Sondela KuNkulunkulu
Ungaluthola “Ulwazi NgoNkulunkulu”
UJEHOVA UNKULUNKULU ubeke phambi kwethu ingcebo engenakuqhathaniswa futhi ufisa siyithole. Le ngcebo ayisenzi sicebe, kodwa iyosinika okuthile okungekho mali emhlabeni engakuthenga—ukuthula kwangaphakathi nokuphila okwanelisayo. Iyini le ngcebo? Amazwi enkosi ehlakaniphile uSolomoni alotshwe kuzAga 2:1-6 ayachaza.
USolomoni uchaza le ngcebo ngokuthi “ulwazi ngoNkulunkulu”—okungukuthi, iqiniso ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe ezembulwe eBhayibhelini. (Ivesi 5) Kunezici eziningana kule ngcebo.
Izimfundiso eziyiqiniso. IBhayibheli liphendula imibuzo efana nalena: Ubani igama likaNkulunkulu? (IHubo 83:18) Kwenzekani lapho umuntu efa? (IHubo 146:3, 4) Kungani silapha? (Genesise 1:26-28; IHubo 115:16) Ungakhokha malini ukuze uthole izimpendulo zale mibuzo ebalulekile?
Iseluleko esihlakaniphile. IBhayibheli lisitshela indlela engcono kakhulu esingaphila ngayo. Ungawenza kanjani umshado uphumelele? (Efesu 5:28, 29, 33) Ungazifundisa kanjani izingane zakho ukuba zibe abantu abadala abavuthiwe? (Duteronomi 6:5-7; Efesu 6:4) Ungayithola kanjani injabulo ekuphileni? (Mathewu 5:3; Luka 11:28) Uyini umbono wakho—iseluleko esihlakaniphile kulezi zindaba ungasikhokhela malini?
Ukuqonda izimfanelo nobuntu bukaNkulunkulu. IBhayibheli liwumthombo oyinhloko wolwazi olunembile ngoNkulunkulu. Unjani ngempela uNkulunkulu? (Johane 1:18; 4:24) Ingabe uyasikhathalela? (1 Petru 5:6, 7) Iziphi ezinye izimfanelo zakhe eziqavile? (Eksodusi 34:6, 7; 1 Johane 4:8) Ungathi lubiza malini ulwazi lweqiniso ngoMdali wethu?
“Ulwazi ngoNkulunkulu” luyingcebo engokomoya ngempela. Ungayithola kanjani? Impendulo isevesini 4 encwadini yezAga isahluko 2, lapho uSolomoni eqhathanisa khona ulwazi “nengcebo efihliweyo.” Cabanga ngalokhu: Ingcebo efihliweyo ngeke ivele igxume iphume endaweni efihlwe kuyo iwele ezandleni zomuntu ongazange ayisebenzele. Kufanele sizikhandle ukuze siyithole. Kunjalo nangolwazi ngoNkulunkulu. Eqinisweni, le ngcebo ifihlwe eZwini likaNkulunkulu. Ukuze siyithole, kudingeka sizikhandle.
USolomoni uchaza lokho okudingeka sikwenze ukuze sithole “ulwazi ngoNkulunkulu.” Amazwi athi ‘yamukela amazwi ami’ nathi ‘thambekisela inhliziyo yakho’ abonisa ukuthi sidinga ukuba nenhliziyo elalelayo. (Amavesi 1, 2) Igama elithi ‘memeza,’ namazwi athi ‘qhubeka ufuna’ nathi ‘qhubeka uhlwaya’ abonisa ukuthi kufanele sizinikele, sikubonakalise ngobuqotho ukuzimisela kwethu. (Amavesi 3, 4) Ngakho, ukuze sithole le ngcebo, kudingeka silitadishe ngenkuthalo iBhayibheli ngenhliziyo eqotho.—Luka 8:15.
Uma sibonisa inkuthalo enjalo, uJehova uyosisiza ukuba siyithole le ngcebo. Ivesi 6 lithi: “UJehova unikeza ukuhlakanipha.” NguNkulunkulu kuphela ongasisiza ukuba siwaqonde ngokugcwele amaqiniso aseBhayibhelini. (Johane 6:44; IzEnzo 16:14) Ungaqiniseka ngalokhu: Uma uqhubeka ulihlola ngobuqotho iZwi likaNkulunkulu, uyothola “ulwazi ngoNkulunkulu”—ingcebo eyokucebisa kakhulu ukuphila kwakho.—IzAga 2:10-21.a
Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-October:
[Umbhalo waphansi]
a OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke babaqhubela izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala labo abafuna ukuqonda iBhayibheli. Kungani ungaxhumani nabo endaweni yangakini noma ubhalele ekhelini elifanele ekhasini 4?