Isintu Sidinga Ulwazi NgoNkulunkulu
“Uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IZAGA 2:5.
1. Kungani kungase kuthiwe inhliziyo yomuntu iwubuciko bobunjiniyela baphezulu?
KUNEZINHLIZIYO zabantu ezicishe zibe ngu-5 600 000 000 ezishayayo emhlabeni njengamanje. Nsuku zonke, inhliziyo yakho siqu ishaya izikhathi ezingu-100 000 futhi impompa igazi elingaba amalitha angu-7 600 esimisweni somzimba wakho senhliziyo nemithambo yegazi esingamakhilomitha angu-100 000. Asikho esinye isicubu esisebenza kanzima ngaphezu kwalobu buciko bobunjiniyela baphezulu.
2. Ubungayichaza kanjani inhliziyo engokomfanekiso?
2 Kukhona futhi nezinhliziyo ezingokomfanekiso ezingu-5 600 000 000 ezisebenzayo emhlabeni. Enhliziyweni engokomfanekiso kunemizwelo, izisusa, nezifiso zethu. Iyisizinda semicabango, ukuqonda, nentando yethu. Inhliziyo engokomfanekiso ingaqhosha noma ithobeke, ibe lusizi noma yename, ibe sebumnyameni noma ikhanyiselwe.—Nehemiya 2:2; IzAga 16:5; Mathewu 11:29; IzEnzo 14:17; 2 Korinte 4:6; Efesu 1:16-18.
3, 4. Izinhliziyo zifinyelelwa kanjani ngezindaba ezinhle?
3 UJehova uNkulunkulu uyakwazi ukufunda inhliziyo yomuntu. IzAga 17:3 zithi: “Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.” Nokho, kunokuba afunde inhliziyo ngayinye akhiphe isahlulelo, uJehova usebenzisa oFakazi bakhe ukuba bafinyelele izinhliziyo zabantu ngezindaba ezinhle. Lokhu kuvumelana namazwi omphostoli uPawulu: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe? Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’”—Roma 10:13-15.
4 UJehova uye wakujabulela ukuthumela oFakazi bakhe kuzo zonke izingxenye zomhlaba ukuba ‘bamemezele izindaba ezinhle zezinto ezinhle’ nokuba bathole abanezinhliziyo ezilalelayo. Manje sesingaphezu kuka-5 000 000—isilinganiso sikaFakazi oyedwa kubantu abangaba ngu-1 200 emhlabeni. Ukufinyelela izinkulungwane zezigidi emhlabeni ngezindaba ezinhle akulula. Kodwa uNkulunkulu uqondisa lomsebenzi ngoJesu Kristu futhi udonsa abanhliziyo ziqotho. Ngaleyo ndlela, isiprofetho esilotshwe ku-Isaya 60:22 siba iqiniso: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”
5. Luyini ulwazi, futhi yini engase ishiwo ngokuhlakanipha kwezwe?
5 Leso sikhathi sesifikile, futhi kunokuthile okusobala—izinkulungwane zezigidi ezisemhlabeni zidinga ulwazi. Ngokuyisisekelo, ulwazi luwukujwayelana namaqiniso atholakala ngokuhlangenwe nakho, ukuqaphela izinto, noma ukutadisha. Izwe liye laqongelela ulwazi oluningi. Kuye kwenziwa intuthuko emikhakheni yezokuthutha, ukunakekelwa kwempilo, nezokuxhumana. Kodwa ingabe ulwazi lwezwe isintu esiludinga ngempela? Lutho neze! Impi, ukucindezelwa, izifo, nokufa kuyaqhubeka kuhlupha isintu. Ngokuvamile ukuhlakanipha kwezwe kuye kwabonakala kufana nesihlabathi esiphephukayo esivunguvungwini sasogwadule.
6. Ngokuqondene negazi, ulwazi lukaNkulunkulu luhluke kanjani ekuhlakanipheni kwezwe?
6 Ngokwesibonelo: Emakhulwini amabili eminyaka adlule, kwakunomkhuba wokulumeka okwakucatshangwa ukuthi uyindlela yokwelapha. UGeorge Washington, umongameli wokuqala wase-United States, wakhishwa igazi kaningi emahoreni okugcina okuphila kwakhe. Ngesinye isikhathi wathi: “Ngiyekeni ngilale ngokuthula; ngeke ngisaphila isikhathi eside.” Wayeqinisile, ngoba wafa ngalo lolo suku—ngo-December 14, 1799. Esikhundleni sokulumeka, namuhla kugcizelelwa ukumpompela igazi emzimbeni womuntu. Zombili lezi zinqubo ziye zaba nezinkinga ezibulalayo. Nokho, sonke lesi sikhathi, iZwi likaNkulunkulu belithi: ‘Nidede egazini.’ (IzEnzo 15:29) Ulwazi lukaNkulunkulu luyanemba njalo, lunokwethenjelwa, futhi luhambisana nesikhathi.
7. Ulwazi olunembile olungokomBhalo luhluke kanjani ekuhlakanipheni kwezwe ngokuqondene nokukhulisa izingane?
7 Cabangela esinye isibonelo sokuhlakanipha kwezwe okungenakwethenjelwa. Iminyaka eminingi izazi zokusebenza kwengqondo bezilokhu zisekela ukukhuliswa kwezingane ngendlela yokuyekelela, kodwa omunye wabasekeli bakho kamuva wavuma ukuthi lokhu kwakuyiphutha. I-German Philological Association yake yathi ukuyekelela “ngandlela-thile yikho okubangela izinkinga esinazo manje ngentsha.” Ukuhlakanipha kwezwe kungashona lé nalé njengokungathi kupheshulwa umoya, kodwa ulwazi olunembile olungokomBhalo aluzange luzanyazanyiswe. IBhayibheli linikeza iseluleko esinokulinganisela ngokuqeqesha izingane. “Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho,” kusho izAga 29:17. Isiyalo esinjalo kumelwe sinikezwe ngothando, ngoba uPawulu wabhala: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.
“Ulwazi NgoNkulunkulu”
8, 9. Ubungakuchaza kanjani lokho okushiwo izAga 2:1-6 mayelana nolwazi isintu esiludinga ngempela?
8 Nakuba uPawulu ayeyindoda efundile, wathi: “Uma noma ubani phakathi kwenu ecabanga ukuthi uhlakaniphile kulesisimiso sezinto, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. Ngoba ukuhlakanipha kwalelizwe kuwubuwula kuNkulunkulu.” (1 Korinte 3:18, 19) UNkulunkulu kuphela onganikeza ulwazi isintu esiludinga ngempela. Ngokuqondene nalo, izAga 2:1-6 zithi: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma [ubiza ukuqonda, NW], uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane [ulwazi ngoNkulunkulu, NW]. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.”
9 Labo abashukunyiswa yizinhliziyo ezinhle babeka indlebe ekuhlakanipheni ngokulusebenzisa ngokufanele ulwazi oluvela kuNkulunkulu. Bathobisela izinhliziyo zabo ekuqondeni, becabanga ngokucophelela ngamaqiniso abawafundayo. Empeleni, babiza ukuqonda, noma ikhono lokubona indlela izici zendaba ezihlobana ngayo. Abanhliziyo zilungile basebenza njengokungathi bayamba bafuna isiliva namagugu afihliweyo. Kodwa yiliphi igugu elikhulu elitholwa yilabo abanezinhliziyo ezilalelayo? “Ulwazi ngoNkulunkulu.” Yini leyo? Kalula nje, ulwazi olutholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
10. Yini okumelwe siyenze ukuze sijabulele impilo enhle ngokomoya?
10 Ulwazi ngoNkulunkulu lunengqondo, aluguquguquki, lunikeza ukuphila. Luthuthukisa impilo engokomoya. UPawulu wanxusa uThimothewu: “Qhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokholo nothando olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thimothewu 1:13) Ulimi lunesibonelo noma uhlelo lwamazwi. Ngokufanayo, “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso elingokomBhalo ‘lunesibonelo samazwi amahle,’ ngokuyinhloko esisekelwe emongweni weBhayibheli owukulwelwa kobukhosi bukaJehova ngoMbuso. (Zefaniya 3:9, qhathanisa ne-NW.) Lesi sibonelo samazwi amahle kudingeka sisigcine engqondweni nasenhliziyweni. Ukuze sigweme izifo zenhliziyo engokomfanekiso futhi sihlale siphilile ngokomoya, kumelwe sisebenzise iBhayibheli ekuphileni futhi siwasebenzise ngokugcwele amalungiselelo angokomoya uNkulunkulu awenza ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45-47; Thithu 2:2) Masikhumbule njalo ukuthi ukuze siphile kahle ngokomoya, sidinga ulwazi ngoNkulunkulu.
11. Yiziphi ezinye izizathu ezenza isintu sidinge ulwazi ngoNkulunkulu?
11 Cabangela ezinye izizathu ezenza izinkulungwane zezigidi zomhlaba zidinge ulwazi ngoNkulunkulu. Ingabe ziyazi zonke ukuthi waba khona kanjani umhlaba nabantu? Cha, azazi. Ingabe sonke isintu siyamazi uNkulunkulu weqiniso neNdodana yakhe? Ingabe bonke abantu bayazazi izimpikiswano uSathane aziphakamisa ngokuqondene nobukhosi baphezulu nobuqotho babantu? Siyaphinda siyalandula. Abantu bayazi yini ukuthi kungani siguga futhi sifa? Kumelwe siphinde sithi cha. Ingabe bonke abantu emhlabeni bayaqaphela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa manje nokuthi siphila ezinsukwini zokugcina? Ingabe bayazi ngebutho lomoya ababi? Ingabe bonke abantu banolwazi olunokwethenjelwa ngendlela yokuba nokuphila komkhaya okujabulisayo? Futhi ingabe izindimbane zabantu ziyazi ukuthi ukuphila okujabulisayo ePharadesi kuyinjongo yoMdali wethu ngesintu esilalelayo? Nakulemibuzo impendulo ingucha. Ngokusobala-ke, isintu siyaludinga ulwazi ngoNkulunkulu.
12. Singamkhulekela kanjani uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”?
12 Isintu futhi sidinga ulwazi ngoNkulunkulu ngenxa yalokho uJesu akusho emthandazweni ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni. Abaphostoli bakhe kumelwe ukuba bathinteka kakhulu lapho bemuzwa ethi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ukusebenzisa ulwazi olunjalo kuwukuphela kwendlela yokukhulekela uNkulunkulu ngokwamukelekayo. “UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso,” kusho uJesu. (Johane 4:24) Sikhulekela uNkulunkulu “ngomoya” lapho sishukunyiswa yizinhliziyo ezigcwele ukholo nothando. Simkhulekela kanjani “ngeqiniso”? Ngokutadisha iZwi lakhe nangokumkhulekela ngokuvumelana neqiniso lakhe elambuliwe—“ulwazi ngoNkulunkulu.”
13. Yisiphi isenzakalo esilotshwe kuzEnzo 16:25-34, futhi singafundani kuso?
13 Unyaka ngamunye, kunezinkulungwane eziqala ukukhulekela uJehova. Nokho, ingabe abantu abathakazelayo kumelwe baqhutshelwe izifundo zeBhayibheli isikhathi eside, noma kungenzeka yini ukuba abanhliziyo ziqotho bafinyelele ezingeni lobhapathizo ngokushesha kakhudlwana? Nokho, cabangela okwenzeka endabeni yomgcini-jele nabendlu yakhe okukhulunywe ngabo kuzEnzo 16:25-34. UPawulu noSila babeboshiwe eFilipi, kodwa phakathi kwamabili, ukuzamazama okukhulu komhlaba kwavula iminyango yejele. Ecabanga ukuthi zonke iziboshwa zazibalekile nokuthi uzojeziswa kanzima, lowo mgcini-jele wayesezozibulala lapho uPawulu emtshela ukuthi babekhona bonke. UPawulu noSila “bakhuluma kuye izwi likaJehova kanye nabo bonke labo ababesendlini yakhe.” Lowo mgcini-jele nomkhaya wakhe babengabeZizwe ababengazi lutho ngemiBhalo Engcwele. Kodwa, ngalobo busuku obubodwa, baba amakholwa. Ngaphezu kwalokho, “bonke ngothi lwabo, yena nabakwakhe babhapathizwa.” Lezo kwakuyizimo ezingavamile, kodwa abasha ekuhlanganyeleni babefundiswa amaqiniso ayisisekelo bese befunda ezinye izinto emihlanganweni yebandla. Kufanele ukuba into efanayo ingenzeka namuhla.
Ukuvuna Kukhulu!
14. Kungani kunesidingo sokuqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi eziphumelelayo ngesikhathi esifushane?
14 Bekungaba kuhle uma oFakazi BakaJehova bebengaqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi eziphumelelayo ngesikhathi esifushane. Kunesidingo sangempela salokhu. Ngokwesibonelo, emazweni aseMpumalanga Yurophu, abantu kudingeka babe sohlwini lwabafuna izifundo zeBhayibheli. Kunjalo nakwezinye izindawo. Kwelinye idolobha eDominican Republic, oFakazi abahlanu baba nezicelo eziningi kangangokuba babengenakukwazi ukuziqhuba zonke izifundo. Benzani? Bakhuthaza abantu abathakazelayo ukuba babe khona emihlanganweni eHholo LoMbuso ukuze bafakwe ohlwini lwabafuna izifundo zeBhayibheli. Isimo sinjalo ezindaweni eziningi zomhlaba.
15, 16. Yini eye yalungiselelwa ukuze kusakazwe ulwazi ngoNkulunkulu ngokushesha kakhudlwana, futhi yikuphi okunye okungashiwo ngayo?
15 Izindawo ezinkulu—amasimu amakhulu okuvunwa—zivulekela abantu bakaNkulunkulu. Nakuba uJehova, “iNkosi yokuvuna,” ethumela izisebenzi ezengeziwe, kusekuningi okumelwe kwenziwe. (Mathewu 9:37, 38) Ngakho-ke, ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lusakazwe ngokushesha kakhudlwana, ‘isigqila esikholekile’ siye salungiselela okuthile okunikeza ukwaziswa okushaya emhloleni nokufingqiwe ukuze abafundi beBhayibheli bathuthuke ngokomoya ngesifundo ngasinye. Incwadi entsha engase iqedwe ngokushesha ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya—mhlawumbe ngezinyanga ezimbalwa. Futhi ingangena kalula ezikhwameni zethu, noma ngisho nasemaphaketheni! Amakhulu ezinkulungwane ayebuthene eMihlanganweni Yesigodi YoFakazi BakaJehova ‘Yabadumisi Abajabulayo’ ajabulela ukuthola lencwadi entsha enamakhasi angu-192 enesihloko esithi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.
16 Ababhali emazweni ahlukahlukene balungiselela ukwaziswa okwahlelwa ngokucophelela kwase kufakwa encwadini ethi Ulwazi. Ngakho-ke kufanele ikhange emhlabeni wonke. Kodwa ingabe kuzothatha isikhathi eside ukuba lencwadi entsha ikhululwe ngezilimi zabantu emhlabeni wonke? Cha, ngoba incwadi enamakhasi angu-192 ingahunyushwa ngokushesha kunezincwadi ezinkulu. Ngo-October 1995, iKomiti Yokubhala yeNdikimba Ebusayo ibisigunyazé ukuba lencwadi ihunyushwe ngezilimi ezingaphezu kuka-130 isuselwa esiNgisini.
17. Yiziphi izici okufanele zikwenze kube lula ukusebenzisa incwadi ethi Ulwazi?
17 Imininingwane esesahlukweni ngasinye sencwadi ethi Ulwazi kufanele yenze abafundi bathuthuke ngokushesha kakhudlwana ngokomoya. Lencwadi iveza amaqiniso angokomBhalo ngendlela eyakhayo. Ayigxili ezimfundisweni zamanga. Ulimi olucacile nokuvezwa kwamaphuzu ngendlela ezwakalayo kufanele kukwenze kube lula ukusebenzisa lencwadi ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nasekusizeni abantu ukuba baqonde ulwazi ngoNkulunkulu. Ngaphandle kwemibhalo ecashuniwe, kunemibhalo yeBhayibheli ekhonjiwe umfundi angayibheka lapho elungiselela ingxoxo. Lemibhalo ingafundwa phakathi nesifundo uma isikhathi sivuma, nakuba kungeke kube ukuhlakanipha ukufaka ukwaziswa okwengeziwe okungase kusithe amaphuzu avelele. Kunalokho, labo abaqhuba izifundo zeBhayibheli kufanele bazame ukuqonda nokudlulisela kumfundi lokho incwadi ekufundisayo esahlukweni ngasinye. Lokhu kusho ukuthi umfundi kumelwe atadishe ngenkuthalo, ukuze imiqondo eyinhloko imcacele kahle.
18. Yini esikiselwayo ngokusetshenziswa kwencwadi ethi Ulwazi?
18 Incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ingawusheshisa kanjani umsebenzi wokwenza abafundi? Lencwadi enamakhasi angu-192 ingafundwa ngesikhathi esifushane uma kuqhathaniswa, futhi ngokuyitadisha, labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ kufanele bakwazi ukufunda okwanele ukuba bazinikezele kuJehova futhi babhapathizwe. (IzEnzo 13:48) Ngakho masiyisebenzise kahle incwadi ethi Ulwazi enkonzweni yasensimini. Uma umfundi weBhayibheli eseqhubeke kakhulu nenye incwadi, kungaba nengqondo ukuyiqeda. Ngalé kwalokho, kusikiselwa ukuba izifundo zeBhayibheli zishintshelwe encwadini ethi Ulwazi. Ngemva kokuqeda lencwadi entsha, akusikiselwa ukuba umfundi ofanayo aqhutshelwe isifundo ngencwadi yesibili. Labo abamukela iqiniso bangaphelelisa ulwazi lwabo ngokuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nangokuzifundela iBhayibheli nezincwadi ezihlukahlukene zobuKristu.—2 Johane 1.
19. Ngaphambi kokuqhuba izifundo zeBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi, kungani kuyoba usizo ukuzikhumbuza okusemakhasini 175 kuya ku-218 kwethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu?
19 Incwadi ethi Ulwazi ibhalwe ngenjongo yokusiza umuntu ukuba aphendule yonke imibuzo abadala abayibukeza nabamemezeli abangabhapathiziwe abafisa ukubhapathizwa babe oFakazi BakaJehova. Ngakho, ngaphambi kokuba ushintshele izifundo zakho zeBhayibheli zamanje kulencwadi entsha, kutuswa ukuba uthathe amahora ambalwa uzikhumbuza imibuzo esekhasini 175 kuya ku-218 encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.a Lokhu kuyokusiza ukuba ugcizelele izimpendulo zemibuzo enjalo phakathi nezifundo zeBhayibheli encwadini ethi Ulwazi.
20. Uhlela ukwenzani ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade?
20 Abantu yonke indawo kufanele bezwe izindaba ezinhle. Yebo, isintu sidinga ulwazi ngoNkulunkulu, futhi uJehova unoFakazi bakhe abalwenza lwaziwe. Manje sinencwadi entsha elungiselelwe uBaba wethu onothando wasezulwini ngesigqila esikholekile nesiqondayo. Uyoyisebenzisa yini ekufundiseni iqiniso nasekuletheni udumo egameni likaJehova elingcwele? UJehova uyokubusisa ngempela uma uzama ngokusemandleni ukwenza abaningi bathole ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade.
[Umbhalo waphansi]
a Ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Ubungayichaza kanjani inhliziyo engokomfanekiso?
◻ Luyini ulwazi ngoNkulunkulu?
◻ Kungani isintu sidinga ulwazi ngoNkulunkulu?
◻ Iyiphi incwadi entsha ekhona, futhi uhlela ukuyisebenzisa kanjani?
[Isithombe ekhasini 10]
Kunezizathu eziningi ezenza izinkulungwane zezigidi zomhlaba zidinge ulwazi ngoNkulunkulu