IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YesiHlabelelo SeziHlabelelo
“NJENGOMNDUZE phakathi kokhula olunameva, injalo intombazane engumngane wami phakathi kwezintombi.” “Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezinsizwa.” “Ungubani lona wesifazane obheka ezansi njengokuntwela kokusa, omuhle njengenyanga egcwele, ohlanzeke njengelanga elikhazimulayo?” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:2, 3; 6:10) Yeka indlela amnandi ngayo la mavesi encwadi yesiHlabelelo SeziHlabelelo! Yonke le ncwadi iyinkondlo enohlonze futhi imnandi kangangokuthi ibizwa ngokuthi ingoma emnandi kunazo zonke.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:1.
Njengoba yabhalwa inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, ekuqaleni kokubusa kwayo kweminyaka engu-40, cishe ngo-1020 B.C.E., le ncwadi iyindaba yothando lukamalusi nomShulamiti, intombazane yasemaphandleni. Le nkondlo ikhuluma nangabanye abantu, unina nabafowabo bale ntombazane, ‘amadodakazi aseJerusalema,’ okuyizintombi zasesigodlweni, ‘namadodakazi aseZiyoni,’ okungabesifazane baseJerusalema. (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:5; 3:11) Kunzima ngomfundi weBhayibheli ukubona ukuthi ubani okhulumayo kule ncwadi yesiHlabelelo SeziHlabelelo, kodwa angakwazi ukubona uma ecabangela lokho abakushoyo noma okushiwo kubo.
Njengoba iyingxenye yeZwi likaNkulunkulu, umyalezo osencwadini yesiHlabelelo SeziHlabelelo uyinzuzo enkulu ngenxa yezizathu ezimbili. (Hebheru 4:12) Okokuqala, usifundisa ukuthi luyini uthando lweqiniso phakathi kwendoda nowesifazane. Okwesibili, le ncwadi ibonisa uthando oluphakathi kukaJesu Kristu nebandla lamaKristu agcotshiwe.—2 Korinte 11:2; Efesu 5:25-31.
NINGAZAMI “UKUVUSA UTHANDO KIMI”
(IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:1–3:5)
“Kwangathi anganganga ngokwanga komlomo wakhe, ngoba ukubonakaliswa kothando lwakho kungcono kunewayini.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:2) Ingxoxo esencwadini yesiHlabelelo SeziHlabelelo iqala ngala mazwi entombazane ethobekile yasemaphandleni elethwa etendeni likaSolomoni. Yafika kanjani lapho?
Ithi: “Amadodana kamama angithukuthelela; angimisa ukuba ngibe ngumlindi wezivini.” Abafowabo bayithukuthelele ngoba isithandwa sayo esingumalusi siyimeme ukuba bahambahambe ngosuku oluhle lwasentwasahlobo. Ukuze ingayi, bayinike umsebenzi wokuqapha “izimpungushe ezincane ezonakalisa izivini.” Lo msebenzi uyenza ibe seduze kwekamu likaSolomoni. Ubuhle bayo buyaqashelwa lapho yehlela “ensimini yamantongomane,” futhi ilethwa ekamu.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:6; 2:10-15; 6:11.
Njengoba le ntombi isho amazwi abonisa ukulangazelela kwayo isithandwa sayo esingumalusi, izintombi zasesigodlweni ziyitshela ukuba ‘iphume ilandele izinyathelo zemihlambi’ iyosifuna. Kodwa uSolomoni uyenqaba ukuba ihambe. Encoma ubuhle bayo, uyethembisa “amasongo egolide, kanye namaqhosha esiliva.” Nokho, lokhu akuyithinti nakancane le ntombazane. Umalusi ungena ekamu likaSolomoni, ayithole abese ebabaza: “Bheka! Umuhle ntombazane engumngane wami. Bheka! Umuhle.” Le ntombazane ifungisa izintombi zasesigodlweni: “Ningazami ukuphaphamisa noma ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.”—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:8-11, 15; 2:7; 3:5.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:2, 3—Kungani ukukhumbula ukubonakaliswa kothando lukamalusi kunjengewayini futhi negama lakhe linjengamafutha? Njengoba nje iwayini lenza inhliziyo yomuntu ijabule nokugcoba ikhanda ngamafutha kumnandi, ukukhumbula uthando lwesoka negama lalo kwayiqinisa futhi kwayiduduza le ntombi. (IHubo 23:5; 104:15) Ngokufanayo amaKristu eqiniso, ikakhulu agcotshiwe, athola amandla nesikhuthazo lapho ecabanga ngothando uJesu Kristu aye wawabonisa lona.
1:5—Kungani intombazane yasemaphandleni ifanisa ibala layo elimnyama ‘namatende aseKhedari’? Uboya bembuzi okwenziwa ngabo indwangu, babusetshenziselwa izinto eziningi. (Numeri 31:20) Ngokwesibonelo, kwakusetshenziswa “izindwangu zoboya bembuzi” lapho kwenziwa ‘itende elingaphezu kwetabernakele.’ (Eksodusi 26:7) Njengoba esenjalo nanamuhla amatende ama-Arabhu ahlala ogwadule, kungenzeka ukuthi namatende aseKhedari ayenziwa ngoboya bembuzi emnyama.
1:15—Usho ukuthini umalusi lapho ethi: “Amehlo akho ngawamajuba”? Umalusi uthi amehlo entombi yakhe azolile futhi amnene njengamehlo amajuba.
2:7; 3:5—Kungani izintombi zasesigodlweni zifungiswa “izinsephe zezinsikazi noma izindluzelekazi zasendle”? Izinsephe nezindluzele zaziwa ngokuba zinhle. Empeleni, umShulamiti ufungisa izintombi zasesigodlweni ngayo yonke into enhle ukuba ziyeke ukuzama ukuvusa uthando kuye.
Izifundo Esizitholayo:
1:2; 2:6. Ukubonakalisa uthando okuhlanzekile kungafaneleka phakathi nokuqomisana. Nokho, umbhangqwana kufanele uqaphe ukuthi lezi zenzo ziwukubonakaliswa kothando lwangempela hhayi inkanuko, engase iholele ekuziphatheni okubi ngokobulili.—Galathiya 5:19.
1:6; 2:10-15. Abafowabo bomShulamiti abazange bavumele udadewabo ukuba ahambe nesithandwa sakhe baye endaweni engenabantu ezintabeni hhayi ngenxa yokuthi wayeziphethe kabi noma wayenezisusa ezimbi. Kunalokho, bathatha isinyathelo ukuze bamnqande angabi sesimweni esasingase simholele esilingweni. Isifundo embhangqwaneni oqomisanayo ukuthi kufanele ugweme ukuba sezindaweni ezisithekile.
2:1-3, 8, 9. Nakuba umShulamiti ayemuhle, wayezibheka njengembali evamile, “isafroni nje lasethafeni elingasogwini.” Ngenxa yokuthi wayemuhle futhi ethembekile kuJehova, umalusi wayembheka “njengomnduze phakathi kokhula olunameva.” Umalusi yena wayenjani? Ngenxa yokuthi wayemuhle kumShulamiti, ufaniswa “nensephe.” Kumelwe ukuba naye wayengumuntu ongokomoya futhi ozinikele kuJehova. UmShulamiti uthi: “Njengomapula [onomthunzi futhi othelayo] phakathi kwemithi yehlathi, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezinsizwa.” Ingabe ukholo nokuzinikela kuNkulunkulu akuzona izimfanelo okufanele sizibheke kumuntu esingashada naye?
2:7; 3:5. Intombazane yasemaphandleni ayizange ibe nemizwa yothando ngoSolomoni. Yaze yafungisa nezintombi zasesigodlweni ukuba zingaluvusi uthando kuyo nganoma ubani ngaphandle kukamalusi. Kuyinto engenakwenzeka futhi engafaneleki ngomuntu ukuba abe nemizwa yothando nganoma ubani nje. UmKristu ofisa ukushada kufanele acabange ukushada kuphela nenceku kaJehova eqotho.—1 Korinte 7:39.
“NIBONANI KUMSHULAMITI?”
(IsiHlabelelo SeziHlabelelo 3:6–8:4)
Kunento ‘ekhuphukayo ivela ehlane njengezikhatha zomusi.’ (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 3:6) Babonani abesifazane baseJerusalema lapho bephuma beyobheka? Hhawu, uSolomoni nezinceku zakhe babuyela esigodlweni! Futhi inkosi ibuye nomShulamiti.
Umalusi uye wayilandela intombi futhi ngokushesha uthola ithuba lokuyibona. Njengoba eyiqinisekisa ngokuthi uyithanda kangakanani, iveza isifiso sayo sokushiya umuzi, ithi: “Ngizohamba ngiye entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka yempepho kuze kube yilapho kuheleza usuku namathunzi esebalekile.” Imema umalusi ukuba ‘eze engadini yakhe adle izithelo zayo ezingezekhethelo isibili.’ Uyaphendula: “Ngingenile engadini yami, dadewethu, makoti wami.” Abesifazane baseJerusalema bathi kubo: “O bangane, yidlani! Phuzani neqiwe ngukubonakaliswa kothando!”—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:6, 16; 5:1.
Ngemva kokuba umShulamiti etshele izintombi zasesigodlweni iphupho, uthi kuzo: “Ngiyagula uthando.” Ziyambuza: “Isithandwa sakho sizidlula ngani ezinye izithandwa?” Uyaphendula: “Isithandwa sami siyakhazimula futhi sibomvu, sigqamile kunabo bonke kwabayizinkulungwane eziyishumi.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 5:2-10) Lapho uSolomoni emncoma ngobuhle bakhe, ngokuthobeka umShulamiti uyaphendula: “Nibonani kumShulamiti?” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 6:4-13) Ibheka lokhu njengethuba lokuba iyehlule ngamazwi, inkosi imtusa kakhulu kunakuqala. Nokho, le ntombazane ihlala igxilile othandweni lwayo ngomalusi. Ekugcineni, uSolomoni uyayivumela ukuba ibuyele ekhaya.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
4:1; 6:5—Kungani izinwele zentombi zifaniswa ‘nomhlambi wezimbuzi’? Ukufanisa izinwele zayo nomhlambi wezimbuzi kusikisela ukuthi zazicwebezela futhi zizinde njengoboya obumnyama bezimbuzi.
4:11—Kusho ukuthini ukuthi ‘izindebe zomShulamiti ziconsa uju lwamakhekheba,’ nokuthi ‘ngaphansi kolimi lwakhe kunoju nobisi’? Uju lwamakhekheba lumnandi kunoju olushiywe lungamboziwe. Lokhu kuqhathanisa, kanye nomqondo wokuthi uju nobisi kwakungaphansi kolimi lwentombi, kugcizelela indlela ayemnandi futhi ejabulisa ngayo amazwi ayeshiwo umShulamiti.
5:12—Isho ukuthini inkulumo ethi ‘amehlo akhe anjengamajuba ngasemigudwini yamanzi, ageza ngobisi’? Intombi ikhuluma ngobuhle bamehlo esithandwa sayo. Mhlawumbe ngokusankondlo ifanisa isiyingi esimnyama seso esizungezwe okumhlophe namajuba ampunga ngokuluhlaza ageza ngobisi.
5:14, 15—Kungani izandla nezinyawo zikamalusi zichazwa kanje? Kubonakala sengathi intombi ibhekisela eminweni kamalusi njengemibhobho yegolide nasezinzisheni zakhe njengekhrisolithe. Ifanisa imilenze yakhe ‘nezinsika zemabula’ ngoba iqinile futhi mihle.
6:4—Ingabe ‘uMuzi Omnandi’ ubhekisela eJerusalema? Cha. ‘UMuzi Omnandi’ ‘iTiriza.’ Lo muzi wabantu baseKhanani wanqotshwa uJoshuwa, futhi ngemva kwesikhathi sikaSolomoni waba inhloko-dolobha yokuqala embusweni wasenyakatho wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli. (Joshuwa 12:7, 24; 1 AmaKhosi 16:5, 6, 8, 15) Enye incwadi ithi: “Kubonakala sengathi lo muzi wawumuhle kakhulu, okuyisizathu sokuba kukhulunywe ngawo kule ndaba.”
6:13—Uyini ‘umdanso wamaqembu amabili’? Le nkulumo ingase ihunyushwe nangokuthi “umdanso waseMahanayimi.” Umuzi obizwa ngalelo gama wawusempumalanga yoMfula iJordani eduze kwesigodi sesifufula saseJabhoki. (Genesise 32:2, 22; 2 Samuweli 2:29) ‘Umdanso wamaqembu amabili’ ungabhekisela emdansweni othile owawuba kulowo muzi uma kunomkhosi.
7:4—Kungani uSolomoni efanisa intamo yomShulamiti ‘nombhoshongo wezinyo lendlovu’? Ekuqaleni le ntombazane yanconywa ngala mazwi: “Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:4) Umbhoshongo mude futhi mncane, kanti izinyo lendlovu libushelelezi. Ukuba ncane nokuba bushelelezi kwentamo yale ntombi kumhlaba umxhwele uSolomoni.
Izifundo Esizitholayo:
4:1-7. Nakuba ayengaphelele, umShulamiti wamelana nokuyenga kukaSolomoni, ezibonakalisa ukuthi wayeziphethe kahle. Ngakho ukuba qotho kwakhe kwamenza waba muhle kakhulu. Abesifazane abangamaKristu kufanele babe njalo.
4:12. Njengensimu enhle ebiyelwe ngodonga noma ngothango okungenwa kulo kuphela ngesango elihluthulelwayo, uthando lomShulamiti lwalugcinelwe kuphela umyeni wakhe wesikhathi esizayo. Yeka isibonelo esihle kwabesilisa nakwabesifazane abangamaKristu abangashadile!
“ILANGABI LIKAJAH”
(IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:5-14)
“Ngubani lona wesifazane okhuphuka evela ehlane, encike phezu kwesithandwa sakhe?” kubuza abafowabo bomShulamiti lapho bembona ebuya ekhaya. Ekuqaleni, omunye wabo wayethé: “Uma eyoba ludonga, sizokwakha umbhoshongo wesiliva phezu kwakhe; kodwa uma eyoba yisicabha, sizomvimba ngepulangwe lomsedari.” Njengoba uthando lomShulamiti seluye lwavivinywa futhi lwatholakala luqinile, uthi: “Ngiludonga, futhi amabele ami anjengemibhoshongo. Kanjalo emehlweni akhe ngibe njengalowo othola ukuthula.”—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:5, 9, 10.
Uthando lweqiniso ‘luyilangabi likaJah.’ Ngani? Ngoba umsunguli walolo thando uJehova. Nguye oye wafaka kithi ikhono lokuthanda. Luyilangabi elingenakucinywa. Incwadi yesiHlabelelo SeziHlabelelo ibonisa kahle ukuthi uthando phakathi kwendoda nowesifazane lungaba “namandla njengokufa,” noma lungapheli.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:6.
Le ncwadi enhle kakhulu kaSolomoni iyasikhanyisela nangobuhlobo obuphakathi kukaJesu Kristu namalungu “omlobokazi” wakhe wasezulwini. (IsAmbulo 21:2, 9) Uthando lukaJesu ngamaKristu agcotshiwe luludlula kude noma yiluphi uthando oluphakathi kwendoda nowesifazane. Amalungu esigaba somlobokazi awantengantengi ekuzinikeleni kwawo. Ngothando, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe nangenxa ‘yezinye izimvu.’ (Johane 10:16) Ngakho, bonke abakhulekeli beqiniso bangalingisa isibonelo somShulamiti sothando nokuzinikela okungantengantengi.
[Isithombe ekhasini 18, 19]
IsiHlabelelo SeziHlabelelo sisifundisani ngokufanele sikubheke kumuntu esingashada naye?