuhla bayakugwema ukujwayelana nabenza okubi. (1 Korinte 15:33) Njengoba nje uDavide abonisa isithakazelo esikhulu ngendlu kaNkulunkulu, lamaKristu eqiniso ayakujabulela ukuhlangana namanye enhlanganweni kaJehova.—IHubo 26:6-8; 122:1.
“Makabongwe UJehova”
Funda amaHubo 35 kuya ku-41. Okuvelele kuleliqoqo iHubo 36, elichaza uJehova njengoMthombo wokuphila, neHubo 37, elisiqinisekisa ngemivuzo yokugcina yalabo abafundisekayo. Okuphawuleka kakhulu futhi, iHubo 40, eliqukethe amazwi ayisiprofetho ngoJesu Kristu.
◆ 35:19—Kungani izitha zikaDavide ‘zaziqwayiza amehlo’?
Umbhalo wesiHeberu uzibiza ngokoqobo ngokuthi “izitha zami [e]mangeni.” Okusho ukuthi, inzondo yazo yayivele ezisuseni ezingcolile. UDavide wayengazange enze lutho olufanelwe inzondo yabo, futhi wathandazela ukuba bangabi nathuba lokujabula noma lokwenama ngaye. (lvesi 19a) Khona-ke, bacela ukuba izitha zakhe ezinezinhliziyo ezimbi zingabi nasizathu ‘sokuqwayiza amehlo,’ ngoba ukuqwayiza amehlo okunjalo okungokoqobo kwakunganikeza ubufakazi bokuthi zazenamela impumelelo yamasu azo amabi. (IzAga 10:10; 16:29, 30) UJesu wacaphuna lelivesi futhi walisebenzisa kulabo ababemzonda.—Johane 15:24, 25.
◆ 36:3—Ingabe ababi abanjalo bake baba nakho ukuhlakanipha?
Ukusikisela kuwukuthi kwakunoshintsho ekuziphatheni kwalowomuntu nokuthi wayengasekhona lokho ayeke waba yikho. Mhlawumbe wake wabonisa ukuhlakanipha futhi wenza izinto ezilungile. Kodwa wayesekushiye ngemuva lokho, eba isihlubuki. INkosi uSawule yayingomunye owashiya inkambo yokuhlakanipha, ibonisa inzondo ngoDavide. (1 Samuweli, isahluko 18) Ezinye izazi zize zicabange ngisho nokuthi uDavide wabhala ngalamazwi kumaHubo 36 ecabanga ngoSawule.
◆ 40:6—Kushiwoni ngamazwi athi, “izindlebe zami uzibhobozile”?
Lokhu kungasho ukuthi uJehova wabangela ukuba izindlebe zikaDavide zivumelaniswe neziqondiso zikaNkulunkulu, noma ngisho nokuthi uJehova wadala izindlebe uDavide ayengezwa ngazo imiyalo yaKhe. Ngokuthakazelisayo, kuSeptuagint lamazwi abekwe ngalendlela: “Wangilungiselela umzimba.” Kungakhathaliseki ukuthi uyini umthombo walenguqulo, liqukethe umqondo ofanayo oyisisekelo onjengowesiHeberu. Okusho ukuthi ugcizelela isidingo sokulalela. (Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 15:22; Hoseya 6:6.) UPawulu wasebenzisa lelivesi kuJesu Kristu. (Heberu 10:5-10) Njengoba uPawulu asebenzisa indlela iSeptuagint ehumusha ngayo, inkulumo ethi “ungilungiselele umzimba” manje iyingxenye ‘yayo yonke imiBhalo ephefumulelwe uNkulunkulu.’—2 Thimothewu 3:16.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 37 lisiphathele izifundo eziningi, njengoba siphila phakathi kwesizukulwane esonakele. Ngisho nakuba abenzi bobubi bechuma, akumelwe sibe nomhawu bese sizama ukubalingisa. Kunalokho, kumelwe ‘sithule phambi kukaJehova,’ singatholi amaphutha kodwa, kunalokho, sithembele kuye ngesizotha ukuba asiphendulele ngesikhathi sakhe.—IHubo 37:5, 7.
Yebo, amaHubo aletha amazwi amaningi ashukumisayo naduduzayo. LamaHubo okuqala angama-41 aye abonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zingase zibe nzima kangakanani, uJehova ngeke asilahle. Ngokuqinisekile, ngemva kokuwafunda, kumelwe sishukunyiselwe ukuba senanele amazwi aphetha iHubo 41: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, kusukela phakade kuze kube-phakade. Amen, Amen.”