Intsha Iyabuza . . .
Kungani Enye Intsha Ijabula Ngokuphelele?
“Sifuna nje ukuzijabulisa, kodwa kunzima kakhulu,” kukhononda uJason oneminyaka engu-15.
KUMANE nje kungokwemvelo ukufuna ukuzijabulisa—ikakhulukazi uma usemusha! Entsheni eningi, ukuzijabulisa kubaluleke njengokudla nokulala. Ishoshozelwa ngontanga nemithombo yezindaba, intsha iphishekela ngokulangazelela izinhlobonhlobo zezokuzilibazisa. Okunye ukuhlola kwabonisa ukuthi ukuvakashela abangane, ukubukela i-TV, ukuya emabhayisikobho, ukuba nemibuthano yokuzilibazisa, nokudansa kwakuphambili ohlwini lwezinto zakusihlwa zokuzilibazisa ezithandwa yintsha. Ukufunda, ukudlala imidlalo nezemidlalo, nokulalela umculo nakho kwakuthandwa.
Njengoba kunezinto eziningi kangaka zokuzijabulisa ezitholakalayo, abantu abadala bangase bakuthole kunzima ukuqonda ukuthi kungani enye intsha, njengoJason, inomuzwa wokuthi ayizijabulisi ngokwanele. Kodwa yilokho kanye enye intsha engamaKristu eye yakusho! UCasey osemusha, omunye woFakazi BakaJehova, wakubeka ngalendlela: “Ubona bonke abangane bakho esikoleni benemibuthano yokuzilibazisa futhi benza izinto, bese uzizwa uphuthelwa ngempela.” Kodwa ingabe isimo sibi kangako ngempela?
Ingabe iBhayibheli liyakunqabela ukuba nesikhathi esimnandi? Akunjalo neze. IBhayibheli libiza uJehova ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Ngakho-ke akufanele kukumangaze ukuthi iNkosi uSolomoni yathi: “Konke kunesikhathi sakho, . . . isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina.” (UmShumayeli 3:1, 4) Igama lesiHeberu sokuqala elisho ‘ukuhleka’ lapha namagama ahlobene nalo angabuye asho ‘ukuthokoza,’ ‘ukudlala,’ ‘ukujabulisa,’ ‘nokuba nesikhathi esimnandi.’—2 Samuweli 6:21; Jobe 41:5; AbAhluleli 16:25; Eksodusi 32:6, NW; Genesise 26:8, NW.
Emuva ezikhathini zeBhayibheli, abantu bakaNkulunkulu babejabulela izinhlobonhlobo zokuzijabulisa okunempilo, njengokudlala izinsimbi zomculo, ukuhlabelela, ukudansa, ukuxoxa, nokudlala imidlalo. Futhi babenezikhathi ezikhethekile zamadili nobudlelwane obujabulisayo. (Jeremiya 7:34; 16:9; 25:30; Luka 15:25) Phela, uJesu Kristu ngokwakhe waya edilini lomshado!—Johane 2:1-10.
Ngakho-ke ukuzijabulisa okunempilo akunqatshelwe entsheni engamaKristu namuhla. Empeleni, iBhayibheli lithi: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho.” Nokho, uSolomoni ulandelisa lamazwi ngesixwayiso: “Kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.” (UmShumayeli 11:9) Yebo, kufanele ulandise kuNkulunkulu ngokukhetha okwenzayo. Ngakho-ke kumelwe ‘uqaphelisise ukuthi indlela ohamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo’ lapho kuziwa kwezokuzilibazisa. (Efesu 5:15, 16) Isizathu? Abasha abaningi benza ukukhetha okubi kakhulu ngokuphathelene nalokhu.
Lapho Ukuzijabulisa Kuba Okungalawuleki
Cabanga ngalokho okwenzeka emuva ezikhathini zeBhayibheli. Amanye ama-Israyeli alahlekelwa yiwo wonke umuzwa wokulinganisela lapho kuziwa ekuzilibaziseni, enza imibuthano enobudlwangudlwangu eyayithatha ubusuku bonke! Umprofethi u-Isaya wathi: “Wo kubona abavuka ekuseni, ukuze balandele uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini! Ihabhu nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo.” Akukhona ukuthi kwakukubi ukuhlangana ndawonye nokujabulela ukudla, umculo, nokudansa. Kodwa ngokuphathelene nalaba ababenza imibuthano exokozelayo u-Isaya uthi: “Abanakekeli imisebenzi kaJehova.”—Isaya 5:11, 12.
Intsha eningi namuhla yenza okufanayo—ayicabangi ngoNkulunkulu lapho ifuna ukuzilibazisa. Enye ngokweyisa idelela izindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu, ihileleke ebuhlotsheni bobulili ngaphambi komshado, ekonakaliseni impahla, ekusebenziseni kabi izidakamizwa, nakweminye imikhuba yokunganaki ukuze “izijabulise.” Nokho, kwezinye izimo intsha isuke ingazami ukuba yimbi ngempela. Kodwa iyahluleka ukwenza izinto ngokulinganisela nokugwema ukweqisa. (IzAga 23:20; 1 Thimothewu 3:11) Ngakho lapho ihlangana ndawonye ukuze ibe nesikhathi esimnandi, izinto zithanda ukungalawuleki.—Qhathanisa neyabase-1 Korinte 10:6-8.
Muva nje, i-Phaphama! ibuze intsha ethile, “Kwenzekani emibuthanweni yokuzilibazisa yezwe namuhla?” Enye intombazane eyeve eshumini nambili yaphendula: “Izidakamizwa, ukuphuza. Kuyenzeka ngempela.” Ngokuphathelene nabanye abafana afunda nabo esikoleni abahamba imibuthano yokuzilibazisa u-Andrew osemusha wathi: “Okuwukuphela kwento abayenzayo ukuqhosha ngokuthi baphuze kangakanani.” UJason waze wathi: “Umbuthano wokuzilibazisa wezwe cishe njalo uba nezinto ezimbi ezenzeka kuwo.” Njengoba “imibuthano exokozelayo,” noma “imibuthano enobudlwangudlwangu,” ilahlwa iBhayibheli, intsha eyesaba uNkulunkulu iyayigwema imibuthano yobungane enezenzo ezinjalo.—Galathiya 5:21; Byington.
Izingozi zingase zicashe ngisho nasezinhlotsheni zokuzilibazisa ezibonakala zingalimazi. Ngokwesibonelo, iningi lamabhayisikobho anamuhla adume kakhulu liveza abantu abanqunu, ubulili obuyingcaca, nobudlova obesabekayo. Izingoma ezidl’ubhedu zivame ukuba namagama obulili angcolile. Amakhonsathi e-rock avame ukuba izindawo zokusetshenziswa kwezidakamizwa, zezinxushunxushu, nobudlova.a
Uma Abazali Benqaba
Liyini iphuzu? Uma ungumKristu, ngokusobala awunakwenza zonke izinto ontanga yakho abajabulela ukuzenza. Kakade, uJesu wathi abalandeli bakhe ‘babengeke babe ingxenye yezwe,’ futhi lokho kusho ukuhluka kwabanye abantu. (Johane 15:19) Uma abazali bakho besaba uNkulunkulu, balazi kahle leli phuzu. Ngakho ngezinye izikhathi, ngenxa yesifiso sokukuvikela, abazali bakho bangase bangazikhuthazi noma bazinqabele ngokuqinile ezinye izinto—izinto enye intsha evunyelwe ukuzenza. Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi ukukwamukela. “Abantu bafuna ukuzijabulisa!” kwaphikelela enye intombazane eyeve eshumini nambili. “Abazali bethu babezijabulisa lapho besebasha, kodwa ngezinye izikhathi kuzwakala sengathi bafuna ukusigcina sivalelwe.”
Ukulalela iseluleko sabazali bakho ezintweni ezinjengalezi kungase kungabi lula, ngisho nalapho ngokuyisisekelo uvumelana nombono wabo. Omunye osemusha obukeka njengengcweti yezemidlalo esizombiza ngokuthi uJared uyakhumbula: “Ngangifuna ukudlala i-basketball eqenjini lesikole. Abantu abaningi babengicindezela ukuba ngidlale, futhi lokhu kwakungikhathaza ngandlela-thile. Kodwa ngabe sengikhuluma nabazali bami.” Abazali bakaJared baveza izingozi ‘zokuzihlanganisa nababi’ futhi bamkhumbuza indlela imidlalo yakhe eyayiyodla ngayo isikhathi. (1 Korinte 15:33) “Kwaphelela lapho,” kusho uJared ngokudabuka. Walalela iseluleko sabazali bakhe, kodwa wayesazizwa kabuhlungu ngoba engazange akwazi ukudlala ibhola.
‘Ngiyaphuthelwa!’
Kungakhathaliseki ukuthi isimo sakho siyini, nawe ungase udumazeke ngezinye izikhathi lapho uzwa ofunda nabo beqhosha ngezikhathi zabo ezimnandi. Ungase ubuze: ‘Kungani enye intsha ijabula ngokuphelele?’ Yebo, ungawunqoba kanjani umuzwa wokuthi uyaphuthelwa?
Kungakusiza ukufunda iHubo 73 futhi uzindle ngokuhlangenwe nakho komlobi weBhayibheli obizwa ngokuthi u-Asafa. Evesini lesibili nelesithathu, wenza lokhu kuvuma: “Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba-kancane ukuba izinyathelo zami zishelele. Ngokuba ngaba-nomhawu ngabazidlayo.” Yebo, lapho u-Asafa ephila ukuphila okunokulinganisela, abanye babeqhosha ngokuthi babengenza noma yini ababeyifuna—kungabi namiphumela emibi, ngendlela okwakubonakala ngayo. Kwakubonakala sengathi babenokuningi futhi ngaso sonke isikhathi babethola okwengeziwe. (Ivesi 12) Ngakho u-Asafa wadumazeka waze wakhala: “Khona-ke, ingabe kuyize ukuthi ngizigcine ngimsulwa futhi ngingenzanga sono?”—IHubo 73:13, Today’s English Version.
Ngenhlanhla, u-Asafa wasanguluka ngaphambi kokuba enze noma yini ngokuphamazela. Wavakashela “endlini engcwele kaNkulunkulu,” futhi kulezo zimo ezimzungezile ezinempilo, wacabanga ngalendaba ngokungathi sína. Ngokushesha u-Asafa wayesefinyelele isiphetho esiphawulekayo ngabafuni benjabulo abangenaNkulunkulu: “Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe-yincithakalo.”—IHubo 73:17, 18.
Kungashiwo okufanayo ngabaningi abangontanga yenu abafuna injabulo. Bangase bacabange ukuthi bayazijabulisa manje. Kodwa ukujabula esonweni kumane nje kungokwesikhashana! (Heberu 11:25) Ngenxa yokuthi abazilaleli izindinganiso zeBhayibheli, bami “ezindaweni ezibushelezi” futhi bahlala besengozini yokuwa okwesabekayo—okungazelelwe nokungenasixwayiso. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu‚ lokho wokuvuna.” (Galathiya 6:7) Ngokuqinisekile uye wezwa ngentsha elingana nawe eye yafa ngaphambi kwesikhathi, yaba nesifo esidluliselwa ngobulili, yabhekana nokukhulelwa okungafunwa, noma yaboshwa ngenxa yokuganga “kokuzijabulisa.” Khona-ke, akukuzuzisi yini ukungahlanganyeli ezintweni ezinjalo?—Isaya 48:17.
USolomoni unikeza iseluleko esihle lapho ethi: “Inhliziyo yakho mayingabi-namhawu ngezoni, kepha mawube-sekumesabeni uJehova usuku lonke. Ngokuba impela umvuzo ukhona, nethemba lakho aliyikunqunywa.” (IzAga 23:17, 18) Yebo, asikho isikhathi “esimnandi” esenza kufaneleke ukuba umuntu alahlekelwe ithemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.
Okwamanje, ungasenelisa kanjani isifiso sakho esingokwemvelo sokuba nesikhathi esimnandi ngempela ngezinye izikhathi? Ingabe zikhona izindlela eziphephile nezinempilo zokwenza kanjalo? Kuthiwani uma imali nezinye izinto zilinganiselwe? I-Phaphama! icele ukusikisela nemibono yentsha emhlabeni wonke. Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni sesikhathi esizayo kulolu chungechunge.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngiye Emakhonsathini E-rock?” kumagazini wethu ka-December 22, 1995.
[Isithombe ekhasini 26]
Ingabe kufanele uzizwe ukhishwe inyumbazane ngoba ungenakuhileleka kulokho izwe elikubiza ngokuthi ukuzijabulisa?