Ingabe Umsebenzi Wakho Uyakucoba?
CISHE usebenza amahora angu-8 ngosuku. Leso isikhathi nokuphila okuningi kabi ukuthi kungadlala isithukuthezi! Nokho, umsebenzi omningi kuleli khulu lama-20 leminyaka unesicefe futhi awenzi ukuthi isisebenzi sizigqaje ngawo.
Ngakho ungazuza kakhulu ngokwenza umsebenzi wakho ube ojabulisayo. Uthola injabulo eyengeziwe ekusebenzeni, futhi ufunda imfihlo yokwenza noma imuphi umsebenzi wesikhathi esizayo uthakazelise. Khona-ke, ake sihlole ezinye zezindlela zokufeza lokhu.
Sebenza Ngentshiseko
Ezinye izincwadi zitusa ukuba usebenze sengathi uyakujabulela. Uma wenza kanjalo, ekugcineni uyothola umsebenzi wakho ujabulisa.
Ungase usabele ngokuthi ‘Kodwa ngeke ngize ngiwenze ngentshiseko umsebenzi wami!’ Umsebenzi wakho ungase uhilele indlela engashintshi, njengokusebenza ebhandeni efektri. Noma kungase kube ukuthi sekuyiminyaka eminingi wenza lomsebenzi kangangokuthi unomuzwa wokuthi ngeke usakwazi ukuphinde uwujabulele. Nokho, amasu alula anjengokumamatheka nokuba nomdlandla angakusiza ukuba uzizwe unentshiseko ngomsebenzi wakho.
Kungase kusize futhi nokugxilisa ingqondo ngokuphelele kulokho okwenzayo. Ungawenzi umsebenzi wakho ngendlela engaguquki njengomshini, futhi ungawenzi umsebenzi wakho ucabanga ngesikhathi sokudla, noma ngempelasonto, noma ngisho nangomunye umsebenzi okudingeka uwenze. Ngokuvamile kuwukuhlakanipha ukugxila ngokuphelele emsebenzini osuke uwenza ngaleso sikhathi. Kuba namuphi umphumela? Uyowujabulela umsebenzi futhi isikhathi siyobonakala sishesha.
Yilokho ngokuvamile okwenzekayo lapho wenza umsebenzi owuthanda ngempela. Ungase ujabulele imiphumela efanayo ngokuziphoqelela ukuba ugxilise ingqondo ngokugcwele emsebenzini ovame ukungawujabuleli.
Zikhandle
Ukuzikhandla kuyokusiza ukuba uthole ukwaneliseka emsebenzini. Yiqiniso, iseluleko esinjalo siyaphikisana nombono ovamile wokuthi uma umsebenzi ungathakazelisi, kufanele ungazikhandli. Kodwa ukudebesela, ukuzindela, nomzamo omncane kuyokuthena amandla futhi kunezele ukukhathazeka nokukhathala. Ngezinye izikhathi umuntu ofika ekhaya evela emsebenzini ecindezelekile, ekhathazekile, futhi ekhathele angase agule ngenxa yokungasebenzi ngenkuthalo.
NgokweBhayibheli, ukuzikhandla kwenza isikhathi sokuphumula sijabuleleke kakhudlwana. “Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe.” (UmShumayeli 2:24) Kwabanye, lokhu kungase kuzwakale njengamazwi asephelelwe isikhathi, kodwa abanye bayasisebenzisa lesi simiso esingaphuphi. Bayavuma ukuthi, ngempela, “akukho okuhle” kunokuba bajabulele isithelo sokuzikhandla kwabo. Incwadi ethi The Joy of Working iyavuma: “Umsebenzi owenziwe kahle uletha umuzwa wokwaneliseka kwangaphakathi.”
Ngakho, yenza konke ongakwenza emsebenzini, futhi mhlawumbe uyozizwa unomdlandla. Yenza okungaphezu nje kokokugcina okulindelekile futhi uyozizwa ujabulile. Yenza imisebenzi ebalulekile kuqala, futhi uyojabulela isikhathi sakho sokudla nezimpelasonto kakhulu kunomuntu ochitha isikhathi sakhe ngokuzindela.—Qhathanisa no-Esteri 10:2; nowamaRoma 12:11 neyesi-2 Thimothewu 2:15.
Esikhundleni sokuncintisana nabanye, phishekela ukuzikhandla. (Galathiya 6:4) Beka izindinganiso ezintsha, nemigomo emisha. Qhubeka uzithuthukisa. Omunye wesifazane, umsebenzi wakhe ohlanganisa ukuthunga ngokuphindaphindiwe abanye abebengawubheka njengonesidina kakhulu, wawenza wathakazelisa ngokuzikalela isikhathi. Waqaphela umsebenzi ayewukhiqiza ihora ngalinye, futhi wazama ukuwandisa. Uwujabulela kakhulu umsebenzi wakhe ngoba uzama ukuba okhiqiza kakhulu ngangokunokwenzeka.—IzAga 31:31.
“Hlobisa” Umsebenzi Wakho
Odokotela uDennis T. Jaffe noCynthia D. Scott bayatusa: “Cabanga ngomsebenzi wakho njengendlu engenalutho. Ungena kuyo bese ubuka indlela eyakhiwe ngayo. Bese wenza ngendlela ofisa ngayo. Unquma indlela ofuna ukusebenzisa ngayo indawo, uyihlobise, futhi uyenze ibe ikhaya lakho. Uyenza ivumelane nobuntu bakho ngokuyenza ngendlela yakho.”
Imisebenzi eminingi uyinikezwa inohlu lwemithetho neziqondiso. Ukumane nje wenze lokho okufanele ukwenze kuphela kunjengokuhlala endlini ekhala ibhungane. Ayivumelani nobuntu bakho. Kodwa uma unezela indlela yakho siqu, umsebenzi wakho ungaba othakazelisa kakhudlwana. Abekho abantu ababili “abangahlobisa” umsebenzi ngendlela efana nsé. Omunye uweta uyobamba ngekhanda ama-oda abathengi abavame ukuthenga. Omunye uyoba nomusa ngokukhethekile nesizotha. Bobabili bayawujabulela umsebenzi wabo ngoba bayazinikela kulokho abakwenzayo.
Qhubeka Ufunda
Enye indlela yokujabulela umsebenzi ukufunda. Incwadi ethi Tension Turnaround ichaza ukuthi njengoba sikhula, ubuchopho bethu bukhulisa ikhono labo lokusebenzisa ukwaziswa. Lokhu kuchaza ukuthi kungani izinto ezazisijabulisa kuqala zingavele zisicobe manje. Ikhambi liwukwanelisa ukulangazela kwengqondo ukwaziswa okusha ngokufunda izinto ezintsha.
Ukufunda okwengeziwe ngomsebenzi wakho kungase kuholele ekunikezweni umsebenzi ojabulisa kakhudlwana. Kodwa ngisho noma lokho kungenzeki, ukufunda kona ngokwakho kuyokwenza umsebenzi wakho ujabulise nakakhulu futhi wanelise. Ababhali uCharles Cameron noSuzanne Elusorr bayaphawula: “Ukufunda akukhulisi nje kuphela ukuzethemba ngokwandisa amakhono akho, kodwa futhi kuthinta isimo sakho sengqondo esivamile ekuphileni: ukuthi izinkinga zingaxazululwa, izinkinga zinqotshwe, ukuthi ukwesaba kungaqedwa nokuthi ziningi izinto ezingenzeka kunalokho obungakucabanga.”
Ungase uphikise uthi: ‘Kodwa, kudala ngafunda ngakho konke okuphathelene nomsebenzi wami!’ Kuleso simo, ingabe ungazifunda izinto ezingaqondene ngempela nomsebenzi wakho? Ngokwesibonelo, ungase unqume ukufunda okwengeziwe ngendlela yokusebenzelana nabantu noma ngomshini wakho. Mhlawumbe ungafunda indlela yokubhala kahle amarekhodi asehhovisi noma ukuphatha kahle umhlangano. Ungafunda izindlela eziphumelela kangcono zokusebenzelana nabaphathi.
Uyozifunda kanjani lezi zinto? Kungenzeka ukuthi inkampani oyisebenzelayo inikeza izifundo ongakwazi ukuzuza kuzo. Noma umtapo wezincwadi ungase ube nezincwadi ozidingayo. Kodwa ungayibukeli phansi imithombo yokwaziswa enganakekile. Ungafunda ngokubuka abantu besebenza uqaphele izimfanelo ezinhle nobuthakathaka babo. Ungafunda emaphutheni akho, futhi ungafunda nasempumelelweni yakho, ngokuhlaziya lokho okwenze kahle. Lokho okufunda kokuhlangenwe nakho kwakho siqu nalokho okufunda kwabanye kungakufundisa lokho obungeke wakufunda ezincwadini noma ukuzwe ekilasini.
Ukusikisela Kokugcina
Kunenye indlela ongacabangela ngayo umsebenzi wakho. Ungase ufinyelele esiphethweni sokuthi ufanelwe okungcono—ukuthi abanye bathola wonke amathuba amahle futhi awukaze unikezwe ithuba lokwenza umsebenzi othanda ukuwenza. Ningase nixoxe ningaqedi nabanye abavumelana nawe, futhi ungase uqiniseke ukuthi konke lokhu kuyiqiniso.
Kodwa kungase kungabi iqiniso. Abantu abaningi abawujabulelayo umsebenzi wabo baye bafunda ukwenza kanjalo. Umuntu okujabulelayo ukudweba amapulani ezindlu angase akujabulele nokushayela ibhasi. Ngani? Ngoba indlela abheka ngayo umsebenzi nokuzama ukuwuthuthukisa imnikeza injabulo nokwaneliseka.
Ngakho susa ukucabanga okuphambene okwenza izinsuku zomsebenzi zicindezele kunempelasonto. Ungachithi isikhathi ubukeza amaphutha akho adlule, ucabanga ngephutha ozolenza ngokulandelayo, futhi ukhathazeka ngalokho abanye abakucabangayo ngawe. Bhekana nomsebenzi ophambi kwakho. Gxilisa ingqondo yakho kuwo. Zama ukugxila kuwo ngendlela obungenza ngayo ngomsebenzi wokuzilibazisa owuthandayo. Yenza konke okusemandleni akho futhi ujabulele umsebenzi owenziwe kahle.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
Ungawushayi Indiva Umsebenzi Wakho
IBhayibheli lithi, kuzAga 27:23, 24: “Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube-phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?” Kusho ukuthini lokho?
Kusho ukuthi ingcebo (amagugu) nesikhundla sokuvelela (umqhele), uma kutholakala kuvame ukuba okwesikhashana. Ngakho-ke, umalusi ezikhathini zeBhayibheli wayebonisa ukuhlakanipha uma enakekela ngenkuthalo izimvu zakhe, okungukuthi ‘abeke inhliziyo yakhe emihlambini yakhe.’ Njengoba amavesi amathathu alandelayo ebonisa, umphumela wawuyoba ukulondeka kwempahla yomsebenzi nomkhaya wakhe.—IzAga 27:25-27.
Kuthiwani namuhla? Abantu bavame ukubeka izinhliziyo zabo ekutholeni inhlanhla noma isikhundla esiphakeme, abathemba ukuthi, sizobenza bahlukane nomsebenzi abawenza ngaleso sikhathi. Abanye banemigomo efinyelelekayo; abanye bacabanga into engenakwenzeka. Kunoma ikuphi akuhlakaniphile ukweya noma ukungawunaki umsebenzi umuntu awenzayo manje. Uyindlela athembele kuyo ukuze athole imali manje, futhi ungase uqhubeke uyiyo. Kuhlakaniphe ngisho nakakhulu ngomuntu ukubeka inhliziyo yakhe “emihlambini” yakhe, egxila ngokuphelele emsebenzini wakhe athembele kuwo. Ukwenza kwakhe kanjalo ngokunokwenzeka kuyophumela ekulondekeni ngokwezinto ezibonakalayo manje nasesikhathini esizayo.