Intsha Ekhumbula UMdali Wayo
“Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”—UMSHUMAYELI 12:1.
1. Yimaphi amazwi osemusha oneminyaka engu-11 embula ukuthi uMdali wethu ungokoqobo kuye?
YEKA ukuthi kuhle kanjani lapho intsha ikhuluma futhi yenza ngendlela ebonisa ukuthi ibheka uJehova uNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo emazisayo nefuna ukumjabulisa! Umfana oneminyaka engu-11 wathi: “Lapho ngingedwa ngibuka efasiteleni, ngibona indlela indalo kaJehova emangalisa ngayo. Ngibe sengicabanga ngendlela iPharadesi eliyoba lihle ngayo esikhathini esizayo nangendlela engiyokwazi ngayo ukuthinta izilwane ngaleso sikhathi.” (Isaya 11:6-9) Wanezela: “Lapho ngingedwa, ngiyathandaza kuJehova. Ngiyazi ukuthi ngeke angicasukele ngokukhuluma naye njalo. Ngiyazi ukuthi uhlale engibhekile.” Ingabe uMdali wethu ungokoqobo kuwe njengakulomfana?
Ungokoqobo Kangakanani UNkulunkulu Kuwe?
2. (a) UMdali wakho angaba kanjani ngokoqobo kuwe? (b) Abazali bangaba nayiphi ingxenye ekusizeni izingane zabo ziqaphele ukuthi uNkulunkulu ungumuntu ongokoqobo?
2 Ukuze uJehova nezithembiso zakhe kube ngokoqobo kuwe, kumelwe uqale ufunde ngaye nangekusasa elimangalisayo alibeke phambi kwakho emhlabeni omusha wokulunga ochazwe eBhayibhelini. (IsAmbulo 21:3, 4) Uma abazali bakho bekufundisile ngalezi zinto, unesizathu sokujabula ngoba lokhu kukwenza ukwazi ukulalela lomyalo ophefumulelwe: “Futhi khumbula uMdali wakho.” (UmShumayeli 12:1, omalukeke sizenzele.) Omunye osemusha wathi ngokuqondene nokuqeqeshwa kwakhe kwasebuntwaneni: “Yonke into ekuphileni yayihlale inoJehova phakathi. Kimi, lokhu kwakuyisihluthulelo sokukhumbula uMdali wami.” Enye intokazi yaphawula: “Ngiyohlale ngibabonga abazali bami ngokungifundisa ukuthi uJehova ungumuntu ongokoqobo. Bangibonisa indlela yokumthanda futhi bangitshela ngenjabulo yokumkhonza isikhathi esigcwele.”
3, 4. Yini engakusiza ukuba ucabange ngoJehova njengomuntu ongokoqobo?
3 Nokho, abaningi bakuthola kunzima ukucabanga ngoNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo onesithakazelo kubo. Ingabe kunjalo nangawe? Ukuze acabange ngoNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo omunye osemusha wasizwa yilamazwi avela kuyi-Nqabayokulinda: “Asazi ukuthi uJehova uNkulunkulu mkhulu kangakanani ngomzimba.” Yebo, ubukhulu bukaNkulunkulu abuxhomekile esilinganisweni noma esimweni sakhe esingokomzimba, njengoba umusho olandelayo kuleyo Nqabayokulinda usho: “Ubukhulu bakhe bangempela busohlotsheni lukaNkulunkulu ayilo,” yebo, uNkulunkulu okholekile, onobubele, onothando, nothethelelayo.a (Eksodusi 34:6; Duteronomi 32:4; IHubo 86:5; Jakobe 5:11) Ingabe uJehova umbheka njengomuntu onjalo, umngane othembekile ongaba nobuhlobo obuyigugu naye?—Isaya 41:8, qhathanisa ne-NW; Jakobe 2:23.
4 UJesu wasiza abalandeli bakhe bokuqala ukuba babe nobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu. Ngakho, lapho umphostoli uJohane ebhala ngokuvuselwa kwakhe ekuphileni kwasezulwini ayekulindele, waphawula: “Siyoba [njengoNkulunkulu], ngoba siyombona enjengoba enjalo nje.” (1 Johane 3:2; 1 Korinte 15:44) Namuhla nentsha ingasizwa ukuba ibheke uNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo, engase imazi kahle nakuba ingenakumbona ngokoqobo. Enye insizwa yaphawula: “Abazali bami bangisiza ukuba ngikhumbule uJehova ngokungibuza imibuzo eminingi, enjengokuthi, ‘Ubengathini uJehova? Ungakubeka kanjani ngamazwi akho siqu? Kusho ukuthini lokho?’” Imibuzo enjengalena ayisenzi yini sicabange ngobuhlobo bethu bomuntu siqu noNkulunkulu?
Lokho Okushiwo Ukukhumbula
5. Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi ukukhumbula othile kuhilela okungaphezu kokukhumbula igama lakhe?
5 Ukulalela umyalo othi, “Futhi khumbula uMdali wakho,” kusho okungaphezu nje kokucabanga ngoJehova. Kuhilela isenzo, ukwenza lokho okumjabulisayo. Lapho iselelesi sinxusa uJesu sithi, “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho,” sasifuna ukuba uJesu enze okungaphezu kokukhumbula igama laso. Sasifuna ukuba uJesu enze isenzo esithile, asivuse. (Luka 23:42) Ngokufanayo, uJosefa owayeboshiwe wayelindele ukuba enzelwe okuthile lapho ecela umphathi-zitsha kaFaro ukuba amkhumbule kuFaro. Futhi, lapho uJobe enxusa uNkulunkulu ethi, “Ungikhumbule,” wayecela uNkulunkulu ukuba enze isenzo sokumvusa, esikhathini esithile esizayo.—Jobe 14:13, omalukeke sizenzele; Genesise 40:14, 23.
6. Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “khumbula” lilusikisela kanjani uthando ngento noma ngomuntu okhunjulwayo?
6 Enye incwadi ithi igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “khumbula” ngokuvamile lisikisela “ukuxhumana ngothando kwengqondo nesenzo okuhambisana nokukhumbula.” Ukuthi igama elithi “khumbula” lisikisela “uthando” kungabonakala ekubaliseni ‘kwengxubevange’ ehlane: “Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe.” Njengoba nje uJobe anxusa ukuba uNkulunkulu amkhumbule ngokumenzela umusa, ngokufanayo uHezekiya, uNehemiya, uDavide nomhubi ongashiwongo ngegama bamnxusa nabo uJehova ukuba abakhumbule ngothando eqaphela ukukholeka kwabo.—Numeri 11:4, 5, omalukeke sizenzele; 2 AmaKhosi 20:3; Nehemiya 5:19; 13:31; IHubo 25:7; 106:4.
7. Uma sikhumbula uNkulunkulu ngothando, lokhu kuyokuthinta kanjani ukuziphatha kwethu?
7 Ngakho singase sibuze, ‘Simkhumbula ngothando yini uMdali wethu futhi sigweme ukwenza noma yini ezomzwisa ubuhlungu?’ Omunye osemusha waphawula: “Umama wangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi uJehova unemizwa, ngakho ngangazi ngisemncane ukuthi izenzo zami ziyamthinta.” (IHubo 78:40-42) Omunye wachaza: “Ngangazi ukuthi izenzo zami ziyoba usizo noma isiphazamiso ekuphenduleni inselele uSathane ayiphonsela uJehova. Ngangifuna ukujabulisa inhliziyo kaJehova, ngakho lokho kwangisiza futhi kusangisiza kuze kube namuhla.”—IzAga 27:11.
8. (a) Ukuphishekelani okuyobonisa ukuthi sikhumbula uJehova ngothando? (b) Yimiphi imibuzo intsha eyoyicabangela ngokuhlakanipha?
8 Kuyavunywa, kulelizwe elibi akulula ngaso sonke isikhathi ukukhumbula uJehova ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini omjabulisayo. Kodwa yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani uma ungalingisa uThimothewu osemusha wekhulu lokuqala—ingasaphathwa eyezinkulungwane zentsha esaba uNkulunkulu namuhla—ngokuphishekela inkonzo yobuKristu isikhathi esigcwele njengesikhonzi esiyiphayona! (IzEnzo 16:1-3; 1 Thesalonika 3:2) Nokho, kungase kubuzwe, Ungakwazi yini ukuzisekela enkonzweni yamaphayona? Futhi uma ungashada, uyokwazi yini ukondla labo abasemkhayeni wakho? (1 Thimothewu 5:8) Lena imibuzo ebalulekile, futhi kusemqoka ukuba uyicabangisise.
Imfundo Enenjongo
9. Intsha ibhekene nasiphi isinqumo ngokuqondene nemfundo yezwe?
9 Njengoba umphakathi wesintu uba nezindlela zokuxhumana eziyinkimbinkimbi, kungase kudingeke imfundo ethé xaxa ukuze uthole umsebenzi ongakwenza ukwazi ukuzisekela emsebenzini wamaphayona. Kungenzeka uye waphawula ukuthi ngisho nabanye abanemfundo yaseyunivesithi kuye kwadingeka baphinde bafunde ukuze babe namakhono amasha abalulekile kubaqashi namuhla. Ngakho nina enisebasha enifuna ukujabulisa uNkulunkulu imfundo engakanani eniyozama ukuyithola? Ngokufanelekile isinqumo kufanele senziwe kucatshangwa ngalomyalo ophefumulelwe: “Futhi khumbula uMdali wakho.”
10. Iyiphi imfundo engcono kakhulu esingayithola?
10 Yebo, uyofuna ukuphishekela lokho ngisho neziphathimandla zezwe ezikubheka njengemfundo engcono—leyo etholakala ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela. Umbhali waseJalimane uJohann Wolfgang von Goethe waphawula: “Lapho ukuhlakanipha [kwabantu] kuqhubeka kukhula, kuyokwenzeka ngokugcwele futhi ukuba basebenzise iBhayibheli njengesisekelo nanjengethuluzi lemfundo.” Yebo, ukutadisha iBhayibheli kuyokuhlomisa kangcono ekuphileni kunanoma iyiphi enye imfundo!—IzAga 2:6-17; 2 Thimothewu 3:14-17.
11. (a) Yimuphi umsebenzi obaluleke kunayo yonke esingawenza? (b) Kungani omunye osemusha akhetha ukuthola isilinganiso esithile semfundo?
11 Njengoba ulwazi ngoNkulunkulu lunikeza ukuphila, umsebenzi obaluleke kunayo yonke ongawenza namuhla uwukuhlanganyela lolo lwazi nabanye. (IzAga 3:13-18; Johane 4:34; 17:3) Nokho, ukuze ukwenze ngokuphumelelayo lokhu, kudingeka ufundiswe izinto eziyisisekelo. Kudingeka ukwazi ukucabanga kahle, ukukhuluma amazwi anengqondo, futhi ukwazi ukufunda nokubhala kahle—amakhono afundiswa esikoleni. Ngakho zibheke njengezibalulekile izifundo zakho zesikole, njengoba kwenza uTracy, osemusha waseFlorida, e-U.S.A., owaphuma ngamalengiso lapho ephothula esikoleni esiphakeme. Wazwakalisa ithemba lakhe: “Bengilokhu nginomgomo wokuba inceku yesikhathi esigcwele kaNkulunkulu wami uJehova, futhi ngiyethemba ukuthi imfundo yami izongisiza ukuba ngiwufinyelele lomgomo.”
12. Uma sikhetha imfundo yezwe eyengeziwe, ingase isize ekufezeni yiphi injongo?
12 Wake wacabanga yini ngesizathu sokuba ufunde esikoleni? Ingabe ngokuyinhloko siwukuba uhlomele ukuba yisikhonzi sikaJehova esiphumelelayo? Uma kunjalo, uyofuna ukuyicabangela ngokungathi sína indlela imfundo yakho eyifeza kahle ngayo lenjongo. Ngemva kokubonisana nabazali bakho, kungase kunqunywe ukuba uthole imfundo engaphezu kwaleyo edingwa umthetho. Imfundo enjalo eyengeziwe ingase ikusize ukuba uthole umsebenzi ukuze uzisekele futhi ikunikeze isikhathi namandla okuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini woMbuso.—Mathewu 6:33.
13. AmaKristu amabili aseRussia athola imfundo eyengeziwe aye ayibonisa kanjani injongo yawo ekuphileni?
13 Abanye abafuna imfundo eyengeziwe bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngisho nalapho besephakathi naleyo mfundo. Cabangela uNadia noMarina, amantombazane amabili evé eshumini nambili aseMoscow, eRussia. Bobabili babhapathizwa ngo-April 1994 futhi baqala ukukhonza njengezikhonzi ezingamaphayona asizayo. Ngokushesha ngemva kwalokho baphothula esikoleni esiphakeme futhi bathatha isifundo se-accounting seminyaka emibili. Ngo-May 1995 bathatha ubuphayona obuvamile, kodwa babesalokhu bethola u-A ezifundweni zabo ze-accounting. Ngaphezu kwalokho, bobabili bakwazi ukuqhuba isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezingu-14 isonto ngalinye lapho besafunda esikoleni. Lamantombazane anethemba lokuthi izifundo zawo ze-accounting ziyowasiza athole umsebenzi oyowenza akwazi ukuzisekela enkonzweni yesikhathi esigcwele.
14. Kungakhathaliseki ukuthi ingakanani imfundo yezwe esiyikhethayo, iyiphi into okufanele ibe ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwethu?
14 Uma uzama ukuthola imfundo yezwe engaphezu kwaleyo edingwa umthetho, ngokuhlakanipha hlola isizathu sokuba wenze kanjalo. Ingabe ufuna ukuzenzela igama futhi uthole ingcebo yezinto ezibonakalayo? (Jeremiya 45:5; 1 Thimothewu 6:17) Noma ingabe umgomo wakho uwukusebenzisa imfundo eyengeziwe ukuze uhlanganyele ngokugcwele kakhudlwana enkonzweni kaJehova? ULydia, osemusha owakhetha ukuthola imfundo eyengeziwe, wabonisa isimo esihle sokugxila ezintweni ezingokomoya, echaza: “Abanye baphishekela imfundo ephakeme bese bevumela ukuthanda izinto ezibonakalayo kubaphazamise, futhi baye bakhohlwa ngoNkulunkulu. Kimi, ubuhlobo bami noNkulunkulu buyinto ebaluleke kunazo zonke.” Yeka isimo sengqondo esitusekayo ngathi sonke!
15. Yiziphi izizinda zemfundo ezihlukahlukene ezazikhona phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala?
15 Ngokuphawulekayo, amaKristu ekhulu lokuqala ayenezizinda zemfundo ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru noJohane, babebhekwa njengabantu “abangafundile nabavamile” ngoba babengazange baqeqeshwe ezikoleni zorabi. (IzEnzo 4:13) Ngakolunye uhlangothi, umphostoli uPawulu wathola lokho namuhla esingakufanisa nemfundo yaseyunivesithi. Kodwa uPawulu akazange asebenzise leyo mfundo ukuze azigqamise; kunalokho, yaba usizo lapho eshumayela kubantu abasemazingeni okuphila ahlukahlukene. (IzEnzo 22:3; 1 Korinte 9:19-23; Filipi 1:7) Ngokufanayo, uManayeni, ‘owayefunde noHerode umbusi wesifunda,’ wayephakathi kwalabo ababehola ebandleni lase-Antiyokiya.—IzEnzo 13:1.
Kungani Kufanele Uyisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho?
16. (a) Kungani kungase kube nzima ukukhumbula uMdali wethu uma sinezikweletu? (b) Omunye wemifanekiso kaJesu ukwembula kanjani ukubaluleka kokucabanga ngaphambi kokuba sisebenzise imali?
16 Uma uhluleka ukusebenzisa imali yakho ngokuhlakanipha, kungase kube nzima kakhulu ukukhumbula uMdali wakho ngokwenza lokho okumjabulisayo. Ngoba uma uba nezikweletu, kungase kuthiwe unenye inkosi. IBhayibheli liyachaza: “Boleka imali futhi ube isigqila sokubolekile.” (IzAga 22:7, Today’s English Version) Omunye wemifanekiso kaJesu uqokomisa ukubaluleka kokucabanga ngaphambi kokuba sisebenzise imali. “Ubani kini,” kusho uJesu, “ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede? Uma kungenjalo, angase abeke isisekelo sawo kodwa angakwazi ukuwuqeda, futhi bonke ababukele bangase baqale ukumhleka usulu.”—Luka 14:28, 29.
17. Kungani ngokuvamile kunzima ukulawula ukusebenzisa komuntu imali?
17 Ngakho-ke, ngokuhlakanipha uyozama ukuphila ngesimiso esingokomBhalo ‘sokungakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana.’ (Roma 13:8) Kodwa kunzima ukwenza lokhu, ikakhulukazi lapho ufumbelwa njalo ngemikhiqizo emisha abakhangisi abathi uyayidinga nakanjani. Omunye umzali oye wazama ukusiza izingane zakhe ukuba zisebenzise ukuqonda, waphawula: “Siye sasebenzisa isikhathi esiningi sixoxa ngokuthi siyini isidingo nokuthi iyini imfuno.” Izikole ziye zahluleka ukufundisa izinto ezinjalo, zinikeza imfundo encane uma ikhona eziyinikezayo ngendlela yokusebenzisa imali ngokufanele. Esinye isisebenzi sezenhlalakahle saphawula: “Siphothula esikoleni esiphakeme sazi okwengeziwe ngonxantathu onezinhlangothi ezimbili ezilinganayo kunendlela yokonga.” Khona-ke, yini engakusiza ukuba ukwazi ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha?
18. Siyini isihluthulelo sokusebenzisa imali ngokuhlakanipha, futhi ngani?
18 Ukulalela umyalo othi, “Futhi khumbula uMdali wakho,” kuyisihluthulelo sokusebenzisa imali yakho ngokuhlakanipha. Lokhu kungenxa yokuthi lapho ulalela lowo myalo, into eza kuqala kuwe ukujabulisa uJehova, futhi uthando lwakho ngaye luthonya indlela osebenzisa ngayo imali yakho. Ngokuvumelana nalokhu, uyozama ukungazivumeli izimfuno zakho ukuba ziphazamise ukunikeza uNkulunkulu ukuzinikela komphefumulo wonke. (Mathewu 16:24-26) Uyozama ukugcina iso lakho “lilihle,” okungukuthi, ligxilé ngokuqondile eMbusweni kaNkulunkulu nasekwenzeni intando yakhe. (Mathewu 6:22-24) Ngaleyo ndlela uyobheka umyalo waphezulu ‘wokudumisa uJehova ngempahla yakho’ njengelungelo elijabulisayo.—IzAga 3:9.
Intsha Efanele Ukulingiswa
19. Esikhathini esidlule intsha iye yamkhumbula kanjani uMdali wayo?
19 Ngokujabulisayo, intsha eningi yesikhathi esidlule neyanamuhla, iye yakhumbula uMdali wayo. USamuweli omncane wabambelela enkonzweni yetabernakele naphezu kwethonya lokuziphatha okubi lalabo ayekhonza nabo. (1 Samuweli 2:12-26) Umlingi oyengayo, umkaPotifari, wahluleka ukuyenga uJosefa osemusha ukuba enze ubufebe. (Genesise 39:1-12) Nakuba ‘ayesengumntwana,’ uJeremiya washumayela ngesibindi ebhekene nokuphikiswa okunzima. (Jeremiya 1:6-8) Intombazanyana engumIsrayeli ngesibindi yaqondisa induna enamandla yebutho lama-Aramu ukuba iyofuna usizo kwa-Israyeli, lapho yayingafunda khona ngoJehova. (2 AmaKhosi 5:1-4) UDaniyeli osemusha nabangane bakhe bagcina ubuqotho babo lapho bevivinywa ngemithetho kaNkulunkulu yokudla. Futhi oShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego abasebasha bakhetha ukuphonswa esithandweni somlilo kunokuba balahle ukwethembeka kwabo kuNkulunkulu ngokukhuleka phambi kwesithombe.—Daniyeli 1:8, 17; 3:16-18; Eksodusi 20:5.
20. Namuhla intsha eningi iye yamkhumbula kanjani uMdali wayo?
20 Namuhla intsha engaphezu kuka-2 000 eneminyaka engu-19 kuya ku-25 ubudala ikhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York State, e-U.S.A. Iyingxenye encane nje emashumini ezinkulungwane zentsha ekhumbula uMdali wayo emhlabeni wonke. NjengoJosefa wasendulo, iye yenqaba ukulahla ukuhlanzeka kwayo ngokokuziphatha. Iningi liye lalalela uNkulunkulu kunabantu lapho liphoqelelwa ukuba likhethe ukuthi liyokhonza bani. (IzEnzo 5:29) EPoland ngo-1946, uHenryka Zur oneminyaka engu-15 wahlukunyezwa lapho enqaba ukwenza isenzo esingokwenkolo sokukhulekela izithombe. Omunye kwababemhlukumeza wasikisela: “Ungakholelwa yinoma yini ofuna ukuyikholelwa, mane nje wenze uphawu lwamaKatolika lwesiphambano.” Ngenxa yokuthi wenqaba, wahudulelwa ehlathini futhi wadutshulwa, ithemba lakhe eliqinisekile lokuphila okungunaphakade lingashabalele!b
21. Yisiphi isimemo okungaba ukuhlakanipha ukusamukela, kube namuphi umphumela?
21 Yeka indlela inhliziyo kaJehova okumelwe ukuba ijabula ngayo ngenxa yentsha eye yamkhumbula kuwo wonke lamakhulu eminyaka! Ingabe uyosabela esimemweni sakhe esithi, “Futhi, khumbula uMdali wakho”? Ngempela ukufanele ukuba umkhumbule! Nsuku zonke cabanga ngakho konke aye wakwenzela kona nasazokwenzela kona, futhi wamukele isimemo sakhe: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”—IzAga 27:11.
[Imibhalo yaphansi]
a INqabayokulinda ka-March 1, 1954, ikhasi 67 (eyesiNgisi 12/15/53 k. 750).
b Bheka i-Yearbook of Jehovah’s Witnessess ka-1994, amakhasi 217-18, eyanyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ Intsha ingasizwa kanjani ukuba ibheke uNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo?
◻ Kusho ukuthini ukukhumbula uMdali wakho?
◻ Imfundo yethu kufanele ifeze yiphi injongo?
◻ Kungani kubalulekile ukusebenzisa imali yethu ngokuhlakanipha?
◻ Iyiphi intsha okufanele siyilingise?
[Isithombe ekhasini 17]
Wake wacabanga yini ngesizathu sokuba ufunde esikoleni?
[Isithombe ekhasini 18]
Ingabe ufunda ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha?