Isahluko 4
Ukubhujiswa Kwezwe Kuqala—Bese Kuba Ukuthula Kwezwe
NGOKWESIPROFETHO seBhayibheli, ngaphambi kokuba isintu sijabulele ukuthula okuhlala njalo, kumelwe kube khona ukubhujiswa kwezwe kuqala. (2 Petru 3:5-7) Kodwa kungani lokho kudingekile? Ivelaphi leyombubhiso? Futhi isho ukuthini ngabantu abakuleplanethi?
2 Okokuqala sidinga ukuqonda ukuthi ukubhujiswa kwezwe iBhayibheli elikubikezelayo akufani nenhlekelele yembulunga abaholi abaningi, ososayensi, nabanye abaxwayisa ngayo. Inhlekelele abakhuluma ngayo iyofika ngesimo somonakalo othile owenziwe ngumuntu olethwa izinto ezinjengokungcola noma umncintiswano wezikhali zenuzi, noma kokubili. Kodwa, yebo, inhlekelele enjalo ayinakuba nathemba lokuthula okuhlala njalo nokulondeka kulembulunga.
3 Umhlaba uyokonakala ukuba kuhlale izidalwa eziphilayo kuwo. Ngokwesibonelo, imisebe yenuzi noma “ubusika benuzi” obucatshangelwayo buyoshiya abayosinda bengekho esimweni esingcono—uma siyobe singesibi kakhulu—kunesalabo abafile. Ukusinda kuyoba kakhulukazi yinhlanhla, nakuba abampofu cishe beyoba phakathi kwabokuqala abayohlupheka. Iliphi ithemba wena obungaba nalo lokuba phakathi kwabayosinda enhlekeleleni enjalo? Futhi ngisho noma usinda, iliphi ithemba ebelingaba khona lokuthi ukuphila ngeke kubuyele emuva kokufanayo ukungaqiniseki okuhambisana nokulwa okukhona manje?
Okubikezelwa YiBhayibheli Kunikeza Ithemba
4 Okwenza ukubhujiswa komhlaba okubikezelwa yiBhayibheli kwehluke kuwukuthi kuyoba okukhethayo, okunenjongo. Ngeke kube inhlekelele eza njengendlela yokuqeda umonakalo owenziwe umuntu. Kunokuba ilethe ukufa okungakhethi, iyochitha kulomhlaba labo kuphela abafanelwe ukubhubha ngempela. Loluhlobo lokubhujiswa komhlaba luyavumelana nesimiso saphezulu esikuzAga 2:21, 22: “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”
5 Yini-ke eyobhujiswa? Abaningi bacabanga ukuthi iBhayibheli libikezela ngokushiswa okuphelele kwaleplanethi enguMhlaba nakho konke okukuyo. Kodwa akunjalo. UJesu Kristu ngokwakhe wathi: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) Ngokuqinisekile ‘lelofa’ alinakuba yilahle elishisiwe, elingenakuphila! IBhayibheli futhi linikeza isiqinisekiso sikaNkulunkulu esiqondile sokuthi umhlaba uyohlala phakade njengendawo yabantu yokuhlala.—IHubo 104:5; Isaya 45:18; Mathewu 6:9, 10.
6 Ngokuvumelana nalokhu, iBhayibheli likhuluma ngabayosinda abayosala emhlabeni ngemva kokuba ‘lolosizi olukhulu’ seludlulile. UJesu Kristu wathi “njengasemihleni kaNowa, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu.” Lapho kuba khona ukubhujiswa kwendawo yonke ngesikhathi sikaNowa bakhona futhi abasindayo.—Mathewu 24:21, 37; 2 Petru 2:5, 9; IsAmbulo 7:9, 10, 13, 14.
7 Yini ezobhujiswa? Isimiso sezinto somhlaba wonke abantu abaye basakha emhlabeni—kanye nabo bonke abasisekelayo kunokubheka kuNkulunkulu nokubusa kwakhe okuthenjisiwe ngalomhlaba. (IHubo 73:27, 28) Kungakho inkulumo ethi “ukuphela kwezwe,” etholakala kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, ihunyushwa ngokunembe kangcono kwamanye amaBhayibheli ngokuthi “ukuphela kwenkathi” (NE), “isiphelo sesikhathi” (Ro), “isiphelo sesimiso sezinto” (NW).—Mathewu 24:3.
8 Umthombo wokubhujiswa komhlaba okuzayo awuyikuba ngabantu, kodwa nguJehova uNkulunkulu. Umonakalo wanamuhla wokungcola, indlala, ukwesaba inuzi, nezinto ezifanayo eziye zabangelwa ukungazi komuntu, amaphutha, nokonakala akukhona okuyobangela imbubhiso. Kunalokho, lokhu kuwubufakazi bobugovu nokwehluleka okuphelele kwesimiso sezwe samanje. Kunikeza isizathu esifanelekile ngoJehova uNkulunkulu ukuba asiqede ngokuphelele lesosimiso. Uthembisa ukuthatha isinyathelo esinjalo ngaphambi kokuba izwe lanamuhla lifinyelele isimo sokuwohloka noma lizibhubhise ngokwalo. (IsAmbulo 11:17, 18) Kodwa ingabe isinyathelo esikhulu kangako ngempela siwukuphela kwento engenziwa?
Isizathu Sokuba Lesimiso Siphele Ukuze Kufike Ukuthula Kweqiniso
9 Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu kumelwe amane enze izinguquko ezithile esimisweni samanje, kunokuba asibhubhise. Kodwa iBhayibheli liyabonisa ukuthi uNkulunkulu uyaqaphela ukuthi asisenakulungiswa.
10 Zicabangele ngokwakho izinguquko eziningi eziye zenziwa ngabantu phakathi namakhulu eminyaka. Cabanga ngazo zonke izinhlobo ezihlukene zohulumeni abantu abaye babasungula. Kuye kwaba nemibuso yamadolobha, imibuso yamakhosi, imibuso yeningi, ohulumeni bobukhomanisi nabezimiso zokusebenzela umbuso, kanye nomashiqela. Khumbula ukuthi kukaningi kangakanani umbusi okhona noma uhulumeni esuswa kungene omusha esikhundleni sakhe—ngokhetho, ngokushintsha okungemthetho, noma ngokuvukela. Kodwa akuzange kube khona ukuxazululeka okuhlala njalo kwezinkinga zesintu. Ngisho nabantu abanezisusa ezinhle abazama ukuthuthukisa isimo somuntu bathola imizamo yabo ibhuntshiswa isimiso sezinto bona ngokwabo abavaleleke kuso. Njengoba umbusi ohlakaniphile wezikhathi zasendulo afumanisa, ngemizamo yomuntu iyodwa “okuyisigwegwe akunakuqondiswa.”—UmShumayeli 1:14, 15.
11 Ngokwesibonelo, amadolobha omhlaba akhathazwa izinkinga. Kodwa abantu abanakuwadiliza babuye bawaqale phansi. Kungokufanayo ngaso sonke isimiso sezomnotho nesezemisebenzi emhlabeni. Izithakazelo zomuntu siqu nobuzwe kululaza futhi kuvimbele noma iluphi ushintsho lwangempela olwenzelwa inzuzo yesintu sisonke.
12 Kanjalo sonke lesimiso sezinto sinjengendlu eyakhelwe esisekelweni esibi, ngokwamapulani angemahle, futhi yakhiwa ngezinto zokwakha ezibuthakathaka. Kungasiza ngani ukuhlela kabusha ifenisha noma ukulungisa kabusha leyondlu? Uma nje isamile, izinkinga ziyoqhubeka, futhi leyondlu iyoqhubeka iwohloka. Okuwukuphela kwento enengqondo engenziwa kuwukuyidilizela phansi leyondlu kwakhiwe enye, phezu kwesisekelo esihle.
13 UJesu Kristu wasebenzisa umfanekiso othi awufane nalowo lapho ethi “akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala.” Iwayini elisha lingaziqhumisa izimvaba ezindala. (Mathewu 9:17) Ngakho-ke akazange azame ukulungisa isimiso sezinto samaJuda ayephila phansi kwaso. Kunalokho, washumayela uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lokuthula nokulondeka. (Luka 8:1; 11:2; 12:31) Ngokufanayo-ke futhi, osukwini lwethu uJehova uNkulunkulu ngeke nje amane alungise isimiso sezinto samanje, ngoba lokho akunakuyiletha inzuzo ehlala njalo.
14 IZwi likaNkulunkulu ligcizelela iqiniso lokuthi akunakwenzeka ukufaka ukulunga ezinhliziyweni zabantu ngokusebenzisa umthetho. Uma bengenalo uthando lokulungileyo, awukho umthetho oyoke ulufake. KuIsaya 26:10 siyafunda: “Uma omubi ephiwa umusa, akafundi ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.”—Qhathanisa nezAga 29:1.
15 Iqiniso elimsulwa liwukuthi abantu abaningi bakhetha ukuhlala nalesimiso samanje naphezu kokwehluleka kwaso nobubi. Abafuni ukuphendukela ekulungeni futhi bazithobe ekubuseni okuvela kuNkulunkulu. Bangase bakubone ukonakala kwezimiso zezombangazwe zalelizwe, ukungabuyiseli kwezimpi zalo, ubuzenzisi bezinkolo zalo, nobufakazi obusobala bokuthi ezobuchwepheshe zalo ziye zabangela ngisho nezinkinga ezinkulu kunalezo eziye zazixazulula. Kodwa naphezu kwakho konke lokhu, abaningi bakhetha ukulolozelwa ngomqondo wamanga wokulondeka wabaholi benkolo nabezombangazwe abazithakazelo zabo zisekuvikeleni izikhundla zabo. Bafana namaIsrayeli uNkulunkulu athi ngawo: “Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze-njani ekupheleni na?”—Jeremiya 5:31; Isaya 30:12, 13.
16 Cishe uyabazi abantu abanemikhuba efaka ukuphila nokulondeka kwabo siqu nokwemikhaya yabo engozini. Kodwa bamelana nayo yonke imizamo yokubasiza ukuba bashintshe. Kodwa uma abantu bemelana neseluleko sikaNkulunkulu nokuqondisa, indaba iba ngengathi sína kakhulu. Labo abenza lokhu babonisa ukuthi abalithandi ngempela iqiniso nokulunga. Ngabanjalo uJesu wathi: “Ngokuba inhliziyo yalesisizwe isiyaba-lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, [uNkulunkulu abaphulukise].”—Mathewu 13:15.
17 Ngokufanelekile, ukubekezela kukaNkulunkulu nomusa nakho kuyaphela. Uma kungenjalo, uthando lwakhe ngabalungileyo lungaba kuphi? Akanakukuziba ukukhalela kwabo ukukhululeka ekuhluphekeni okulethwa ububi phezu kwalomhlaba. (Luka 18:7, 8; IzAga 29:2, 16) Ngakho-ke, izimo zifuna kubhujiswe lomhlaba. Ziphoqelela uNkulunkulu ukuba athathe isinyathelo uma efuna ukuhlala eneqiniso kokulungileyo nalapho efuna ukubonisa uzwela kulabo abathanda okulungileyo. Akusho ukuthi uNkulunkulu uyojabula ngokuletha imbubhiso phezu kwesintu. “Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na? . . . ngalokho buyani, niphile.”—Hezekeli 18:23, 32.
18 Khona-ke, ukubhujiswa kwalabo abakhetha lesimiso sezinto samanje, kuyinani elifanele likhokhwe ukuze kuhlengwe labo abathanda okulungileyo esimweni sokungalondeki nesokuhlupheka. Lokhu kuyavumelana nesimiso seBhayibheli: “Omubi uyihlawulo lolungileyo.”—IzAga 21:18; qhathanisa noIsaya 43:1, 3, 4.
Imiphumela Eyinzuzo
19 Ukubhujiswa kwesimiso samanje nabasekeli baso kuyovulela isimiso esisha sokulunga emhlabeni wonke lapho abayosinda beyokwazi khona ukusebenza ndawonye ngobunye, hhayi ngokuncintisana kobugovu. Izintango zobuzwe ezihlukanisayo nemingcele yezombangazwe kuyosuswa. Izindleko ezicindezelayo zemali esetshenziselwa kwezempi ziyobe zingasekho. Iyobe ingasekho futhi imingcele yezenhlalo evimbela isintu ekubeni sibe umkhaya onobunye. Isici esibalulekile kukho konke lokhu siyoba ukuthi wonke umuntu oyobe ephila ngalesosikhathi uyokhuluma ‘ulimi olulodwa oluhlanzekileyo’ lweqiniso komunye nomunye, bekhulekela uMdali wabo “ngomoya nangeqiniso.” Lokhu kuyobagcina bekhululekile ezinkolelweni zeze ezihlukanisayo ngokwenkolo, amasiko, nezivumo zokholo ezenziwe ngabantu.—Zefaniya 3:8, 9; Johane 4:23, 24.
20 Lapho uhulumeni kaNkulunkulu ngeNdodana yakhe uKristu Jesu sekuyiwona kuphela obusa phezu kwawo wonke umhlaba, ihubo lasendulo leBhayibheli liyogcwaliseka: “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 72:7, 8.
21 Umhlaba uyozuza ekubhujisweni kwezwe okuzayo. Ngeke usonakaliswa abangcolisi abanobugovu nabonakalisi abanonya. Amachibi, imifula, izilwandle, kanye nomkhathi kuyokhululeka kukho konke ukungcola okuthelwa kukho futhi ngokushesha kuzihlanze ngokwakho. Ngaleyondlela uNkulunkulu uyobonisa ukuthi akayilahlile injongo yakhe yokuba nembulunga ehlanzekile, enjengensimu egcwele abantu ababonisa izimfanelo ezinhle zoMdali wabo.—Genesise 1:26-28; Isaya 45:18; 55:10, 11.
22 Ngakho-ke, ukuletha kukaNkulunkulu imbubhiso yezwe akuphikisani nokuba kwakhe ‘uNkulunkulu wokuthula.’ Futhi akuphikisani nokuba kukaJesu “iNkosi Yokuthula.” Lesinyathelo basithatha ngenxa yothando lwabo lokuthula nokulunga ukuze babuyisele umhlaba esimweni esihlanzekile nesokulunga.—1 Korinte 14:33; Isaya 9:6, 7.
23 Khona-ke, njengabantu ngabanye, yini okumelwe siyenze? UJesu wabonisa ukuthi labo ababengayinaki imiyalo kaNkulunkulu babakhela amathemba abo ekusasa phezu “kwesihlabathi,” nokuthi isakhiwo esinjalo ngeke simelane nezikhukhula ezibhubhisayo. Wabonisa isidingo esibalulekile sokwakhela amathemba ethu ekulaleleni iZwi likaNkulunkulu ukuze sibe nekusasa elinokuthula nelilondekile.—Mathewu 7:24-27.
24 Kodwa kungani uNkulunkulu eye walinda isikhathi eside kangaka ukuba aqede ububi nokuhlupheka? IBhayibheli liyawuphendula nalombuzo, futhi liyabonisa ukuthi uNkulunkulu ubenzani kuwo wonke amakhulu eminyaka adlule ekufezeni injongo yakhe.
[Imibuzo Yesifundo]
1-3. (a) Ikuphi ukubhujiswa kwezwe abaholi abangabantu abaxwayisa ngakho? (b) Kungani lokho kungekhona iBhayibheli elibhekisela kukho njengokubhujiswa kwezwe okuyovula indlela yokuthula nokulondeka okuhlala njalo?
4. Obani abayobhujiswa ekubhujisweni kwezwe iBhayibheli elikhuluma ngakho?
5, 6. (a) Kuyokwenzekani emhlabeni ngokwawo phakathi nalokho kubhujiswa kwezwe? (b) Ngokuqondene nalokhu, kuyoba kanjani “njengasemihleni kaNowa”?
7. Yini eyofika ekupheleni kwayo ngalesosikhathi?
8. (a) Lembubhiso iyovela kumuphi umthombo? (b) Lokhu kumelwe kwenzeke ngaphambi kokuba isimiso sezwe samanje sifinyelele kusiphi isimo?
9, 10. Umlando wesintu ubonisa kanjani ukuthi okuthile okukhulu ngokwengeziwe kuyadingeka kunokumane nje kulungiswe izwe lanamuhla?
11-13. (a) Yini evimbela abantu ekubeni benze izinguquko eziyozuzisa sonke isintu kulesimiso samanje? (b) Ngakho-ke, ubungako boshintsho oludingekayo bungafanekiswa kanjani?
14. Ingabe ukumiswa kwemithetho emisha bekuyokwenza abantu bathande ukulunga?
15, 16. Ukuntuleka kothando lweqiniso nokulunga kubantu abaningi kuboniswa kanjani ekusabeleni kwabo entandweni kaNkulunkulu?
17. Uma kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu akakujabuleli ukuletha imbubhiso phezu kwesintu, kungani-ke ezokwenza?
18. Liyini inani okumelwe likhokhwe ukuze kuhlengwe abantu abathanda okulungileyo esimweni sokungalondeki?
19. Iziphi izintango ezivimbela ukuthula kwezwe eziyosuswa ngokubhujiswa kwalesimiso sezinto?
20. Njengoba kuboniswe kumaHubo 72, isiphi isimo esiyoba khona emhlabeni wonke?
21. Umhlaba ngokwawo uyozuza kanjani ekubhujisweni kwezwe okuzayo?
22. Ukulethwa kwembubhiso enjalo kuvumelana kanjani nokuba kukaNkulunkulu ‘uNkulunkulu wokuthula’?
23, 24. Ukuze sijabulele ikusasa lokuthula nokulondeka, yini okubalulekile ngathi ngabanye ukuba siyenze manje?
[Isithombe ekhasini 37]
Njengoba nje abantu basinda ngoZamcolo, bakhona abayosinda “osizini olukhulu”