“Itende Labaqotho Liyochuma”
LAPHO i-Armagedoni igadla futhi iqeda isimiso sezinto sikaSathane esibi, “indlu yabantu ababi iyobhuqwa.” “Itende labaqotho” lona? Phela ezweni elisha likaNkulunkulu, “liyochuma.”—IzAga 14:11.
Nokho, singakafiki isikhathi sokuba ‘ababi banqunywe emhlabeni; abakhohlisayo bona basishulwe kuwo,’ abangasoleki kumelwe bahlale nabo. (IzAga 2:21, 22) Bangakwazi yini abaqotho ukuchuma ngaphansi kwalezi zimo? Amavesi 1 kuya ku-11 esahluko 14 sencwadi yeBhayibheli yezAga, abonisa ukuthi ngokuvumela ukuhlakanipha kuqondise esikukhulumayo nesikwenzayo, singakwazi ukujabulela ukuchuma nokuzola ngezinga elithile ngisho kwamanje.
Lapho Ukuhlakanipha Kwakha Umuzi
Ikhuluma ngethonya lenkosikazi enhlalakahleni yomkhaya, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, ithi: “Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyakhile indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.” (IzAga 14:1) Owesifazane onokuhlakanipha uwakha kanjani umuzi wakhe? Owesifazane ohlakaniphile uyalihlonipha ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko. (1 Korinte 11:3) Akathonywa umoya wokuzibusa ogcwele ezweni likaSathane. (Efesu 2:2) Uyamthobela umyeni wakhe futhi ukhuluma kahle ngaye, enze abanye bamhloniphe nakakhulu. Owesifazane ohlakaniphile uhileleka ngenkuthalo emfundweni engokomoya neyokuphila yezingane zakhe. Usebenza kanzima ukuze kuzuze umkhaya, enze ikhaya libe indawo emnandi nethokomele. Indlela aphatha ngayo ibonisa ukuhlakanipha nokonga. Owesifazane ohlakaniphe ngempela uba negalelo ekuchumeni nasekuzoleni komkhaya wakhe.
Owesifazane oyisiwula akalihloniphi ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko. Uvele akhulume kabi nje ngomyeni wakhe. Njengoba engongi, uyayisaphaza imali yomkhaya esetshenzwe kanzima. Uchitha nesikhathi. Ngenxa yalokho, indlu ayinakekelwa, futhi akuzihambeli kahle izingane ngokwenyama nangokomoya. Yebo, oyisiwula uyawudiliza umuzi wakhe.
Nokho, yini eyenza umuntu abe ohlakaniphile noma abe isiwula? IzAga 14:2 zithi: “Ohamba ngobuqotho bakhe uyamesaba uJehova, kodwa oyisigwegwe ezindleleni zakhe uyamedelela.” Oqotho uyamesaba uNkulunkulu weqiniso, futhi “ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” (IHubo 111:10) Umuntu ohlakaniphe ngempela uyazi ukuthi kuyisibopho sakhe ‘ukwesaba uNkulunkulu weqiniso agcine imiyalo yaKhe.’ (UmShumayeli 12:13) Ngakolunye uhlangothi, oyisiwula ulandela inkambo engavumelani nezindinganiso zikaNkulunkulu zobuqotho. Izindlela zakhe ziyizigwegwe. Umuntu onjalo uyamedelela uNkulunkulu, ethi enhliziyweni yakhe: “Akekho uJehova.”—IHubo 14:1.
Lapho Izindebe Ziqondiswa Ukuhlakanipha
Yini engashiwo ngenkulumo yomuntu owesaba uJehova neyomuntu omedelelayo? Inkosi ithi: “Induku yokuzidla isemlonyeni woyisiwula, kodwa izindebe zabahlakaniphile ziyobaqapha.” (IzAga 14:3) Njengoba entula ukuhlakanipha kwaphezulu, umuntu oyisiwula akakhuthazi ukuthula futhi akanangqondo. Ukuhlakanipha okumqondisayo kungokwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni. Ukhipha amazwi anokubanga nokuqhosha. Ukuzidla okusemlonyeni wakhe kumbangela izinkinga ezinkulu, yena nabanye.—Jakobe 3:13-18.
Izindebe zomuntu ohlakaniphile ziyamqapha, noma zimvikele, ngaleyo ndlela zimlethele injabulo. Kanjani? ImiBhalo ithi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Amazwi omuntu ohlakaniphile awahlabi noma alimaze. Inhliziyo yakhe iyazindla ukuze iphendule. (IzAga 15:28) Amazwi akhe akhethwe kahle ayelapha—akhuthaza imiphefumulo ecindezelekile futhi aqabule abacindezelwe. Kunokuba zicasule abanye, izindebe zakhe zikhuthaza ukuthula nokuzola.
Lapho Ukuhlakanipha Kuqondisa Izinto Umuntu Azenzayo
USolomoni ube esesho isaga esithakazelisayo okubonakala sengathi sikhuluma ngokuphenduphendula umsebenzi othile ubone ubuhle bobubi bawo. Uthi: “Lapho kungekho khona izinkomo umkhombe uyahlanzeka, kodwa isivuno siba yinsada ngenxa yamandla enkunzi.”—IzAga 14:4.
Ikhuluma ngencazelo yalesi saga, enye incwadi ithi: “Umkhombe ongenalutho ubonisa ukuthi azikho izinkabi [izinkomo] ezidinga ukutholelwa ukudla, ngakho-ke, umuntu akabi nawo umsebenzi wokuhlanza nokunakekela lezo zinkomo, nezindleko ziba mbalwa. Kodwa lobu ‘buhle’ buphenduka bube bubi evesini 4b: njengoba kungekho zinkabi ezisebenzayo, isivuno siyoba ubala.” Umlimi kumelwe akhethe ngokuhlakanipha.
Asisebenzi yini isimiso salesi saga nalapho sicabangela ukushintsha umsebenzi, ukukhetha indawo yokuhlala, ukuthenga imoto, ukufuya isilwane sasekhaya, nokunye okunjalo? Umuntu ohlakaniphile uyoyiphenduphendula indaba abone okuhle nokubi, abese enquma ukuthi kuwufanele ngempela yini umzamo ukwenza lokho nokuthi kuyifanele yini imali ezosetshenziswa.
Lapho Ufakazi Ehlakaniphile
USolomoni uyaqhubeka: “Ufakazi othembekile yilowo ongeke awaqambe amanga, kodwa ufakazi wamanga uphafuza amanga nje.” (IzAga 14:5) Amanga kafakazi wamanga angenza umonakalo omkhulu impela. UNabhoti, umJizreyeli wakhandwa ngamatshe waze wafa ngoba amadoda angelusizo lwalutho anikeza ubufakazi obungamanga ngaye. (1 AmaKhosi 21:7-13) Futhi akuzange yini kuvele ofakazi bamanga bamelana noJesu, okwaholela ekufeni kwakhe? (Mathewu 26:59-61) Ofakazi bamanga bamangalela noStefanu—umfundi wokuqala kaJesu owabulawa ngenxa yokholo lwakhe.—IzEnzo 6:10, 11.
Umuntu onamanga angase angabanjwa isikhathi esithile, kodwa cabanga ngesigcino sakhe. IBhayibheli lithi uJehova uyamzomda “ufakazi wamanga ophafuza amanga.” (IzAga 6:16-19) Isabelo somuntu onjalo siyoba sechibini elivutha umlilo nesibabule—ukufa kwesibili—kanye nabenzi bokubi abanjengababulali, izifebe, nabakhonza izithombe.—IsAmbulo 21:8.
Ufakazi othembekile akakhulumi amanga efungile. Ubufakazi bakhe abuchaphazelwa amanga. Nokho, lokhu akusho ukuthi ubophekile ukukhipha konke akwaziyo akutshele abantu abangase balimaze abantu bakaJehova ngandlela-thile. Izinzalamizi ezingo-Abrahama no-Isaka zabagodlela amaqiniso abantu abathile ababengamkhulekeli uJehova. (Genesise 12:10-19; 20:1-18; 26:1-10) URahabi waseJeriko wadukisa izithunywa zenkosi. (Joshuwa 2:1-7) UJesu Kristu ngokwakhe akakhulumanga yonke into lapho ukwenza kanjalo kwakuyobangela ukulimala okungadingekile. (Johane 7:1-10) Wathi: “Ningaziniki izinja okungcwele.” Ngoba? Ukuze ‘zingalokothi ziphenduke zinidephune.’—Mathewu 7:6.
Lapho “Ulwazi Luyinto Elula”
Ingabe bonke abantu bahlakaniphile? IzAga 14:6 zithi: “Umhleki wosulu uye wafuna ukuthola ukuhlakanipha, kodwa akukho; kodwa koqondayo ulwazi luyinto elula.” Umhleki wosuku angase afune ukuhlakanipha, kodwa ukuhlakanipha kwangempela kuyamphunyuka. Njengoba umhleki wosulu ezihleka ngokuqhosha izinto zikaNkulunkulu, uyahluleka ukuthola lokho okudingekayo ukuze athole ukuhlakanipha—ulwazi olunembile ngoNkulunkulu weqiniso. Ukuzikhukhumeza nokuqhosha kwakhe kumvimbela ukuba afunde ngoNkulunkulu futhi athole ukuhlakanipha. (IzAga 11:2) Kakade uzihluphelani nje efuna ukuhlakanipha? Isaga seBhayibheli asisho, kodwa mhlawumbe wenza lokho ukuze abanye bacabange ukuthi uhlakaniphile.
“Ulwazi luyinto elula” kumuntu oqondayo. Ukuqonda kuchazwa ngokuthi “ukubamba ngengqondo: ukuzwisisa,” “ikhono lokuqonda ukuhlobana kwezici zendaba.” Kuyikhono lokuhlobanisa izici zendaba ezihlukene futhi uyibone iyonke, ingezona izingxenye ezihlukene. Lesi saga sithi umuntu onaleli khono uluthola kalula ulwazi.
Mayelana nalokhu, cabanga ngalokho okwenzeka kuwe siqu lapho uthola ulwazi lweqiniso lemiBhalo. Lapho uqala ukutadisha iBhayibheli, cishe phakathi kwezinto zokuqala owazifunda wafunda ngezimfundiso eziyisisekelo ngoNkulunkulu, izithembiso zakhe, nangeNdodana yakhe. Ekuqaleni, lokhu kwakuyimininingwane nje engahlobene. Kodwa lapho uqhubeka utadisha, le mininingwane yaqala ukuhlangana, futhi wabona ngokucace bha indlela imininingwane ehlukahlukene ehlobana ngayo nenjongo kaJehova iyonke ngesintu nangomhlaba. Iqiniso eliseBhayibhelini laqala ukuzwakala futhi lahlangana. Kwabe sekuba lula ukufunda nokukhumbula izinto ezintsha ngoba wawusubona ukuthi zihlobana kanjani zizonke.
Inkosi ehlakaniphile ixwayisa ngomuntu ulwazi olungenakutholakala kuye. Ithi: “Suka phambi komuntu oyisiphukuphuku, ngoba ngokuqinisekile ngeke uziqaphele izindebe zolwazi.” (IzAga 14:7) Umuntu oyisiphukuphuku untula ulwazi lweqiniso. Izindebe zakhe azikhiphi ulwazi. Lapha kwelulekwa ukuba usuke kumuntu onjalo, futhi kuwukuhlakanipha ukuhlukana naye. Noma ubani “osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.
USolomoni uyaqhubeka: “Ukuhlakanipha kokhaliphile kungukuqonda indlela yakhe, kodwa ubuwula babayiziphukuphuku buyinkohliso.” (IzAga 14:8) Umuntu ohlakaniphile uyacabanga ngezinyathelo azithathayo. Ucabangela konke angakwenza futhi ayihlaziyisise kahle imiphumela konke okunayo. Ukhetha inkambo yakhe ngokuhlakanipha. Umuntu oyisiwula yena? Ukhetha indlela ewubuwula, ecabanga ukuthi uyazi ukuthi wenzani nokuthi wenza ukukhetha okungcono kakhulu. Ubuwula bakhe buyamkhohlisa.
Lapho Ukuhlakanipha Kuqondisa Ubuhlobo Nabanye
Umuntu oqondiswa ukuhlakanipha unobuhlobo obunokuthula nabanye. Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Bayiziwula labo abakuhleka usulu ukuba necala, kodwa phakathi kwabaqotho kukhona ukuvumelana.” (IzAga 14:9) Umuzwa wecala, noma wokuzisola, uyihlaya nje koyisiwula. Uselimaze ubuhlobo bakhe ekhaya nanoma kuphi ngoba “uzazisa kakhulu ukuba angalungisa izinto” futhi afune ukuthula. (The New English Bible) Umuntu oqotho uzimisele ukubekezelela ubuthaka babanye. Uhlale ekulungele ukuxolisa futhi alungise izinto lapho yena uqobo enze iphutha. Ngenxa yokuthi uphishekela ukuthula, uba nobuhlobo obujabulisayo nobungapheli nabanye.—Hebheru 12:14.
USolomoni ube esekhuluma ngento eyenza abantu bangabi nobuhlobo obuhle nabanye. Uthi: “Inhliziyo iyakuqaphela ukuba munyu komphefumulo womuntu, futhi akukho sihambi esiyogxambukela ekujabuleni kwawo.” (IzAga 14:10) Singakwazi yini njalo ukutshela abanye imizwa yethu ejulile—kungakhathaliseki ukuthi imizwa yendumalo noma yenjabulo—futhi sibatshele indlela esizizwa ngayo ngempela? Futhi ingabe umuntu angamqonda njalo yini omunye umuntu ukuthi uzizwa kanjani? Impendulo kuyo yomibili le mibuzo ingu-cha.
Ngokwesibonelo, cabanga ngemizwa yomuntu ofuna ukuzibulala. Ngokuvamile, umuntu oba nale mizwa akakwazi ukutshela ilungu lomkhaya noma umngane ukuthi uzizwa kanjani ngempela. Futhi abanye abakwazi njalo ukubona izimpawu zemizwa enjalo kubangane babo. Akudingeki sizizwe sinecala lapho singakwazi ukubona lezi zimpawu nalapho sehluleka ukuthatha isinyathelo esizosiza lowo muntu. Lesi saga seBhayibheli sifundisa nokuthi nakuba kududuza ukuya kumngane onozwela ukuze akusekele ngokomzwelo, induduzo abantu abangayinikeza ilinganiselwe. Kungase kudingeke ukuba sincike kuJehova kuphela lapho kuziwa endabeni yokubekezelela ubunzima obuthile.
“Izinto Zenani Elikhulu Nengcebo Kusendlini Yakhe”
Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Indlu yabantu ababi iyobhuqwa, kodwa itende labaqotho liyochuma.” (IzAga 14:11) Umuntu omubi angase achume kulesi simiso sezinto futhi angase ahlale endlini kanokusho, kodwa kuyomsiza ngani lokho lapho yena ngokwakhe engasekho? (IHubo 37:10) Ngakolunye uhlangothi, indawo yokuhlala yomuntu oqotho ingase ingabi isimangaliso. Kodwa “izinto zenani elikhulu nengcebo kusendlini yakhe,” kusho iHubo 112:3. Zinto zini lezi?
Lapho amazwi nezenzo zethu kuqondiswa ukuhlakanipha, siba ‘nengcebo nenkazimulo’ okutholakala lapho kunokuhlakanipha. (IzAga 8:18) Le ngcebo ihlanganisa ubuhlobo obunokuthula noNkulunkulu nabantu esiphila nabo, umuzwa wenjabulo, nesilinganiso esithile sokuzola. Yebo, “itende labaqotho” lingachuma kwamanje.
[Isithombe ekhasini 27]
Owesifazane ohlakaniphile uyayakha indlu yakhe
[Isithombe ekhasini 28]
“Ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa”