Indawo Yonke Emangalisayo
‘Kukhona Okusilelayo’—Kuyini?
NGEMVA kokubuka izinkanyezi ebusuku obucwathile, singena endlini, sigodola futhi amehlo ekhathele, izingqondo zethu zigcwele ubuhle obumangalisayo nemibuzo eminingi. Kungani kunendawo yonke? Yavelaphi? Iphokophelephi? Lena imibuzo abaningi abazama ukuyiphendula.
Ngemva kweminyaka emihlanu yokucwaninga ngokwesayensi yokuhlola indawo yonke, okwamenza waya ezingqungqutheleni zesayensi nasezikhungweni zokucwaninga kuwo wonke umhlaba, umlobi wezesayensi uDennis Overbye wachaza ingxoxo yakhe nesazi se-physics uStephen Hawking: “Ekuphetheni engangifuna ukukwazi kuHawking yilokho engangilokhu ngifuna ukukwazi kuye: Lapho siya khona uma sifa.”
Nakuba lamazwi ewukubhinqa, embula okuningi ngenkathi yethu. Imibuzo ayibangelwa izinkanyezi ngokwazo nezinkolelo-mbono kanye nemibono engqubuzanayo yezazi zendawo yonke ezizihlolayo. Abantu namuhla basafuna izimpendulo zemibuzo eyisisekelo osekuyizinkulungwane zeminyaka ikhathaza isintu: Kungani silapha? Ingabe uNkulunkulu ukhona? Siyaphi lapho sifa? Zitholakalaphi izimpendulo zalemibuzo? Ingabe zingatholakala ezinkanyezini?
Omunye umlobi wezesayensi, uJohn Boslough, waphawula ukuthi njengoba abantu beye bayifulathela inkolo, ososayensi abanjengezazi zendawo yonke baye baba “ubupristi obufanele benkathi yamanje. Yibona, hhayi abaholi benkolo, ababezokwembula zonke izimfihlo zendawo yonke kancane kancane, hhayi ngesigubuzelo sokuqonda okungokomoya kodwa ngezibalo eziqondakala kwabagcotshiwe kuphela.” Kodwa ingabe bayokwembula zonke izimfihlakalo zendawo yonke futhi baphendule yonke imibuzo osekuyiminyaka eminingi ikhathaza isintu?
Yini eyembulwa izazi zendawo yonke manje? Eziningi zisekela umbono “wemfundiso engokwenkolo” yokuqhuma okukhulu, okuye kwaba inkolo evamile yesikhathi sethu, nakuba ziyibalekela njalo imininingwane. “Nokho,” kuphawula uBoslough, “uma siphawula imibono emisha nephikisanayo, inkolelo-mbono yokuqhuma okukhulu ibonakala iyincazelo elula kakhulu yokuchaza indalo. Ekuqaleni kwawo-1990 inkolelo-mbono yokuqhuma okukhulu . . . yayihluleka ngokuqhubekayo ukuphendula imibuzo eyisisekelo.” Wanezela ukuthi “abasekeli abaningi bezinkolelo-mbono baye baveza umbono wokuthi yayingeke ihlale kuze kuphele ngisho neminyaka yawo-1990.”
Mhlawumbe okunye ukuqagela kwamanje ngendawo yonke kuyoba okunembile, mhlawumbe ngeke—njengoba kungenzeka ukuthi akhona amaplanethi avela ekukhanyeni okulufifi kwe-nebula ye-Orion, noma akunjalo. Iqiniso elingenakuphikwa liwukuthi akukho noyedwa kulomhlaba owazi ngokuqinisekile. Ziningi izinkolelo-mbono, kodwa izingqapheli ezithembekile zisekela umbono ohlakaniphile kaMargaret Geller wokuthi naphezu kokukhuluma okulula, kubonakala sengathi kunokuthile okuyisisekelo okusilelayo olwazini lwesayensi lwamanje ngendawo yonke.
Okusilelayo—Ukuvuma Amaqiniso Angathandeki
Ososayensi abaningi—futhi lokhu kuhlanganisa nezazi eziningi zendawo yonke—basekela inkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo. Balithola lingathandeki iqiniso lokuthi ukuhlakanipha nenjongo kunendima endalweni, futhi kuyabahlasimulisa ukuthi uNkulunkulu unguMdali. Bayenqaba ngisho nokucabangela inkulumo enjalo ehlukile. IHubo 10:4 liyamlahla umuntu oqhoshayo ‘onganaki lutho; imicabango yakhe yonke ewukuthi: Akakho uNkulunkulu.’ Unkulunkulu wakhe wendalo iNhlanhla. Kodwa njengoba ulwazi lwanda futhi inhlanhla kanye nokuqondana kwezinto kuncipha ngenxa yobufakazi obandayo, usosayensi uqala ukuphendukela ezintweni ezingamukeleki njengokuhlakanipha nokuklanywa kwezinto. Cabangela izibonelo ezilandelayo:
“Ngokusobala kunesici ebesisilela ekuhlolweni kwendawo yonke. Umsuka weNdawo Yonke, njengokuxazulula i-Rubik cube, udinga ukuhlakanipha,” kubhala isazi se-astrophysics uFred Hoyle encwadini yakhe ethi The Intelligent Universe, ikhasi 189.
“Lapho ngiqhubeka ngihlola indawo yonke futhi ngihlola imininingwane yokuklanywa kwayo, kulapho ngithola khona ubufakazi obengeziwe bokuthi ngandlela-thile indawo yonke kumelwe ukuba yayazi ukuthi siyeza.”—I-Disturbing the Universe kaFreeman Dyson, ikhasi 250.
“Yiziphi izici zeNdawo Yonke ezazidingeka ukuze kuvele izidalwa ezinjengathi, futhi ingabe kungenxa yokuqondana kwezinto, noma ngenxa yesizathu esithile esijulile, ukuthi iNdawo Yonke yethu inalezi zici? . . . Ingabe kunecebo eliphakeme eliqikelela ukuthi iNdawo Yonke iklanyelwe isintu?”—I-Cosmic Coincidences kaJohn Gribbin noMartin Rees, amakhasi xiv, 4.
UFred Hoyle naye ukhuluma ngalezi zici ekhasini 220 lencwadi yakhe ecashunwe ngenhla: “Izici ezinjalo zibonakala ekuklanyweni kwemvelo njengochungechunge lwezingozi ezijabulisayo. Kodwa kunokuqondana okuningi kwalezi zinto eziyinqaba ezidingekile ekuphileni kangangokuthi kubonakala kudingeka incazelo ukuze zichazwe.”
“Akukhona nje kuphela ukuthi umuntu uklanyelwe indawo yonke. Indawo yonke iklanyelwe umuntu. Ake ucabange ngendawo yonke enezimiso eziyisisekelo zesayensi engokwemvelo ezishintshwe kancane nje ngandlela-thile. Umuntu wayengeke aphile endaweni yonke enjalo. Lelo iphuzu eliyinhloko lesimiso sokuba khona kwabantu. Ngokwalesi simiso, isici esinikeza ukuphila siwumthombo wakho konke ukusebenza nokuklanywa komhlaba.”—I-Anthropic Cosmological Principle, kaJohn Barrow noFrank Tipler, ikhasi vii.
UNkulunkulu, Ukuklanywa Kwezinto, Nezimiso Zesayensi Yemvelo
Yiziphi ezinye zalezi zimiso zesayensi yemvelo ezidingekayo ukuze kube khona ukuphila endaweni yonke? Umbiko othile kuyi-Orange County Register ka-January 8, 1995, wabala ezimbalwa zalezi zimiso. Wagcizelela indlela lezi zici ezivunyelaniswe kahle ngayo, uthi: “Amazinga ezici eziningi eziyisisekelo zemvelo ezakha indawo yonke—ngokwesibonelo, amandla e-electron, noma isivinini sokukhanya esingaguquki, noma isilinganiso samandla ayisisekelo emvelweni—alingana ncamashí, amanye ngemininingwane engafinyelela ezikhathini ezingu-120. Ukuba khona kwendawo yonke eveza ukuphila kuwaqaphela ngempela lamazinga. Uma kungaba nanoma imuphi umehluko omncane—ingxenye yomzuzwana, noma ibangana nje elincane—indawo yonke ngabe kade yafa futhi yasala ingenalutho.”
Umlobi walombiko wabe esekhuluma ngokuthile okungavamile ukukhulunywa ngakho: “Kubonakala kunengqondo ukuthi kunomcabango oyimfihlakalo ofihlekile kulenqubo, mhlawumbe ongamandla ahlakaniphile nathatha isenzo ahlela indawo yonke elungiselela ukufika kwethu.”
UGeorge Greenstein, uprofesa wesayensi yokuhlola izinkanyezi nesayensi yokuhlola indawo yonke, wanikeza uhlu olude lwalezi zimiso zemvelo encwadini yakhe ethi The Symbiotic Universe. Phakathi kwalezo azibala kwakunezimiso ezivunyelaniswe kahle kangangokuthi uma bezingashintsha kancane nje, bekungeke kuvele ama-athomu, izinkanyezi, kanye nendawo yonke. Imininingwane yalokhu kuhlobana isebhokisini elihambisana nalesi sihloko. Kumelwe ibe khona ukuze kube nokuphila kwemvelo. Iyinkimbinkimbi futhi bangase bangayiqondi bonke abafundi, kodwa izazi ze-astrophysics eziqeqeshwe kulemikhakha ziyayiqonda, yona kanye neminye eminingi.
Njengoba loluhlu lwalwanda, uGreenstein wakhungatheka. Wathi: “Ukuqondana kwezinto okuningi kangaka! Lapho ngiqhubeka ngifunda, kulapho ngaqiniseka khona ngokwengeziwe ngokuthi ‘ukuqondana kwezinto’ okunjalo kwakungenakwenzeka ngenhlanhla. Kodwa njengoba lokhu kuqiniseka kwakukhula, kukhona nokuthile okwakukhula. Ngisho namanje kunzima ukubeka lokhu ‘okuthile’ ngamazwi. Kwakuwukucasuka okukhulu, futhi ngezinye izikhathi cishe kwakubonakala ngokomzimba. Ngangingenakho neze ukuthula kwengqondo. . . . Kungenzeka yini ukuthi ngokungalindelekile, singahlosile, siye sanqwamana nobufakazi obungokwesayensi bokuba khona koMuntu Ophakeme? Ingabe uNkulunkulu wangenela futhi ngokuhlakanipha waklama indawo yonke ukuze kuzuze thina?”
Ecasukile futhi ethuswe yilomcabango, uGreenstein wahoxa ngokushesha, wanamathela embonweni wakhe wakudala ongokwesayensi, futhi wathi: “UNkulunkulu akayona imbangela.” Kwakungezwakali—kwakungathandeki kangangokuthi akazange awamukele lowo mcabango!
Isidingo Somuntu Esingokwemvelo
Akukho kulokhu okukubukela phansi ukuzikhandla kososayensi abaqotho, kuhlanganise nezazi zendawo yonke. OFakazi BakaJehova bakwazisa kakhulu abakutholayo ngokuqondene nendalo okwembula amandla nokuhlakanipha nothando lukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. EyabaseRoma 1:20 ithi: “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.”
Ukufunisisa nokuzikhandla kososayensi kuwukusabela kwabantu okungokwemvelo esidingweni esiyisisekelo esintwini njengesidingo sokudla, isikhoselo, nezingubo. Kuyisidingo sokwazi izimpendulo zemibuzo ethile ngokuqondene nesikhathi esizayo nenjongo yokuphila. UNkulunkulu uye “wamisa ubuphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abanakukuqonda lokho uNkulunkulu akwenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.”—UmShumayeli 3:11, The Holy Bible—New International Version.
Lokhu akuzona izindaba ezimbi. Kusho ukuthi isintu ngeke sazi konke, kodwa ngeke siphelelwe izinto ezintsha esingazifunda: “Ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.”—UmShumayeli 8:17.
Abanye ososayensi baphikisa ngokuthi ukwenza uNkulunkulu “ikhambi” lenkinga kuqeda isisusa sokucwaninga okwengeziwe. Nokho, umuntu oqaphelayo ukuthi uNkulunkulu unguMdali wamazulu nomhlaba usenemininingwane eminingi ethakazelisayo okufanele ayithole nezimfihlakalo ezihlaba umxhwele okufanele azihlole. Kunjengokungathi unemvume yokuqhubeka nomkhankaso ojabulisayo wokufuna nokufunda!
Ubani ongasenqaba isimemo sika-Isaya 40:26? “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone.” Kulamakhasi ambalwa siye saphakamisela amehlo ethu phezulu, futhi esiye sakubona ‘okuthile okusilelayo’ okuye kwaphamba izazi zendawo yonke. Siye sathola nezimpendulo eziyisisekelo zaleyo mibuzo ebeleselayo eye yakhathaza umuntu phakathi nayo yonke leminyaka.
Izimpendulo Ziyatholakala Encwadini
Izimpendulo bezilokhu zikhona, kodwa njengezazi zenkolo zosuku lukaJesu, abantu abaningi baye baphuphuthekisa amehlo abo, bavala izindlebe zabo, futhi bazenza zaba lukhuni izinhliziyo zabo ezimpendulweni ezingazange zivumelane nezinkolelo-mbono zabo zabantu noma indlela yokuphila abayikhethayo. (Mathewu 13:14, 15) UJehova uye wasitshela ukuthi indawo yonke ivelaphi, indlela umhlaba owaba khona ngayo, nokuthi obani abayophila kuwo. Uye wasitshela ukuthi abantu abahlala emhlabeni kumelwe bawunakekele futhi banakekele ngothando izitshalo nezilwane ezihlala nabo kuwo. Uye wasitshela nokuthi kwenzekani lapho abantu befa, ukuthi bangabuye baphile, nalokho okumelwe bakwenze ukuze baphile phakade emhlabeni.
Uma unesithakazelo sokuthola izimpendulo ngeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, siza ufunde lemibhalo elandelayo: Genesise 1:1, 26-28; 2:15; IzAga 12:10; Mathewu 10:29; Isaya 11:6-9; 45:18; Genesise 3:19; IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5; IzEnzo 24:15; Johane 5:28, 29; 17:3; IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:3-5.
Kungani ungafundi lemibhalo nomkhaya wakho noma nomakhelwane noma neqembu labangane kwakho ngolunye usuku kusihlwa? Qiniseka ngokuthi kuyoba ingxoxo efundisayo nethakazelisayo!
Ingabe izimfihlakalo zendawo yonke zikuhlaba umxhwele futhi buyakushukumisa ubuhle bayo? Kungani ungamazi kangcono Lowo owayidala? Ukufuna kwethu ukwazi nokumangala kwethu akuwathinti amazulu angaphili, kodwa uJehova uNkulunkulu, uMdali wawo, unguMdali wethu futhi, futhi uyabakhathalela abathobekile abanesithakazelo sokufunda ngaye nangendalo yakhe. Kuwo wonke umhlaba kukhishwa lesi simemo: “‘Woza!’ Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.”—IsAmbulo 22:17.
Yeka ukuthi lesi isimemo esijabulisa kangakanani esivela kuJehova! Kunokuba ivele ngokuqhuma okungenangqondo nokungenanjongo, indawo yonke yadalwa uNkulunkulu onokuhlakanipha okungenamkhawulo nenjongo eqinisekile owayecabanga ngawe kusukela ekuqaleni. Amandla akhe angenakulinganiswa alawulwa ngokucophelela futhi atholakala njalo ukuze asekele izinceku zakhe. (Isaya 40:28-31) Umvuzo wakho wokumazi uyohlala njalo njengendawo yonke emangalisayo!
“Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.”—IHubo 19:1.
[Ibhokisi ekhasini 13]
Uhlu Lwezinye Izimiso Zemvelo Ezidingekayo Ukuze Kube Khona Ukuphila
Amandla e-electron nawe-proton kumelwe alingane futhi aphambane; i-neutron kumelwe ibe nesisindo esingaphezulu kancane kwese-proton; izinga lokushisa kwelanga namandla okumunca e-chlorophyll kumelwe kufane ngaphambi kokuba kube khona i-photosynthesis; ukuba amandla amakhulu abemancane, ilanga belingeke liphehle amandla ngokuxubana kwamandla enuzi, kodwa ukuba abemakhudlwana, amandla okushisa adingekayo abeyoshintsha ngamandla amakhulu; ngaphandle kwama-nucleus amabili angafani endeni yezinkanyezi ezinkulu, kwakungeke kwakheke okuthile ngaphandle kwe-helium; ukuba umkhathi ubungenazo izinhlangothi ezintathu, bekungeke kube nokuxhumana phakathi kokugeleza kwegazi nesimiso sezinzwa; futhi ukuba umkhathi ubunezinhlangothi ezingaphezu kwezintathu, amaplanethi abengeke azungeze ilanga ngokuhleleka.—I-Symbiotic Universe, amakhasi 256-7.
[Ibhokisi ekhasini 14]
Ingabe Ukhona Obone Isigaxa Sami?
Umthala i-Andromeda, njengayo yonke imithala ethandelene, uzungeza ngokumangalisayo emkhathini njengokungathi uyisiphepho esinamandla. Izazi zezinkanyezi zingalinganisa izinga lokuzungeza kwemithala eminingi ngokuhlukana kwemisebe yokukhanya, futhi lapho zenza kanjalo, zithola okuthile okudidayo. Amazinga okuzungeza awaqondakali neze! Yonke imithala ethandelene kubonakala sengathi izungeza ngokushesha ngokweqile. Kuba njengokungathi izinkanyezi zomthala ezibonakalayo zifakwe endingilizini enkulu yesigaxa esimnyama, esingabonakali ngesibonakude. “Asazi ukuthi lesi sigaxa esimnyama sakheke kanjani,” kuvuma isazi sezinkanyezi uJames Kaler. Izazi zendawo yonke zithi amaphesenti angu-90 alesi sigaxa esingaziwa awachazeki. Zimagange zifuna ukusithola, kungakhathaliseki ukuthi singama-neutrino amakhulu noma siyisigaxa esithile esingaziwa kodwa esikhulu.
Uma usithola lesi sigaxa, yazisa isazi sangakini sendawo yonke ngokushesha!