Ukulondoloza Ubunye BobuKristu Ebuhlotsheni Bezamabhizinisi
“Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.”—IHUBO 133:1.
1. Kungani ubunye bobuKristu bufiseleka kangaka?
NGEMPELA ‘kuhle kumnandi ngabazalwane abangamaKristu ukuhlala ndawonye ngobunye,’ ikakhulukazi namuhla lapho kunokwahlukana okuningi kangaka ezweni. Lapho ubunye bangempela buchuma, buba buhle, buphumele esibophweni esinobunye sothando lobuzalwane phakathi kwabantu, benze kujabulise ukuba nobudlelwane bomunye nomunye. Ngakolunye uhlangothi, ukwahlukana kubi futhi kuphumela olakeni, inzondo, nokungezwani nalabo okanye nabo.
2. Umbono wethu ofanayo wezimiso zeBhayibheli kumelwe ubuthinte kanjani ubunye bethu bobuzalwane ngisho nasezindabeni zamabhizinisi?
2 Lapho amaKristu ehileleka ezindabeni zamabhizinisi nezinye izinceku zikaJehova, umbono wawo ofanayo ngezimiso zeBhayibheli kumelwe uthonye ubunye bawo bobuzalwane. Omunye umbonisi ebandleni loFakazi BakaJehova wakubeka ngalendlela: “Njengoba izwe lilahlekelwa ukwethembeka, kuyaqabula ukusebenza namanye amaKristu anezimiso. Akudingekile ukuba sihlale ‘siqaphile.’ Ziyancipha izisebenzi zamabhizinisi ezihlanzekile, nezithembekile kulesimiso. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukusebenza nabantu abathembekile abangabhemi noma basebenzise ulimi olubi, abantu abazithibayo, abasisusa sabo esiyinhloko singekhona ukuhahela izinto ezibonakalayo!”
3. (a) Yibuphi obunye bobuhlobo bezamabhizinisi obuhilela abokholo olufanayo? (b) Iziphi izimiso okumelwe ziqondise izindaba zamabhizinisi?
3 Buyini obunye ubuhlobo bezamabhizinisi obungase buhilele abantu bokholo olufanayo? Obunye yilapho amaKristu amabili noma engeziwe enquma ukungenela ibhizinisi njengabahlanganyeli. Obunye yilapho omunye engumqashi futhi omunye engumqashwa. Futhi esinye isimo silapho umKristu enikeza akholwa kanye naye into ethile noma inkonzo. Kunoma ibuphi ubudlelwane bezamabhizinisi obunjalo, izimiso zokwethembeka nobuqotho ezilotshwe eZwini likaJehova eliphefumlelwe kumelwe ziqondise izenzo zethu. Ngalendlela ubunye bobuzalwane nenjabulo yokusebenza ndawonye kuyakhula.—1 Korinte 10:31.
4. Iyiphi ingozi ekhona ngamaKristu asebhizinisini?
4 Nokho, kukhona ingozi yokuba abanye behluleke ukugcina umbono ophakeme wobuKristu. Bangase baqale ukucabanga kakhulu ngezithakazelo zabo siqu. (Filipi 2:4) Imali ingase ibe ngebaluleke kakhulu kunobunye bobuKristu. Kodwa ubugovu ebhizinisini bungalimaza ubuhlobo bobuzalwane kanye nobuhlobo bomuntu noJehova. Asinakufuna neze ukuba lokho kwenzeke!—Johane 13:34, 35; Heberu 13:5; 1 Thimothewu 5:2, 3; 1 Johane 3:16; 4:20, 21.
Ukubaluleka Kwesivumelwano Esingokomthetho
5. Okuhlangenwe nakho kuka-Abrahama ekuthengeni izwe kukubonisa kanjani ukubaluleka kwesivumelwano esingokomthetho?
5 Ukuze sisize ekuvimbeleni ukungaqondi ezindabeni zamabhizinisi, cabangela indlela uAbrahama athenga ngayo izwe. “Wamlinganisela uEfroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi. Kanjalo insimu kaEfroni yaseMakaphela . . . [yaba] yinzuzo kuAbrahama [“yaqinisekiswa kuAbrahama njengendawo yakhe ayeyithengile,” NW] emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.” Lesi kwakungesona isivumelwano sangasese sabanumzane. Kwakuyisivumelwano esingokomthetho, esaqinisekiswa phambi kofakazi. Kwakungekho ukungaqondi ngokuthi yini eyayithengiwe nenani layo elingokoqobo.—Genesise 23:2-4, 14-18.
6. AmaKristu angazenza kanjani izivumelwano ezibalulekile zebhizinisi zibe ezingokomthetho?
6 Ngokufanayo, kuwukuhlakanipha ukuba amaKristu enze izivumelwano ezibalulekile zibe ezingokomthetho. Uma isivumelwano sihilela ukuthengiswa kwempahla, abenza isivumelwano bangakubhala phansi okuthengisiwe, inani, indlela yokukhokha, isikhathi nendlela yokukuthumela, neminye imibandela okuvunyelwene ngayo. Uma kuhilela inkonzo okumelwe yenziwe, abahilelekile bangabhala phansi umsebenzi okumelwe wenziwe, isikhathi okumelwe uqedwe ngaso, inani nokunye. Leyoncwadi kumelwe ibe nosuku futhi isayinwe, futhi bobabili bagcine amakhophi. Isivumelwano esinjalo esilotshiwe sibaluleke ngokukhethekile kwabahlanganyela ibhizinisi. Kubenza bobabili baqonde ubuhlobo babo ngokucacile futhi kubasize baphile ngokuvumelana neseluleko sikaJesu: “Izwi lenu malibe-ngelokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo.” (Mathewu 5:37) Ezindabeni ezinzima kakhulu, kungaba okutusekayo ukufuna usizo lwezingcweti ekwenzeni isivumelwano esilotshiwe.
7. (a) Yini enye okumelwe icatshangelwe ngokuqondene nesivumelwano esilotshiwe? (b) AmaKristu kumelwe aziqhube ngamuphi umoya izindaba zebhizinisi?
7 Ekwenzeni izivumelwano ezilotshiwe, abahilelekile akumelwe nje kuphela bacabangele imigomo kodwa futhi nemiphumela engavela, njengokuthi liyovalwa kanjani lelilungiselelo lapho kwenzeka isenzakalo esenza lokho kube ngokudingekile. (IzAga 21:5) Wonke amabhizinisi anesimo sokuba sengozini, futhi akukho ncwadi engasingatha zonke izimo ezingaphakama. Uma izimo ziguquka, kungase kudingeke ukuba isivumelwano sivuselelwe noma siqhutshwe futhi. Ngokuhamba kwesikhathi kungase kutholakale ngisho nokuthi umuntu uye wenza into ewubuphukuphuku ebhizinisini futhi kungase kudingeke ukuba azikhiphe ngendlela ehloniphekile. Nokho, lokhu akumelwe nje kube yizaba zokugwema umthwalo wemfanelo wezikweleti ezenziwe ukusaphaza komuntu siqu noma ukungengameli kahle. Kumelwe kuxoxwe ngendaba ukuze kutholakale ukuthi singaqedwa yini isivumelwano nokuthi iziphi izindleko okumelwe zikhokhwe, uma zikhona. Nokho, ngokuqinisekile umuntu oshukunyiswa unembeza uyokwenza konke okusemandleni akhe ukuze ahambisane nesibopho sesivumelwano, ngisho noma kumelwe ashintshe indlela yakhe yokuphila okwesikhashana. (2 Thesalonika 3:12) Uma umKristu efuna ukuhamba ngobuqotho futhi enze ukulunga, uyozama ukugcwalisa izibopho zakhe esivumelwaneni ngisho nakuba zingezona ezenzuzo yakhe engcono kakhulu, kodwa uyokwenza lokhu ukuze azigcine enokuvunyelwa uJehova. “Ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe.” (IHubo 15:1-4) Kuzo zonke izimo ezinjalo, izinceku zikaJehova kudingeka zenze ‘konke ezikwenzayo kwenziwe ngothando.’—1 Korinte 16:14.
8. Kungani kukuhle ukubala izindleko ngaphambi kokungenela ubuhlobo bezamabhizinisi?
8 Ngenxa yalokhu, ngaphambi kokungena ebuhlotsheni bezamabhizinisi, kuhle ukubala izindleko. (Luka 14:28-30) Abanye bangase bazifake kwezamabhizinisi benombono omuhle kodwa behluleke phakathi. Ngokwesibonelo, abanye baye baba nomuzwa wokuthi izinzuzo ezitholwa abaqashi babo beziyoba ngezabo ukuba nabo bebenebhizinisi elifanayo elithi bona. Kodwa behluleka ukuqaphela ukuthi ukuqhuba ibhizinisi akulula kulelizwe elincintisanela ukufa. Unyaka ngamunye amashumi ezinkulungwane amabhizinisi ayawa emhlabeni wonke. Ngakho, ngemva kokuhlangabezana nokudumazeka okukhulu kwezamabhizinisi, amaKristu amaningi aye ayeka futhi aba abaqashwa abahola iholo elifanayo nyanga zonke.
Ukwazisa Ubuhlobo Bezamabhizinisi
9. Iziphi ezinye izindlela amaKristu angabonisa ngazo ukwazisana emsebenzini?
9 “Ekwazisaneni nandulelane,” kusho abaseRoma 12:10. Abaqashwa abangamaKristu abenza lokhu ngeke bazame ukuxhaphaza umqashi wabo ngoba enguFakazi okanye nabo, belingisa umoya wezwe wokuthi njengoba umqashi edla kahle, kumelwe abekezelele ukushiyeka kwabaqashwa bakhe. Kunalokho, bayobonisa ukwazisa umqashi wabo ngesimo sabo sengqondo nomsebenzi wenkuthalo. (1 Thimothewu 6:2) Ngakolunye uhlangothi, abaqashi abangamaKristu bayobonisa ukwazisa abaqashwa abakanye nabo abangoFakazi ngendlela abakhuluma ngayo nabo nabasebenzelana ngayo nabo. Umqashi akumelwe neze abe nomuzwa wokuthi ungaphezu kwakholwa naye omsebenzelayo kodwa kumelwe akhumbule ukuthi bobabili bayizisebenzi zikaJehova, bayalingana emehlweni aKhe. (Efesu 6:9) Futhi, ngaso sonke isikhathi bobabili umqashi nomqashwa kumelwe bakhumbule leseluleko esikwabaseGalathiya 6:10: “Asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.”
10. Ukuzithoba kusiza kanjani ekwazisaneni?
10 Akunzima ukubonisa ukwazisa lapho kukhona ukuzithoba. Ngokwesibonelo, umdala webandla lobuKristu ozithobayo ngeke akuthole kunzima ukuzithoba ekuqondiseni komKristu akanye naye ebhizinisini ongenawo amalungelo afanayo ebandleni. Ngakolunye uhlangothi, umqashi ozithobayo ngeke akuthole kunzima ukuzithoba kumqashwa wakhe, ongumdala, emisebenzini yebandla. Futhi ukuzithoba kuyobagcina bobabili bengagxeki ngokweqile noma balindele ukuphelela komunye, njengoba “bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23; 12:3.
11. AmaKristu angakubonisa kanjani ukuba ngaqondayo ezindabeni zamabhizinisi?
11 IBhayibheli futhi liyayala: “Ukuba kwenu ngabaqondayo makwaziwe ngabantu bonke.” (Filipi 4:5, NW) Akunakuba ukuqonda ngomKristu ukulindela izinto ezikhethekile noma umsebenzi osezingeni eliphezulu noma ukukhokha inani eliphansi ngaso sonke isikhathi ngenxa nje yokuthi usebenzelana nakholwa kanye naye. Futhi umKristu akumelwe alindele amathuba okungabikho emsebenzini noma amanye amalungelo, njengokusebenzisa imishini noma izimoto, njengokuyimfanelo, ngoba umqashi wakhe engokholwa kanye naye. Izinto ezikhethekile, umsebenzi osezingeni eliphezulu, ukukhokha amanani aphansi, noma amathuba okungabikho emsebenzini kungeza kodwa akumelwe kufunwe ngenkani. Ukulindela izinto ezingenangqondo kungabangela ukungezwani phakathi kwamaKristu, kulimaze ubuhlobo bawo.—IzAga 18:19.
12. Ngokuqondene nokufakaza ngoMbuso, ikuphi okumelwe kuqashelwe endaweni yomsebenzi?
12 Nakuba amaKristu efuna ukwenza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaziwe kwabangakholwayo, kumelwe aqaphelisise ukuthi endaweni yomsebenzi ukufakaza ngoMbuso okunjalo kwenziwa ngesikhathi esifanele. (UmShumayeli 3:1, 7) Uma kwenziwa phakathi namahora omsebenzi, kumelwe kube ngemvume yomqashi. Ngaphandle kwalokho umqashi angase acasuke, futhi lokhu kungaletha isihlamba kuJehova nakubantu baKhe. (1 Thimothewu 6:1) Zikhona ezinye izikhathi okungenziwa ngazo ukufakaza okunjalo, njengesikhathi sokudla kwasemini noma sekhefu phakathi nosuku. Futhi, uma kunoFakazi abaningana emsebenzini, ngeke bathande ukuchitha isikhathi bexoxa ngezindaba ezingokwasezulwini lapho kumelwe basebenze.
Ukuqaphela Izisusa Zebhizinisi
13. UPawulu nayebavakashele eKorinte babewubheka kanjani umsebenzi wokuziphilisa?
13 Lapho eseKorinte, umphostoli uPawulu wangenela ubuhlobo bezamabhizinisi namaKristu ayewavakashele, uAkwila noPrisila. (IzEnzo 18:1-3) Basebenza ukuze balungiselele izidingo zokuphila, kodwa lokho kwakuza ngemva komgomo wabo oyinhloko—ukuqhubekisela phambili ukukhulekela kukaJehova. Ngempela babengenakubekwa icala lokucabanga ukuthi “ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo [yezinto ezibonakalayo].” (1 Thimothewu 6:5) Bobathathu uJehova wababusisa ngokucebile futhi kukhulunywa kahle ngabo eBhayibhelini.—Roma 16:3-5.
14. (a) Kungani kukuhle ukuhlola izisusa ngaphambi kokuqala ibhizinisi? (b) OFakazi abathathu bayixazulula kanjani inkinga yabo?
14 Ngokuhlolisisa izisusa ngaphambi kokuqala ibhizinisi, umKristu angagwema izinkinga eziningi. Ngokwesibonelo, kungenzeka omunye umKristu ufuna isikhathi esengeziwe sokuqhubekisa izithakazelo zoMbuso, kanti kungenzeka asebenzelana naye ufuna ukuthuthukisa indlela yakhe yokuphila. Omunye angase afise ukuphinde afake izinzuzo ebhizinisini ukuze andise ibhizinisi, kodwa omunye ukulungele ukukhokha izintela ezinkulu futhi angafaki izinzuzo ebhizinisini ukuze agweme ukuhileleka kakhulu. Kwelinye izwe, oFakazi BakaJehova abathathu futhi ababehlobene ngokwenyama baba abahlanganyeli bebhizinisi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi imibono yabo yehluka ngokuthi ngamunye wayefuna ukuzihilela kangakanani ebhizinisini. Isixazululo sabo sasiyisinqumo abasamukela bonke sokwahlukanisa izinzuzo zebhizinisi labo futhi bahlukaniselane amakhasimende. Ngalendlela balondoloza kokubili ubuhlobo babo obungokomoya nobomkhaya. Babeye balalela iseluleko seBhayibheli ‘sokujonga okokuthula nokokwakhana.’—Roma 14:19.
15. Kungani kumelwe siqaphelisise ikakhulukazi izisusa zethu ngokuqondene nemali?
15 Kumelwe kunakekelwe ngokukhethekile ukuqaphela isisusa somuntu ngokuqondene nemali. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso, kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.” (IzAga 28:20) ‘Ngokushesha ukuceba,’ umKristu angase angakuboni okuthile okuyigugu kakhulu—ubuzalwane bakhe bobuKristu. Lokhu kungabangela ukwehlukana ebandleni, njengoba abanye bengase bacasulwe ukubeka kwakhe imali ngaphambi kwezithakazelo zoMbuso. Ngakho iBhayibheli liyaxwayisa: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
16. Zonke izindaba zebhizinisi kumelwe zisingathwe kanjani?
16 Enye indlela “ukuthanda imali” okungadukisa ngayo umKristu iwukumlingela ekwenzeni imikhuba yebhizinisi engamukeleki noma ewukungathembeki okuphelele. Uma kunamaKristu asebenza nomuntu onjalo, kungaphumela ekwahlukaneni. Futhi imikhuba enjalo ilimaza ubuhlobo bomuntu noJehova. Ukuze ubuhlobo bezamabhizinisi buhambe ngokufanele, kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukukhohlisa ebhizinisini ‘kuyisinengiso kuJehova.’ (IzAga 11:1; 20:23) Kunalokho, amaKristu afuna ukukwazi ukusho njengomphostoli uPawulu: “Siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.”—Heberu 13:18.
Ukuxazulula Izinkinga Zebhizinisi
17. Ezinye izinkinga zebhizinisi ezincane zingaxazululwa kanjani?
17 Kunoma ibuphi ubuhlobo bezamabhizinisi phakathi kwabazalwane, kungaphakama izinkinga. Ezinye zezinkinga ezincane zingaxazululwa kuphela ngokusebenzisa isimiso esikweyoku-1 Petru 4:8, ethi: “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.” Uma izinkinga zingenakuxazululwa ngaleyondlela, akumelwe zivunyelwe zidlondlobale futhi zidlulele. Lokhu kungaphumela ekulahlekeni kokuhloniphana nasekwahlukaneni. Ngokuvamile ikhambi liwukuxoxa ngomusa, nangokungagungciyo ngaphambi kokuba isimo sibe sibi ngokwedlulele. IZwi likaNkulunkulu liseluleka ukuba sixazulule izingxabano ngokushesha.—Mathewu 5:23-25; Efesu 4:26, 27.
18. Yini umKristu angayenza uma ekholelwa ukuthi umKristu akholwa kanye naye uye wamona ngokungathi sína ebhizinisini?
18 Nokho, lapho umKristu ekholelwa ukuthi akholwa kanye naye uye wamona ngokungathi sína ebhizinisini, kumelwe kulandelwe ngokunakekela izinyathelo ezihlelwe kuMathewu 18:15-17. Isinyathelo sokuqala noma sesibili kumelwe sixazulule inkinga. Uma zingayixazululi, isinyathelo sesithathu kungaba ukuba abadala abamisiwe bahlole inkinga. Uma lokhu kwenzeka, abadala bangakhuthaza ngokunamandla abazalwane abahilelekile ukuba bangamangalelani enkantolo. Njengoba uPawulu asho, ukumangalela okholwa kanye naye enkantolo kungasho ukuthi, “ninqotshiwe ngokuphelele.” Wanezela: “Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?” (1 Korinte 6:1-8, qhathanisa neNW.) Kungcono ukulahlekelwa ngokwezimali kunokuletha isihlamba egameni likaJehova nasebandleni nokwahlukanisa ubunye bethu ngokumangalela okholwayo enkantolo. Yebo, ngisho nakuba izinyathelo zasenkantolo zingathathwa, uhlobo oluthile lwesinyathelo sebandla lungaba oludingekile uma ukungethembeki kuhilelekile.
19. Iziphi izibonelo zeBhayibheli ezinhle kakhulu abadala abangazikhomba lapho beluleka ngezinkinga zebhizinisi?
19 Lapho beluleka labo abanezinkinga zebhizinisi, abadala bangabakhomba esibonelweni esingenabugovu esabekwa uAbrahama lapho ubuhlobo bakhe noLoti busengozini. UAbrahama, nakuba ayesemdala, wanikeza uLoti ithuba lokukhetha kuqala izwe kunokuba afake ubuhlobo engozini yokwehlukana. (Genesise 13:5-11) Abadala bangakhomba futhi esibonelweni esihle sikaZakewu. Wayezimisele ukunikeza abampofu ingxenye yempahla yakhe futhi ngenye ingxenye abuyisele ngokuphindwe kane lokho ayekuphange abantu ngokubamangalela ngamanga.—Luka 19:1-10; bheka futhi eyoku-1 Korinte 10:24.
20, 21. Yini okumelwe ibuse ingqondo ngomsebenzi wokuziphilisa?
20 Yeka indlela okuhle ngayo uma amaKristu exazulula ngokuphumelelayo izinkinga zebhizinisi ngokulandela ngokunakekela iseluleko seBhayibheli! Ngalendlela ahlala enobunye ngisho nalapho ibhizinisi liwa. Lowo kuyoba umphumela ojabulisayo uma sikugcina kubusa ingqondo yethu ngazo zonke izikhathi ukuthi, ngamaKristu, umsebenzi wokuziphilisa uza ngemva kwezithakazelo zoMbuso nobunye bobuzalwane. Kuhle futhi uma izithakazelo zebhizinisi zingahlelwa ukuba zenze kube nesikhathi esengeziwe sezinto ezibaluleke kakhulu ezihlangene nomsebenzi woMbuso.—Mathewu 6:33; qhathanisa nabaseFilipi 1:9, 10.
21 Ngakho, okubaluleke ngempela ekuphileni kwethu ubuhlobo bethu noJehova nobuzalwane bethu bobuKristu. (Mathewu 22:36-39) Asinakufuna neze ukuba lokhu kungcoliswe amathonya ezwe noma izindaba zebhizinisi, ngoba akukho lutho olungaqhathaniswa nobuhlobo bethu noJehova noma olungafaniswa nobuhle bobuzalwane bethu obunobunye!
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ukulalela iZwi likaNkulunkulu kubuthuthukisa kanjani ubuhlobo bezamabhizinisi?
◻ Kungani kuwukuhlakanipha ukwenza izivumelwano ezibalulekile zibe ezingokomthetho?
◻ AmaKristu angakubonisa kanjani ukwazisana emsebenzini?
◻ Kungani kumelwe sihlole izisusa zethu ebhizinisini?
◻ Isiphi isimo sengqondo okumelwe siboniswe ekuxazululeni izinkinga zebhizinisi?
[Isithombe ekhasini 16]
UAbrahama waqinisekisa ukuthenga kwezwe ngesivumelwano esingokomthetho noEfroni
[Isithombe ekhasini 18]
Ukusebenza ukuze ulungiselele izidingo zokuphila kwakuza kamuva kuPawulu, uAkwila, noPrisila