Isahluko Sesihlanu
UJehova Uthobisa Abazikhukhumezayo
1, 2. Kungani umyalezo ka-Isaya oyisiprofetho kumaJuda osuku lwakhe usithakazelisa thina?
ECIKWE yisimo seJerusalema noJuda, umprofethi u-Isaya manje uphendukela kuJehova uNkulunkulu athi: “Ubashiyile abantu bakho, indlu kaJakobe.” (Isaya 2:6a) Yini eyenza uNkulunkulu alahle abantu ayezikhethele bona ‘njengempahla yakhe ekhethekile’?—Duteronomi 14:2.
2 Ukulahla kuka-Isaya amaJuda esikhathi sakhe kusithakazelisa kakhulu thina. Ngani? Ngoba isimo seLobukholwa namuhla sifana nsé nesabantu bakubo ka-Isaya, futhi kunjalo nangesahlulelo esikhishwa uJehova. Ukunaka isimemezelo sika-Isaya kuyosenza siqonde kahle ukuthi yini uNkulunkulu ayilahlayo futhi kuyosisiza sikwazi ukugwema imikhuba angayifuni. Khona-ke ngokuzimisela okukhulu, masicabangele izwi likaJehova lesiprofetho njengoba lilotshwe ku-Isaya 2:6–4:1.
Bakhothama Ngokuzidla
3. Yiliphi iphutha labantu bakubo u-Isaya alivumayo?
3 Evuma iphutha labantu bakubo, u-Isaya uthi: “Bagcwele izinto ezivela eMpumalanga, futhi bangabenzi bemilingo njengamaFilisti, kubo kuvame abantwana bezinye izizwe.” (Isaya 2:6b) Eminyakeni engaba ngu-800 ngaphambili, uJehova wayeyale abantu bakhe abakhethiwe, wathi: ‘Ningazenzi nibe abangahlanzekile nganoma iyiphi yalezi zinto, lezo izizwe engizixosha phambi kwenu ezizenze zaba ezingahlanzekile ngazo.’ (Levitikusi 18:24) Ngokuqondene nalabo ayebakhethe njengempahla yakhe ekhethekile, uJehova waphoqa uBalami ukuba athi: “Ngibabona ngiphezu kwamadwala, ngibabona ngisemagqumeni. Balokhu behleli ematabernakele bebodwa lapho njengesizwe, futhi abazibali phakathi kwezizwe.” (Numeri 23:9, 12) Kodwa ngosuku luka-Isaya abakhethiweyo bakaJehova sebemukele imikhuba enyanyekayo yezizwe ezibazungezile futhi “bagcwele izinto ezivela eMpumalanga.” Kunokuba babe nokholo kuJehova nasezwini lakhe, benza ‘imilingo njengamaFilisti.’ Kunokuba bangazihlanganisi nezizwe, izwe ‘livame abantwana bezinye izizwe’—ngokungangabazeki, abantu bezinye izizwe abaletha imikhuba yokungamhloniphi uNkulunkulu kubantu bakhe.
4. Kunokuba iwenze abonge uJehova, ingcebo namandla ezempi iwathinta kanjani amaJuda?
4 Ephawula ukuchuma kwezomnotho namandla ezempi kaJuda ngesikhathi seNkosi u-Uziya, u-Isaya uthi: “Izwe labo ligcwele isiliva negolide, futhi imicebo yabo ingeqedwe. Izwe labo ligcwele amahhashi, futhi izinqola zabo zingeqedwe.” (Isaya 2:7) Ingabe abantu babonga uJehova ngale ngcebo namandla ezempi? (2 IziKronike 26:1, 6-15) Phinde! Kunalokho, bathembela engcebweni ngokwayo, bafulathele uMthombo wayo, uJehova uNkulunkulu. Umphumela uba yini? “Izwe labo ligcwele onkulunkulu abangasizi ngalutho. Bakhothamela umsebenzi wezandla zomuntu, lokho okwenziwe yiminwe yomuntu. Umuntu wasemhlabeni uyakhothama, umuntu abe phansi, futhi akunakwenzeka ukuba ubaxolele.” (Isaya 2:8, 9) Bafulathela uNkulunkulu ophilayo, bakhothamele izithombe ezingaphili.
5. Kungani ukukhothamela izithombe kungesona isenzo sokuthobeka?
5 Ukukhothama kungaba uphawu lokuthobeka. Kodwa ukukhothamela izinto ezingaphili kuyize, kwenza umkhulekeli wesithombe “abe phansi,” kumehlise. UJehova angasithethelela kanjani isono esinjalo? Yini abayoyenza laba abakhonza izithombe lapho uJehova ethi mabalandise?
‘Amehlo Azidlayo Kumelwe Abe Phansi’
6, 7. (a) Kwenzekani kwabaziphakamisayo ngosuku lukaJehova lokwahlulela? (b) UJehova ukhipha ulaka lwakhe phezu kwani naphezu kobani, futhi ngani?
6 U-Isaya uyaqhubeka: “Ngena edwaleni ucashe othulini ngenxa yokwesabeka kukaJehova, ucashele ukuphakama kwakhe okukhazimulayo.” (Isaya 2:10) Kodwa akukho dwala eliyoba likhulu ngokwanele ukuba libakhoselise, akukho lutho lokuzisitha oluyokwazi ukubafihla kuJehova, uMninimandla onke. Lapho efika ezokhipha isahlulelo sakhe, “amehlo azidlayo omuntu wasemhlabeni ayoba phansi, nokuqhosha kwabantu kuyokhothama; uJehova yedwa okumelwe aphakanyiswe ngalolo suku.”—Isaya 2:11.
7 “Usuku lukaJehova wamabutho” luyeza. Luyoba usuku lokuba uNkulunkulu akhiphele ulaka lwakhe “phezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni emide nephakeme, naphezu kwazo zonke izihlekehleke zemithi yaseBashani; naphezu kwazo zonke izintaba eziphakeme naphezu kwawo wonke amagquma aphakanyisiwe; naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakeme naphezu kwazo zonke izindonga eziqinisiwe; naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi naphezu kwazo zonke izikebhe ezifiselekayo.” (Isaya 2:12-16) Yebo, zonke izinhlangano ezivezwe umuntu njengeziwuphawu lokuzazisa kwakhe, nabo bonke abantu abangamhloniphi uNkulunkulu abayikuyekwa ngosuku lwentukuthelo kaJehova. Ngakho, “ukuzidla komuntu wasemhlabeni kuyokhothama, nokuqhosha kwabantu kuyoba phansi; uJehova yedwa oyophakanyiswa ngalolo suku.”—Isaya 2:17.
8. Usuku lokwahlulela olwalubikezelwe lufika kanjani eJerusalema ngo-607 B.C.E.?
8 Usuku lokwahlulela olwabikezelwa, lufikela amaJuda ngo-607 B.C.E. ngesikhathi iNkosi yaseBabiloni uNebukadinesari ibhubhisa iJerusalema. Izakhamuzi zibona umuzi wazo eziwuthandayo uvutha amalangabi, izakhiwo zawo eziphambili zidilizwa, udonga lwawo olukhulukazi lubhodlozwa. Ithempeli likaJehova lizoba imvithi. Imicebo yazo nezinqola zazo azisizi ngalutho ‘ngosuku lukaJehova wamabutho.’ Kuthiwani ngezithombe zazo? Kwenzeka njengoba nje u-Isaya abikezela: “Onkulunkulu abangasizi ngalutho bayodlula ngokuphelele.” (Isaya 2:18) AmaJuda—izikhulu nabantu abanamandla—badingiselwa eBabiloni. IJerusalema kumelwe libe yincithakalo iminyaka engu-70.
9. Isimo seLobukholwa sifana kanjani neseJerusalema nesakwaJuda ngosuku luka-Isaya?
9 Yeka indlela isimo seLobukholwa esifana ngayo neseJerusalema noJuda ngosuku luka-Isaya! Ngokuqinisekile, eLobukholwa liye lahlakulela ubuhlobo obuseduze nezizwe zaleli zwe. Lingumsekeli oshisekayo weZizwe Ezihlangene futhi liye lagcwalisa indlu yalo ngezithombe nemikhuba engasekelwe emiBhalweni. Abalandeli balo bathanda izinto ezibonakalayo futhi babeka ithemba labo emandleni ezempi. Futhi, ingabe ababheki abefundisi babo njengabafanelwe ukuphakanyiswa kakhulu, bebanika iziqu nodumo? Ukuziphakamisa kweLobukholwa kuyokwenziwa ize leze. Kodwa nini?
“Usuku LukaJehova” Olusondelayo
10. Umphostoli uPawulu noPetru babhekisela kuluphi “usuku lukaJehova”?
10 ImiBhalo ikhuluma ‘ngosuku lukaJehova’ oluyoba olubaluleke ngaphezu kosuku lokwahlulela olwafikela iJerusalema noJuda wasendulo. Ngaphansi kokuphefumulelwa, umphostoli uPawulu wahlobanisa “usuku lukaJehova” oluzayo nokuba khona kweNkosi uJesu Kristu esihlalweni sobukhosi. (2 Thesalonika 2:1, 2) UPetru wakhuluma ngalolo suku ngokuqondene nokumiswa ‘kwamazulu amasha nomhlaba omusha okuyohlala kukho ukulunga.’ (2 Petru 3:10-13) Luwusuku uJehova ayokhipha ngalo isahlulelo sakhe phezu kwaso sonke isimiso sezinto esibi, kuhlanganise neLobukholwa.
11. (a) Ubani ‘oyokuma aqine’ ‘ngosuku lukaJehova’ oluzayo? (b) Singamenza kanjani uJehova abe isiphephelo sethu?
11 “Maye ngalolo suku,” kusho umprofethi uJoweli, “ngoba usuku lukaJehova luseduze, luyofika njengokuphanga okuvela kuMninimandla onke!” Ngenxa yokusondela kwalolo “suku,” akufanele yini sonke sikukhathalele ukulondeka ngalolo suku olwesabekayo? “Ubani ongama aqine ngalo?” kubuza uJoweli. Uyaphendula: “UJehova uyoba isiphephelo sabantu bakhe.” (Joweli 1:15; 2:11; 3:16) Ingabe uJehova uNkulunkulu uyoba isiphephelo salabo abanomoya wokuzidla nababeka ithemba labo emnothweni, emandleni ezempi nakonkulunkulu abenziwe umuntu? Ngeke neze! UNkulunkulu walahla ngisho nabantu bakhe abakhethiwe lapho benza kanjalo. Yeka indlela okusemqoka ngayo ukuba zonke izinceku zikaNkulunkulu ‘zifune ukulunga, zifune ubuvi,’ futhi ziyihlolisise indawo okukuyo ukukhulekela uJehova ekuphileni kwazo!—Zefaniya 2:2, 3.
“Kongoso Nasemalulwaneni”
12, 13. Kungani kufaneleka ukuba abakhulekeli bezithombe baphonse onkulunkulu babo ‘kongoso nasemalulwaneni’ ngosuku lukaJehova?
12 Abakhulekeli bezithombe bayozibheka kanjani izithombe zabo ngosuku lukaJehova olukhulu? U-Isaya uyaphendula: “Abantu bayongena emihumeni yamadwala nasemigodini yothuli ngenxa yokwesabeka kukaJehova nangenxa yokuphakama kwakhe okukhazimulayo, lapho esukuma ukuze umhlaba uthuthumele. Ngalolo suku umuntu wasemhlabeni uyobaphonsa kongoso nasemalulwaneni onkulunkulu bakhe besiliva abangasizi ngalutho nonkulunkulu bakhe begolide abangasizi ngalutho . . . ukuze angene emigodini emadwaleni nasemifantwini yamadwala, ngenxa yokwesabeka kukaJehova nangenxa yokuphakama kwakhe okukhazimulayo, lapho esukuma ukuze umhlaba uthuthumele. Ngenxa yokuphila kwenu, dedani kumuntu wasemhlabeni, omoya wakhe usemakhaleni akhe, ngoba kungasiphi isisekelo kumelwe ukuba acatshangelwe?”—Isaya 2:19-22.
13 Ongoso bahlala emigodini kanti amalulwane akhela emihumeni emnyama engenalutho. Ngaphandle kwalokho, lapho amalulwane amaningi akhela endaweni eyodwa, kuba nephunga elibi nenqwaba yemisimbane. Kuyafaneleka ukuphonsa izithombe ezindaweni ezinjalo. Zifanelwe indawo emnyama nengahlanzekile. Abantu bona, bayofuna isiphephelo emihumeni nasemifantwini yedwala ngosuku lukaJehova lokwahlulela. Ngakho izithombe nabakhulekeli bazo bayobhekana nesiphetho esifanayo. Njengokusho kwesiprofetho sika-Isaya, izithombe ezingaphili azibasindisanga abakhulekeli bazo noma iJerusalema ezandleni zikaNebukadinesari ngo-607 B.C.E.
14. Ngosuku lukaJehova lokwahlulela oluzofikela umbuso wezwe wenkolo yamanga, abantu abanesimo sengqondo sezwe bayokwenzani?
14 Phakathi nosuku oluzayo lwesahlulelo sikaJehova phezu kweLobukholwa nezinye izingxenye zombuso wezwe wenkolo yamanga, abantu bayokwenzani? Bebhekene nezimo eziwohlokayo emhlabeni wonke, cishe abaningi bayoqaphela ukuthi izithombe zabo azisizi ngalutho. Esikhundleni sazo, bangase bafune isiphephelo nesivikelo ezinhlanganweni zasemhlabeni ezingahlangene nezinto ezingokomoya, mhlawumbe kuhlanganise neZizwe Ezihlangene, “isilo sasendle esibomvu klebhu” sesAmbulo isahluko 17. ‘Yizimpondo eziyishumi’ zaleso silo sasendle esingokomfanekiso eziyobhubhisa iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, eLobukholwa eliyingxenye yalo ebalulekile.—IsAmbulo 17:3, 8-12, 16, 17.
15. UJehova yedwa ‘uyophakanyiswa’ kanjani ngosuku lwakhe lokwahlulela?
15 Nakuba ukuqothulwa nokushiswa kweBabiloni Elikhulu kungase kwenziwe yilezo zimpondo eziyishumi ngokuqondile, empeleni, kuyobe kuwukukhishwa kwesahlulelo sikaJehova. Ngokuqondene neBabiloni Elikhulu, isAmbulo 18:8 sithi: “Kungakho zizofika ngalusuku lunye izinhlupho zalo, ukufa nokulila nendlala, futhi liyoshiswa ngokuphelele ngomlilo, ngoba uJehova uNkulunkulu, owalahlulela, unamandla.” Ngakho udumo luya kuJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke ngokukhulula isintu ekubusweni yinkolo yamanga. Njengoba u-Isaya esho, “uJehova yedwa okumelwe aphakanyiswe ngalolo suku. Ngoba luwusuku lukaJehova wamabutho.”—Isaya 2:11b, 12a.
‘Abaholi Babangela Ukuba Ninhlanhlathe’
16. (a) Yini eyakha “uzime nensika” yomphakathi wesintu? (b) Abantu bakubo ka-Isaya bayohlupheka kanjani ngokususwa ‘kozime nensika’ yomphakathi wakubo?
16 Ukuze umphakathi wesintu uzinze, kumelwe ube ‘nozime nensika’—izidingo ezinjengokudla namanzi, futhi okubaluleke nakakhulu, kumelwe ube nabaholi abathembekile abakwaziyo ukuqondisa abantu nokugcina ukuhleleka emphakathini. Nokho, ngokuqondene no-Israyeli wasendulo, u-Isaya uyabikezela: “Bheka! iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho, isusa eJerusalema nakwaJuda uzime nensika, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi, indoda enamandla neqhawe, umahluleli nomprofethi, umbhuli nendoda esindala, induna yamashumi amahlanu nendoda ehlonishwa kakhulu nomeluleki nochwepheshe wobuciko bemilingo, nomthwebuli onekhono.” (Isaya 3:1-3) Abafana nje abangatheni bayoba izikhulu babuse ngokuthatheka. Ababusi ngeke nje bacindezele abantu kuphela kodwa “abantu bayophathana ngobushiqela . . . Umfana uyohlasela ixhegu, nongelutho ahlasele ofanele ukudunyiswa.” (Isaya 3:4, 5) Izingane ‘zihlasela’ abantu abadala, azibahloniphi. Ukuphila kuyobe kusezingeni eliphansi kangangokuba umuntu uyothi komunye ongenazo izimfanelo zokubusa: “Wena unesiphuku. Kumelwe ube umashiqela phezu kwethu, futhi lolu ngqimba olugumbuqelwe kumelwe lube ngaphansi kwesandla sakho.” (Isaya 3:6) Kodwa labo abacelwa kanjalo bayonqaba, bame kwelokuthi abanawo amandla okuphilisa izwe elinamanxeba futhi abanayo nengcebo yokufeza lowo msebenzi. Bayokuthi: “Ngeke ngibe umbophi wamanxeba; futhi endlini yami akukho sinkwa nasiphuku. Nina madoda ningangimisi ukuba ngibe umashiqela phezu kwabantu.”—Isaya 3:7.
17. (a) Isono seJerusalema noJuda saba “njengesaseSodoma” ngamuphi umqondo? (b) U-Isaya usola bani ngesimo sabantu bakubo?
17 U-Isaya uyaqhubeka: “IJerusalema likhubekile, noJuda ngokwakhe uwile, ngoba ulimi lwabo nezenzo zabo kumelene noJehova, ngokuziphatha ngokudlubulunda emehlweni enkazimulo yakhe. Sona kanye isimo sobuso babo impela sifakaza ngokumelene nabo, futhi silandisa ngesono sabo njengesaseSodoma. Abusifihlanga. Maye ngomphefumulo wabo! Ngoba baye bazabela inhlekelele.” (Isaya 3:8, 9) Abantu bakaNkulunkulu bahlubukile kuNkulunkulu weqiniso ngamazwi nangezenzo. Ngisho nobuso babo obungenamahloni nobubonisa ukungaphenduki budalula izono zabo, ezinengeka njengezaseSodoma. Basesivumelwaneni noJehova uNkulunkulu, kodwa ngeke ashintshe izindinganiso zakhe ngenxa yabo. “Kuyomhambela kahle olungileyo, ngoba bayokudla zona kanye izithelo zezenzo zabo. Maye komubi!—Inhlekelele; ngoba impatho izandla zakhe ezabaphatha ngayo abanye uyophathwa ngayo naye! Kodwa isizwe sami, abangababi bemisebenzi yaso basebenzelana naso kanzima, futhi empeleni sibuswa abesifazane nje. O bantu bami, labo abaniholayo banibangela ukuba ninhlanhlathe, bawuphithanisile umkhondo wezindlela zenu.”—Isaya 3:10-12.
18. (a) Yisiphi isahlulelo uJehova asikhiphela asebebadala nezikhulu zosuku luka-Isaya? (b) Yisiphi isifundo esisifunda esahlulelweni sikaJehova kwasebebadala nasezikhulwini?
18 UJehova ‘ukhiphela’ asebebadala nezikhulu zakwaJuda “isigwebo” futhi ‘abangenise ekwahlulelweni’: “Nina ngokwenu nisishisile isivini. Okwathathwa kohluphekile ngokuphanga kusezindlini zenu. Nisho ukuthini njengoba nichoboza abantu bami, nanjengoba nigaya ubuso babahluphekileyo?” (Isaya 3:13-15) Esikhundleni sokusebenzela inhlalakahle yabantu, abaholi bahlanganyela emikhubeni yenkohliso. Balisebenzisa kabi igunya labo ngokuzicebisa bona nangokuncisha abampofu nabasweleyo. Kodwa laba baholi kumelwe balandise kuJehova wamabutho ngokucindezela kwabo abahluphekileyo. Yeka isixwayiso lokhu okuyiso kulabo abasezikhundleni zemithwalo yemfanelo namuhla! Kwangathi bangahlala beqaphile ukuba bangalisebenzisi kabi igunya labo.
19. Yikuphi ukucindezela nokushushisa eLobukholwa eliye laba necala lako?
19 ELobukholwa—ikakhulu abefundisi balo nabantu abavelele kulo—ngokuphamba, liye lazuza okuningi okufanele ngabe kuya kubantu abavamile, labo eliye labacindezela nelisaqhubeka libacindezela. Liye lashaya, lashushisa futhi laphatha kabi nabantu bakaNkulunkulu futhi laletha isihlamba esikhulu egameni likaJehova. Ngesikhathi sakhe esifanele, nakanjani uJehova uyolingenisa ekwahlulelweni.
“Uphawu Lokusha Esikhundleni Sobuhle”
20. Kungani uJehova ewalahla “amadodakazi aseZiyoni”?
20 Ngemva kokusola abaholi, uJehova uphendukela kwabesifazane baseZiyoni, noma eJerusalema. Cishe ngenxa yemfashini, “amadodakazi aseZiyoni,” afaka “amaketanga okunyathela”—amaketanga amancane abagqiza ngawo emaqakaleni—enza umsindo omnandi okhencezayo. Laba bantu besifazane abagxathi, bahamba “ngezinyathelo ezithothene,” benza lokho okungase kubhekwe njengendlela yokunyathela enesizotha yabesifazane. Yini-ke engalungile ngalokhu? Isimo sengqondo salaba bantu besifazane. UJehova uthi: “Amadodakazi aseZiyoni aye aba azidlayo futhi ahamba elule imiphimbo yawo ebuka ngamehlo akhanukayo.” (Isaya 3:16) Ukuzidla okunjalo ngeke kungayitholi impindiselo.
21. Isahlulelo sikaJehova phezu kweJerusalema sibathinta kanjani abesifazane abangamaJuda?
21 Ngakho, lapho isahlulelo sikaJehova sifika ezweni, la “madodakazi aseZiyoni” azidlayo ayolahlekelwa yikho konke—ngisho nobuhle aziqhenya ngabo kangaka. UJehova uyaprofetha: “UJehova naye empeleni uzokwenza ukuba ukhakhayi lwekhanda lamadodakazi aseZiyoni lube notwayi, uJehova uzokwambula ibunzi lawo. Ngalolo suku uJehova uyosusa ubuhle bamabhengele namabhande asekhanda nemihlobiso emisé okwenyanga, amacici nobusenga nemigubuzelo, iminqwazo namaketanga okunyathela namabhande esifuba ‘nezindlu zomphefumulo’ [mhlawumbe izitsha zamakha] namagobolondo avungazelayo okuhlobisa [noma izintelezi], izindandatho zeminwe nezindandatho zasemakhaleni, izivatho zekhethelo nezambatho zangaphezulu namajazi nemixhaka, izibuko eziphathwayo nezingubo zangaphansi nemishuqulo nemigubuzelo emikhulu.” (Isaya 3:17-23; bheka imibhalo yaphansi.) Yeka ukushintsha kwezinto okubuhlungu!
22. Ngalé kwezinto zokuhloba, abesifazane baseJerusalema balahlekelwa yini?
22 Umyalezo ongokwesiprofetho uqhubeka uthi: “Esikhundleni samafutha ebhalsamu kuyoba khona iphunga elikhuntile nje; esikhundleni sebhande, indophi; esikhundleni sezinwele ezilungiswe ngobuciko, impandla; esikhundleni sengubo enhle, ukubhinca indwangu yesaka; uphawu lokusha esikhundleni sobuhle.” (Isaya 3:24) Ngo-607 B.C.E., abesifazane abaqhoshayo baseJerusalema basuka ekubeni izicebi baba mpofu. Balahlekelwa inkululeko yabo futhi bathola “uphawu lokusha” lobugqila.
“Ngokuqinisekile Liyogeqwa”
23. Uthini uJehova ngokuqondene neJerusalema?
23 Esekhuluma nomuzi waseJerusalema, uJehova uthi: “Amadoda akho ayokuwa ngenkemba, namandla akho ngempi. Futhi iminyango yalo kuyomelwe ilile, izwakalise ukudabuka, futhi ngokuqinisekile liyogeqwa. Liyohlala phansi khona kanye emhlabathini.” (Isaya 3:25, 26) Amadoda aseJerusalema, ngisho nabanamandla bakhona, bayobulawa empini. Umuzi uyocoboshiswa. Kuyoba isikhathi sokuba ‘iminyango yalo ilile futhi izwakalise ukudabuka.’ IJerusalema “liyogeqwa” futhi lenziwe incithakalo.
24. Ukufa kwamadoda ngenkemba kuba namiphi imiphumela emibi kakhulu kwabesifazane baseJerusalema?
24 Ukuwa kwamadoda ngenkemba kuyoba nemiphumela emibi kakhulu kwabesifazane baseJerusalema. Ephetha le ngxenye yencwadi yakhe yesiprofetho, u-Isaya uyabikezela: “Empeleni ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bethi: ‘Sizokudla esethu isinkwa sembathe ezethu iziphuku; kuphela masibizwe ngegama lakho ukuze kusuke isihlamba sethu.’” (Isaya 4:1) Ukuntuleka kwamadoda asezingeni lokushada kwakuzoba kubi kakhulu kangangokuba abesifazane abaningana babeyozihlanganisa nendoda eyodwa ukuze babizwe ngegama layo—okusho ukuthi, baziwe emphakathini njengamakhosikazi ayo—ngaleyo ndlela bangabi nesihlamba sokungabi namyeni. UMthetho KaMose wawuthi indoda kumelwe yondle futhi igqokise umkayo. (Eksodusi 21:10) Nokho, ngokuvuma ‘ukudla isinkwa sabo nokwembatha iziphuku zabo,’ laba bantu besifazane bazimisele ukukhulula indoda ezibophweni zayo ezingokomthetho. Yeka isimo sokungabi nathemba ‘kwamadodakazi aseZiyoni’ ayeke azidla!
25. Yini ezokwenzeka kwabaziphakamisayo?
25 UJehova uyabathobisa abaziphakamisayo. Ngempela ngo-607 B.C.E. wenza ukuzidla kwabantu bakhe ‘kukhothame,’ wenza ‘nokuphakama’ kwabo kube “phansi.” Kwangathi amaKristu eqiniso angelokothe akhohlwe ukuthi “uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—Jakobe 4:6.
[Isithombe ekhasini 50]
Izithombe, ingcebo namandla ezempi akulophuli iJerusalema ngosuku lukaJehova lokwahlulela
[Isithombe ekhasini 55]
‘Ngosuku lukaJehova,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga uyochithwa