U-Isaya
42 Bheka! Inceku yami + engiyisekelayo!
Okhethiwe wami + engimamukele! +
Uyokhipha ubulungisa ngokwethembeka. +
4 Ngeke adangale noma afohlozwe kuze kube yilapho eletha ubulungisa emhlabeni; +
Iziqhingi ziyoqhubeka zilindele umthetho wakhe.*
5 Yilokhu uNkulunkulu weqiniso, uJehova, akushoyo,
UMdali wamazulu oMkhulu owawelula, +
Lowo owendlala umhlaba nomkhiqizo wawo, +
Lowo owenza abantu abakuwo baphefumule +
Nonika labo abahamba kuwo umoya: +
6 “Mina, Jehova, ngikubize ngokulunga;
Ngibambe isandla sakho.
Ngizokulonda, ube yisivumelwano phakathi kwami nabantu +
Ube ngukukhanya kwezizwe, +
7 Ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, +
Ukhiphe isiboshwa ejele,
Ukhiphe abahlezi ebumnyameni ejele. +
8 NginguJehova. Yilelo igama lami;
Anginiki muntu inkazimulo yami,*
Noma izithombe ezibaziwe udumo lwami. +
9 Izinto zokuqala bheka sezenzekile;
Manje ngimemezela izinto ezintsha.
Nginitshela ngazo zingakaveli.” +
10 Culelani uJehova ingoma entsha, +
Ingoma yokumdumisa kusukela emikhawulweni yomhlaba, +
Nina enehlela olwandle nani nonke enilugcwalisile,
Nina ziqhingi nani enihlala kuzo. +
Abahlala edwaleni mabamemeze ngenjabulo;
Mabamemeze kakhulu beseziqongweni zezintaba.
13 UJehova uyophuma njengendoda enamandla. +
Uyovusa intshiseko yakhe njengeqhawe. +
Uyomemeza, yebo, uyomemeza ukumemeza kwempi;
Uyozibonisa enamandla ngaphezu kwezitha zakhe. +
14 “Ngithule isikhathi eside.
Ngangilokhu ngithule ngizibambile.
Njengowesifazane obelethayo,
Ngizobubula, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.
15 Ngizobhuqa izintaba namagquma
Ngomise zonke izimila zawo.
Ngizophendula ubumnyama obuphambi kwazo bube ngukukhanya +
Nendawo emagebhugebhu ibe yizwe eliqondile. +
Yilokhu engizozenzela kona, futhi ngeke ngizishiye.”
17 Bazobuyiselwa emuva, bazohlazeka kakhulu,
Labo abathembela ezithombeni ezibaziwe,
Labo abathi ezithombeni zensimbi:* “Ningonkulunkulu bethu.” +
19 Ngubani oyimpumputhe, ngaphandle kwenceku yami,
Oyisithulu njengesithunywa sami engisithumayo?
Ngubani oyimpumputhe njengalowo othole umvuzo,
Oyimpumputhe njengenceku kaJehova? +
20 Nibona izinto eziningi kodwa aninaki.
Nivula izindlebe zenu kodwa anilaleli. +
22 Kodwa lesi yisizwe esiphangiwe nesiphundliwe; +
Bonke babambeke emigodini futhi bafihlwe emajele. +
Baphangiwe kungekho ozobakhulula, +
Baphundliwe kungekho othi: “Buyisa!”
23 Ngubani phakathi kwenu ozolalela lokhu?
Ngubani ozonaka futhi alalelele isikhathi esizayo?
24 Ngubani onikele uJakobe ukuba aphundlwe
No-Israyeli kubaphangi?
Akuyena yini uJehova, Lowo esone kuye?
Lwaqothula yonke into emzungezile, kodwa akanakanga. +
Lwamvuthela kodwa wayengakubeki lokho enhliziyweni. +