Zuza Ukuhlakanipha Wamukele Ukuyalwa
UJEHOVA UNKULUNKULU unguMfundisi Omkhulu wabantu bakhe. Akagcini ngokubafundisa ngaye siqu kodwa ubafundisa nangokuphila. (Isaya 30:20; 54:13; IHubo 27:11) Ngokwesibonelo, uJehova wanikeza isizwe sakwa-Israyeli abaprofethi, amaLevi—ikakhulukazi abapristi—namanye amadoda ahlakaniphile ukuze abe abafundisi. (2 IziKronike 35:3; Jeremiya 18:18) Abaprofethi babefundisa abantu ngezinjongo nezimfanelo zikaNkulunkulu futhi baveze inkambo elungile okwakufanele ithathwe. Abapristi namaLevi babenomthwalo wemfanelo wokufundisa ngoMthetho kaJehova. Futhi amadoda ahlakaniphile, noma abadala, babenikeza iseluleko esihlakaniphile ezindabeni zokuphila kwansuku zonke.
USolomoni, indodana kaDavide, wayevelele emadodeni ahlakaniphile akwa-Israyeli. (1 AmaKhosi 4:30, 31) Lapho sibona inkazimulo nengcebo yakhe, esinye sezivakashi zakhe ezivelele, indlovukazi yaseSheba, savuma: “Angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.” (1 AmaKhosi 10:7) Yayiyini imfihlo yokuhlakanipha kukaSolomoni? Lapho eba yinkosi yakwa-Israyeli ngo-1037 B.C.E., uSolomoni wathandazela “ukuhlakanipha nokwazi.” Njengoba ayesijabulele isicelo sakhe, uJehova wamnika ulwazi, ukuhlakanipha nenhliziyo enokuqonda. (2 IziKronike 1:10-12; 1 AmaKhosi 3:12) Yingakho nje uSolomoni “aqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu”! (1 AmaKhosi 4:32) Ezinye zazo, kanye ‘namazwi ka-Aguri’ ‘nakaLemuweli inkosi,’ zalotshwa eBhayibhelini encwadini yezAga. (IzAga 30:1, 31:1) Amaqiniso ashiwo kulezi zaga abonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu futhi ayohlala njalo. (1 AmaKhosi 10:23, 24) Kunoma ubani ofisa ukuba nokuphila okujabulisayo nokuphumelelayo, asesemqoka namuhla njengoba ayenjalo lapho eshiwo okokuqala.
Ukuphumelela Nokuhlanzeka Ngokokuziphatha—Kanjani?
Injongo yencwadi yezAga ichazwe emazwini ayo okuqala: “Nazi izaga zikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso, nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu.”—IzAga 1:1-4.
Yeka injongo enhle “izaga zikaSolomoni” ezihloselwe yona! Zingezokusiza umuntu ‘azi ukuhlakanipha nokulaywa.’ Ukuhlakanipha kuhilela ukubona izinto njengoba zinjalo nokusebenzisa lolo lwazi ukuze uxazulule izinkinga, ufinyelele imigomo, ugweme izingozi noma usize abanye benze kanjalo. Enye incwadi ithi: “ENcwadini YezAga, elithi ‘ukuhlakanipha’ lisho ukuphila ngendlela enesu—ikhono lokukhetha kahle futhi uphile ngokuphumelelayo.” Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuzuza ukuhlakanipha!—IzAga 4:7.
Izaga zikaSolomoni ziyayala. Ingabe siyakudinga lokhu kuqeqeshwa? EmiBhalweni, ukuyala kudlulisela umqondo wokulungisa, ukusola, noma ukujezisa. Ngokwesinye isazi seBhayibheli, “kusho ukuqeqeshwa kokuziphatha, okuhilela ukulungisa ukunhlanhlathela ekoneni.” Ukuyala, kungakhathaliseki ukuthi sikwenza kithi ngokwethu noma kwenziwa abanye kithi, akugcini ngokusivimba singakwenzi okungalungile kodwa futhi kusishukumisela ukuba sishintshele kokuhle. Yebo, siyakudinga ukuyalwa ukuze sihlale sihlanzekile ekuziphatheni.
Ngakho injongo yalezi zaga ikabili—ukunikeza ukuhlakanipha nokuyala. Ukuyala ekuziphatheni nekhono lengqondo kunezici eziningi. Ngokwesibonelo, ukulunga nobulungisa kuyizimfanelo zokuziphatha, futhi zisisiza ukuba sinamathele ezindinganisweni zikaJehova eziphakeme.
Ukuhlakanipha kuyingxube enezici eziningi, ezihlanganisa ukuqonda, ukukhalipha nekhono lokucabanga. Ukuqonda kuyikhono lokubona into futhi uqonde indlela eyakheke ngayo ngokuqonda ukuhlobana kwezingxenye zayo nayo iyonke, kanjalo uthole umqondo wayo. Olunye uhlobo lokuqonda ludinga ulwazi lwezizathu nokubona ukuthi kungani inkambo ethile ilungile noma ingalungile. Ngokwesibonelo, indoda enokuqonda ingabona lapho othile ethatha inkambo engalungile, futhi ingase imxwayise ngaleyo ngozi ngokushesha. Kodwa kudingeka ibe nolunye uhlobo lokuqonda ukuze ibone ukuthi kungani lo muntu ebheke kuleyo nkambo bese ithola indlela eyophumelela kunazo zonke yokumhlenga.
Abantu abakhaliphile abakhohliseki kalula. (IzAga 14:15) Bayakwazi ukubona okubi kusengaphambili futhi bazilungiselele kona. Futhi ukuhlakanipha kusenza sikwazi ukwakha imicabango nemiqondo emihle eyenza ukuphila kube nesiqondiso esinenjongo. Ukutadisha izaga zeBhayibheli kunomvuzo ngempela ngoba zalotshelwa ukuba sikwazi ukuhlakanipha nokuyalwa. Ngisho ‘nabangenalwazi’ abazinakayo lezi zaga bayozuza ukukhalipha, futhi ‘izinsizwa’ zizuze ulwazi nekhono lokucabanga.
Izaga Zilungele Nabahlakaniphileyo
Nokho, izaga zeBhayibheli azizona ezabangenalwazi nabasebasha kuphela. Zilungele noma ubani ohlakaniphe ngokwanele ukuba alalele. INkosi uSolomoni ithi: “Ohlakaniphileyo [uyokuzwa], aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.” (IzAga 1:5, 6) Umuntu osekutholile kakade ukuhlakanipha uyokwandisa ulwazi lwakhe ngokunaka lezi zaga, futhi umuntu onokuqonda uyocija ikhono lakhe lokuqondisa ukuphila kwakhe ngendlela ephumelelayo.
Isaga ngokuvamile sisho iqiniso elijulile ngamazwi ambalwa kakhulu. Isaga seBhayibheli singase sibe yisisho esididayo. (IzAga 1:17-19) Ezinye izaga ziyizimfumbe—izinkulumo ezixakayo neziyinkiyankiya ezidinga ukusombululwa. Isaga singase futhi sibe nezifaniso, izingathekiso nezinye izingcezu zenkulumo. Ukuziqonda kudinga isikhathi nokuzindla. USolomoni, umqambi walezi zaga eziningi, ngokuqinisekile wayekwazi okudingekayo ukuze umuntu aqonde isaga. Encwadini yezAga, uzinika umsebenzi wokudlulisela lelo khono kubafundi bencwadi yakhe, okuyinto umuntu ohlakaniphile okufanele ayinake.
Isiqalo Esiholela Emgomweni
Umuntu uqalaphi lapho efuna ukuhlakanipha nokuyalwa? USolomoni uyaphendula: “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.” (IzAga 1:7) Ulwazi luqala ngokwesaba uJehova. Ngaphandle kolwazi akunakuba nakuhlakanipha nakuyalwa. Khona-ke, ukwesaba uJehova kuwukuqala kokuhlakanipha nokuyalwa.—IzAga 9:10; 15:33.
Ukwesaba uNkulunkulu akukhona ukumesaba ngendlela ekhwantabalisayo. Kunalokho, kuwukumhlonipha ngokujulile. Ulwazi lweqiniso alunakuba khona uma kungekho lokhu kwesaba. Ukuphila kuvela kuJehova uNkulunkulu, futhi njengokulindelekile, ukuphila kusemqoka ukuze sibe nanoma yiluphi ulwazi. (IHubo 36:9; IzEnzo 17:25, 28) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wadala zonke izinto; ngakho lonke ulwazi lwabantu lusekelwe ekutadisheni umsebenzi wezandla zakhe. (IHubo 19:1, 2; IsAmbulo 4:11) UNkulunkulu waphefumulela neZwi lakhe elilotshiwe, ‘elinenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngakho, ingxenye eyinhloko yalo lonke ulwazi lweqiniso inguJehova, futhi umuntu olufunayo kumelwe amesabe ngokunenhlonipho.
Ulwazi lwabantu nokuhlakanipha kwezwe kunanzuzoni uma kungahambisani nokwesaba uNkulunkulu? Umphostoli uPawulu wabhala: “Uphi umuntu ohlakaniphileyo? Uphi umbhali? Uphi umphikisi wakulesisimiso sezinto? UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe?” (1 Korinte 1:20) Njengoba engamesabi uNkulunkulu, umuntu ohlakaniphe ngokwezwe ufinyelela iziphetho ezingezona ngokubheka amaqiniso aziwayo futhi agcine ‘eyisiwula nje.’
‘Imigexo Entanyeni Yakho’
Le nkosi ehlakaniphile ibe seyikhuluma nentsha: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.”—IzAga 1:8, 9.
Kwa-Israyeli wasendulo, abazali babenomthwalo wemfanelo ababewunikwe nguNkulunkulu wokufundisa izingane zabo. UMose wanxusa obaba: “Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Omama nabo babenethonya elikhulu. Ngaphansi kwegunya lomyeni wakhe, inkosikazi engumHeberu yayingaqikelela ukuthi umthetho wasekhaya uyagcinwa.
Eqinisweni, kulo lonke iBhayibheli, umkhaya uyisikhungo esiyisisekelo sokufundisa. (Efesu 6:1-3) Lapho izingane zilalela abazali bazo abakholwayo kuba njengokungathi zihloba ngomqhele omuhle nomgexo wokuhlonishwa.
“Iyasusa Ukuphila Komniniyo”
Ngaphambi kokuba athumele indodana yakhe eneminyaka engu-16 ubudala e-United States ukuba iyoqhuba imfundo yayo, ubaba wase-Asia wayeluleka ukuba ingazihlanganisi nabantu ababi. Lesi seluleko senanela amazwi kaSolomoni athi: “Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.” (IzAga 1:10) Nokho, uSolomoni udalula ugibe ezilusebenzisayo: “Zithi: ‘Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala, sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini; yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango; yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke.’”—IzAga 1:11-14.
Kusobala ukuthi ugibe ezilusebenzisayo yingcebo. Ngokubathembisa ukwenza imali ngokushesha, “izoni” ziyenga abanye ukuba bahileleke emacebweni azo obudlova noma angalungile. Laba bantu ababi abananazi ukuchitha igazi ukuze bazuze izinto ezibonakalayo. ‘Bagwinya isisulu sabo sisezwa njengendawo yabafileyo, sisaphilile,’ besiphanga konke okwaso, njengoba nje nethuna lithola isidumbu sisonke. Bakhipha isimemo sokuziphilisa ngobugebengu—bafuna ‘ukugcwalisa izindlu zabo ngempango,’ futhi bafuna ongenalwazi ukuba ‘enze inkatho yakhe phakathi kwabo.’ Yeka ukuthi lesi yisixwayiso esifike ngesikhathi kangakanani kithi! Ingabe amaqembu entsha eyizigilamkhuba nabathengisi bezidakamizwa abasebenzisi izindlela ezifanayo zokuthola amalungu amasha? Ingabe isithembiso sokuceba ngokushesha akusona yini esisetshenziswa amabhizinisi amaningi angabazekayo ukuyengela abantu kuwo?
Le nkosi ehlakaniphile iyeluleka: “Ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo, ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.” Ibikezela isiphetho sazo esiyinhlekelele, iyanezela: “Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni. Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila. Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.”—IzAga 1:15-19.
“Bonke abaphanga impango” bayophelela enkambweni yabo. Lona kanye ugibe ababi abalubekela abanye luyobamba bona uqobo. Ingabe labo abenza okubi ngamabomu bayoyishintsha inkambo yabo? Cha. Inetha lingase libe sobala, kodwa “izinyoni” zindizela kulo yize kunjalo. Ngokufanayo, bephuphuthekiswe ukuhaha kwabo, ababi baqhubeka nezenzo zabo zobugebengu, yize ngokushesha bezobanjwa.
Ubani Oyolalela Izwi Lokuhlakanipha?
Ingabe empeleni izoni ziyaqaphela ukuthi inkambo yazo iya enhlekeleleni? Ingabe ziye zaxwayiswa ngomphumela wezindlela zazo? Azinakubeka izaba zokungazi, ngoba umyalezo ongagwegwesi umenyezelwa ezindaweni zomphakathi.
USolomoni uthi: “Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini; emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho.” (IzAga 1:20, 21) Ukuhlakanipha kumemeza ngezwi eliphakeme nelicacile ezindaweni zomphakathi ukuze wonke umuntu ezwe. Kwa-Israyeli wasendulo amadoda amadala ayenikeza izeluleko futhi ahlulele emasangweni omuzi. Kithi, uJehova uye wabangela ukuba ukuhlakanipha kweqiniso kulotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli, elitholakala kabanzi. Futhi izinceku zakhe namuhla zimatasa zimemezela obala lokho elikushoyo kuyo yonke indawo. Ngempela uNkulunkulu wenza ukuba ukuhlakanipha kumenyezelwe phambi kwawo wonke umuntu.
Kuthini ukuhlakanipha kweqiniso? Kuthi: “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela . . . ? Ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubanga kho onakayo.” Abayiziwula abalilaleli izwi lokuhlakanipha. Ngenxa yalokho, “bayakudla izithelo zendlela yabo.” ‘Ukuhlehla nokunganaki kwabo kuyakubabhubhisa.’—IzAga 1:22-32.
Nokho, kuthiwani ngomuntu oye wazinika isikhathi sokulalela ukuhlakanipha? “Uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” (IzAga 1:33) Kwangathi ungaba phakathi kwalabo abazuza ukuhlakanipha futhi bamukele ukuyalwa ngokunaka izaga zeBhayibheli.
[Isithombe ekhasini 15]
Ukuhlakanipha kweqiniso kutholakala kabanzi