“Okhaliphile Uyazicabangela Izinyathelo Zakhe”
UMUNTU okhaliphile unekhono lokwenza izinto nokuxazulula izinkinga futhi uhlakaniphile, wahlulela kahle futhi unokuqonda. Akakhohlisi noma axhaphaze. IzAga 13:16 zithi: “Wonke umuntu onokuqonda [noma, okhaliphile] uyokwenza ngolwazi.” Yebo, ukukhalipha, noma ukuhlakanipha, kuyisici esifiselekayo.
Singakubonisa kanjani ukukhalipha ekuphileni kwethu kwansuku zonke? Ibonakala kanjani le mfanelo ezintweni esikhetha ukuzenza, endleleni esiphatha ngayo abanye, nasendleleni esisabela ngayo ezimweni ezihlukahlukene? Abahlakaniphile bathola ziphi izinzuzo? Abahlakaniphile bagwema ziphi izinhlekelele? Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, yanikeza izimpendulo ezisebenzayo zale mibuzo, njengoba sizifunda encwadini yezAga 14:12-25.a
Khetha Inkambo Yakho Ngokuhlakanipha
Ngokuqinisekile kudingeka ikhono lokuhlukanisa okulungile kokungalungile ukuze ukhethe ngokuhlakanipha futhi uphumelele ekuphileni. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.” (IzAga 14:12) Ngakho, kumelwe sifunde ukuhlukanisa phakathi kokulungile ngempela nalokho okubonakala kulungile. Inkulumo ethi “izindlela zokufa” ibonisa ukuthi ziningi izindlela ezinjalo ezikhohlisayo. Cabangela izici ezithile okufanele siziqaphele futhi sizigweme.
Abantu abacebile nabadumile ezweni ngokuvamile babhekwa njengabantu okufanele bahlonishwe. Impumelelo yabo engokwenhlalo nengokwezimali ingase yenze kubonakale sengathi indlela yabo yokwenza izinto ilungile. Nokho, kuthiwani ngezindlela abaningi balabo bantu abazisebenzisayo ukuze bathole ingcebo noma udumo? Ingabe izindlela zabo zihlale zilungile futhi ziqotho? Kukhona nabathile abazishisekela ngendlela etusekayo izinkolelo zabo. Kodwa ingabe lobo buqotho bubonisa ukuthi izinkolelo zabo zilungile?—Roma 10:2, 3.
Indlela ingase futhi ibonakale ilungile ngenxa yokuthi umuntu uyazikhohlisa. Ukusekela izinqumo zethu kulokho esinomuzwa wokuthi kulungile empeleni kuwukuncika enhliziyweni, isiqondiso esikhohlisayo. (Jeremiya 17:9) Unembeza ongakhanyiselwe futhi ongaqeqeshiwe ungasiholela ekucabangeni ukuthi indlela engalungile iyona ndlela elungile. Ngakho, yini eyosisiza ukuba sikhethe inkambo efanelekile?
Ukutadisha ngenkuthalo amaqiniso ajulile aseZwini likaNkulunkulu kubalulekile ukuze sizuze ‘amandla okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ Ngaphezu kwalokho, kumelwe siwaqeqeshe la mandla “ngokusebenzisa” izimiso zeBhayibheli. (Hebheru 5:14) Kumelwe siqaphele ukuba singavumeli indlela ebonakala sengathi ilungile isibangele ukuba siphambuke ‘endleleni enyinyekile eholela ekuphileni.’—Mathewu 7:13, 14.
Lapho “Inhliziyo Ingaba Sebuhlungwini”
Singajabula yini uma singenakho ukuthula kwangaphakathi? Ingabe ukuhleka nokwenama kuyabudambisa ubuhlungu obusenhliziyweni? Ingabe kuwukukhalipha ukuqeda ukucindezeleka ngotshwala, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, noma ukuzama ukuqeda leyo mizwa ngokuphila ngokuziphatha okuxekethile? Impendulo ingu-cha. Inkosi ehlakaniphile ithi: “Ekuhlekeni inhliziyo ingaba sebuhlungwini.”—IzAga 14:13a.
Ukuhleka kungafihla ubuhlungu, kodwa ngeke kubususe. IBhayibheli lithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.” Ngempela, kukhona “isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokubangalasa nesikhathi sokutshakadula.” (UmShumayeli 3:1, 4) Lapho ukucindezela kuphikelela, kumelwe sithathe izinyathelo zokukunqoba, sifune ‘ukuqondisa okunekhono’ lapho kudingekile. (IzAga 24:6)b Ukuhleka nokuzilibazisa kunenzuzo ethile, kodwa ukubaluleka kwako kuncane. Exwayisa ngezinhlobo zokuzilibazisa ezingafaneleki nokuzijabulisa ngokwedlulele, uSolomoni uthi: “Ukujabula kuphelela osizini.”—IzAga 14:13b.
Umuntu Ongenalukholo Nomuntu Omuhle Baneliswa Kanjani?
Inkosi yakwa-Israyeli iyaqhubeka: “Ongenalukholo enhliziyweni uyokwaneliswa yimiphumela yezindlela zakhe, kodwa umuntu omuhle uyokwaneliswa yimiphumela yokusebenzelana kwakhe nabanye.” (IzAga 14:14) Umuntu ongenalukholo nomuntu omuhle baneliswa kanjani ngenxa yokuziphatha kwabo?
Umuntu ongenalukholo akanandaba nokulandisa kuNkulunkulu. Ngakho-ke, kumuntu ongenalo ukholo akubalulekile ukwenza okulungile emehlweni kaJehova. (1 Petru 4:3-5) Umuntu onjalo uyaneliseka ngemiphumela yendlela yakhe yokuphila kokuthanda izinto ezibonakalayo. (IHubo 144:11-15a) Ngakolunye uhlangothi, umuntu omuhle unesithakazelo ezintweni ezingokomoya. Kukho konke akwenzayo, unamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga. Umuntu onjalo uyaneliseka ngemiphumela ngenxa yokuthi uJehova unguNkulunkulu wakhe futhi uthola injabulo engenakuqhathaniswa nalutho ngokukhonza oPhezukonke.—IHubo 144:15b.
Ungabi “Nokholo Kuwo Wonke Amazwi”
Eqhathanisa izindlela zabangenalwazi nezalabo abakhaliphile, uSolomoni uthi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Umuntu okhaliphile akakhohliseki kalula. Kunokuba akholelwe yiyo yonke into ayizwayo noma acatshangelwe ngabanye, uzicabangela ngokuhlakanipha izinyathelo zakhe. Njengoba ehlanganisa wonke amaqiniso atholakalayo, wenza ngokuhlakanipha.
Ngokwesibonelo, ake ucabange ngalo mbuzo, “Ingabe uNkulunkulu ukhona?” Umuntu ongenalwazi uthambekele ekwamukeleni lokho okuthandwa ngabaningi noma ukwamukela lokho abantu abavelele abakukholelwayo. Ngakolunye uhlangothi, umuntu okhaliphile uzinika isikhathi sokuhlolisisa amaqiniso. Ucabanga ngemiBhalo enjengeyabaseRoma 1:20 namaHebheru 3:4. Ezintweni ezingokomoya, umuntu okhaliphile akamane nje amukele izwi labaholi benkolo. ‘Uyazivivinya izinkulumo eziphefumulelwe ukuze abone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.’—1 Johane 4:1.
Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukulalela iseluleko ‘sokungabi nokholo kuwo wonke amazwi’! Labo abanomthwalo wemfanelo wokweluleka abanye ebandleni lobuKristu kumelwe basilalelisise lesi seluleko. Umeluleki kumelwe abe nolwazi oluphelele ngakho konke okwenzekile. Kumelwe alalele ngokucophelela futhi athole wonke amaqiniso kuzo zonke izinhlangothi ukuze iseluleko sakhe singabi esishaya eceleni noma esisekelwe ohlangothini olulodwa.—IzAga 18:13; 29:20.
“Umuntu Onekhono Lokucabanga Uyazondwa”
Ibhekisela komunye umahluko okhona phakathi kohlakaniphile noyisiwula, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ohlakaniphile uyesaba asuke ebubini, kodwa oyisiphukuphuku uyafutheka futhi uyazethemba. Oshesha ukuthukuthela uyokwenza ubuwula, kodwa umuntu onekhono lokucabanga uyazondwa.”—IzAga 14:16, 17.
Umuntu ohlakaniphile uyayesaba imiphumela yokulandela inkambo engalungile. Ngakho, uyaqapha futhi uyasazisa noma isiphi iseluleko esimsiza ukuba agweme ububi. Umuntu oyisiwula akanakho lokho kwesaba. Njengoba ezethemba, ngokuzidla akasinaki iseluleko sabanye. Ngenxa yokuthi umuntu onjalo uthambekele ekufuthekeni, wenza izinto ngobuwula. Kodwa kungani umuntu onekhono lokucabanga ezondwa?
Inkulumo yolimi lokuqala ehunyushwe ngokuthi ‘ikhono lokucabanga’ inezincazelo ezimbili. Ngomqondo omuhle, ingabonisa ukuqonda noma ubuhlakani. (IzAga 1:4; 2:11; 3:21) Noma ngomqondo ongemuhle, le nkulumo ingabhekisela emicabangweni emibi noma eyonakalisayo.—IHubo 37:7; IzAga 12:2; 24:8.
Uma inkulumo ethi “umuntu onekhono lokucabanga” ibhekisela kumuntu wamacebo alimazayo, kulula ukubona ukuthi kungani umuntu onjalo ezondwa. Nokho, akulona yini iqiniso ukuthi umuntu onokuqonda angazondwa yilabo abayintulayo le mfanelo? Ngokwesibonelo, izwe liyabazonda labo abawasebenzisayo amandla abo okucabanga futhi bakhethe ‘ukungabi ingxenye yezwe.’ (Johane 15:19) Intsha engamaKristu esebenzisa amandla ayo okucabanga futhi emelana nokucindezela kontanga okungalungile ukuze igweme ukuziphatha okungafanele iyagconwa. Iqiniso liwukuthi izwe, njengoba lisemandleni kaSathane uDeveli, liyabazonda abakhulekeli beqiniso.—1 Johane 5:19.
“Abantu Ababi Kuyomelwe Bakhothame”
Abantu abahlakaniphile, noma abakhaliphile, bahluke nangenye indlela kwabangenalwazi. “Abangenalwazi ngokuqinisekile bayodla ifa lobuwula, kodwa abakhaliphile bayothwala ulwazi njengomnqwazo.” (IzAga 14:18) Ngenxa yokuntula ukuqonda, abangenalwazi bakhetha okuwubuwula. Lena kuba indlela yabo yokuphila. Kanti, ulwazi luhlobisa okhaliphile njengoba nje nomqhele wenza inkosi ibe nodumo.
Inkosi ehlakaniphile ithi: “Abantu ababi kuyomelwe bakhothame phambi kwabahle, nabantu abakhohlakele emasangweni olungile.” (IzAga 14:19) Ngamanye amazwi, abahle bayogcina bebanqobile ababi. Cabanga ngokwanda kwamanani abantu bakaNkulunkulu namuhla kanye nendlela yokuphila ephakeme abayijabulelayo. Ukubona lezi zibusiso zithululelwa izinceku zikaJehova kuzophoqelela abanye abaphikisi ukuba “bakhothame” kumfazi kaJehova ongokomfanekiso wasezulwini, omelelwa insali egcotshwe ngomoya esemhlabeni. Ngisho noma bengavumi ngaphambi kokuba kufike i-Armagedoni, labo baphikisi bayophoqeleka ukuba bavume ukuthi ngempela inhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni imelela ingxenye esezulwini.—Isaya 60:1, 14; Galathiya 6:16; IsAmbulo 16:14, 16.
‘Ukubonisa Umusa Kwabahluphekile’
Eqaphela ukuthambekela kobuntu, uSolomoni uthi: “Ngisho nakumuntu wakubo umuntu onokuncane uyinto yokuzondwa, kodwa baningi abangane bomuntu ocebile.” (IzAga 14:20) Yeka ukuthi lokhu kuyiqiniso kanjani kubantu abangaphelele! Njengoba benobugovu, bathambekele ekuthandeni abacebile kunabampofu. Nakuba bebaningi abangane bomuntu ocebile, badlula ngokushesha njengengcebo yakhe. Ngakho, akufanele yini sigweme ukwakha ubungane ngemali noma ngokuthopha?
Kuthiwani uma ukuzihlolisisa kwethu kwembula ukuthi senza izinto ukuze sithandwe ngabacebile bese sibabukela phansi labo abanokuncane? Kumelwe sikhumbule ukuthi ukubonisa lolo bandlululo kuyangqubuzana neBhayibheli. Lithi: “Odelela umuntu wakubo uyona, kodwa uyajabula obonisa umusa kwabahluphekile.”—IzAga 14:21.
Kufanele sibacabangele labo abasezimweni ezinzima. (Jakobe 1:27) Singakwenza kanjani lokhu? Ngokubanika ‘izinto zaleli zwe zokusekela ukuphila,’ ezingaba imali, ukudla, indawo yokuhlala, izingubo zokugqoka nokubabonisa isithakazelo somuntu siqu. (1 Johane 3:17) Uyajabula obonisa abanjalo umusa, ngoba “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
Kubahambela Kanjani?
Isimiso esithi “noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi” sisebenza kumuntu okhaliphile kanye nakoyisiwula. (Galathiya 6:7) Okhaliphile wenza okuhle; oyisiwula uceba okubi. “Ngeke yini bazulazule labo abaceba okubi?” kubuza inkosi ehlakaniphile. Impendulo ingu-yebo; “bayaduka.” (An American Translation) “Kodwa kukhona umusa wothando neqiniso ngokuqondene nalabo abaceba okuhle.” (IzAga 14:22) Labo abenza okuhle bathola umusa kwabanye nomusa wothando kaNkulunkulu.
Ehlobanisa impumelelo nokusebenza kanzima kanye nokwehluleka nokukhulumela safuthi nokungasebenzi okuyaphi, uSolomoni uthi: “Ngazo zonke izinhlobo zokukhandleka kukhona inzuzo, kodwa izwi nje lezindebe lithambekisela ekusweleni.” (IzAga 14:23) Ngokuqinisekile lesi simiso siyasebenza emizamweni yethu engokomoya. Lapho sizikhandla enkonzweni yobuKristu, sithola imivuzo yokwazisa abaningi iqiniso elisindisa ukuphila eliseZwini likaNkulunkulu. Ukusifeza ngokwethembeka noma isiphi isabelo esingokwasezulwini esingase sisinikezwe kuholela enjabulweni nasekwanelisekeni.
IzAga 14:24 zithi: “Umqhele wabahlakaniphile uyingcebo yabo; ubuwula beziphukuphuku bungubuwula.” Lokhu kungase kusho ukuthi ukuhlakanipha labo abahlakaniphile abalwela ukukuthola kuyingcebo yabo, futhi kuyabagqamisa noma kubahlobise. Ngakolunye uhlangothi, iziwula zithola ubuwula nje. Ngokwenye incwadi, lesi saga singase sisikisele nokuthi “ingcebo iyisivunulo salabo abakwaziyo ukuyisebenzisa kahle . . . [kuyilapho] iziwula zinobuwula bazo kuphela.” Kunoma ikuphi, umuntu ohlakaniphile kumhambela kangcono kunoyisiwula.
Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ufakazi weqiniso ukhulula imiphefumulo, kodwa okhohlisayo uphafuza amanga nje.” (IzAga 14:25) Nakuba la mazwi esebenza impela endabeni yokwahlulela, cabanga ngokusebenza kwawo enkonzweni yethu. Umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi uhilela ukufakazela iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Lokho kushumayela kukhulula abantu abanhliziyo zilungile enkolweni yamanga futhi kusindisa ukuphila. Ngokuziqaphela njalo thina nokufundisa kwethu, siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Njengoba siqhubeka senza lokhu, masiphaphamele ukubonisa ukukhalipha kuzo zonke izici zokuphila.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ngezAga 14:1-11, bheka INqabayokulinda ka-November 15, 2004, amakhasi 26-29.
b Bheka i-Phaphama! ka-November 8, 1987, amakhasi 25-30.
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuze sikwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile kumelwe siwatadishe ngenkuthalo amaqiniso ajulile
[Isithombe ekhasini 18]
Ingabe indlela yokuphila kokuthanda izinto ezibonakalayo yanelisa ngempela?