Isahluko Sesibili
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo Nawe
1. Kungani kufanele sibe nesithakazelo esiprofethweni sika-Isaya?
U-ISAYA waloba incwadi ebizwa ngegama lakhe eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, kodwa isabalulekile kithi namuhla. Singafunda izimiso ezisemqoka ezenzakalweni ezingokomlando aziloba. Futhi singakha ukholo lwethu ngokutadisha iziprofetho aziloba egameni likaJehova. Yebo, u-Isaya wayengumprofethi kaNkulunkulu ophilayo. UJehova wamphefumulela ukuba alobe umlando kusengaphambili—achaze izenzakalo zingakenzeki. Ngaleyo ndlela uJehova wabonisa ukuthi angalibikezela ikusasa futhi aliqondise. Ngemva kokutadisha incwadi ka-Isaya, amaKristu eqiniso aye aqiniseka ukuthi uJehova uzokufeza konke akuthembisile.
2. Sasinjani isimo eJerusalema ngesikhathi u-Isaya eloba incwadi yakhe yesiprofetho, futhi iluphi ushintsho olwaluzokwenzeka?
2 Ngesikhathi u-Isaya eqeda ukuloba isiprofetho sakhe, iJerusalema lase liphunyulile osongweni lomAsiriya. Lalisekhona ithempeli, futhi abantu babezenzela imisebenzi yabo evamile njengoba nje babelokhu benza eminyakeni eminingi ngaphambili. Nokho, leso simo sasizoshintsha. Kwakuzofika isikhathi lapho ingcebo yamakhosi akwaJuda yayizoyiswa eBabiloni, nentsha engamaJuda ibe izikhulu zesigodlo kulowo muzi.a (Isaya 39:6-7) Lokhu kwakuzokwenzeka ngemva kweminyaka engaphezu kwekhulu.—2 AmaKhosi 24:12-17; Daniyeli 1:19.
3. Yimuphi umyalezo oku-Isaya isahluko 41?
3 Umyalezo kaNkulunkulu ngo-Isaya awuwona nje umyalezo wokulahla abantu. Isahluko 40 sencwadi yakhe siqala ngegama elithi “Induduzo.”b AmaJuda ayeyoduduzwa isiqinisekiso sokuthi wona noma izingane zawo babeyokwazi ukubuyela ezweni labo. Isahluko 41 siyaqhubeka nalowo myalezo oduduzayo futhi sibikezela ukuthi uJehova wayeyovusa inkosi enamandla ukuba ifeze intando yaphezulu. Lesi sahluko sineziqinisekiso futhi sikhuthaza ukuthembela kuNkulunkulu. Siveza nokuthi abanamandla onkulunkulu bamanga izizwe ezibeka ithemba lazo kubo. Kukho konke lokhu, kuningi okungaqinisa ukholo, kokubili osukwini luka-Isaya nakolwethu.
UJehova Uphonsela Izizwe Inselele
4. Yimaphi amazwi uJehova aphonsela ngawo izizwe inselele?
4 Ngomprofethi wakhe, uJehova uthi: “Ngilaleleni ngokuthula, nina ziqhingi; amaqembu ezizwe mawathole amandla kabusha. Mawasondele. Mawakhulume ngaleso sikhathi. Masisondelaneni ndawonye ngenjongo yokwahlulela.” (Isaya 41:1) Ngala mazwi, uJehova uphonsa inselele ezizweni eziphikisa abantu bakhe. Mazime phambi kwakhe, zizilungiselele ukukhuluma! Njengoba sizobona kamuva, njengokungathi uyijaji enkantolo, uJehova ufuna ukuba lezi zizwe zinikeze ubufakazi bokuthi izithombe zazo zingonkulunkulu bangempela. Ingabe lab’ onkulunkulu bangazibikezela izenzo zokusindisa abakhulekeli babo noma zokwahlulela izitha zabo? Uma kunjalo, bangazigcwalisa yini lezo ziprofetho? Cha. UJehova kuphela ongenza lokho.
5. Chaza ukuthi kukanjani iziprofetho zika-Isaya zinokugcwaliseka okungaphezu kokukodwa.
5 Njengoba sicabangela isiprofetho sika-Isaya, masikhumbule ukuthi, njengeziprofetho eziningi zeBhayibheli, isiprofetho sakhe sinokugcwaliseka okungaphezu kokukodwa. Ngo-607 B.C.E., uJuda uzothunjelwa eBabiloni. Nokho, isiprofetho sika-Isaya sembula ukuthi uJehova uyowakhulula ama-Israyeli athunjelwe lapho. Akhululwa ngo-537 B.C.E. Lokho kukhululwa kufuze okwenzeka ekuqaleni kwekhulu lama-20. Phakathi nempi yezwe yokuqala, izinceku zikaJehova ezigcotshiwe emhlabeni zangena enkathini yosizi. Ngo-1918 ukucindezela kwezwe likaSathane—okwakubhebhezelwa eLobukholwa njengeliyingxenye eyinhloko yeBabiloni Elikhulu—kwawumisa umsebenzi ohleliwe wokushumayela izindaba ezinhle. (IsAmbulo 11:5-10) Izikhulu eziqavile ze-Watch Tower Society zaboshelwa amacala amanga. Kwabonakala sengathi izwe liyanqoba ekulweni nezinceku zikaNkulunkulu. Khona-ke, njengoba kwenzeka ngo-537 B.C.E., uJehova wazikhulula kungalindelwe. Ngo-1919 izikhulu ezaziboshiwe zadedelwa, kamuva esulwa amacala ezazibekwe wona. Umhlangano owawuseCedar Point, Ohio ngo-September 1919, wafaka izinceku zikaJehova umfutho wokuwuqala kabusha umsebenzi wokushumayela ngezindaba ezinhle zoMbuso. (IsAmbulo 11:11, 12) Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje, umsebenzi wokushumayela uye wanda ngendlela emangalisayo. Ngaphezu kwalokho, okuningi okwashiwo u-Isaya kuyogcwaliseka kahle kakhulu emhlabeni oyiPharadesi ozayo. Ngenxa yalokho, amazwi u-Isaya awasho kudala ahlanganisa zonke izizwe nabantu namuhla.
Kubizwa Umkhululi
6. Umprofethi umchaza kanjani umnqobi wesikhathi esizayo?
6 Ngo-Isaya, uJehova ubikezela umnqobi oyokhulula abantu bakaNkulunkulu eBabiloni futhi ahlulele izitha zabo. UJehova uyabuza: “Ngubani ovuse othile empumalanga? Ngubani owambiza ngokulunga ukuba eze ezinyaweni zaKhe, ukuze anikele izizwe phambi kwakhe, futhi amenze anqobe ngisho namakhosi? Ngubani owaqhubeka ezinikela enkembeni yakhe njengokungathi ziwuthuli, kangangokuthi ziye zapheshulwa ngomnsalo wakhe zayiswa ngapha nangapha njengezinhlanga nje? Ngubani owaqhubeka ezisukela, owaqhubeka edlula ngokuthula ngezinyawo zakhe ngendlela angezanga ngayo? Ngubani obesebenza futhi owenzé lokhu, ebiza izizukulwane kusukela ekuqaleni? Mina Jehova, OwokuQala; nakwabokugcina ngingofanayo.”—Isaya 41:2-4.
7. Ubani lo mnqobi ozayo, futhi yini ayenzayo?
7 Ubani lo oyovuswa empumalanga? Izwe lamaMede namaPheresiya nezwe lase-Elamu asempumalanga yeBabiloni. UKoresi umPheresiya usuka lapho, ekanye namabutho akhe anamandla. (Isaya 41:25; 44:28; 45:1-4, 13; 46:11) Nakuba uKoresi engeyena umkhulekeli kaJehova, wenza izinto ngokuvumelana nentando kaJehova, uNkulunkulu olungileyo. UKoresi unqoba amakhosi, asakazeke njengothuli phambi kwakhe. Eshabashekela ukunqoba, udlula “ngokuthula” noma ngokuphepha ezindleleni okungavamile ukuhanjwa kuzo, anqobe zonke izithiyo. Ngonyaka ka-539 B.C.E., uKoresi ufika emzini onamandla waseBabiloni awunqobe. Umphumela uba ukukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu, ukuze babuyele eJerusalema bamise kabusha ukukhulekela okumsulwa.—Ezra 1:1-7.c
8. Yini engenziwa uJehova kuphela?
8 Ngakho, ngo-Isaya, uJehova ubikezela ukuphakama kukaKoresi kusekude ukuba le nkosi izalwe. NguNkulunkulu weqiniso kuphela ongaprofetha into enjalo ngokunembile. Konkulunkulu bamanga bezizwe, akekho noyedwa olingana noJehova. Kungesizathu esihle uJehova ethi: “Angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami.” NguJehova kuphela ongasho kufaneleke ukuthi: “Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.”—Isaya 42:8; 44:6, 7.
Abantu Abethukile Bathemba Izithombe
9-11. Izizwe zisabela kanjani ekuhlaseleni kukaKoresi?
9 Manje u-Isaya uchaza indlela eziyomamukela ngayo izizwe lo mnqobi ozayo: “Iziqhingi zabona futhi zaqala ukwesaba. Yona kanye imikhawulo yomhlaba yaqala ukuthuthumela. Yasondela eduze futhi yaqhubeka iza. Basizana yilowo nalowo umngane wakhe, futhi umuntu wayethi kumfowabo: ‘Yiba namandla.’ Ngakho ingcweti yaqinisa osebenza ngensimbi; ololonga ngesando sokukhanda waqinisa okhanda ngesikhandelo, ethi ngokuphathelene nokunamathisela ngomthofu: ‘Kuhle.’ Ekugcineni omunye wawuqinisa ngezipikili ukuze ungantengantengi.”—Isaya 41:5-7.
10 UJehova ubuka esikhathini esizayo esiyiminyaka engaba ngu-200, ehlola isimo sezwe. Amabutho anamandla aholwa uKoresi ahambela phezulu, alahla phansi konke okuphikisana nawo. Abantu bayathuthumela ngenxa yokuza kwakhe—ngisho nezakhamuzi zeziqhingi, lezo ezisezindaweni ezikude kakhulu. Ngenxa yokwesaba, bakha umfelandawonye ukuze balwe nalowo uJehova ambize empumalanga ukuba azokhipha isahlulelo. Bazama ukuqinisana, bethi: “Yiba namandla.”
11 Izingcweti zomsebenzi wezandla ziyalekelelana ekwakheni onkulunkulu abayizithombe abazokhulula abantu. Umbazi ubaza isithombe, acele umkhandi wezinto zegolide ukuba anameke lesi sithombe ngento embiwa phansi, mhlawumbe igolide. Umqophi wemifanekiso ulilolonga ngesando leli golide abese ethi alinamathiselwe ngomthofu. Mhlawumbe kuyabhuqwa uma kuthiwa awuqiniswe ngezipikili ukuze ungayendi noma uveze ubuthakathaka obuthile, njengoba kwenza umfanekiso kaDagoni owawa phambi komphongolo kaJehova.—1 Samuweli 5:4.
Ningesabi!
12. Yisiphi isiqinisekiso uJehova asinikeza u-Israyeli?
12 UJehova manje uphendukela kubantu bakhe. Ngokungafani nezizwe ezithembele konkulunkulu abangaphili, abathembela kuNkulunkulu weqiniso akudingeki nanini besabe. Isiqinisekiso sikaJehova siqala ngesikhumbuzo sokuthi u-Israyeli uyinzalo yomngane wakhe u-Abrahama. Evesini elinesisa ngendlela emangalisayo, u-Isaya usho amazwi kaJehova: “Wena Israyeli, uyinceku yami engiyikhethile, wena Jakobe, inzalo ka-Abrahama umngane wami; wena, engikubambe ngakuthatha emikhawulweni yomhlaba, wena, engikubize emajukujukwini awo. Ngakho ngathi kuwe, ‘Uyinceku yami; ngikukhethile, futhi angizange ngikwale. Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.’”—Isaya 41:8-10.
13. Kungani amazwi kaJehova eyoba induduzo kumaJuda athunjiwe?
13 Lawo mazwi ayengeve ezowaduduza amaJuda athembekile ayethunjelwe kwelinye izwe! Yeka indlela okwakuyowakhuthaza ngayo ukuzwa uJehova ewabiza ngokuthi “nceku yami” ngesikhathi eseyizithunjwa, eyizinceku zenkosi yaseBabiloni! (2 IziKronike 36:20) Nakuba uJehova ezowajezisa ngenxa yokungathembeki kwawo, ngeke awalahle. U-Israyeli okaJehova, akayena oweBabiloni. Ngeke kube nasizathu sokuba izinceku zikaNkulunkulu zithuthumele lapho kuhlasela uKoresi onqobayo. UJehova uyoba nabantu bakhe ukuze abasize.
14. Amazwi uJehova awasho kuma-Israyeli aziduduza kanjani izinceku zikaNkulunkulu namuhla?
14 La mazwi aye aziqinisa idolo futhi azinika amandla izinceku zikaNkulunkulu ngisho nasosukwini lwethu. Emuva ngo-1918 zazilangazelela ukwazi intando kaJehova ngazo. Zazifisa ukukhululwa esimweni sazo sokuthunjwa ngokomoya. Namuhla silangazelela ukukhululeka ekucindezelweni uSathane, izwe nokungapheleli kwethu siqu. Kodwa siyaqaphela ukuthi uJehova wazi kahle hle ukuthi kunini lapho kufanele athathe khona isinyathelo ngenxa yabantu bakhe, nokuthi kufanele asithathe kanjani. Njengezingane ezincane, sibambelele esandleni sakhe esinamandla, siqiniseka ukuthi uzosisiza sikwazi ukubhekana nezimo. (IHubo 63:7, 8) UJehova uyabazisa labo abamkhonzayo. Namuhla usisekela ngendlela abasekela ngayo abantu bakhe phakathi nenkathi enzima ka-1918-19 nangendlela awasekela ngayo ama-Israyeli athembekile endulo.
15, 16. (a)Kuyokwenzekani ezitheni zika-Israyeli, futhi kungaziphi izindlela u-Israyeli efana nesibungu? (b) Amazwi kaJehova akhutha-za ngokukhethekile namuhla ngenxa yakuphi ukuhlasela okusondelayo?
15 Cabangela lokho uJehova abe esekusho ngo-Isaya: “‘Bheka! Bonke abakuthukuthelela kakhulu bayoba namahloni futhi bahlazeke. Amadoda axabana nawe ayoba njengeze futhi ayoshabalala. Uyowafuna, kodwa ngeke uwathole lawo madoda alwa nawe. Ayoba njengento engekho nanjengeze, lawo madoda alwa nawe. Ngoba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’ ‘Ungesabi, wena sibungu esinguJakobe, nina madoda akwa-Israyeli. Ngizokusiza mina mathupha,’ kusho uJehova, yebo Owakuthenga Kabusha, oNgcwele ka-Israyeli.”—Isaya 41:11-14.
16 Izitha zika-Israyeli ngeke ziphumelele. Labo abathukuthelela u-Israyeli bayoba namahloni. Abalwa naye bayobhubha. Nakuba ama-Israyeli athunjiwe ebonakala ebuthaka futhi engavikelekile kuhle kwesibungu sipaquza emhlabathini, uJehova uyowasiza. Yeka isikhuthazo abe yiso la mazwi phakathi ‘nezinsuku zokugcina’ njengoba amaKristu eqiniso eye abhekana nenzondo yabantu abaningi kangaka emhlabeni! (2 Thimothewu 3:1) Futhi asive siqinisa lesi sithembiso sikaJehova njengoba kusondela ukuhlasela kukaSathane, lowo esiprofethweni esithile obizwa ngokuthi “uGogi wezwe lakwaMagogi”! Ngaphansi kokuhlasela kobulwane kukaGogi, abantu bakaJehova bayobonakala bengavikelekile kuhle kwesibungu—abantu ‘abahleli bengenaludonga’ futhi ‘bengenamigoqo ngisho nazicabha.’ Nokho, abathembela kuJehova ngeke kudingeke bathuthumeliswe ukwesaba. UMninimandla onke uyolwa ukuze abakhulule.—Hezekeli 38:2, 11, 14-16, 21-23; 2 Korinte 1:3.
Induduzo Ku-Israyeli
17, 18. U-Isaya ukuchaza kanjani ukunikwa kuka-Israyeli amandla, futhi yikuphi ukugcwaliseka esiqinisekiswa ngakho?
17 UJehova uyaqhubeka eduduza abantu bakhe: “Bheka! Ngikwenze waba yisihlibhi sokubhula, isibhulo esisha esinamazinyo asika nhlangothi zombili. Uyonyathela izintaba uzichoboze; namagquma uyowenza abe njengamakhoba nje. Uyokwela, futhi umoya uyomuka nako, nesivunguvungu sikuphephule ngezindlela ezihlukahlukene. Wena ngokwakho uyojabula ngoJehova. Uyoziqhayisa ngoNgcwele ka-Israyeli.”—Isaya 41:15, 16.
18 U-Israyeli uyonikwa amandla okuba azilwele, futhi ngomqondo ongokomoya, azinqobe izitha zakhe ezinjengentaba. Lapho u-Israyeli ebuya ekuthunjweni, uyozinqoba izitha eziyozama ukuvimba ukwakhiwa kabusha kwethempeli nezindonga zeJerusalema. (Ezra 6:12; Nehemiya 6:16) Kodwa la mazwi kaJehova ayogcwaliseka ngezinga elikhulu kakhulu ‘ku-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16) UJesu uthembisa amaKristu agcotshiwe: “Lowo onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, igunya elifanayo nalelo nami engilamukele kuBaba, futhi uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.” (IsAmbulo 2:26, 27) Siyofika ngempela isikhathi lapho abafowabo bakaKristu abavuselwe enkazimulweni yasezulwini beyohlanganyela ekubhubhiseni izitha zikaJehova uNkulunkulu.—2 Thesalonika 1:7, 8; IsAmbulo 20:4, 6.
19, 20. Uthini u-Isaya ngokubuyiselwa kuka-Israyeli esimweni sobuhle, futhi lokhu kugcwaliseka kanjani?
19 Ngolimi olungokomfanekiso, uJehova manje ugcizelela isithembiso sakhe sokulethela abantu bakhe impumuzo. U-Isaya uyabhala: “Abahluphekileyo nabampofu bafuna amanzi, kodwa awekho. Ulimi lwabo lomile ngenxa yokoma. Mina Jehova ngizobaphendula. Mina, Nkulunkulu ka-Israyeli, ngeke ngibashiye. Ngizovula imifula emagqumeni angenalutho, neziphethu phakathi kwamathafa asezigodini. Ngizokwenza ihlane libe yichibi lamanzi elinomhlanga, nezwe elingenamanzi libe yimithombo yamanzi. Ehlane ngizobeka umsedari, umtholo nombomvana nomuthi wamafutha. Ethafeni eliwugwadule ngizobeka umjunipha, umthidari nomsayipuresi ngesikhathi esifanayo; ukuze abantu babone, bazi futhi banake ngesikhathi esifanayo babe nokuqondisisa, ukuthi yiso kanye isandla sikaJehova esikwenzile lokhu, futhi oNgcwele ka-Israyeli ngokwakhe ukudalile.”—Isaya 41:17-20.
20 Nakuba ama-Israyeli athunjiwe ehlala enhloko-dolobha yombuso wezwe ocebile, kuwona ifana nehlane elingenamanzi. Azizwa njengoDavide ngesikhathi ecashele iNkosi uSawule. Ngo-537 B.C.E., uJehova uwavulela indlela yokubuyela kwaJuda futhi akhe kabusha ithempeli lakhe eJerusalema, kanjalo abuyisele ukukhulekela okumsulwa. UJehova ube esewabusisa. Esiprofethweni sakamuva, u-Isaya uyabikezela: “Ngokuqinisekile uJehova uyoliduduza iZiyoni. Ngokuqinisekile uyoziduduza zonke izindawo zalo ezibhuqiwe, futhi uyokwenza ihlane lalo libe njenge-Edene nethafa lalo eliwugwadule libe njengensimu kaJehova.” (Isaya 51:3) Kuyenzeka ngempela lokhu ngemva kokuba amaJuda ebuyele ezweni lawo.
21. Yikuphi ukubuyiselwa okwenzeka ezikhathini zanamuhla, futhi yini eyokwenzeka esikhathini esizayo?
21 Kwenzeka okufanayo ezikhathini zanamuhla lapho uKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, ekhulula abalandeli bakhe abagcotshiwe ekuthunjweni okungokomoya ukuze basebenzele ukubuyisela ukukhulekela okumsulwa. Laba abathembekileyo babusiswa ngepharadesi elingokomoya elinothile, insimu yase-Edene engokomfanekiso. (Isaya 11:6-9; 35:1-7) Maduze nje lapho uNkulunkulu ebhubhisa izitha zakhe, wonke umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi elingokoqobo, njengoba nje uJesu athembisa iselelesi esasilenga esigxotsheni.—Luka 23:43.
Inselele Ezitheni Zika-Israyeli
22. UJehova uphinde aziphonsele inselele ngamaphi amazwi izizwe?
22 UJehova manje uphindela odabeni lwakhe nezizwe nonkulunkulu bazo abayizithombe: “‘Lethani udaba lwenu oluyimpikiswano,’ kusho uJehova. ‘Vezani izizathu zenu,’ kusho iNkosi kaJakobe. ‘Vezani futhi nisitshele izinto ezizokwenzeka. Izinto zokuqala—ukuthi zaziyini—yishoni, ukuze sigxilise inhliziyo yethu futhi sazi ikusasa lazo. Noma nisenze ukuba sizwe ngisho nangezinto ezizayo. Yishoni izinto ezizoza kamuva, ukuze sazi ukuthi ningonkulunkulu. Yebo, kufanele nenze okuhle noma okubi, ukuze siqalaze futhi sikubone ngasikhathi sinye. Bhekani! Niyinto engekho, futhi enikufezayo akulutho. Wonke umuntu onikhethayo uyinto enengekayo.’” (Isaya 41:21-24) Ingabe onkulunkulu bezizwe bayakwazi ukuprofetha ngokunembile futhi ngaleyo ndlela bafakazele ukuthi banolwazi olungaphezu koluvamile? Uma bekwazi, kumelwe nakanjani kube nemiphumela emihle noma emibi yokusekela lokho abakushoyo. Empeleni, onkulunkulu abayizithombe abakwazi kwenza lutho futhi bafana nento engekho.
23. Kungani uJehova, ngabaprofethi bakhe, azilahla kaningi kangaka izithombe?
23 Osukwini lwethu abanye bangase bazibuze ukuthi kungani uJehova, ngo-Isaya nabaprofethi abangozakwabo, achitha isikhathi esingaka elahla ubuze bokukhonza izithombe. Namuhla kungase kubacacele abaningi ukungabi lusizo kwezithombe ezenziwe umuntu. Nokho, lapho inkolelo ethile engamanga isigxilile kubantu futhi abaningi beyamukela, kunzima ukuyisusa ezingqondweni zabo. Izinkolelo eziningi zanamuhla nazo azinangqondo njengenkolelo yokuthi izithombe ezingaphili zingonkulunkulu bangempela. Kodwa abantu babambelele kulezo zinkolelo naphezu kwezizathu ezinamandla eziziphikisayo. Kuba yilapho abanye sebelizwe kaninginingi iqiniso lapho bekwazi khona ukubona ukuhlakanipha kokwethembela kuJehova.
24, 25. UJehova uphinde athini ngoKoresi, futhi lokhu kusikhumbuza siphi esinye isiprofetho?
24 UJehova uphinde akhulume ngoKoresi: “Ngivusé othile enyakatho, futhi uzofika. Uyobiza igama lami esempumalanga. Uzothelekela ababusi abangamaphini njengokungathi bawubumba nanjengombumbi onyathela ubumba olumanzi.” (Isaya 41:25)d Ngokungafani nonkulunkulu bezizwe, uJehova uyakwazi ukufeza izinto. Lapho elanda uKoresi “empumalanga,” uNkulunkulu uyobonisa ukuthi uyakwazi ukubikezela, futhi aqondise isikhathi esizayo ukuze afeze lokho akubikezele.
25 La mazwi asikhumbuza incazelo engokwesiprofetho yomphostoli uJohane yamakhosi ayovuselwa ukwenza isenzo esithile esikhathini sethu. KusAmbulo 16:12, sifunda ukuthi “amakhosi avela ekuphumeni kwelanga” ayovulelwa indlela. La makhosi nguJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Njengoba nje uKoresi akhulula abantu bakaNkulunkulu endulo, la makhosi anamandla nakakhulu ayoqothula izitha zikaJehova futhi eluse abantu baKhe badlule osizini olukhulu bangene ezweni elisha lokulunga.—IHubo 2:8, 9; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 7:14-17.
UJehova Uphakeme Kakhulu!
26. UJehova ubuza muphi umbuzo manje, futhi ingabe uyaphendulwa?
26 UJehova uphinde athi uyena kuphela uNkulunkulu weqiniso. Uyabuza: “Ubani owakhuluma nganoma yini kwasekuqaleni, ukuba sazi, noma kwasezikhathini ezidlule, ukuze sithi, ‘Uqinisile’? Ngempela akekho okhulumayo. Ngempela akekho owenza umuntu ukuba ezwe. Ngempela akekho ozwa noma yimaphi amazwi enu nina madoda.” (Isaya 41:26) Akukho nkulunkulu oyisithombe owamemezela ukuza komnqobi ezokhulula abamethembayo. Bonke onkulunkulu abanjalo abaphili, bayizimungulu. Ababona nhlobo onkulunkulu.
27, 28. Yiliphi iqiniso elisemqoka eligcizelelwa emavesini okugcina ka-Isaya 41, futhi obani abalimemezelayo?
27 Ngemva kokubika la mazwi kaJehova ayisiprofetho avusa amadlingozi, u-Isaya ugcizelela iqiniso elisemqoka: “Ukhona owokuqala othi kulo iZiyoni: ‘Bheka! Naba!’ futhi iJerusalema ngizolinika oletha izindaba ezinhle. Ngaqhubeka ngibona, futhi kwakungekho muntu; futhi kulaba kwakungekho owayenikeza iseluleko. Ngaqhubeka ngibabuza, ukuba baphendule. Bheka! Bonke bayinto engekho. Imisebenzi yabo iyize. Imifanekiso yabo encibilikisiwe ingumoya nokungekhona okungokoqobo.”—Isaya 41:27-29.
28 UJehova ungowokuqala. Uphakeme kakhulu! UnguNkulunkulu weqiniso omemezela ukukhululwa kwabantu bakhe, obalethela izindaba ezinhle. Futhi ngoFakazi bakhe kuphela abamemezela ubukhulu bakhe ezizweni. UJehova uyabagcona futhi abalahle abathembele ekukhulekeleni izithombe, uthi izithombe zabo ‘zingumoya futhi azikona okungokoqobo.’ Yeka isizathu esinamandla sokunamathela kuNkulunkulu weqiniso! UJehova kuphela okufanele simethembe.
[Imibhalo yaphansi]
c UKoresi Omkhulu, owakhulula “u-Israyeli kaNkulunkulu” ekuthunjweni okungokomoya ngo-1919 nguJesu Kristu uqobo lwakhe, wahlala esihlalweni sobukhosi njengeNkosi kaNkulunkulu yoMbuso wasezulwini kusukela ngo-1914.—Galathiya 6:16.
d Nakuba izwe uKoresi ayedabuka kulo lalisempumalanga yeBabiloni, lapho ewuhlasela okokugcina umuzi, waqhamuka enyakatho, e-Asia Minor.
[Isithombe ekhasini 19]
UKoresi, nakuba eyiqaba, ukhethelwa ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 21]
Izizwe zithembela ezithombeni ezingaphili
[Izithombe ekhasini 27]
U-Israyeli, ‘njengesihlibhi sokubhula,’ ‘uyochoboza izintaba’