Isahluko 10
Ingabe Uzimisele Ukubhekana Neqiniso Ekuphileni Kwakho?
UKWAZI iqiniso kungase kungasizi ngalutho. Uma lisetshenziswa ngokuhlakanipha, lingakuvikela ekulimaleni noma ekulahlekelweni, libe nengxenye ekukwenzeni ujabule futhi ulondeke. Lokhu kunjalo ikakhulukazi ngokuqondene neqiniso ngalokho okuphambi kwalesizukulwane.
2 Ngokucabangela amaphuzu akulencwadi, ungase uvume ukuthi umuntu akanakukuletha ukuthula kweqiniso nokulondeka. Ungase uqaphele ukuthi okushiwo yiBhayibheli kuyiqiniso—ukuthi uNkulunkulu kuphela, ngoMbuso wakhe, ongaxazulula izinkinga ezibhekene nesintu. Khona-ke bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukuba wenze inkambo yakho yokuphila ivumelane nalokho okwazi manje ukuthi kuyiqiniso? (Jakobe 1:22) Kuhilelani lokhu?
3 IBhayibheli libeka izindinganiso ezithile okumelwe zihlangatshezwe yilabo uNkulunkulu ayobamukela njengengxenye yoHlelo lwakhe Olusha. Lezi zindinganiso zidinga izinguquko manje ekuphileni kwabo bonke abafuna ukuphila ngalesosikhathi. Kuyiqiniso, ngokombono wabantu, akuyona indlela yokuphila yabo bonke abantu ecatshangelwa njengembi. Nokho, ukuguqukela ezindinganisweni zeBhayibheli kuhilela umbono omusha ngokuphelele ngokuphila. Kungakho eyabaseRoma 12:2 ithi: “Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.”
4 Ushintsho olunjalo luyothinta indlela esinquma ngayo okuhle nokubi. Esikhathini esidlule kungenzeka siye sathembela emibonweni yabanye noma sazimisela ezethu izindinganiso. Kodwa manje siyaqaphela ukuthi yiwo lombono owabangela uAdamu noEva benqabe uNkulunkulu njengoMbusi wabo, kwaba nemiphumela ebulalayo. Uma sifuna ukuvunyelwa uNkulunkulu, kumelwe sibheke kuye ngezindinganiso zeqiniso zokuhle nokubi. Lezozindinganiso zitholakala kalula eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Njengoba iHubo 119:151 lisho: ‘Imiyalo yakhe yonke iyiqiniso.’ Ngakho-ke, ukuhambisana nayo kusho ‘ukuhamba eqinisweni.’ (IHubo 86:11) Ingabe akukhona lokho ofuna ukukwenza?
Isidingo Seseluleko Nesiyalo
5 Ukuze umuntu enze izinguquko ekuphileni kwakhe, kumelwe abone ukuthi kunesidingo salokho. IBhayibheli lithi, “akukho-muntu ongoniyo.” (1 AmaKhosi 8:46) Nokho abantu abaningi abazimisele ukuvuma amaphutha. Ngani? Bahlushwa ukuzazisa. Esikhundleni sokuvuma ngokuthobeka amaphutha abo, ngokuvamile basola abanye. Lokhu kuyenza ibe yimbi kakhulu inkinga.
6 Inkinga enkulu ngokufanayo iwukuthi asiphelele futhi asiyiqondi ngaso sonke isikhathi inkambo efanele esingayithatha. Singakhohliseka nokukhohliseka sicabange ukuthi inkambo eyingozi ilungile. (IzAga 16:25) Ngakho-ke sidinga isiyalo esivela emthonjeni ophakeme kunomuntu ukuze njalo senze okuyinzuzo kithina kanye nakwabanye abantu. IzAga 3:11 ziyawuchaza lowoMthombo: “Ndodana yami, ungadeleli ukuyala kukaJehova.”
7 UJehova usinikeza kanjani isiyalo? NgeZwi lakhe, iBhayibheli eliNgcwele. Ngakho-ke uma sifunda iBhayibheli, noma siboniswa iseluleko salo ngesinye isikhonzi, sibone ukuthi siyashiyeka ngendlela ethile, sisuke sithola isiyalo sikaNkulunkulu. Ngokwamukela lesosiyalo njengesiqondile futhi senze okuthile ngaso, sibonisa ukuthi sibhekana neqiniso. Sivuma ilungelo likaNkulunkulu lokusinikeza ukuqondisa futhi sibonisa ukuthi siwuhlobo lwabantu afuna ukuba nalo oHlelweni lwakhe Olusha. Yebo, ukuphila kwethu kwencike ekugcineni isiyalo saphezulu!—IzAga 4:13.
8 Ngokuqinisekile ukuze sizuze esiyalweni sikaNkulunkulu, kumelwe sithembeke kithina ngokwethu. Ngeke kusisize ngalutho ukuzenzisa uma sibonwa ngabanye, bese sibuyela ezindleleni zethu zakuqala uma singekho phambi kwabo. Ukuzenza abazenzisi kuyomane kuthuntubeze onembeza bethu. Futhi nakuba abantu bengase basibheke ngokusijabulela, asinakumkhohlisa uMdali. IzAga 15:3 ziyasitshela: “Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.” Ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyasibona kufanele kusivimbele ekwenzeni okubi. Ngesikhathi esifanayo singathola isikhuthazo esiqinisekisweni sokuthi ubabheka ngokubajabulela ‘abahle.’
‘Khulumani Iqiniso Komunye Nomunye’
9 Nakuba bengasho ukuthi balandela iBhayibheli ngokuthe ngqó, abantu abaningi namuhla abazicabangeli njengabangathembekile. Kodwa bangaki abakhuluma iqiniso njalo? Abantu abaningi ngokuvamile bayalifihla iqiniso noma bakhulume kuphela lokho abakholelwa ukuthi kuyofeza izinjongo zabo. Nakuba lokhu kubhekwa njengokwamukelekayo ezweni, lokho akukwenzi kube ngokulungile. Izwe lesintu esidediselwe kude noNkulunkulu “limi emandleni omubi.” Lowo “omubi,” uSathane uDeveli, “ungumqambimanga noyise wawo.” Ukuqamba amanga kwavela kuye. (1 Johane 5:19; Johane 8:44) Ngakho-ke akumelwe kumangaze kumuntu ukuthola ukuthi udinga ukwenza ushintsho olukhulu endabeni yokuba ngoneqiniso uma efuna ‘ukungalingisi lelizwe.’
10 Kunesizathu esihle sokuba ngothembekile. Akukho okuphazamisa ukuthula nokulondeka ngaphezu kokwehluleka ukwethembeka ngaso sonke isikhathi—ekhaya, emsebenzini noma ebhizinisini, ekuzilibaziseni, nasebuhlotsheni nabanye abantu. Uma abantu bengathembeki kwabakushoyo, lapho bekhohlisa noma bephamba, akekho ozuzayo. Abayizisulu zokukhohliswa ngokuvamile bayacasuka futhi bathukuthele. Ngaphandle kokucindezela okungokomzwelo nokungokwengqondo, ukungathembeki kungabangela ukulimala ngisho nokufa ngokomzimba. Ngokwesibonelo, umsebenzi omubi, izinto zokwakha zohlobo oluphansi, nezinkulumo ezikhohlisayo ziye zabangela izingozi ezingathi sína. Umuntu ocabanga ukuthi uyazuza ngokungathembeki kwakhe ngesikhathi esifanayo uyalahlekelwa ngokungathembeki kwabanye. Naye futhi, ukhokha imali enkulu ngezimpahla nezinkonzo ngenxa yokuthi kokubili izisebenzi nabathengi bayeba. Ngaleyondlela ukungathembeki kuyisiyingi esibi. Njengoba abantu abengeziwe bezuza ngabanye, ukukhungatheka, ubudlova, ukulimala, ngisho nokufa kuyanda.
11 Ngenxa yesithelo esibi kanjalo, akumangalisi ukuthi phakathi kwezinto “azizondayo uJehova” ukuqamba amanga, ukwephula izifungo, izisindo zenkohliso, nezilinganiso zenkohliso. (IzAga 6:16-19; 20:23) Abanomkhuba wokuqamba amanga ngeke bahlanganyele ezibusisweni uNkulunkulu azigcinele labo abamthandayo. (IsAmbulo 21:8) Akukhona yini lokho ebesingakulindela kuNkulunkulu olungileyo? Uma uNkulunkulu ubengaqhubeka ebekezelela labo abafisa ukuzuza ngokukhohlisa omakhelwane babo, umuntu ubengazizwa kanjani elondekile oHlelweni lwakhe Olusha?
12 Ngakho-ke iBhayibheli akumelwe lithathwe kalula uma liyala: ‘Khulumani iqiniso komunye nomunye.’ (Zakariya 8:16; Efesu 4:25) Ngokuqondene nezithembiso noma izivumelwano, “uyebo” wethu kumelwe abe nguYebo, “noqhabo,” abe uQhabo. (Jakobe 5:12) Uma sifuna ukumelela “uJehova uNkulunkulu [weqiniso],” kumelwe singaguquguquki ekukhulumeni iqiniso. (IHubo 31:5) Uma umuntu engakhulumi iqiniso, ngeke ahlonishwe uNkulunkulu noma abanye abantu. Futhi akanakummelela uNkulunkulu njengomunye wofakazi baKhe. Umhubi wathi: “Kepha komubi uNkulunkulu uthi: Yini ukuba ushumayele izimiso zami, uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho? Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.”—IHubo 50:16, 19.
13 Kodwa abanye bangabuza: Umuntu angakwazi yini ukuba neqiniso futhi athembeke kodwa aphumelele kulelizwe? ‘Angachuma’ ebhizinisini ngaphandle kokwenza okwenziwa yibo bonke abanye?
UNkulunkulu Uyabanakelela Labo Abasebenzisa Iqiniso
14 Ukuthi umuntu akanakukwazi ukuphila ngaphandle kokungathembeki kufana nokuba sithi uNkulunkulu akabanakekeli labo abamthandayo. Kodwa lokhu kuphambene nokuhlangenwe nakho kwezinceku zikaNkulunkulu ezinkulungwaneni zeminyaka. (Heberu 13:5, 6) Umhubi uDavide wathi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) Lokhu akusho ukuthi abantu abalungileyo abahlangabezani nezinkinga noma ubunzima. UDavide ngokwakhe wayephoqeleleke ukuba aphile isikhashana njengolahliwe emphakathini. Kodwa wayenazo izidingo zokuphila.
15 Okuyikhona okuqokonyiswa ukukhulekela kweqiniso akukhona ukuzuza ngokwezinto ezibonakalayo. Nokho, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuthi kungokufanelekile ukuthandazela isibusiso sikaNkulunkulu emizamweni yabo yokuthola “isinkwa sosuku.” (Luka 11:2, 3) Evuma ukuthi bayakudinga okokusekela ukuphila, waqinisekisa abafundi bakhe: “UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.” Kodwa wabakhuthaza: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:25-34) Uyakukholelwa lokho? Uma kunjalo, ngeke ube sesilingweni sokulahla izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga ngenxa nje yokuthi abanye abantu benza kanjalo. Kunalokho, uyokuqaphela ukuhlakanipha kwalokho okulotshwe kweyoku-1 Thimothewu 6:6-8, ethi: “Ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga-lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.”
16 Ukulandela lesiseluleko kudinga umbono ohluke ngokuphelele kulokho okuvame ezweni namuhla. Lokhu kuhilelekile futhi ‘ekuguquleni isimo sengqondo yethu.’ Ukwaneliswa izidingo zokuphila kusivikela ekwenzeni ukuphishekela imali nezinto ezibonakalayo kube okuyinhloko ekuphileni nasekubeni silingelwe ukuba siphambe abanye abantu ukuze sithole lezizinto. (IzAga 28:20; Mathewu 6:24; 1 Thimothewu 6:9, 10) Labo abenza ingcebo ibe umgomo wabo bangase bacabange ukuthi imelela ukulondeka nenjabulo. Kodwa kunalokho kunjengoba iBhayibheli lisho, “othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo.” (UmShumayeli 5:10) Labo abanokuningi bafuna okwengeziwe. Ngokuvamile badela impilo yabo nokuphila kwemikhaya yabo ukuze bakuthole. Esikhundleni sokuzizwa belondekile, baphila ngokwesaba ukulahlekelwa yilokho abanakho.
17 Umuntu osukelana nengcebo akabhekani neqiniso elashiwo uJesu, “ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” (Luka 12:15) Kungcono kakhulu ukubeka ukholo emandleni kaNkulunkulu okunakekela izinceku zakhe. Emazweni angaphezu kwama-200 phakathi kwezigidi zoFakazi BakaJehova, kunobufakazi obungokoqobo bokuthi uNkulunkulu uyawenza amalungiselelo anjalo. Ngaphansi kwazo zonke izinhlobo zohulumeni nakuzo zonke izinhlobo zemisebenzi engokomthetho, oFakazi bazo zonke izinhlanga nezizinda bayakwazi ukuphila ukuphila okujabulisayo, nezidingo zabo ziyanakekelwa. Ukholo lwabo emandleni kaNkulunkulu okunakekela, ngisho nalapho ukwethembeka kubonakala kubalahlekisela, luye lwavuzwa. Baye bazuza ukuhlonishwa ngabanye abantu futhi ngokuvamile kukhethwa bona njengezisebenzi ngoba abantu basafuna ukusebenzelana nalabo abathembekile. Kodwa okubaluleke ngokungaphezulu ukuthi abaqotho bajabulela unembeza ohlanzekile ngenxa yokwethembeka kwabo.
18 Ngaphambi kokuba babe oFakazi BakaJehova, babeye balandela izindlela zezwe ngezinga elithile. Kodwa ukutadisha iBhayibheli nokubhekana neqiniso lalo kwababangela ukuba bayeke imikhuba emibi. Manje bazama kanzima ukubonakalisa “konke ukwethembeka okuhle, ukuze [ba]hlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.” (Thithu 2:10) Akuzange kube lula ngaso sonke isikhathi ngabo ukubhekana neqiniso nokwenza izinguquko ekuphileni kwabo. Kodwa uthando ngeqiniso luye lwabasiza ukuba benze ngokuvumelana nalo.
19 Ingabe unothando olufanayo ngeqiniso? Uma unalo, uluhlobo lomuntu uNkulunkulu alufunayo ukuba amsindise angene oHlelweni lwakhe Olusha. Ukuze wamukelwe nguNkulunkulu, kumelwe ‘ukhuleke ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:24) Lokhu kuyokubonakalisa njengohlukile ezweni elikuzungezile. Kunezinye izindlela futhi okumelwe uhluke ngazo ezweni uma ufuna ukuthokozisa uJehova. Yiziphi lezi?
[Imibuzo Yesifundo]
1, 2. (a) Iqiniso lingasizuzisa kanjani? (b) Yini okholelwa ukuthi ingumthombo wangempela lapho ukuthula kweqiniso nokulondeka kuyovela khona?
3. Zibaluleke kangakanani izinguquko umuntu okumelwe azenze ekuphileni kwakhe uma efuna ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu?
4. Uma sifuna ngempela ‘ukuhamba eqinisweni,’ kumelwe sikunqume ngaziphi izisekelo okuhle nokubi?
5. (a) Uma sizokwenza izinguquko ekuphileni kwethu, iliphi iqiniso ngathi okumelwe sizimisele ukubhekana nalo? (b) Yini ngokuvamile evimbela umuntu ekubeni avume iphutha, kube namiphi imiphumela?
6. Imuphi umthombo okumelwe sifune kuwo isiyalo, futhi ngani?
7. (a) Isiyalo sikaJehova sifika kanjani kithi? (b) Ukwamukela kwethu nokusebenzisa isiyalo esinjalo kubonisani ngathi?
8. (a) Kungani siyobe sizilimaza ngokwethu uma senza sengathi siyasemukela isiyalo kodwa singazishintshi ngempela izindlela zethu? (b) Kungani kududuza ukwazi ukuthi uJehova uyasibona noma sikuphi?
9. (a) Uma kuziwa ekukhulumeni iqiniso, yini eyamukelwa njengevamile ezweni? Ngani? (b) Ngakho-ke, uma umuntu engafuni ‘ukulingisa lelizwe,’ iluphi ushintsho oludingekayo?
10. Isiyingi esibi sokungathembeki simelana kanjani nokuthula kweqiniso nokulondeka?
11. UJehova uzizwa kanjani ngokungathembeki nokuqamba amanga?
12, 13. (a) IBhayibheli ngokwalo lithini ngenkulumo eyiqiniso? (b) Ukuthembeka kwethu kuthintene kanjani nokuthi singamkhonza yini uJehova njengofakazi bakhe?
14. IBhayibheli lisisiza kanjani ukuba sibone ukuthi kungenzeka ukuphila ngaphandle kokungathembeki?
15. UJesu wathini ngesithakazelo sikaNkulunkulu ekutholeni kwethu izinto ezibonakalayo zokusekela ukuphila?
16. Ukusebenzisa kwethu lezimiso ezingokomBhalo kungasivikela kanjani?
17. (a) Uma umuntu ebeka inhliziyo yakhe ekutholeni ingcebo yezinto ezibonakalayo, iliphi iqiniso angalinaki? (b) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi kunengqondo ukusebenzisa izimiso zokwethembeka ekuziphiliseni?
18, 19. (a) Kungani labantu beye bashintsha ukuphila kwabo ukuze kuvumelane nezindinganiso zikaNkulunkulu? (b) Luhlobo luni lwabantu uNkulunkulu abafunayo ukuze abasindise bangene oHlelweni lwakhe Olusha?
[Isithombe ekhasini 113]
Umuntu angaba yini neqiniso futhi athembeke kodwa aphumelele ngokwezimali kulelizwe?