Isahluko Sesithathu
“Okhethiweyo Wami, Lowo Umphefumulo Wami Omamukele!”
1, 2. Kungani amaKristu namuhla enesithakazelo esahlukweni 42 sika-Isaya?
“‘NINGOFAKAZI bami,’ usho uJehova, ‘yebo inceku yami engiyikhethile.’” (Isaya 43:10) Lesi simemezelo sikaJehova, esalotshwa umprofethi u-Isaya ekhulwini lesi-8 B.C.E., sibonisa ukuthi abantu bakaJehova besivumelwano endulo babeyisizwe esingofakazi. Babeyinceku ekhethwe uNkulunkulu. Ngemva kweminyaka engu-2 600, ngo-1931, amaKristu agcotshiwe amemezela obala ukuthi la mazwi asebenza kuwo. Amukela igama elithi oFakazi BakaJehova futhi ayamukela ngenhliziyo yonke imisebenzi ehambisana nokuba inceku kaNkulunkulu yasemhlabeni.
2 OFakazi BakaJehova banesifiso esiqotho sokujabulisa uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, isahluko 42 sencwadi ka-Isaya sibathakazelisa ngokujulile ngoba sinikeza isithombe senceku uJehova ayamukelayo kanye nesenceku angayamukeli. Ukucabangela lesi siprofetho nokugcwaliseka kwaso kusenza siqonde ukuthi yini ebangela ukuba umuntu amukelwe uNkulunkulu noma angamamukeli.
“Ngifaké Umoya Wami Kuye”
3. Ngo-Isaya, uJehova uprofetha athini ‘ngenceku yami’?
3 Ngo-Isaya, uJehova uprofetha ngokuza kwenceku ezokhethwa uyena uqobo: “Bheka! Inceku yami, engiqhubeka ngiyibambe ngokuqinile! Okhethiweyo wami, lowo umphefumulo wami omamukele! Ngifaké umoya wami kuye. Uyoletha ubulungisa ezizweni. Ngeke amemeze noma aphakamise izwi lakhe, nasemgwaqweni ngeke alizwakalise izwi lakhe. Akukho mhlanga ofohloziwe ayowuphula; futhi intambo yefilakisi esifiphele, ngeke ayicime. Uyokhipha ubulungisa ngeqiniso. Ngeke afiphale noma afohlozwe aze amise ubulungisa emhlabeni; futhi iziqhingi ziyoqhubeka zilindele umthetho wakhe.”—Isaya 42:1-4.
4. Ubani lona “okhethiweyo” owabikezelwa, futhi sazi kanjani?
4 Ubani le Nceku okukhulunywa ngayo lapha? Asishiywa singaqiniseki. La mazwi acashunwe eVangelini likaMathewu futhi kwathiwa asebenza kuJesu Kristu. (Mathewu 12:15-21) UJesu uyiNceku ethandekayo, “okhethiweyo.” UJehova wawufaka nini umoya wakhe kuJesu? Ngo-29 C.E., ngesikhathi uJesu ebhapathizwa. Umbhalo ophefumulelwe uchaza lolo bhapathizo bese uthi ngemva kokuphuma kukaJesu emanzini, “izulu lavuleka nomoya ongcwele usesimweni somzimba esinjengesejuba wehlela phezu kwakhe, futhi kwavela izwi ezulwini lithi: ‘Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.’” Ngale ndlela, uJehova wazisholo yena ukuthi le yiNceku yakhe ethandekayo. Inkonzo kaJesu eyalandela nemisebenzi eyizimangaliso ayenza yabonisa ukuthi umoya kaJehova ngempela wawukuye.—Luka 3:21, 22; 4:14-21; Mathewu 3:16, 17.
‘Uyoletha Ubulungisa Ezizweni’
5. Kungani kwakudingeka kucaciswe ukuthi ubulungisa buyini ekhulwini lokuqala C.E.?
5 Okhethiweyo kaJehova ‘wayeyoletha’ ubulungisa beqiniso, noma abenze bubonakale ngokucacile. “Uyocacisela izizwe ukuthi ubulungisa buyini.” (Mathewu 12:18) Kwakungeve kudingeka lokhu ekhulwini lokuqala C.E.! Abaholi benkolo abangamaJuda babefundisa umbono osontekile ngokuthi ubulungisa nokulunga kuyini. Babefuna ukuthola ukulunga ngokulandela isimiso esinemithetho eqinile—eminingi ababezenzele yona. Ubulungisa babo bokunamathela emthethweni babungenaso isihe nesihawu.
6. Kungaziphi izindlela uJesu enza ubulungisa beqiniso baziwa?
6 UJesu yena wembula umbono kaNkulunkulu ngobulungisa. Ngalokho akufundisa nangendlela ayephila ngayo, uJesu wabonisa ukuthi ubulungisa beqiniso bunesihawu nesihe. Cabangela iNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni. (Mathewu, izahluko 5-7) Yeka incazelo enamandla yendlela okufanele busetshenziswe ngayo ubulungisa nokulunga! Lapho sifunda ukulandisa kwamaVangeli, asisithinti yini isihawu sikaJesu ngabampofu nabahluphekayo? (Mathewu 20:34; Marku 1:41; 6:34; Luka 7:13) Abaningi ababefana nomhlanga ofohloziweyo, bedangele futhi bekhathazekile, wabanikeza isigijimi sakhe esiduduzayo. Babefana nentambo yefilakisi esifiphele, inhlansi yabo yokugcina yokuphila esicishe icime. UJesu akazange awaphule “umhlanga ofohloziweyo” noma acime “intambo yefilakisi esifiphele.” Kunalokho, amazwi nezenzo zakhe zothando nesihawu zabaqabula abathobekileyo.—Mathewu 11:28-30.
7. Kungani isiprofetho sasithi uJesu wayengeke ‘amemeze noma aphakamise izwi lakhe emgwaqweni’?
7 Kungani pho lesi siprofetho sithi uJesu wayengeke “amemeze noma aphakamise izwi lakhe, nasemgwaqweni ngeke alizwakalise izwi lakhe”? Kungoba wayengaziphakamisi yena, njengoba kwakwenza abaningi osukwini lwakhe. (Mathewu 6:5) Lapho ephulukisa indoda eyayinochoko, wayitshela: “Uqaphele ukuba ungatsheli muntu lutho.” (Marku 1:40-44) Kunokuba afune ukuba undabuzekwayo futhi abantu bafinyelele iziphetho ezisekelwe kwabakuzwile, uJesu wayefuna bazibonele bona ukuthi unguKristu, iNceku kaJehova egcotshiwe, besebenzisa ubufakazi obuqinile.
8. (a)UJesu wabuletha kanjani “ubulungisa ezizweni”? (b) Umfanekiso kaJesu womSamariya olungileyo usifundisani ngobulungisa?
8 Le Nceku Ekhethiweyo yayiyoletha “ubulungisa ezizweni.” UJesu wakwenza lokhu. Ngaphandle kokugcizelela ukuthi ubulungisa bukaNkulunkulu bunesihawu, uJesu wafundisa nokuthi bufanele buhlanganise bonke abantu. UJesu wake wakhumbuza umlisa othile owayejwayelene noMthetho ukuthi kufanele athande uNkulunkulu nomakhelwane wakhe. Lo mlisa wabuza uJesu: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Mhlawumbe wayecabanga ukuthi uJesu uzothi: “UmJuda wakini.” Kodwa uJesu walandisa umfanekiso womSamariya olungileyo. Kulo mfanekiso umSamariya wasiza indoda eyayihlaselwe abaphangi, kuyilapho umLevi nompristi babenqabile ukuyisiza. Lo mlisa owayebuzile kwadingeka avume ukuthi kule ndaba, umSamariya owayenyanywa uyena owayengumakhelwane, hhayi umLevi noma umpristi. UJesu waphetha lo mfanekiso ngalesi seluleko: ‘Yenza okufanayo nawe ngokwakho.’—Luka 10:25-37; Levitikusi 19:18.
“Ngeke Afiphale Noma Afohlozwe”
9. Kuyosithinta kanjani ukuqonda ukuthi ubulungisa beqiniso buyini?
9 Njengoba uJesu abucacisa ubulungisa beqiniso, abafundi bakhe bafunda ukuyibonisa le mfanelo. Nathi kumelwe sifunde. Okokuqala, kumelwe samukele izindinganiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi, ngoba unegunya lokunquma ukuthi yikuphi okuwubulungisa nokulungile. Lapho sizama ukwenza izinto ngendlela kaJehova, ukuziphatha kwethu ngobuqotho kuyosho lukhulu ngokuthi ubulungisa beqiniso buyini.—1 Petru 2:12.
10. Kungani ukubonisa ubulungisa kuhlanganisa nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa?
10 Sisuke sibonisa ubulungisa beqiniso nalapho sihlanganyela ngenkuthalo emsebenzini wokushumayela nokufundisa. UJehova usiphe ulwazi oluningi olusindisa ukuphila oluphathelene naye, iNdodana yakhe nezinjongo zakhe. (Johane 17:3) Ngeke kube ukulunga noma ubulungisa ukulugodla lolo lwazi. “Ungabagodleli okuhle labo abakukweletwayo, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza,” kusho uSolomoni. (IzAga 3:27) Lokho esikwaziyo ngoNkulunkulu masikwabele bonke abantu ngenhliziyo yonke, singasinaki isizinda sabo sobuhlanga noma sobuzwe.—IzEnzo 10:34, 35.
11. Singamlingisa kanjani uJesu ekuphatheni abanye?
11 Ngaphezu kwalokho, umKristu wangempela ulingisa uJesu ekuphatheni abanye. Abaningi namuhla babhekene nezinkinga eziqeda amandla futhi badinga isihawu nesikhuthazo. Ngisho namanye amaKristu azinikezele angase acindezelwe izimo aze afane nomhlanga ofohloziwe noma intambo yefilakisi ecimayo. Awadingi yini ukuba siwasekele? (Luka 22:32; IzEnzo 11:23) Yeka indlela okuqabula ngayo ukuba yingxenye yenhlangano yamaKristu eqiniso, azama ukulingisa uJesu ekuboniseni ubulungisa!
12. Kungani singaqiniseka ukuthi maduze nje bonke abantu bayokwenzelwa ubulungisa?
12 Buyoke benziwe yini ubulungisa kubantu bonke? Yebo. Okhethiweyo kaJehova “ngeke afiphale noma afohlozwe aze amise ubulungisa emhlabeni.” Maduze nje iNkosi esesihlalweni sobukhosi, uKristu Jesu ovusiwe, ‘izoletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu.’ (2 Thesalonika 1:6-9; IsAmbulo 16:14-16) UMbuso kaNkulunkulu uyothatha indawo yokubusa komuntu. Ubulungisa nokulunga kuyovama. (IzAga 2:21, 22; Isaya 11:3-5; Daniyeli 2:44; 2 Petru 3:13) Izinceku zikaJehova yonke indawo—ngisho nezisezindaweni ezisemajukujukwini, ‘eziqhingini’—zilulindele ngabomvu lolo suku.
‘Ngiyakumnika Abe Ngukukhanya Kwezizwe’
13. UJehova uprofetha athini ngeNceku yakhe ayikhethile?
13 U-Isaya uyaqhubeka: “Yilokhu uNkulunkulu weqiniso, uJehova, akushilo, uMdali wamazulu futhi oMkhulu owelulayo; Lowo owendlala umhlaba nomkhiqizo wawo, Lowo onika abantu abakuwo ukuphefumula, nalabo abahamba kuwo umoya.” (Isaya 42:5) Yeka incazelo enesisindo kaJehova, uMdali! Lesi sikhumbuzo samandla kaJehova senza kuzwakale kahle akushoyo. UJehova uthi: “Mina, Jehova, ngikubizé ngokulunga, futhi ngabamba isandla sakho. Ngizokulonda ngikunike ube yisivumelwano kubantu, ube ngukukhanya kwezizwe, ukuba uvule amehlo ezimpumputhe, ukuba ukhiphe isiboshwa emgodini wetilongo, ubakhiphe endlini yokuboshwa labo abahlezi ebumnyameni.”—Isaya 42:6, 7.
14. (a) Kusho ukuthini ukuthi uJehova ubamba isandla seNceku yakhe ayamukele? (b) Le Nceku Ekhethiweyo ifeza yiphi indima?
14 UMdali Omkhulu wendawo yonke, uMniki-kuphila noMsekeli wako, uyibamba ngesandla iNceku yakhe ayikhethile, ayithembise ukuyisekela ngokuphelele nangokuqhubekayo. Yeka indlela okuqinisa ngayo idolo lokhu! Ngaphezu kwalokho, uJehova umgcina elondekile ukuze amenze abe “isivumelwano kubantu.” Isivumelwano yisithembiso esingathi sína. Siyisifungo esiqinisekile. Yebo, uJehova wenze iNceku yakhe yaba “isibambiso kubantu.”—An American Translation.
15, 16. UJesu waba “ukukhanya ezizweni” ngayiphi indlela?
15 Njengoba ‘iwukukhanya ezizweni,’ le Nceku ethenjisiwe iyovula ‘amehlo avalekile’ ikhulule ‘nalabo abahlezi ebumnyameni.’ UJesu wakwenza lokhu. Ngokufakazela iqiniso, uJesu wakhazimulisa igama likaYise wasezulwini. (Johane 17:4, 6) Wadalula amanga enkolo, washumayela izindaba ezinhle zoMbuso, futhi wavulela abasebugqilini benkolo umnyango oholela enkululekweni engokomoya. (Mathewu 15:3-9; Luka 4:43; Johane 18:37) Waxwayisa ngokwenza imisebenzi yobumnyama futhi wadalula ukuthi uSathane ‘unguyise wamanga nombusi waleli zwe.’—Johane 3:19-21; 8:44; 16:11.
16 UJesu wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe.” (Johane 8:12) Wakufakazela lokho ngendlela eyingqayizivele lapho enikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuze kube isihlengo. Ngaleyo ndlela wavula indlela yokuba labo ababonisa ukholo kuye bathethelelwe izono, babe nobuhlobo obamukelekayo kuNkulunkulu nethemba lokuphila phakade. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Ngokulondoloza ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele kukho konke ukuphila kwakhe, uJesu wasekela ubukhosi bukaJehova futhi wafakazela ukuthi uDeveli ungumqambimanga. Ngempela uJesu wenza izimpumputhe zabona futhi waba umkhululi walabo ababebanjwe ubumnyama obungokomoya.
17. Sikhonza njengabaphathi bokukhanya ngaziphi izindlela?
17 ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nina niwukukhanya kwezwe.” (Mathewu 5:14) Thina asibona yini abaphathi bokukhanya? Ngendlela esiphila ngayo nangomsebenzi wethu wokushumayela, sinelungelo lokuqondisa abantu kuJehova, uMthombo wokukhanyiselwa kweqiniso. Sisuke silingisa uJesu lapho senza igama likaJehova laziwe, sisekela ubukhosi baKhe futhi simemezela uMbuso waKhe njengowukuphela kwethemba lesintu. Ngaphezu kwalokho, njengabaphathi bokukhanya sidalula amanga enkolo, sixwayise ngemisebenzi engcolile yobumnyama futhi simembule izinqe omubi, uSathane.—IzEnzo 1:8; 1 Johane 5:19.
“Hlabelelelani UJehova Ingoma Entsha”
18. UJehova ubatshelani abantu bakhe?
18 UJehova manje uphendukela kubantu bakhe, athi: “NginguJehova. Yilelo igama lami; futhi angisoze nganika muntu omunye inkazimulo yami, noma imifanekiso ebaziwe udumo lwami. Izinto zokuqala—bheka sezifikile, kodwa ngimemezela izinto ezintsha. Zingakaqali ukuvela, nginenza ukuba nizizwe.” (Isaya 42:8, 9) Lesi siprofetho ‘senceku yami’ asishiwongo omunye wonkulunkulu abangenalusizo, kodwa sashiwo uNkulunkulu weqiniso nowukuphela kwakhe ophilayo. Kwakumelwe nakanjani sigcwaliseke, futhi sagcwaliseka. UJehova uNkulunkulu ngempela unguMsunguli wezinto ezintsha, futhi uzitshela abantu bakhe zingakenzeki. Kufanele sisabele kanjani?
19, 20. (a)Iyiphi ingoma okumelwe ihlatshelelwe? (b) Obani namuhla abahlabelela le ngoba yokudumisa uJehova?
19 U-Isaya uyabhala: “Hlabelelelani uJehova ingoma entsha, indumiso yakhe kusukela emkhawulweni womhlaba, nina enehlela olwandle nakulokho okulugcwalisile, nina ziqhingi nani enihlala kuzo. Ihlane nemizi yalo makuphakamise izwi lako, imizana iKedari elihlala kuyo. Abakhileyo edwaleni mabakhamuluke ngenjabulo. Abantu mabamemeze kakhulu beseziqongweni zezintaba. Mabanike uJehova inkazimulo, mabazise udumo lwakhe naseziqhingini.”—Isaya 42:10-12.
20 Izakhamuzi zemizi, zemizana esehlane, nezeziqhingi, ngisho ‘nezaseKedari,’ noma izindawo zokuhlala ezisogwadule—abantu abakuyo yonke indawo—banxuswa ukuba bahlabelelele uJehova ingoma yokudumisa. Yeka indlela okujabulisa kakhulu ngayo ukuthi osukwini lwethu izigidi ziye zakwamukela lokhu kunxusa okungokwesiprofetho! Ziye zamukela iqiniso leZwi likaNkulunkulu futhi zenza uJehova waba uNkulunkulu wazo. Abantu bakaJehova bahlabelela le ngoma entsha—benikeza uJehova inkazimulo—emazweni angaphezu kwangu-230. Akuve kumnandi ukuhlabelela le ngoma ehlatshelelwa izizwe eziningi, ngezilimi eziningi, nayizinhlanga eziningi!
21. Kungani izitha zabantu bakaNkulunkulu zingeke ziphumelele ukuthulisa ingoma yokudumisa uJehova?
21 Ingabe abaphikisi bangamelana noNkulunkulu futhi bathulise le ngoma yokudumisa? Ngeke bakwazi! “UJehova uyophuma njengendoda enamandla. Uyovusa intshiseko njengeqhawe. Uyomemeza, yebo, uyodedela ukukhamuluka kwempi; uyozibonisa enamandla ngaphezu kwezitha zakhe.” (Isaya 42:13) Ubani onamandla okumelana noJehova? Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, umprofethi uMose nabantwana bakwa-Israyeli bahlabelela: “UJehova uyindoda yempi. NguJehova igama lakhe. Izinqola zikaFaro namabutho akhe empi ukuphonse olwandle, nekhethelo lakhe lamaqhawe licwiliswe oLwandle Olubomvu.” (Eksodusi 15:3, 4) UJehova wanqoba ibutho elalinamandla kunawo wonke ngaleso sikhathi. Akukho sitha sabantu bakaNkulunkulu esingaphumelela uma uJehova esephuma njengeqhawe elinamandla.
“Ngithulile Isikhathi Eside”
22, 23.Kungani uJehova ‘ethula isikhathi eside’?
22 UJehova akakhethi futhi unobulungisa, ngisho nalapho ahlulela izitha zakhe. Uthi: “Ngithulile isikhathi eside. Ngaqhubeka ngithule. Ngaqhubeka ngizithiba. Njengowesifazane obelethayo ngizobubula, ngikhefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye. Ngizobhuqa izintaba namagquma, ngomise zonke izimila zako. Ngizophendula imifula ibe yiziqhingi, ngomise namachibi anomhlanga.”—Isaya 42:14, 15.
23 Ngaphambi kokukhipha isahlulelo, uJehova uye adlulise isikhathi ukuze abenzi bokubi bathole ithuba lokuphenduka ezindleleni zabo ezimbi. (Jeremiya 18:7-10; 2 Petru 3:9) Cabangela indaba yabaseBabiloni, okuthi njengombuso wezwe oqavile, bachithe iJerusalema ngonyaka ka-607 B.C.E. UJehova uyakuvumela lokhu ukuze ajezise ama-Israyeli ngenxa yokungathembeki kwawo. Nokho, abaseBabiloni bayehluleka ukubona indima abayifezayo. Baphatha abantu bakaNkulunkulu ngesihluku esingaphezu kwesidingwa isahlulelo sikaNkulunkulu. (Isaya 47:6, 7; Zakariya 1:15) Yeka indlela okumelwe ukuba kumzwisa ubuhlungu ngayo uNkulunkulu weqiniso ukubona abantu bakhe behlupheka! Kodwa akasithathi isinyathelo kuze kube isikhathi sakhe esifanele. Khona-ke, ube esekhandleka—njengowesifazane obelethayo—ukuze akhulule abantu bakhe besivumelwano futhi abenze babe isizwe esizimele. Ukuze kufezeke lokhu, ngo-539 B.C.E., womisa iBabiloni futhi alibhuqe.
24. UJehova ubavulela liphi ithuba abantu bakhe bakwa-Israyeli?
24 Yeka indlela okumelwe ukuba bajabula kakhulu ngayo abantu bakaNkulunkulu lapho indlela eya kwelakubo igcina ibavulekele, ngemva kweminyaka eminingi kangaka bethunjiwe! (2 IziKronike 36:22, 23) Kumelwe ukuba kuyabathokozisa ukubona kugcwaliseka lesi sithembiso sikaJehova: “Ngizokwenza izimpumputhe zihambe ngendlela ebezingayazi; ngizozenza ukuba zihambe ngomgwaqo ebezingawazi. Ngizophendula indawo emnyama phambi kwazo ibe ngukukhanya, nendawo ezingoxingoxi ibe yizwe elihlelembekile. Yizo lezi zinto engizozenzela zona, futhi ngeke ngizishiye.”—Isaya 42:16.
25. (a) Abantu bakaJehova namuhla bangaqiniseka ngani? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
25 Asebenza kanjani la mazwi namuhla? Sekuyisikhathi eside manje—amakhulu eminyaka—uJehova eyekele izizwe ukuba zizenzele umathanda. Kodwa sesiseduze isikhathi sakhe sokulungisa izinto. Ezikhathini zanamuhla, uvuse abantu ukuba bafakazele igama lakhe. Eqeda ukuphikiswa kwabo, uye wahlelemba indlela ukuze bamkhulekele “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Wathembisa: ‘Ngeke ngibashiye,’ futhi uye waligcina izwi lakhe. Kuthiwani ngabaphikelelayo bekhulekela onkulunkulu bamanga? UJehova uthi: “Bazobuyiselwa emuva, bazoba namahloni kakhulu, labo abathembela emfanekisweni oqoshiwe, labo abathi emfanekisweni oncibilikisiwe: ‘Ningonkulunkulu bethu.’” (Isaya 42:17 ) Yeka indlela okusemqoka ngayo ukuba sihlale sithembekile kuJehova, njengoba kwenza Okhethiweyo wakhe!
‘Inceku Eyisithulu Neyimpumputhe’
26, 27.U-Israyeli uzibonisa kanjani ‘eyinceku eyisithulu neyimpumputhe,’ futhi imiphumela iba yini?
26 INceku kaNkulunkulu ekhethiweyo, uJesu Kristu, yahlala ithembekile kwaze kwaba sekufeni. Kodwa abantu bakaJehova u-Israyeli bayinceku engathembekile, eyisithulu neyimpumputhe ngomqondo ongokomoya. Ekhuluma nabo, uJehova uthi: “Yizwani, nina zithulu; bhekani ukuze nibone, nina zimpumputhe. Ngubani oyimpumputhe, uma kungeyona inceku yami, ngubani oyisithulu njengesithunywa sami engisithumayo? Ngubani oyimpumputhe njengalowo ovuzwayo, noma oyimpumputhe njengenceku kaJehova? Kwakulindeleke ukuba nibone izinto eziningi, kodwa anizange niqhubeke nibhekile. Kwakulindeleke ukuba nivule izindlebe, kodwa anizange niqhubeke nilalele. UJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukujabulele ukuba akhulise umthetho awenze ube mkhulu ngokubabazekayo.”—Isaya 42:18-21.
27 U-Israyeli uyisehluleki sokukhalelwa! Abantu bakhe balokhu bewela ekukhulekeleni onkulunkulu bezizwe abangamademoni. UJehova ulokhu ethumela izithunywa zakhe ngokuphindaphindiwe, kodwa abantu bakhe abazishayi mkhuba. (2 IziKronike 36:14-16) U-Isaya ubikezela imiphumela: “Bayisizwe esiphangiwe nesigcugciwe, bonke babambeke emigodini, futhi bafihlwe ezindlini zokuboshwa. Babe ngabokuphangwa kungekho mkhululi, ngabokugcugcwa kungekho othi: ‘Buyisa!’ Ngubani phakathi kwenu ozolalela lokhu? Ngubani ozonaka futhi alalele ngenjongo yezikhathi ezizayo? Ngubani onikele uJakobe ukuba abe yingcugco nje, no-Israyeli kubaphangi? Akuyena yini uJehova, Lowo esone kuye, nalowo angafunanga ukuhamba ezindleleni zakhe futhi angazange awulalele umthetho wakhe? Ngakho waqhubeka ethululela phezu kwakhe ukufutheka, intukuthelo yakhe, nezikhwepha zempi. Futhi kwaqhubeka kumqothula nxazonke, kodwa akanakanga; kwaqhubeka kumvuthela, kodwa engabeki lutho enhliziyweni.”—Isaya 42:22-25.
28. (a)Yini esingayifunda esibonelweni sezakhamuzi zakwaJuda? (b) Singakufuna kanjani ukwamukelwa uJehova?
28 Ngenxa yokungathembeki kwezakhamuzi zezwe lakwaJuda, uJehova uyaliyeka liphangwe futhi ligcugcwe ngo-607 B.C.E. AbaseBabiloni bashisa ithempeli likaJehova, bachithe iJerusalema, bathumbe namaJuda. (2 IziKronike 36:17-21) Kwangathi singafunda kulesi sibonelo esiyisixwayiso, singalokothi sizishaye indiva iziyalezo zikaJehova noma singalinaki iZwi lakhe elilotshiwe. Kunalokho, kwangathi singafuna ukwamukelwa uJehova ngokulingisa uKristu Jesu, iNceku uJehova ayamukelayo. NjengoJesu, kwangathi ngalokho esikushoyo nesikwenzayo singenza ubulungisa beqiniso baziwe. Ngale ndlela, siyohlala siphakathi kwabantu bakaJehova, sikhonza njengabaphathi bokukhanya abadumisa uNkulunkulu weqiniso futhi bamnike inkazimulo.
[Izithombe ekhasini 33]
Ubulungisa bangempela bunesihawu nesihe
[Isithombe ekhasini 34]
Emfanekisweni womSamariya olungileyo, uJesu wabonisa ukuthi ubulungisa bangempela buhlanganisa bonke abantu
[Izithombe ekhasini 36]
Ngokuba ngabakhuthazayo nabanomusa, sisuke sibonisa ubulungisa bokuhlonipha uNkulunkulu
[Izithombe ekhasini 39]
Ngomsebenzi wethu wokushumayela, sibonisa ubulungisa bokuhlonipha uNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 40]
INceku eyamukelekayo yaba isipho ukuze ibe “ukukhanya ezizweni”