-
Lindela UJehovaINqabayokulinda—1986 | Okthoba 15
-
-
Funda amaHubo 58 kuya ku-64. Enokukhathalela ngokwahlulela ngokungalungi, uDavide wathandazela ukubuyiselwa kwaphezulu kwababi. (AmaHubo 58, 59) Lapho esongelwa ngokwehlulwa, wanxusela ukukhululwa futhi wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayeyonyathela izitha. (IHubo 60) UJehova kakade wayeye waba isiphephelo kuDavide; ngakho wayengalindela insindiso ngokuthula. (AmaHubo 61, 62) Ephoqelelwa ukuya ehlane, mhlawumbe ngesikhathi uAbisalomu ehlubukile, uDavide wathola ukwethaba ‘ethunzini lamaphiko kaNkulunkulu.’ (IHubo 63) Umhubi futhi wathandazela isivikelo ‘esixukwini sabenza okubi’ futhi wayeqiniseka ngokuthi olungileyo uthola isiphephelo kuJehova.—IHubo 64.
-
-
Lindela UJehovaINqabayokulinda—1986 | Okthoba 15
-
-
Isifundo Esisitholayo: UDavide wayeneliswa ‘ukulindela ngokuthula’ uNkulunkulu ukuba athathe isinyathelo ngenxa yakhe. (IHubo 62:1-7) Esezithobile entandweni kaJehova, wazizwa elondekile futhi waba nokwethembela okuphelele kuNkulunkulu. Uma sinokwethembela okunjalo kuJehova, “ukuthula kukaNkulunkulu” kuyolondoloza izinhliziyo zethu nemicabango lapho silindela ukukhululwa kwaphezulu ezitheni nasosizini.—Filipi 4:6, 7; IHubo 33:20.
-