Amaphuzu Avelele EBhayibheli IzAga 1:1–31:31
Yesaba UJehova Uyojabula
“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” (9:10) Yeka ukuthi lokhu kuboniswa kahie kanjani encwadini yezAgal Lencwadi yeBhayibheli, eyaqedwa ukulotshwa cishe ngo-716 B.C.E., isisiza ukuba sibonise inhlakanipho, sisebenzisa uiwazi ngokuqondile. Lalela lamazwi ahlakaniphile futhi uyothokoza.
Lalela Ukuhlakanipha
Funda IzAga 1:1–2:22. “Ukumesaba uJehova” yiwona mongo wolwazi. Uma sisamukela iseluleko, ngeke sihlanganyele nezoni ekwenzeni okubi. Kulabo abamesabayo, uJehova unikeza ukuhiakanipha okubalondayo kwabenza okubi.
◆ 1:7—Kuyini “ukumesaba uJehova”?
Ukwesaba ngentobeko, uKuhlonipha ngokujulile, nokwesaba okunempilo ukumenyelisa ngoba siyawazisa umusa wakhe wothando nobuhle bakhe. “Ukumesaba uJehova” kusho ukuqaphela ukuthi unguMahluleli oPhakeme noMninimandla onke, onelungelo namandla okuletha isijeziso noma ukufa kulabo abangamlaleli. Kusho futhi ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka, ukuthembela kuye ngokuphelele, nokuzonda okubi emehlweni akhe.—IHubo 2:11; 115:11; IzAga 8:13.
◆ 2:7—Buyini ubuqotho?
Amagama esiHeberu ahlobene nobuqotho anencazelo eyisisekelo yalokho “okuphelele.” Ngokuvamile asho ukuhluzeka kokuziphatha nokunamathela ekulungeni. ‘Labo abahamba bengenacala’ abaguquki ekuzinikeleni kuJehova. Kwabanjalo “abaqotho” “uyihawu” lokuvikela ngoba babonisa inhlakanipho yeqiniso futhi balandela izindinganiso zakhe zokulunga.
Esikufundayo: Uma simesaba uJehova, siyosamukela iseluleko asinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe. Ukwehluleka ukwenza kanjalo kuyosihlanganisa ‘neziwula,’ izoni ezingamesabi uNkulunkulu. Ngakho masamukele iseluleko sakhe sothando.—IzAga 1:7; Heberu 12:6.
Inhlakanipho Engumvuzo
Funda IzAga 3:1–4:27. Ukuze ube nokuqondisisa okuhle “themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” Injabulo ijatshulelwa yilabo abayazisayo inhlakanipho. lndlela yabo ifana nokukhanya okuqhubeka kukhanya, kodwa badinga ukulonda inhliziyo.
◆ 4:18—Iqhubeka kanjani ikhanya ‘indlela yabalungile’?
Ukukhanya kwelanga kuqhubeka ngokukhanya kusukela ekuseni “kuze kube semini.” Ngokufanayo, ukukhanya okungokomoya kuyaqhubeka ngokukhanyisela abantu bakaJehova njengoba isikhathi siqhubeka. Njengoba sisondela kakhulu ezehlakalweni, ukuqonda kwethu ukufezeka kwezinjongo zikaJehova kucaca kakhudlwana. Iziprofetho zaphezulu ziyembuleka kithi njengoba umoya ongcwele kaNkulunkulu uzikhanyisa, nanjengoba zigcwaliseka ezehlakalweni zezwe noma kokuhlangenwe nakho kwabantu bakaJehova. Ngaleyondlela ‘Indlela yabo iqhubeka ngokukhanya njalo.’
Esikufundayo: Ukubonisa inhlakanipho yeqiniso nokuthobela imiyalo yaphezulu kuyosilonda singalandeli indlela yobuwula engase isiholele ekufeni masinyane. Ngokwesibonelo labo abangayinaki imiyalo kaJehova ngokuziphatha okubi kobulili bangangenwa izifo ezithathelwana ngobulili ezingaholela ekufeni ngaphambi kwesikhathi. Ngakho masenze ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, khona-ke Inhlakanipho iyoba “umuthi wokuphila” kithina.—IzAga 3:18.
Izindlela Zokubonisa Ukuhlakanipha
Funda IzAga 5:1–9:18. Kuwukubonisa ukuhlakanipha ukugwema ukuziphatha okubi futhi “uthokoze ngomfazi wobusha bakho.” Kuphawulwa izinto eziyisikhombisa ezinyanyekayo kuJehova, kunikezwa nezixwayiso ngokuyenga kwesifebe. Ukuhlakanipha okwenziwe samuntu ‘kuyisisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu. Futhi “ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.”
◆ 6:1-5—Ingabe lesiseluleko siyaphikisana nomoya wokuphana?
Lesisaga asilulazi ukuphana, nakuba siluleka ngokumelene nokuhileleka ezindabeni zabanye zamabhizinisi, ikakhuiukazi izihambi. AmaIsrayeli kwakumelwe asize umfowabo ‘ompofu.’ (Levitikusi 25:35-38) Kodwa abanye bahileleka emizamweni yamabhizinisi engaqinisekile futhi bathola ukusekelwa ngezi mali ngokuvumisa abanye ukuba ‘babamelele,’ bethembisa ukukhokhela ababakweletayo uma kudingekile. Uma umuntu engena esimweni esibucayi kanjalo, mhlawumbe ngenxa yokuqhosha, iseluleko esihlakaniphile kwakuwukuba azikhiphe kuso ngokushesha.—IzAga 11:15.
◆ IzAga 8:22-31—Ingabe lena ukuphela kwencazelo yokuhlakanipha?
Cha, ngoba ukuhlakanipha bekulokhu kukhona njengesici sikaNkulunkulu waphakade. (Jobe 12:13) Nokho, lapha kuthiwa ukuhiakanipha ‘kwadalwa’ futhi ‘kwakunaye [uJehova) kuyingcweti yomsebenzi’ ngesikhathi sokudalwa komhlaba. Ukuchaza ukuhiakanipha okwenziwe samuntu njengeNdodana kaNkulunkulu kuvumelana neqiniso lokuthi “okufihlwé kuye amagugu onke okuhlakanipha nawokwazi.”—Kolose 1:15, 16; 2:3.
Esikufundayo: Ngokuphawula “imihlatshelo” yakhe “yeminikelo yokuthula” ‘nezithembiso,’ owesifazane oziphethe kabi wezAga isahluko 7 kungenzeka wayesikisela ukuthi wayengantuli ngokomoya. Imihlatshelo yokubuyisana yayihlanganisa inyama, impuphu, amafutha newayini. (Levitikusi 19:5, 6; 22:21; Numeri 15:8-10) Ngakho wayebonisa ukuthi kwakukuningi okokudla nokokuphuza endlini yakhe, ‘nensizwa engenakuqonda’ yayiyojabula lapho. Lokhu kufana nendlela umuntu onezisusa ezingalungile aholeleka ngayo ekuziphatheni okubi. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukulalela lesixwayiso sigweme isono esinjalo kuNkulunkulu.—Genesise 39:7-12.
Ukuqhathanisa Okucabangisayo
Funda IzAga 10:1–15:33. IzAga zikaSolomoni ziqala ikakhulukazi ngezaga eziqhathanisayo. “Ukumesaba uJehova” kuyagcizelelwa.—10:27; 14:26, 27; 15:16, 33.
◆ 10:25—Kungani kubhekiselwa ‘esivunguvungwini’?
Ngenxa yokuswela isisekelo ezimisweni zokulunga, abantu ababi bafana nezakhiwo ezintengayo eziwiswa izivunguvungu ezinamandla. Kodwa abalungile baqinile ngoba ukucabanga kwabo kusekelwe ngokuqinile ezimisweni zokwesaba uNkulunkulu. Njengesakhiwo esinesisekelo esihle abawi lapho bephansi kokucindezelwa.—Mathewu 7:24-27.
◆ 11:22—Owesifazane angafana kanjani nendandatho yegolide ekhaleni lengulube?
Indandatho efakwé ohlangothini lwekhala noma enyameni ehlukanisa izimbobo zekhala yayisikisela ukuthi oyifakile ungumuntu ophucukile. Kodwa amaisrayeli ayebheka ingulube njengengcolile nenyanyekayo. Ngakho owesifazane omuhle kodwa ongenangqondo ufana nendandatho yegolide efakwa ngokungafanele ekhaleni lengulube.
◆ 14:14, NW—Ongathembekile waneliswa kanjani?
“Ohlehla ngenhliziyo [ongathembekile enhliziyweni]” uyaneliswa lndlela yakhe yokuphila yezinto ezibonakalayo. (IHubo 144:11-15a) Ukwenza okuiungile emehlweni kaNkulunkulu akubalulekile kuye, futhi akacabangi ngokuthi uyolandisa kuJehova. (1 Petru 4:3-5) Kodwa “umuntu omuhle” uyayilahla imikhuba yabangathembekile futhi uyaneliswa “imiphumela yemisebenzi yakhe.” Ugcina izithakazelo ezingo komoya ziza kuqala, unamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu, unenjabulo enkulu yokumkhonza, futhi uyaneliswa izibusiso zaphezulu.—IHubo 144:15b.
◆ 15:23—‘Singathokoza’ kanjani ‘ngokuphendula kwemilomo yethu?’
Lokhu kungenzeka uma iseluleko sethu silandelwa futhi siba nemiphumela emihle. Kodwa ukuze sisize othile, kufanele silalele ngokucophelela, sihlolisise izimo eziholele enkingeni yakhe, futhi sisekele iseluleko sethu eBhayibhelini. ‘Izwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!’
Esikufundayo: ‘Isiwula’ sisabela masinyane ngentukuthelo ekuthukweni nasekuhlanjalazweni “ngosuku.” Kodwa “ohlakaniphileyo”—umuntu oqondayo—ukhulekela umoya kaNkulunkulu ukuze akwazi ukuzithiba futhi alandele iZwi laKhe. (IzAga 12:16) Ngokwenza lokhu, singagwema ukuphikisana okwengeziwe okungaphumela ekuiimaleni ngokwemizwelo nangokomzimba, okwethu nokwabanye.
Izaga Ezifanayo
Funda IzAga 16:1–24:34. Lamazwi kaSolomoni ahlakaniphile anikeza isiqondiso ikakhulukazi ngemicabango efanayo. Kugcizelelwa futhi “ukumesaba uJehova.”—16:6; 19:23; 22:4; 23:17; 24:21.
◆ 17:19—Yini engalungile ngomnyango ophakeme?
Labo ababengayenzi iminyango yezindlu neyamagceke abo ibe phansi babesengozini yokuthi abantu abagibele amahhashi bangene bathathe impahla yabo. Lesisaga singabhekisela futhi emlonyeni njengendawo yokungena ephakanyiswe inkulumo yokuqhosha. Inkulumo enjalo ingakhuthaza ukulwa futhi ekugcineniiholele enhlekeleleni.
◆ 19:17—Kungani ukusiza ompofu kufana nokutsheleka uJehova?
Abampofu bangabakaNkulunkulu, futhi lokho esikwenza kubo kubalwa njengesikwenzé kuye. (IzAga 14:31) Uma uthando nokuphana kusishukumisela ukuba sibonise umusa kwabaphansi noma ukupha abampofu izipho, singalindeli ukuba basibuyisele, uJehova ubheka izipho ezinjalo njengokuthile esimboleka khona aku khokha ngomusa nangezibusiso.—Luka 14:12-14.
◆ 20:1—Kukanjani iwayini “liyisideleli?”
Iwayini lingabangela ozitika ngalo ukuba aziphathe ngendlela yobuphukuphuku neyokuxokozela. Njengoba ukuphuza kakhulu kuba nemiphumela emibi kanjalo, amaKristu kumelwe akugweme.—1 Thimothewu 3:2, 3, 8; 1 Korinte 6:9, 10; IzAga 23:20, 21.
◆ 23:27—Kukanjani isifebe “singumgodi” ‘nomholo’? [umthombo, NW]?
Njengoba izilwane zazibambeka ‘emigodini ejulileyo’ embiwe abazingeli, kanjalo izithandwa zezifebe zibhajwa ekuziphatheni okubi. ‘Owesifazane wakwelinye izwe’ umelele isifebe, ngokungangabazeki ngoba iningi lezifebe kwaisrayeli kwakungabesifazane bakwamanye amazwe. Ukukha amanzi ‘emthonjeni ominyeneyo’ kuhilela izinkinga ngoba izitsha zobumba zifa kalula ezinhlangothini. Ngokufanayo, labo abasebenzelana nezifebe bahlangabezana nokukhathazeka okukhuiu ngokwemizwelo nangokomzimba.—IzAga 7:21-27.
Esikufundayo: “Ufakazi wamanga” ukhombisa ukumedelela uNkulunkulu futhi wayengabulawa ngaphansi koMthetho. Ngakho ‘wayengabhubha’ ngezandla zabantu noma ngesi kaJehova. (IzAga 21:28; Duteronomi 5:20; 19:16-21; qhathanisa nezEnzo 5:1-11) Kodwa ‘olalela’ ngoku naka wayekhuluma kuphela lapho eqinisekile ngalokho akuzwile. Ubufakazi bakhe babuma “phakade,” bungalahiwa kamuva njengobungamanga. Ngaphezu kwalokho, wayengenakubulawa njengofakazi wamanga. Labo, phakathi koFakazi BakaJehova, abafakaza ezinkantolo, kufanele babe belalelé ngokucophelela ukuze bakwazi ukunikeza ukwaziswa okuqondile, ngoba ubufakazi obungaqondile noma obungamanga bungalimaza ngokomoya.
Ukuqhathanisa Okusizayo
Funda IzAga 25:1–29:27. IzAga zikaSolomoni ezabhalwa amadodana eNkosi uHezekiya zifundisa ikakhulukazi ngokuqhathanisa. Phakathi kwezinye izinto kukhuthazwa ukuthembela kuJehova.
◆ 26:6—Kungani kuqhathaniswa ‘nokunquma komuntu izinyawo zakhe’?
Umuntu onquma izinyawo zakhe angazikhubaza, njengoba nomuntu osebenzisa ‘isiwula’ ukhubaza izithakazelo zakhe. Umsebenzi othweswe umuntu oyisiwula awuphumeleli. Yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani-ke ukuba ‘amadoda ahlolwe ukufaneleka’ ngaphambi kokuba atuselwe imithwalo yemfanelo yebandla!—1 Thimothewu 3:10. (Qhathanisa neNW)
◆ 27:17—‘Bulolwa’ kanjani ubuso?
Njengoba ucezu lwensimbi lungase lusetshenziswe ukulola enye yohlobo olufanayo, umuntu angaphumelela ukulola isimo senhlakanipho nengokomoya lomunye. Uma ukudumazeka noma ukuhlangana nabantu abangenamusa kusicindezela, iso lozwela nesikhuthazo esingokomBhalo somunye esikholwa naye kungasenza sizizwe kangcono kakhulu. Isimo sethu sokudumala siyashintsha sibe ngcono, futhi sishukunyiswe yithemba elisha lokwenza kangcono.—IzAga 13:12.
◆ 28:5—Lihlanganisani izwi elithi “konke”?
Labo abenza okubi bayizimpumputhe ngokomoya. (IzAga 4:14-17; 2 Korinte 4:4) “Abaqondi ukwahlulela” noma lokho okulungile ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngakho abakwazi ukwahlulela izindaba ngokuqondile nokwenza izinqumo ezifanele. Kodwa labo “abafuna uJehova” ngomthandazo nangokutadisha iZwi lakhe “bakuqonda konke” okudingekayo ukuze bamkhonze ngokwamukelekayo.—Efesu 5:15-17.
◆ 29:8—Abantu abayizideleli ‘bawuvuthela’ kanjani ‘umuzi ngolaka’?
Abantu abaqhoshayo nabadelela igunya bakhuluma ngokunganaki. Ngaleyondlela bashoshozela ingxabano bavuthele amalangabi kangangokuthi izakhamizi zawo wonke umuzi zivuthe. Kodwa abantu abahlakaniphile “bayabuyisa ulaka,” bekhuluma ngesizotha nangokunengqondo, badambisa amalangabi olaka futhi bathuthukise ukuthula.—IzAga 15:1.
Esikufundayo: Uma siqhosha, ukuzidla kuyophumela ekuthotshisweni kwethu. (IzAga 29:23) Umuntu ozidlayo angase abe ogabadelayo, futhi lokhu kungaholela ekuhlazekeni, eku khubekeni, nasekuweni. (IzAga 11:2; 16:18; 18:12) UNkulunkulu angaqiniseka ukuthi umuntu ozidlayo uyothotshiswa, ukuthi uyehliswa ngandlela-thize, mhlawumbe kuze kube sephuzwini lokubhujiswa. Umuntu onjalo ufisa udumo, kodwa abantu bathola izindlela zakhe zinengeka. Nokho, umuntu “onomoya othobekileyo ekugcineni uyazuza udumo.”
‘Amazwi Abalulekile’
Funda IzAga 30:1–31:31. ‘Amazwi abalulekile’ ka-Aguri ayavuma ukuthi “onke amazwi kaNkulunkulu acwebile.” Okuphawu liwe futhi izinto ezinhle kakhuiu ukuba ziqondakale, nokunye. (30:1-33) “Amazwi abaiuiekile” uLemuweli awafundiswa unina axwayisa ngokuthi ukuphuza uphuzo oludakayo kungaguqula ukwahlulela, anxusa ukuba umuntu ahlulele ngokulunga, futhi achaza umfazi omuhle.—31:1-31.
◆ 30:15, 16—Liyini iphuzu lalezizibonelo?
Zibonisa ukunganelisi kokuhaha. Iminyundu izitika ngegazi njengoba abantu abahahayo befuna njalo imali eyengeziwe namandla. Ngokufanayo, iSheol alaneliswa, kunalokho lihlala livulekele ukwamukela izisulu zokufa ezengeziwe. Isizalo esiyinyumba ‘sikhalela’ abantwana. (Genesise 30:1) Umhlabathi owomile uphuza amanzi emvula ubuye futhi masinyane ubonakale womile, futhi umlilo oshisa konke oku phonswa kuwo uthumela amalangabi ahangule nezinye izinto eziseduze. Kunjalo ngabantu abahahayo. Kodwa labo abaqondiswa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu abaqhutshwa njalo ubugovu obunjalo.
◆ 31:6, 7—Kungani kunikwa iwayini ‘kwabanomunyu enhliziyweni?’
Uphuzo oludakayo newayini kuyizidakamizwa. Ngakho laliyonikezwa “obhubhayo,” noma ofayo, noma ‘labo abamunyu enhliziyweni’ ukuze bangazizwa izinhlungu zabo nobunzima. Isiko lasendulo lokunikeza izelelesi iwayini elifakwe izidakamizwa ukuze lidambise izinhlungu zokubulawa lingase lichaze ukuthi kungani amabutho amaRoma alinika uJesu Kristu ngesikhathi sokubethelwa kwakhe. Walenqaba iwayini elinjalo ngoba wayefuna ukulawula ngokuphelele amandla engqondo yakhe ngalesosikhathi esilingayo ngaleyondlela agcine ubuqotho kuNkulunkulu.—Marku 15:22-24.
◆ 31:15—Angobani ‘lamantombazane’?
Lapho kushiwo izisebenzi zasekhaya zesifazane. Zazingenasizathu sokukhonona ngenxa yokuswela ukudla noma ngenxa yemisebenzi eziyabelwe. Umfazi okhutheleyo wayenikeza abendlu yakhe ukudla futhi anakekele ukuthi laba besifazane banakho okokudla nemisebenzi okumelwe bayenze.
Esikufundayo: Ngenxa yokungapheleli, ngezinye izikhathi singase ‘siziphakamise’ ngoku ngenangqondo, senze imizamo yokuzidla. Uma senza izinto noma sikhuluma ngentukuthelo, kufanele ‘sibeke isandla emlonyeni,’ sigweme amazwi engeziwe angase acunule ngokwengeziwe lowo esimonile. Njengoba ubisi kufanele luphehlwe ukuze kwenziwe ibhotela nekhala ngokuvamile lidinga ukucindezelwa ukuze lophe, ingxabano ivela lapho abantu bededela ulaka. (IzAga 30:32, 33) Ezimweni ezinjalo, yeka ukuthi kuhlakaniphé kanjani ukuthula futhi uvimbele izinkinga ezengeziwe.
Yeka izinzuzo esingazithola encwadini yezAga! Masiwalonde lamazwi ahlakaniphile athuthukisa ukwesaba kwethu uJehova okujulile. Ngokuqinisekile ukuwasebenzisa kuyosenza sithokoze.