U-Isaya
55 Wozani nina nonke enomile, + wozani nizokha amanzi! +
Nina eningenamali, wozani nithathe* nidle!
Yebo, wozani nithathe iwayini nobisi + ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo. +
2 Kungani niqhubeka nikhokha imali ngalokho okungesona isinkwa,
Kungani nichitha imali yenu* entweni enganelisi?
Lalelani, nizoqhubeka niphila,
Ngizokwenza nani ngokushesha isivumelwano esihlala njalo +
Ngokuvumelana nothando oluqotho engaluthembisa uDavide, lesi sithembiso siqinisekile. +
5 Bheka! Uyobiza isizwe ongasazi,
Nalabo besizwe abangakwazi bayogijimela kuwe
Ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho, + oNgcwele ka-Israyeli,
Ngoba uyokukhazimulisa. +
6 Funani uJehova esatholakala. +
Mbizeni eseseduze. +
7 Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, +
Nomuntu ongalungile imicabango yakhe;
Makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, +
KuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela ngendlela enkulu. *+
8 “Ngoba imicabango yami akuyona imicabango yenu, +
Nezindlela zenu akuzona izindlela zami,” kusho uJehova.
9 “Njengoba nje amazulu ephakeme kunomhlaba,
Kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
Nemicabango yami iphakeme kunemicabango yenu. +
10 Njengoba nje imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini
Kungabuyeli lapho kungazange kuwumatise umhlaba kuwenze ukhiqize futhi uhlume,
Otshalayo athole imbewu, nodlayo isinkwa,
Ngeke libuyele kimi lingafezanga lutho, +
Kodwa nakanjani liyofeza noma yini eyintando yami, *+
Nakanjani liyophumelela kulokho engilithumele kona.
Izintaba namagquma kuyokwenama phambi kwenu ngokumemeza kwenjabulo, +
Zonke izihlahla zasendle ziyoshaya ihlombe. +