Uyalwamukela Yini Usizo LukaJehova?
“UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”—HEBHERU 13:6.
1, 2. Kungani kubalulekile ukuba samukele usizo nesiqondiso sikaJehova ekuphileni?
ZICABANGE uqwala intaba. Kodwa awuwedwa; kukhona umuntu ongumqondisi ocele ukukuphelezela, futhi ungumqondisi okahle kakhulu. Wazi okuningi futhi unamandla kakhulu kunawe, kodwa ngesineke uhamba eduze kwakho. Uyakubona ukuthi ubuye uqhuzuke. Ekhathalela ukuphepha kwakho, ube eselula isandla sakhe ukuze akusize udlule endawaneni eyingozi kakhulu. Ubungalwenqaba yini usizo lwakhe? Cha! Ukulwenqaba kungasho ukulimala kwakho.
2 NjengamaKristu, indlela okudingeka sihambe kuyo iyingozi. Ingabe le ndlela enyinyekile kumelwe siyihambe sisodwa? (Mathewu 7:14) Cha, iBhayibheli libonisa ukuthi uMqondisi obadlula bonke esingaba naye, uJehova uNkulunkulu, uvumela abantu ukuba bahambe naye. (Genesise 5:24; 6:9) Ingabe uJehova uyazisiza izinceku zakhe njengoba zihamba? Uthi: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’” (Isaya 41:13) Njengomqondisi wasemfanekisweni wethu, ngomusa uJehova welula isandla sakhe ukuze asize labo abafuna ukuhamba naye, abe umngane wabo. Ngokuqinisekile akekho kithi ongalwenqaba usizo lwakhe!
3. Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
3 Esihlokweni esandulele, sixoxe ngezindlela ezine uJehova ásiza ngazo abantu bakhe endulo. Ingabe abantu bakhe namuhla ubasiza ngezindlela ezifanayo? Futhi singaqikelela kanjani ukuthi siyalwamukela usizo olunjalo? Ake sixoxe ngaleyo mibuzo. Ngokwenza kanjalo, singaqiniseka ngokwengeziwe ukuthi uJehova unguMsizi wethu ngempela.—Hebheru 13:6.
Usizo Lwezingelosi
4. Kungani izinceku zikaNkulunkulu namuhla zingaqiniseka ukuthi izingelosi ziyazisekela?
4 Ingabe izingelosi ziyazisiza izinceku zikaJehova zanamuhla? Yebo. Kuyavunywa, namuhla azibonakali ngamehlo zihlenga abakhulekeli beqiniso engozini. Ngisho nangezikhathi zeBhayibheli, izingelosi zaziqabukela zibonakala kanjalo. Okuningi kwalokho ezazikwenza kwakungabonakali ngamehlo, njengoba kunjalo nanamuhla. Nokho, izinceku zikaNkulunkulu ezazazi ukuthi izingelosi ziyazisekela zazikhuthazeka kakhulu ngokwazi lokho. (2 AmaKhosi 6:14-17) Nathi sinesizathu esihle sokuzizwa ngendlela efanayo.
5. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi izingelosi zinengxenye emsebenzini wokushumayela namuhla?
5 Izingelosi zikaJehova zinesithakazelo esikhulu emsebenzini okhethekile osihilelayo. Imuphi lowo msebenzi? Impendulo singayithola kusAmbulo 14:6: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” Kusobala ukuthi lezi “zindaba ezinhle zaphakade” zihlobene ‘nezindaba ezinhle zombuso,’ uJesu abikezela ukuthi “ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke” ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto. (Mathewu 24:14) Yebo, izingelosi azishumayeli ngokuqondile. UJesu wawunika abantu lo msebenzi obalulekile. (Mathewu 28:19, 20) Akukhuthazi yini ukwazi ukuthi njengoba senza lo msebenzi, sisizwa izingelosi ezingcwele, izidalwa zomoya ezihlakaniphile nezinamandla?
6, 7. (a) Yini ebonisa ukuthi izingelosi ziyawusekela umsebenzi wethu wokushumayela? (b) Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi izingelosi zikaJehova ziyasisekela?
6 Kunobufakazi obuningi bokuthi izingelosi ziyawusekela umsebenzi wethu. Ngokwesibonelo, sivamile ukuzwa ukuthi enkonzweni yabo oFakazi BakaJehova bathole umuntu obesanda kuthandaza kuNkulunkulu ecela amsize athole iqiniso. Izenzakalo ezinjalo zivame kakhulu ukuba kungamane kuthiwe kusuke kuthuke kwaqondana. Ngenxa yosizo lwezingelosi olunjalo, bayanda abantu abafunda ukwenza njengoba ‘ingelosi endiza emkhathini’ yasho: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.”—IsAmbulo 14:7.
7 Uyafisa yini ukusekelwa izingelosi zikaJehova ezinamandla? Uma ufisa, yenza konke okusemandleni akho enkonzweni yakho. (1 Korinte 15:58) Njengoba sizidela kulesi sabelo esikhethekile esivela kuJehova, singaqiniseka ngosizo lwezingelosi zakhe.
Usizo Oluvela Engelosini Eyinhloko
8. UJesu unasiphi isikhundla esiphakeme ezulwini, futhi kungani lokho kusiqinisa idolo?
8 UJehova usinika olunye futhi uhlobo losizo oluvela engelosini. IsAmbulo 10:1 sichaza “ingelosi [emangalisayo] enamandla” ‘enobuso obunjengelanga.’ Le ngelosi yasembonweni ngokusobala ifanekisela uJesu Kristu okhazinyulisiwe esezulwini. (IsAmbulo 1:13, 16) Ingabe uJesu uyingelosi ngempela? Yebo, uyingelosi enkulu. (1 Thesalonika 4:16) UJesu uyiNdodana kaJehova yomoya enamandla kunawo wonke amanye. UJehova umphathise ukulawula wonke amabutho aKhe ayizingelosi. Le ngelosi enkulu iwumthombo wosizo onamandla amakhulu. Ngaziphi izindlela?
9, 10. (a) UJesu uba kanjani “umsizi” wethu lapho sona? (b) Iluphi usizo esingaluthola esibonelweni sikaJesu?
9 Umphostoli uJohane owayesegugile wabhala: “[Uma] umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo.” (1 Johane 2:1) Kungani uJohane asikisela ukuthi uJesu ‘ungumsizi’ wethu ikakhulu lapho ‘senza isono’? Phela, sona nsuku zonke, futhi isono siholela ekufeni. (UmShumayeli 7:20; Roma 6:23) Kodwa uJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo wezono zethu. Futhi useduze kukaBaba wethu onesihe ukuze asinxusele. Ngamunye wethu uyaludinga lolo sizo. Singalwamukela kanjani? Kudingeka siphenduke ezonweni zethu sicele intethelelo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu. Kudingeka futhi sigweme ukuziphinda izono zethu.
10 Ngaphezu kokusifela, uJesu wasibekela isibonelo esiphelele. (1 Petru 2:21) Isibonelo sakhe siyasiqondisa, sisisize sihlele inkambo yethu ukuze sikwazi ukugwema isono esingathí sina, sikwazi nokujabulisa uJehova uNkulunkulu. Asijabuli yini ngokuthi sinosizo olunjalo? UJesu wathembisa abalandeli bakhe ukuthi babeyonikwa omunye futhi umsizi.
Usizo Lomoya Ongcwele
11, 12. Uyini umoya kaJehova, unamandla kangakanani, futhi kungani siwudinga namuhla?
11 UJesu wathembisa: “Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade, umoya weqiniso, izwe elingenakuwamukela.” (Johane 14:16, 17) Lo “moya weqiniso,” noma umoya ongcwele, awuyena umuntu; ungamandla—amandla asebenzayo kaJehova uqobo. Ungamandla amakhulu kakhulu. Uyiwona mandla uJehova awasebenzisa ekudaleni amazulu nomhlaba, ekwenzeni izimangaliso ezikhexisayo, nasekunikezeni izambulo eziyimibono zentando yakhe. Njengoba uJehova engawusebenzisi ngalezo zindlela umoya wakhe namuhla, ingabe lokho kusho ukuthi asiwudingi?
12 Lutho neze! Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” umoya kaJehova siwudinga kakhulu kunanini. (2 Thimothewu 3:1) Uyasiqinisa ukuze sibekezelele izinhlupheko. Usisiza ukuba sihlakulele izimfanelo ezinhle ezisisondeza kuJehova nakubafowethu nodadewethu abangokomoya. (Galathiya 5:22, 23) Singazuza kanjani-ke kulolu sizo olumangalisayo oluvela kuJehova?
13, 14. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova unika abantu bakhe umoya wakhe ongcwele ngokuzithandela? (b) Singabonisa ngokwenzani ukuthi asisamukeli ngempela isipho somoya ongcwele?
13 Okokuqala, kudingeka siwuthandazele umoya ongcwele. UJesu wathi: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:13) Yebo, uJehova unguBaba obadlula bonke ongabacabanga. Uma ngokholo simcela ngobuqotho ukuba asiphe umoya ongcwele, akunakwenzeka ukuba asincishe lesi sipho. Umbuzo-ke uwukuthi, Siyawucela yini? Sinesizathu esihle sokuwucela zonke izinsuku emithandazweni yethu.
14 Okwesibili, leso sipho sisamukela ngokwenza ngokuvumelana naso. Ngokwesibonelo: Ake sithi umKristu unenkinga yokubuka izithombe ezingcolile zobulili. Uye wathandazela umoya ongcwele ukuba umsize ayeke lo mkhuba onyanyekayo. Uye wafuna iseluleko sabadala abangamaKristu, bameluleka ukuba athathe isinyathelo esiwujuqu, agweme ngisho nokusondela ezintweni ezinjalo ezonakalisayo. (Mathewu 5:29) Kuthiwani uma engasilaleli iseluleko sabo, aqhubeke ezibeka esimweni esiyomlinga? Ingabe wenza ngokuvumelana nomthandazo wakhe wokucela ukuba umoya ongcwele umsize? Noma, ingabe uzifaka engozini yokwenza umoya kaNkulunkulu ube lusizi futhi angasitholi lesi sipho? (Efesu 4:30) Empeleni, sonke kudingeka senze konke esingakwenza ukuze siqiniseke ukuthi siyaqhubeka sithola lolu sizo oluhle kakhulu kuJehova.
Usizo LweZwi LikaNkulunkulu
15. Singabonisa kanjani ukuthi asilithathi kalula iBhayibheli?
15 IBhayibheli selinamakhulu eminyaka lisiza izinceku zikaJehova ezithembekile. Nokho, kunokuba siyithathe kalula imiBhalo Engcwele, kudingeka sikhumbule ukuthi iwumthombo wosizo onamandla kangakanani. Ukwamukela lolo sizo kuhilela umzamo. Kudingeka senze ukufunda iBhayibheli kube enye yezinto esizenza njalo nje.
16, 17. (a) IHubo 1:2, 3 liyichaza kanjani imivuzo yokufunda umthetho kaNkulunkulu? (b) IHubo 1:3 liwubonisa kanjani umsebenzi onzima?
16 IHubo 1:2, 3 lithi ngomuntu owesaba uNkulunkulu: “Injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.” Uyalithola yini iphuzu lale ndima? Kulula ukufunda la mazwi bese uphetha ngokuthi amane nje achaza indawo enhle nethulile—umuthi onomthunzi ngasemfuleni. Yeka ukuthi bekungaba mnandi kanjani ukuthatha isithongwane endaweni enjalo ntambama! Kodwa leli hubo alisitsheli ukuba sicabange ngokuphumula. Lichaza indaba ehluke kakhulu, ehilela umsebenzi onzima. Kanjani?
17 Phawula ukuthi lona akuwona nje umuthi onomthunzi ozimilele eduze komfula. Ngumuthi othela izithelo, “otshalwe” ngenhloso endaweni ekhethiwe—“ngasemifudlaneni yamanzi.” Umuntu angawutshala kanjani umuthi ngasemifudlaneni eminingi? Phela, ensimini yemithi yezithelo, umnini-sivande wayengase enze inkasa ukuze amanzi agelezele ezimpandeni zemithi yakhe eyigugu. Seliyacaca-ke manje iphuzu! Uma ngomqondo ongokomoya sichuma njengalo muthi, kungenxa yokuthi senzelwé umsebenzi omkhulu. Sisenhlanganweni ewaletha ngqò kithi amanzi ahlanzekile eqiniso, kodwa nathi kumelwe senze ingxenye yethu. Kudingeka siwamunce la manzi ayigugu, sizindle futhi sicwaninge, okuyizinto ezidingekayo ukuze amaqiniso eZwi likaNkulunkulu angene ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. Kanjalo, nathi siyothela izithelo ezinhle.
18. Yini edingekayo ukuze sithole izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo yethu?
18 IBhayibheli alisizuzisi uma lizihlalele eshalofini. Futhi alinamlingo—njengokungathi singavele sicimeze, sivule nomaphi, bese silindela ukuthola impendulo yombuzo wethu lapho livuleke khona. Lapho sibhekene nezinqumo, kudingeka simbe “ulwazi ngoNkulunkulu” njengokungathi simba umcebo ogqitshiwe. (IzAga 2:1-5) Ngokuvamile kudingeka sicwaninge ngenkuthalo nangokucophelela ukuze sithole iseluleko esingokomBhalo esiqondene nezidingo zethu. Sinezincwadi eziningi ezisekelwe eBhayibhelini ezingasisiza lapho sicwaninga. Njengoba sizisebenzisa ukuze simbe ngenkuthalo sifuna amagugu okuhlakanipha eZwini likaNkulunkulu, siyalusebenzisa ngempela usizo uJehova asinika lona.
Usizo Olutholakala Ngamanye Amakholwa
19. (a) Kungani izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! singazibheka njengosizo olunikezwa ngalabo esikholwa nabo? (b) Isihloko esikomunye womagazini bethu sikusize kanjani wena?
19 Selokhu kwathi nhló, izinceku zikaJehova ezingabantu ziyasizana. Ingabe uJehova ushintshile? Lutho neze. Akungabazeki ukuthi ngamunye wethu angacabanga izikhathi lapho athola khona lona kanye usizo ayeludinga ngesikhathi esifanele kwesikholwa nabo. Ngokwesibonelo, sikhona yini isihloko osikhumbulayo se-Nqabayokulinda noma se-Phaphama! esakududuza lapho udinga induduzo noma esakusiza ekuxazululeni inkinga noma ekubhekaneni nenselele yokholo lwakho? UJehova wakulethela lolo sizo ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’ eyabelwe ukunikeza ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’—Mathewu 24:45-47.
20. Iziphi izindlela abadala abangamaKristu ababa ngazo ‘izipho ezingabantu’?
20 Nokho, ngokuvamile usizo esiluthola kwesikholwa nabo kuba oluqondile. Umdala ongumKristu unikeza inkulumo esithinta inhliziyo, noma ukuhambela kwakhe kokwalusa kusisiza sibhekane nesikhathi esinzima, noma iseluleko sakhe somusa sisisiza sibone futhi sinqobe ubuthakathaka obuthile. Omunye umKristu onokwazisa ubhala ngosizo álunikwa umdala: “Enkonzweni yasensimini, wazinika isikhathi sokungenza ngiveze engikucabangayo. Ngayizolo ebusuku ngangithandaza kuJehova, ngicela umuntu engingakhuluma naye. Ngakusasa, lo mzalwane wakhuluma nami ngesisa. Wangisiza ngabona ukuthi uJehova ubengisiza kanjani yonke le minyaka. Ngiyambonga uJehova ngokuthumela lo mdala kimi.” Ngezindlela ezinjengalezi, abadala abangamaKristu babonisa ukuthi ‘bayizipho ezingabantu,’ ezilethwe uJehova ngoJesu Kristu ukuze asisize sikhuthazele endleleni eya ekuphileni.—Efesu 4:8.
21, 22. (a) Iba yini imiphumela lapho abasebandleni besebenzisa iseluleko esikweyabaseFilipi 2:4? (b) Kungani ngisho nezenzo ezincane zomusa zibalulekile?
21 Ngaphandle kwabadala, umKristu ngamunye othembekile ufuna ukusebenzisa umyalo ophefumulelwe wokuba ‘angakhathaleli nje kuphela izindaba zakhe siqu, kodwa futhi akhathalele nezabanye.’ (Filipi 2:4) Lapho abasebandleni lobuKristu besisebenzisa leso seluleko, kuba nezenzo ezinhle zomusa. Ngokwesibonelo, omunye umkhaya wehlelwa usizi oluzumayo oluyinkimbinkimbi. Ubaba wekhaya wayehambe nendodakazi baya esitolo. Lapho sebebuya, bavelelwa ingozi yemoto. Indodakazi yashona; uyise walimala kakhulu. Lapho ephuma esibhedlela, ekuqaleni wayekhubazeke kangangokuthi wayengakwazi ukuzenzela ngisho. Umkakhe wayeshaqeke kangangokuthi wayengakwazi ukumnakekela eyedwa. Ngakho umbhangqwana othile ebandleni wabangenisa emzini wawo, wabanakekela amasonto amaningana.
22 Yiqiniso, akuzona zonke izenzo zomusa ezihilela usizi nokuzidela okungaka. Olunye usizo esilutholayo aluhileli ubunzima obunjengalobu. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sincane kanjani isenzo somusa, siyasazisa, akunjalo? Zikhona yini izikhathi ongazicabanga lapho amazwi noma isenzo somusa somzalwane noma udade sakunika lona kanye usizo owawuludinga? UJehova uvamile ukusinakekela ngezindlela ezinjalo.—IzAga 17:17; 18:24.
23. UJehova ukubheka kanjani ukuzama kwethu ukusizana?
23 Ungathanda yini ukuba uJehova akusebenzise ekusizeni abanye? Lelo thuba likuvulekele. Eqinisweni, uJehova uyakwazisa ukwenza kwakho umzamo onjalo. IZwi lakhe lithi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” (IzAga 19:17) Ukuzidela ekusizeni abafowethu nodadewethu kuletha injabulo enkulu. (IzEnzo 20:35) Labo abazihlukanisa ngamabomu abayitholi injabulo yokunikeza usizo olunjalo, futhi abasitholi nesikhuthazo esilethwa ukulwamukela. (IzAga 18:1) Ngakho, masihlangane ngokwethembeka emihlanganweni yobuKristu ukuze sikhuthazane.—Hebheru 10:24, 25.
24. Kungani kungafanele sizizwe sintula ngokuthi asizibonanga izimangaliso zikaJehova zasendulo?
24 Akujabulisi yini ukuhlola izindlela uJehova asisiza ngazo? Nakuba singaphili esikhathini lapho uJehova enza izimangaliso ukuze afeze izinjongo zakhe, akudingeki sizizwe sintula. Okubaluleke ngempela ukuthi uJehova usinika lonke usizo esiludingayo ukuze sihlale sithembekile. Futhi uma sibekezela ndawonye ngokholo, siyophila sibone izenzo zikaJehova eziyizimangaliso nezinkulu kunazo zonke emlandweni! Masizimisele ukulwamukela nokulusebenzisa ngokugcwele usizo lukaJehova lothando ukuze senanele amazwi ombhalo wethu wonyaka ka-2005: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
Ucabangani?
UJehova ulunikeza kanjani usizo esiludingayo namuhla—
• ngezingelosi?
• ngomoya wakhe ongcwele?
• ngeZwi lakhe eliphefumulelwe?
• ngalabo esikholwa nabo?
[Isithombe ekhasini 18]
Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi umsebenzi wokushumayela usekelwa izingelosi
[Isithombe ekhasini 21]
UJehova angase asebenzise omunye walabo esikholwa nabo ukuze asinike induduzo esiyidingayo