Ingabe Uyafunda KuMfundisi Wethu Omkhulu?
“NGAFUNDELA ezomthetho iminyaka emihlanu kwenye yamayunivesithi aphambili kakhulu eSpain,” kuchaza uJulio. “Kodwa engakufunda lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli kwakuphakeme kakhulu. Iyunivesithi yangifundisa indlela yokutadisha; iBhayibheli langifundisa indlela yokuphila.”
NgeBhayibheli sifinyelela ekwazini imicabango kaNkulunkulu, izimiso zakhe, nemiyalo yakhe. ImiBhalo ichaza uJehova ‘njengoMfundisi Omkhulu’ ngenxa yokuthi ungumfundisi obedlula bonke endaweni yonke. (Isaya 30:20, qhathanisa ne-NW.) Ngokwezwi nezwi, imibhalo yesiHeberu imbiza ngokuthi “abafundisi”—ubuningi obubonisa izinga eliphezulu. Lokhu kufanele kusikhumbuze ukuthi ukufundiswa uJehova kuphakeme ngaphezu kokufundiswa yinoma imuphi omunye umfundisi.
Ukuhlakanipha Okusebenzayo Okuvela KuJehova
Kungani ukufundisa kwaphezulu kuzuzisa kangaka? Okokuqala nje, kungenxa yalokho okukuqukethe okubaluleke kakhulu. Ukufundisa kukaJehova kusinikeza ‘ukuhlakanipha okunenzuzo.’ Ngaphezu kwalokho, ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu “kulondoloza ukuphila” kwalabo abakusebenzisayo.—IzAga 3:21, 22; UmShumayeli 7:12.
Umlobi weHubo 119 waqaphela ukuthi ukuhlakanipha kukaJehova kwakumlondoloze ekuphileni kwakhe konke. Ngokwesibonelo, wahlabelela: “Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube-phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.”—IHubo 119:72, 92, 98, 99.
Umhubi akayena ukuphela komuntu okwakungenzeka ‘abhubhele ekuhluphekeni kwakhe,’ ukube umthetho kaJehova wawungekho. URosa, owesifazane osemusha waseSpain, uyaqiniseka ngokuthi ukuphila kwakhe kwasindiswa ukusebenzisa izimiso zokwesaba uNkulunkulu. “Lapho sengineminyaka engu-26, ngase ngizame kabili ukuzibulala,” ekhumbula.
URosa wayekade ehileleke ebufebeni, kuhlanganise nokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo nezidakamizwa. “Ngolunye usuku, lapho ngikhungatheke kakhulu,” esho, “umbhangqwana woFakazi wakhuluma nami ngendlela iBhayibheli elingasisiza ngayo ukuba sixazulule izinkinga zethu. Ngaqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, okuyinto engayithola ithakazelisa. Kungakapheli nenyanga ngase nginawo amandla okuqala ukuphila okuhlanzekile, okusha. Manje njengoba senginayo injongo ekuphileni, angisadingi ukuthembela ophuzweni oludakayo noma ezidakamizweni. Futhi njengoba ngangifuna kangaka ukuba umngane kaJehova, ngangizimisele ukuphila ngezimiso zakhe. Uma kwakungeve kungenxa yokuhlakanipha okunenzuzo kweZwi likaNkulunkulu, ngiyaqiniseka ukuthi ngabe kudala ngazibulala.”
Ngempela, ukuhlakanipha okuvela kuJehova kusindisa ukuphila. Ngakho, ngeke sizuze kulokhu elikuqukethe okuwukufundisa kwaphezulu okungenakuqhathaniswa nje kuphela kodwa nasendleleni uJehova ayisebenzisayo ekufundiseni izinceku zakhe. Njengoba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yasiyala ukuba sibe abafundisi futhi senze abafundi, sifuna ukufunda izindlela eziphumelela ngempela zokudlulisela isiyalo.—Mathewu 28:19, 20.
Ukusebenzisa KukaJehova Imifanekiso
IVangeli likaMarku lithi “ngaphandle komfanekiso [uJesu] kakhulumanga kubo.” (Marku 4:34) Lesisici esiphawulekayo sokufundisa kukaJesu asimangalisi. Wayemane elingisa enye yezindlela izigijimi zikaJehova ezingokwesiprofetho ezazidluliselwa ngazo esizweni sakwa-Israyeli. Ziqukethe imifanekiso eminingana ecacile.—Isaya 5:1-7; Jeremiya 18:1-11; Hezekeli 15:2-7; Hoseya 11:1-4.
Ngokwesibonelo, phawula indlela uJehova asebenzisa ngayo umfanekiso onamandla ukuze asifundise ukuthi izithombe azinamsebenzi. U-Isaya 44:14-17 uthi: “Uyazigawulela imisedari, athathe imikhoba namaoki . . . uyatshala umfire . . . Besekuba-ngokomuntu ukuba abase ngakho; uthatha kuwo, othe; uyawuphemba, enze isinkwa; wenza unkulunkulu, akhuleke kuye, enze nesithombe esibaziweyo, akhothamele kuso. Ushisa inxenye yawo emlilweni; phezu kwalenxenye uyadla inyama, ose izoso, asuthe. . . . Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.” Imifanekiso enjengalona ingamathuluzi anamandla okusiza abanezinhliziyo eziqotho ukuba balahle ukukhulekela izithombe nezimfundiso zamanga.
Imibuzo Ephenyisisayo
IBhayibheli liphinde libe nezibonelo zenye indlela uJehova alungisa ngayo ukucabanga kwezinye zezinceku zakhe ngemibuzo eshukumisa ingqondo. Inzalamizi uJobe yayingenye yazo. UJehova wamsiza ngesineke ukuba ahlaziye ubuncane bakhe uma eqhathaniswa noNkulunkulu. Lokhu kwenziwa ngochungechunge lwemibuzo, uJobe ahluleka ngokudabukisayo ukuyiphendula.
“Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na?” uJehova ebuza uJobe. “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha . . . Ungabopha amaketanga esiLimela, uthukulule izintambo zeMpambano, na? . . . Unengalo njengoNkulunkulu?” Lombuzo obanga amahloni wahlanganisa nalombuzo obaluleke kakhulu: “Imbala uyachitha ukwahlulela kwami [mina Jehova], ungilahle ukuba ube-ngolungileyo, na?”—Jobe 38:4, 8, 31; 40:8, 9.
Lemibuzo ephenyisisayo yenza uJobe wazibona ukuthi wayekhulunyiswe ukungaqondi. Ngakho, wahoxa futhi waphenduka. (Jobe 42:6) Njengakulendaba, imibuzo ekhethwe kahle ingasiza ekulungiseni ukucabanga okungalungile kwabantwana bethu noma okwalabo esifunda nabo iBhayibheli.
Ukwakha Ukuzethemba
Kuthiwani uma sidinga ukusiza othile ozizwa engabalulekile noma engafaneleki? Okungasiza kulendaba ingxoxo eyayiphakathi kukaJehova nomprofethi uMose. Lapho uNkulunkulu abela uMose ukuba abe umkhulumeli wakhe phambi kukaFaro nama-Israyeli, umprofethi wazizwa engakufanelekele ukusingatha lomsebenzi. “Umlomo wami unzima, unamalimi,” esho. Nokho, uNkulunkulu waphendula: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? . . . Akusimina, uJehova, na? Ngalokho hamba; ngizakuba-nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”—Eksodusi 4:10-12.
UJehova wabela umfowabo kaMose u-Aroni ukuba abe umkhulumeli wakhe, base beqhubeka nokufeza umsebenzi wabo eGibithe. (Eksodusi 4:14-16) Baningi oFakazi BakaJehova ababenemizwa yokungafaneleki njengoMose ngesikhathi besaqala ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu noma ekufakazeni emgwaqweni. Njengasendabeni kaMose, ukwazi kwethu ukuthi uJehova uyasisekela nokuthi sizobe sihamba nesikhonzi esinokuhlangenwe nakho kungasisiza ukuba sinqobe ukunqikaza kwethu. Njengoba noMose akwazi ukuhlakulela ukuzethemba kwaze kwaba seqophelweni lokuba anikeze izinkulumo ezinamandla ezitholakala engxenyeni enkulu yencwadi yeBhayibheli kaDuteronomi, ngosizo lukaJehova nathi singalakha ikhono lokukhuluma.
Isibonelo Esingokoqobo
Isifiso esiqotho sokusiza abanye naso sibalulekile. Lena imfanelo umprofethi uJona ayengenayo. UJehova wabela uJona ukuba ayoxwayisa abantu baseNineve ngembubhiso eyayisondela kulowomuzi. Ngokumangalisayo, abantu baseNineve baphenduka. (Jona 3:5) Ngenxa yalokho, uJehova wayihlehlisa inhlekelele. Nokho, kunokuba uJona ajatshuliswe ukuphumelela komkhankaso wakhe wokushumayela, wathukuthela ngenxa yokuthi isibikezelo sakhe sasingeke sigcwaliseke. UJehova wamsiza kanjani ukuba abe nombono oqondile?
UJehova wasebenzisa umhlakuva ukuze afundise uJona ukubaluleka kokukhathalela abanye. Lesisitshalo kwasa similile ngokuyisimangaliso futhi sanikeza uJona umthunzi awujabulela, owayesakhe idokodo emaphethelweni aseNineve. UJona waqala ‘ukuthokoza kakhulu’ ngenxa yalesisitshalo esiphansi. Kodwa uJehova wabe esebangela ukuba lesisitshalo sonakaliswe impehlwa sase siyoma. UJona esechayeke elangeni nasemoyeni oshisayo, wathukuthela wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.” (Jona 4:5-8) Sasiyini isifundo kukho konke lokhu?
UJehova wakhuluma noJona wathi: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye. Mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”—Jona 4:9-11.
Yeka isibonelo esingokoqobo esinamandla! UJona wayenesithakazelo kakhulu emhlakuveni kunasezinkulungwaneni zabantu. Nakuba kutuseka ukukhathalela zonke izingxenye zendalo kaNkulunkulu, ukusiza ekusindiseni ukuphila kwabantu kuwumsebenzi wethu obaluleke kakhulu.
Ukufundisa Ngesineke
Njengoba uJona abona, akulula ngaso sonke isikhathi ukufeza inkonzo yethu. (2 Thimothewu 4:5) Nokho, isimo sengqondo sokubekezelela abanye siyosiza.
Usabela kanjani lapho esinye sezifundo zakho zeBhayibheli sithatha kancane noma singacabangeli ngandlela-thile? UMfundisi wethu Omkhulu usifundisa indlela esingayisingatha ngayo inkinga enjalo. Wabonisa isineke esingaphezu kwesivamile ngesikhathi u-Abrahama emhlalele ngemibuzo ephathelene nesahlulelo esasisondela phezu kweSodoma neGomora. “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?” kubuza u-Abrahama. “Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi,” kuncenga u-Abrahama. “Imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?” Impendulo kaJehova yaqhubezela u-Abrahama ukuba aqhubeke encenga kwaze kwaba yilapho isibalo sifika eshumini. UJehova wayazi ukuthi umkhaya kaLoti kuphela owawufanelwe ukusinda, futhi lenziwa lelolungiselelo. Kodwa uNkulunkulu wamvumela ngesineke u-Abrahama ukuba aqhubeke emqhwanda ngemibuzo kwaze kwaba yilapho ebuqonda ubukhulu besihe sikaJehova.—Genesise 18:20-32.
UJehova wakucabangela ukulinganiselwa kokuqonda kuka-Abrahama nemizwa yakhe yokukhathalela. Uma nathi sikuqonda ukulinganiselwa komfundi wethu, kuyosisiza ukuba sibonise ukubekezela lapho esazabalazela ukuqonda imfundiso ethile noma ukunqoba umkhuba othile ogxilile.
Qhubeka Ufunda KuJehova
UJehova uNkulunkulu ngokungangabazeki unguMfundisi Omkhulu. Ngezindlela ezinjengemifanekiso, imibuzo, nezifundo ezisebenzayo, udlulisela ukuqonda ngokubekezela. Ngezinga esizilingisa ngalo izindlela zakhe zokufundisa, nathi siyoba abafundisi abangcono.
Njengoba labo abafundisa abanye kungafanele badebeselele ukuzifundisa bona ngokwabo, kumelwe siqhubeke ‘sifundiswa uJehova.’ (Isaya 54:13) U-Isaya wabhala: “Kodwa amehlo akho [ayakubona uMfundisi wakho Omkhulu, NW], nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:20, 21) Ngokuqhubeka sihamba endleleni kaJehova futhi sisiza nabanye ukuba benze kanjalo, singaba nelungelo eliyingqayizivele lokufunda kuMfundisi wethu Omkhulu kuze kube phakade.
[Isithombe ekhasini 28]
UJehova wabuza uJobe: “Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?”
[Isithombe ekhasini 28]
Ngomhlakuva, uJehova wafundisa uJona ukuba abakhathalele kakhudlwana abantu